Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 2/15 kk. 10-15
  • Londoloza Ubumsulwa Ngokuqapha Inhliziyo Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Londoloza Ubumsulwa Ngokuqapha Inhliziyo Yakho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qapha Inhliziyo Yakho
  • Balekela Ubufebe
  • Gwema Izingozi Zokuvusela Abanye Imizwa Yothando
  • Yini Engalungile Ngokudlala Ngothando?
    I-Phaphama!—1998
  • Yini Engalungile Ekudlaleni Ngothando?
    I-Phaphama!—1991
  • Kubi Yini Ukwenza Sengathi Ufuna Ukuthandana Nothile?
    Intsha Iyabuza
  • Ingabe Ukuthandana Kugunyaza Ubulili Ngaphambi Komshado?
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 2/15 kk. 10-15

Londoloza Ubumsulwa Ngokuqapha Inhliziyo Yakho

“Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.”—IZAGA 4:23.

1-3. (a) Ngokuvamile abantu babonisa kanjani ukuthi ababazisi ubumsulwa babo? Fanekisa. (b) Kungani kubalulekile ukuhlola ukuba yigugu kobumsulwa?

LESI sithombe kungenzeka sasibukeka siyisidala. Mhlawumbe sasingafanelani nendlela indlu eyayihlotshiswe ngayo. Kunoma ikuphi, kusobala ukuthi umniniso wayezibona engasasidingi. Sagcina sisendalini yamasekeni, sithengiswa ngama-dollar (aseMelika) angu-29. Nokho, ngemva kweminyaka embalwa kwatholakala ukuthi inani laso licela esigidini sama-dollar! Yebo, sasiwumsebenzi wobuciko ongavamile. Cabanga indlela okumelwe ukuba wazizwa ngayo umniniso wasekuqaleni, owayeleyile leli gugu!

2 Kuvame ukwenzeka okuthi akufane ngobumsulwa, ukuhlanzeka komuntu ngokokuziphatha. Abantu abaningi kakhulu namuhla babuthatha kalula ubumsulwa babo. Abanye babubona buyisidala, bungafanelani nendlela yokuphila yanamuhla. Ngakho, bahlukana nabo ngobala. Abanye ubumsulwa babo benana ngabo imizuzu embalwa yokwaneliseka ngokobulili. Abanye babulahla benethemba lokuthi bazobhekeka kangcono kontanga yabo noma kothile wobulili obuhlukile.—IzAga 13:20.

3 Abaningi babona sekwephuzile ukuthi ubumsulwa babo bebuyigugu kanjani ngempela. Kuvame ukuba buhlungu lapho sebulahlekile. Njengoba kusho iBhayibheli, imiphumela yokuziphatha okubi ingaba njengoshevu, ‘ibabe njengomhlonyane.’ (IzAga 5:3, 4) Njengoba ukuziphatha kwanamuhla konakele, ungabazisa futhi ubulondoloze kanjani ubumsulwa bakho? Sizogxila ezinyathelweni ezintathu ezihlobene esingazithatha.

Qapha Inhliziyo Yakho

4. Iyini inhliziyo engokomfanekiso, futhi kungani kufanele siyiqaphe?

4 Isihluthulelo sokulondoloza ubumsulwa siwukuqapha inhliziyo. IBhayibheli lithi: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” (IzAga 4:23) Iyini le “nhliziyo yakho,” okukhulunywa ngayo lapha? Akusona isitho esingokwenyama. Le nhliziyo ingokomfanekiso. Ngumuntu onguye ngaphakathi, ohlanganisa imicabango, imizwa, nezisusa zakho. IBhayibheli lithi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo onke amandla akho.” (Duteronomi 6:5) UJesu wathi lona umyalo omkhulu kunayo yonke. (Marku 12:29, 30) Ngokusobala, inhliziyo yethu inenani elikhulu. Ikufanele ukuqashwa.

5. Inhliziyo ingaba kanjani yigugu kodwa futhi ibe yingozi ngesikhathi esifanayo?

5 Nokho, iBhayibheli lithi futhi “inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba.” (Jeremiya 17:9) Ingakhohlisa kanjani inhliziyo—ibe yingozi kithi? Ake sifanekise ngemoto. Imoto ingaba yithuluzi eliwusizo, isindise nokuphila imbala esimweni esiphuthumayo. Kodwa uma umshayeli engayilawuli, alokhu eqondisa amasondo ayo, yona leyo moto ingaba kalula yisikhali esibulalayo. Ngokufanayo, uma ungayiqaphi inhliziyo yakho, uyolawulwa yizo zonke izifiso zakho, bese ukuphila kwakho kunhlanhlatha kudaleke inhlekelele. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku, kodwa ohamba ngokuhlakanipha nguye oyophunyuka.” (IzAga 28:26) Yebo, ungahamba ngokuhlakanipha ugweme inhlekelele uma usebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze likuqondise, njengoba nje ubungahlola ibalazwe ngaphambi kokuqala uhambo.—IHubo 119:105.

6, 7. (a) Buyini ubungcwele, futhi kungani bubalulekile ezincekwini zikaJehova? (b) Sazi kanjani ukuthi abantu abangaphelele bangabubonisa ubungcwele bukaJehova?

6 Inhliziyo yethu ngeke ithambekele ebumsulweni ngokwemvelo. Kumelwe kube yithi esiyiqondisa kubo. Enye indlela yokwenza lokho iwukuzindla ngokuba igugu kobumsulwa. Le mfanelo ihlobene eduze nobungcwele, obusho ukuhlanzeka, ukuhlukana nesono. Ubungcwele buyimfanelo eyigugu eyingxenye yalokho uJehova uNkulunkulu ayikho. Amavesi amaningi eBhayibheli ahlobanisa le mfanelo noJehova. Empeleni, iBhayibheli lithi “Ubungcwele bungobukaJehova.” (Eksodusi 28:36) Nokho, leyo mfanelo ephakeme ihlangana ngani nathi bantu abangaphelele?

7 EZwini lakhe, uJehova uyasitshela: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.” (1 Petru 1:16) Yebo, singabulingisa ubungcwele bukaJehova; singaba abahlanzekile phambi kwakhe, silondoloze ubumsulwa bethu. Ngakho lapho sigwema izenzo ezingcolile nezingcolisayo, sisuke sizama ukufinyelela ilungelo eliphakeme nelihle kakhulu—lokubonisa imfanelo enhle kaNkulunkulu oPhezukonke! (Efesu 5:1) Akufanele sizitshele ukuthi asinakukufinyelela lokho, ngoba uJehova uyiNkosi ehlakaniphile necabangelayo, engalokothi ifune okungaphezu kwalokho esingakwenza. (IHubo 103:13, 14; Jakobe 3:17) Kuyavunywa, ukuhlala sihlanzekile ngokomoya nangokokuziphatha kudinga umzamo. Nokho, umphostoli uPawulu wathi ‘ubuqotho nobumsulwa kufanele [kunikwe] uKristu.’ (2 Korinte 11:3) UKristu noYise asibakweleti yini ukwenza wonke umzamo ukuze sihlale simsulwa ekuziphatheni? Kakade, uthando abasibonise lona lukhulu kangangokuthi asisoze sakwazi ukubabuyisela. (Johane 3:16; 15:13) Kuyilungelo ukuba sibonise ukubonga kwethu ngokuphila ukuphila okuhlanzekile kokuziphatha okuhle. Uma sicabanga ngale ndlela ngobumsulwa bethu, siyobazisa, siqaphe inhliziyo yethu.

8. (a) Singayondla kanjani inhliziyo engokomfanekiso? (b) Izingxoxo zethu zingavezani ngathi?

8 Inhliziyo yethu siyiqapha nangendlela esizondla ngayo. Kudingeka sondle izingqondo nezinhliziyo zethu njalo ngokudla okungokomoya okunomsoco, sihlale sigxile ezindabeni ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Kolose 3:2) Ngisho nezingxoxo zethu kufanele zibonise ukuthi sigxile kulezi zindaba. Uma saziwa ngokukhuluma ngezinto zenyama, ezinokuziphatha okubi, siveza okuthile ngesimo senhliziyo yethu. (Luka 6:45) Kunalokho, masaziwe ngokuxoxa ngezinto ezingokomoya nezakhayo. (Efesu 5:3) Ukuze siqaphe inhliziyo yethu, kukhona izingozi ezingathí sina okumelwe sizigweme. Ake sixoxe ngezimbili zazo.

Balekela Ubufebe

9-11. (a) Kungani labo abangasinaki iseluleko seyoku-1 Korinte 6:18 benamathuba engeziwe okuhileleka ekuziphatheni okubi okungathí sina? Fanekisa. (b) Uma sibalekela ubufebe, yini esiyigwemayo? (c) UJobe othembekile wasibekela siphi isibonelo esihle?

9 UJehova waphefumulela umphostoli uPawulu ukuba abhale iseluleko esiye sasiza abaningi ukuba baqaphe inhliziyo yabo, balondoloze ubumsulwa. UPawulu wathi: “Balekelani ubufebe.” (1 Korinte 6:18) Phawula ukuthi akashongo nje ukuthi, “Gwemani ubufebe.” AmaKristu kufanele enze okungaphezu kwalokho. Kufanele azibalekele izenzo zokuziphatha okubi ezinjalo, ngendlela abengabalekela ngayo ingozi esongela ukuphila. Uma singasinaki leso seluleko, sandisa amathuba okuba sihileleke ekuziphatheni okubi okungathí sina, bese silahlekelwa umusa kaNkulunkulu.

10 Ake sifanekise: Umama ugeze umfanyana wakhe wamgqokisa, elungiselela isenzakalo esibalulekile. Umfanyana ucela ukuyodlala phandle ngaphambi kokuba umkhaya uhambe, unina avume—ngombandela owodwa. Uthi: “Ungalingi usondele kuleliya chibi lamanzi phandle. Uma uke wangcola, sizoxabana.” Nokho, ngemizuzu embalwa, ubona umfana wakhe edlalela onqenqemeni lwalelo chibi. Akakangcoli—okwamanje. Noma kunjalo, akasinaki isixwayiso sikanina sokuba angasondeli echibini, futhi cishe nakanjani kuzokonakala. (IzAga 22:15) Intsha eningi nabantu abadala obekufanele ngabe baqaphile, benza iphutha elifanayo. Kanjani?

11 Kulezi zikhathi lapho abaningi beye bavumela ukunqotshwa ‘izifiso zobulili eziyichilo,’ sekuqubuke ibhizinisi elichumayo elikhuthaza ubuhlobo bobulili obungekho emthethweni. (Roma 1:26, 27) Umqedazwe wezithombe ezingcolile zobulili udlangile komagazini, ezincwadini, kuma-video, nakuyi-Internet. Labo abakhetha ukufaka izithombe ezinjalo ezingqondweni zabo ababubalekeli neze ubufebe. Badlala ngabo, bedlalela onqenqemeni, futhi abasinaki isixwayiso seBhayibheli. Kunokuba bayiqaphe inhliziyo, bayidlisa ushevu ngezithombe eziyingcaca ezingase zithathe iminyaka ukuphuma engqondweni. (IzAga 6:27) Masifunde kuJobe othembekile, owenza isivumelwano namehlo akhe, sokungawabukisi into eyomlinga ukuba enze okubi. (Jobe 31:1) Yisibonelo sokulingiswa lesi!

12. Imibhangqwana yamaKristu ‘ingabubalekela kanjani ubufebe’ lapho isathandana?

12 Kubaluleke ngokukhethekile ‘ukubalekela ubufebe’ lapho abantu besathandana. Leso sikhathi kufanele sibe esijabulisayo, esigcwele ithemba nokulindela okuseza, kodwa eminye imibhangqwana esemisha isona ngokudlala ngokuziphatha okubi. Ngokwenza kanjalo, iphucana isisekelo esihle kunazo zonke somshado omuhle—ubuhlobo obusekelwe othandweni olungenabugovu, ekuzithibeni, nasekulaleleni uJehova uNkulunkulu. Omunye umbhangqwana wamaKristu waziphatha kabi lapho usathandana. Ngemva kokushada, inkosikazi yavuma ukuthi unembeza wayo wawuyihlupha, waze wona nenjabulo yosuku lwayo lomshado. Yavuma: “Kukaningi ngicela uJehova angithethelele, kodwa ngisho sekwadlula iminyaka engu-7, unembeza usalokhu ungilahla.” Kubaluleke kakhulu ukuba labo abenza izono ezinjalo bafune usizo kubadala abangamaKristu. (Jakobe 5:14, 15) Nokho, imibhangqwana eminingi yamaKristu yenza ngokuhlakanipha, izigweme lezi zingozi lapho isathandana. (IzAga 22:3) Ibeka imingcele ezindleleni zayo zokubonisana uthando. Iba nabaphelezeli, futhi ngokucophelela igweme ukuba yodwa ezindaweni ezingenabantu.

13. Kungani amaKristu kungafanele athandane nomuntu ongamkhonzi uJehova?

13 AmaKristu athandana nabantu abangamkhonzi uJehova asemathubeni okubhekana nezinselele ezinkulu. Ngokwesibonelo, ungaba kanjani munye nomuntu ongamthandi uJehova uNkulunkulu? Kubaluleke kakhulu ukuba amaKristu azibophele kuphela nalabo abathanda uJehova futhi abahlonipha izindinganiso zakhe zobumsulwa. IZwi likaNkulunkulu liyasitshela: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi na? Noma, ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama?”—2 Korinte 6:14.

14, 15. (a) Imuphi umbono oyiphutha abanye abanawo ngencazelo yelithi “ubufebe”? (b) Hlobo luni lwezenzo ezihlanganiswa igama elithi “ubufebe,” futhi amaKristu ‘angabubalekela kanjani ubufebe’?

14 Nolwazi lubalulekile. Asikwazi ukububalekela kahle ubufebe uma singazi ukuthi buyini ngempela. Abanye ezweni lanamuhla baye bamukela umbono oyiphutha ngalokho okushiwo “ubufebe.” Bazitshela ukuthi banganelisa izifiso zabo zobulili nomuntu abangashadile naye, uma nje bengahlanganyeli ubulili ngokoqobo. Ngisho nezikhungo zempilo ezithile ezihlonishwayo, ezizama ukunciphisa inani lentsha ekhulelwa ingafuni, ziye zakhuthaza intsha ukuba yenze izenzo zobulili eziyinqaba ezingaphumeli ekukhulelweni. Iseluleko esinjalo siyiphutha elidabukisayo. Ukugwema ukukhulelwa ngaphandle komshado akufani nokulondoloza ubumsulwa, futhi incazelo yangempela yelithi “ubufebe” ayilinganiselwe kanjalo.

15 Igama lesiGreki elithi por·neiʹa, elihunyushwa ngokuthi “ubufebe,” linencazelo ebanzi impela. Lihlobene nobuhlobo bobulili babantu abangashadene futhi ligxile ekusetshenzisweni kabi kwezitho zobulili. I-por·neiʹa ihlanganisa izenzo ezinjengobulili obuhilela umlomo, obuhilela indunu, nokushaya omunye umuntu indlwabu—izenzo ngokuvamile ezihlotshaniswa nezindawo zezifebe. Abantu abacabanga ukuthi izenzo ezinjalo azibona “ubufebe” bayazikhohlisa futhi babanjwe olunye lwezingibe zikaSathane. (2 Thimothewu 2:26) Ngaphezu kwalokho, ukulondoloza ubumsulwa kusho okungaphezu kokumane ugweme isenzo esiwubufebe. Ukuze ‘sibalekele ubufebe,’ kumelwe sigweme zonke izinhlobo zokungahlanzeki ngokobulili nokuziphatha okuxekethile okungaholela esonweni esingathí sina se-por·neiʹa. (Efesu 4:19) Ngokwenza kanjalo silondoloza ubumsulwa.

Gwema Izingozi Zokuvusela Abanye Imizwa Yothando

16. Ikuphi lapho kufaneleka khona ukuphathana ngendlela yokubonisana uthando, njengoba kubonisa siphi isibonelo esisemiBhalweni?

16 Ukuze silondoloze ubumsulwa bethu, enye ingozi okudingeka siyiqaphele ukuvusela abanye imizwa yothando. Abanye bangase bagomele ukuthi lesi senzo siwukuzijabulisa okungalimazi muntu phakathi kwabantu bobulili obuhlukile. Kuyavunywa ukuthi sikhona isikhathi sokuphathana ngendlela yokubonisana uthando. U-Isaka noRebheka babonakala ‘bezijabulisa,’ futhi kwaba sobala kwababebukele ukuthi babengezona nje izelamani. (Genesise 26:7-9) Cha, kwakuyindoda nomkayo. Ukubonisana kwabo uthando kwakufaneleka. Ukuvusela omunye imizwa yothando kuhlukile.

17. Kuyini ukuvusela umuntu imizwa yothando, futhi ingalawulwa kanjani le nkinga?

17 Ukuvusela abanye imizwa yothando kungachazwa kanje: ukubonisa isithakazelo sothando ube ungenanhloso yokushada ngempela. Abantu bayizidalwa eziyinkimbinkimbi, ngakho ziningi kakhulu izindlela zokuvusela umuntu imizwa yothando, ezinye zazo zicashe kakhulu. (IzAga 30:18, 19) Ngakho, imithetho ewujuqu ngeke isize ngempela kule ndaba. Kunalokho, kudingeka okuthile okujulile kunemithetho—ukuzihlola nokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ngobuqotho.

18. Yini eyenza abanye bavusele abanye imizwa yothando, futhi kungani lokhu kulimaza?

18 Uma siqotho kithi ngokwethu, cishe iningi lethu liyovuma ukuthi lapho sibona ukuthi othile wobulili obuhlukile unesithakazelo sothando kithi, sizizwa kamnandi. Kungokwemvelo lokho. Kodwa ingabe siyivusa ngamabomu imizwa yothando ukuze abanye babe naleso sithakazelo—ukuze nje sizizwe sibaluleke kakhudlwana noma ukuze nabo benze okufanayo? Uma kunjalo, sike sacabanga yini ngobuhlungu okungenzeka siyabubangela? Ngokwesibonelo, izAga 13:12 zithi: “Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” Uma sivusela umuntu imizwa yothando ngamabomu, cishe asazi ukuthi kumthinta kanjani ngempela lowo muntu. Kungenzeka alindele ukuba kuqalwe ukuthandana, mhlawumbe ngisho nokuba kugcinwe kushadiwe. Ukudumala okungaba khona kungadangalisa kakhulu. (IzAga 18:14) Ukudlala ngemizwa yabanye ngamabomu kuwunya.

19. Ukuvusela abanye imizwa yothando kungayifaka kanjani imishado yamaKristu engozini?

19 Kubaluleke ngokukhethekile ukuqapha ukuvusela abantu abashadile imizwa yothando. Ukubonisa isithakazelo sothando kumuntu oshadile—noma uma umuntu oshadile ebonisa isithakazelo esinjalo kumuntu angashadile naye—akulungile. Ngokudabukisayo, amanye amaKristu aye aba nombono oyiphutha wokuthi kuyamukeleka ukuhlakulela imizwa yothando ngomuntu wobulili obuhlukile okungeyena lowo ashade naye. Abanye bathulula izinkathazo zabo ezijulile “kumngane” onjalo, mhlawumbe baze bamxoxele nezinto eziyisifuba abangazixoxi nomngane wabo womshado. Ngenxa yalokho, imizwa yothando iye yakhula yabenza bancika komunye umuntu ngokomzwelo, okungase kukhinyabeze umshado noma kuwucekele phansi imbala. AmaKristu ashadile enza kahle ukukhumbula isixwayiso sikaJesu esihlakaniphile ngokuphinga—kuqala enhliziyweni. (Mathewu 5:28) Ngakho-ke, masiqaphe inhliziyo, sigweme izimo ezingaholela emiphumeleni enjalo eyinhlekelele.

20. Kufanele sizimisele ukububheka kanjani ubumsulwa bethu?

20 Kuyavunywa, akulula ukuhlala umsulwa ezweni lanamuhla eliziphethe kabi. Nokho, khumbula ukuthi kulula kakhulu ukulondoloza ubumsulwa bakho kunokububuyisa ngemva kokulahlekelwa yibo. Yebo, uJehova ‘angathethelela ngendlela enkulu’ futhi angabahlanza labo abaphenduka ngempela ezonweni zabo. (Isaya 55:7) Nokho, uJehova akabavikeli emiphumeleni yezenzo zabo labo abaziphatha kabi. Imiphumela ingase ihlale iminyaka, ngisho nokuphila konke. (2 Samuweli 12:9-12) Yenza konke ongakwenza ukuze ulondoloze ubumsulwa bakho ngokuqapha inhliziyo yakho. Ukuhlanzeka nokuba msulwa kwakho phambi kukaJehova uNkulunkulu kubheke njengegugu elikhulu—ungalokothi ukuvumele kukuphunyuke!

Ungaphendula Kanjani?

• Buyini ubumsulwa, futhi kungani bubaluleke kangaka?

• Singayiqapha kanjani inhliziyo yethu?

• Yini ehilelekile ekubalekeleni ubufebe?

• Kungani kufanele sigweme ukuvusela abanye imizwa yothando?

[Isithombe ekhasini 11]

Imoto ingaba yingozi uma ingaqondiswa kahle

[Izithombe ekhasini 12]

Kungenzekani uma singazinaki izixwayiso?

[Isithombe ekhasini 13]

Ukuthandana okumsulwa kuyajabulisa futhi kudumisa uNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela