Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 10/15 k. 27
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lithini IBhayibheli NgoNkulunkulu NangoJesu?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Ingabe UJesu WayeyiNdodana KaNkulunkulu Ngempela?
    I-Phaphama!—2006
  • Genesise 1:1—“Ekuqaleni UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Ingxenye 3
    Lalela UNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 10/15 k. 27

Imibuzo Evela Kubafundi

UJehova wayekhuluma ngobani lapho ethi ‘omunye wethu’ kuGenesise 3:22?

Kubonakala sengathi uJehova uNkulunkulu wayekhuluma ngaye neNdodana yakhe ezelwe yodwa lapho ethi: “Umuntu usenjengomunye wethu ngokuqondene nokwazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:22) Ake sibone ukuthi kungani sisho kanjalo.

La mazwi uJehova wawasho ngemva kokugweba umbhanqwana wokuqala ongabantu. Abanye baye bathatha le nkulumo ethi ‘omunye wethu’ njengobuningi obubonisa ubukhulu. Nokho, ngokuqondene noGenesise 1:26 no-3:22, isazi seBhayibheli uDonald E. Gowan sithi: “Akukho lutho [eThestamenteni Elidala] olusekela eziningi zezincazelo ezinikezwayo: ubuningi obusho ubukhosi . . . noma ukuthi kunabantu abaningi kuNkulunkulu oyedwa. . . . Ayikho kulezi zincazelo ezwakalayo ku-3:22, okhuluma ‘ngomunye wethu.’”

Kungenzeka yini ukuthi uJehova wayekhuluma ngoSathane uDeveli, owayesezinqumele yena ukuthi kuyini “okuhle nokubi” futhi wathonya abantu bokuqala ukuba benze okufanayo? Lokho akunangqondo. Lapha uJehova wasebenzisa inkulumo ethi ‘omunye wethu.’ USathane wayengaseyona ingxenye yesixuku sezingelosi zikaJehova ezithembekile, ngakho wayengenakubalwa phakathi kwalabo abangakuJehova.

Ingabe uNkulunkulu wayekhuluma ngezingelosi ezithembekile? Asikwazi ukusho ngokuqiniseka. Nokho, ukufana kwamazwi akuGenesise 1:26 nalawa aku-3:22 kusinikeza umkhondo. KuGenesise 1:26, sifunda ukuthi uJehova wathi: “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.” Wayewasho kubani la mazwi? Ekhuluma ngesidalwa somoya esaba umuntu ophelele uJesu, umphostoli uPawulu wathi: “Ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali, izibulo layo yonke indalo; ngoba kwadalwa ngayo zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni.” (Kolose 1:15, 16) Yebo, kubonakala kunengqondo ukuthi kuGenesise 1:26, uJehova wayekhuluma neNdodana yakhe ezelwe yodwa, ‘isisebenzi esiyingcweti,’ eyayiseceleni kwakhe lapho kudalwa amazulu nomhlaba. (IzAga 8:22-31) Inkulumo efanayo ekuGenesise 3:22 isikisela ukuthi nalapho uJehova wayekhuluma nalowo owayeseduze kakhulu naye, iNdodana yakhe ezelwe yodwa.

Kusobala ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yayinalo ulwazi ‘lokuhle nokubi.’ Ngokuqinisekile, ngokuba seduze noJehova isikhathi eside, yakwazi kahle ukucabanga kukaYise kanye nezimiso nezindinganiso zakhe. Kungenzeka ukuthi uJehova, eqiniseka ukuthi iNdodana yakhe iyazazi lezi zimfanelo zakhe nokuthi iqotho kuzo, wayinika igunya elithile lokusingatha izindaba ngaphandle kokuqale ibonisane naye ngokuqondile isikhathi ngasinye. Ngakho, ngaleli zinga nangokwaleli gunya, iNdodana yayiyokwazi ukunquma ukuthi kuyini okuhle nokubi. Nokho, ngokungafani noSathane kanye no-Adamu no-Eva, uJesu akazange amise indinganiso ephikisana nekaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela