Ingabe “Ukhahlela Izinkandi”?
NGEZIKHATHI zeBhayibheli, ukhandi—induku ende eyayivame ukufakwa insimbi ecijile esihlokweni—kwakungolokuqhuba noma ukuqondisa izilwane ezithwalayo. Kwakwenzekani uma isilwane siba nenkani singakulaleli ukuhlaba kokhandi, silusunduza? Kunokuba sithole impumuzo, sasimane nje sizizwise ubuhlungu.
UJesu Kristu ovusiwe wakhuluma ngezinkandi lapho ebonakala endodeni okwakuthiwa uSawulu, eyayisendleleni iyobopha abanye babafundi bakaJesu. Ekukhanyeni okuphuphuthekisayo, uSawulu wezwa uJesu ethi: “Sawulu, Sawulu, ungishushiselani na? Ukuqhubeka ukhahlela izinkandi kwenza kube nzima kuwe.” Ngokuphatha kabi amaKristu, uSawulu empeleni wayelwa noNkulunkulu, enza isenzo esasizomane nje simlimaze.—IzEnzo 26:14.
Kungenzeka yini ukuthi nathi ‘sikhahlela izinkandi’ singaqondile? IBhayibheli lifanisa “amazwi abahlakaniphileyo” nezinkandi ezisiqhubukushayo ukuze siqhubekele phambili endleleni efanele. (UmShumayeli 12:11) Iseluleko esiphefumulelwe esiseZwini likaNkulunkulu singasishukumisa futhi sisiqondise ngendlela efanele—uma sisivumela. (2 Thimothewu 3:16) Ukumelana nokuqhubukusha kwaso kungamane nje kusilimaze.
USawulu wawalalela amazwi kaJesu, washintsha inkambo yakhe, waba umphostoli othandekayo ongumKristu, uPawulu. Nathi singathola izibusiso zaphakade uma silalela iseluleko sikaNkulunkulu.—IzAga 3:1-6.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
L. Chapons/Illustrirte Familien-Bibel nach der deutschen Uebersetzung Dr. Martin Luthers