Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 9/1 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Isipho Esizedlula Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Injabulo Elethwa Ukupha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ingabe Unawo Umoya Wokupha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • “UNkulunkulu Uthanda Umuphi Onamileyo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 9/1 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, kuyisiko ukupha abashadayo isipho. Iziphi izimiso ezisekelwe emiBhalweni okufanele sizicabangele lapho sipha umuntu noma sithola izipho ezinjalo?

IBhayibheli liyakuvumela ukupha umuntu isipho uma kwenziwa ngesisusa esihle nangesikhathi esifanele. Endabeni yokupha, iBhayibheli likhuthaza amaKristu eqiniso ukuba alingise uMuphi onesandla esivulekile, uJehova. (Jakobe 1:17) Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ayekanye nawo, wathi: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” Ngakho, amaKristu akhuthazwa ukuba abe nesandla esivulekile.—Hebheru 13:16; Luka 6:38.

Kuthiwani ngokubhala uhlu lwezipho uma umuntu ezoshada (gift registry), umkhuba ovamile e-United States? ENgilandi, lolu hlu kuthiwa yi-wedding list. Ngokuvamile, umbhanqwana ozoshada ubhalisa esitolo ngokubheka izimpahla ezikhona esitolo bese ubhala uhlu lwezinto ongathanda ukuphiwa zona. Izihlobo nabangane bathola isimemo esibazisa ngesitolo esifanele abangathenga kuso isipho bekhetha ohlwini lwezipho lwalowo mbhanqwana ozoshada. Uma sibheka ukuba wusizo kwalo, lolu hlu lwezipho lwenza lowo ophayo angachithi amahora amaningi efuna isipho, kanti futhi kwenza nabaphiwayo kungadingeki baphindisele izipho abangazidingi esitolo.

Ukuthi umbhanqwana ozoshada uyakufuna yini ukubhala uhlu lwezipho noma cha yiwona okufanele uzinqumele. Nokho, umKristu kufanele aqaphe ukuze agweme noma yimiphi imikhuba engase ingqubuzane nezimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, kungenzekani uma umbhanqwana othembisene ubhala uhlu olunezinto ezimba eqolo? Esimweni esinjalo, labo abangenamali etheni, bangase bahluleke ukuthenga isipho, noma bangase babe nomuzwa wokuthi kungangcono bangayi emshadweni ukuze bagweme ukuzithela ngehlazo lokuletha isipho esishibhile. Omunye wesifazane ongumKristu wabhala wathi: “Sekuthanda ukuba umqansa. Ngiye ngazama ukuba nesandla esivulekile, kodwa muva nje isingilahlekele yonke injabulo engangiyithola ngokupha.” Yeka ukuthi bekungaba kubi kanjani uma umshado ubungaphenduka imbangela yokudumazeka!

Ngokuqinisekile, akufanele abaphayo benziwe bacabange ukuthi ukuze isipho sabo samukeleke, kumelwe sithengwe esitolo esithile noma sibe esenani elithile. UJesu Kristu wabonisa ukuthi okuyigugu kakhulu emehlweni kaNkulunkulu yisimo senhliziyo sophayo, hhayi ukuthi isipho sibiza kangakanani. (Luka 21:1-4) Ngokufanayo, ngokuphathelene nezipho zesihe eziphiwa abaswele, umphostoli uPawulu wabhala wathi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 9:7.

NgokweBhayibheli, akukho okungalungile ngokuba umuntu asho ukuthi isipho sivela kuye, mhlawumbe ngokubhala incwadi encane ehambisana nesipho. Nokho, kwezinye izindawo, kuyisiko ukumemezela kubo bonke abakhona ukuthi isipho sivela kubani. Leli siko lingadala izinkinga. Labo abathenge isipho bangase bangathandi ukwaziwa ukuze bagweme ukuzidonsela amehlo abantu ngokungafanele. Labo bantu benza ngokuvumelana nesimiso esikuMathewu 6:3, lapho uJesu ethi: “Kodwa wena, lapho wenza izipho zesihe, ungavumeli isandla sakho sobunxele sazi ukuthi esokunene senzani.” Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ukupha umuntu isipho kufanele kube yindaba eyaziwa yilowo ophayo nophiwayo kuphela. Ngaphezu kwalokho, ukumemezela ukuthi isipho sivela kubani kungaholela ekuqhathaniseni izipho, ‘kubhebhezele ukuncintisana.’ (Galathiya 5:26) Ngokuqinisekile amaKristu kufanele agweme ukwenza nanoma ubani ukuba azizwe engakhululekile noma enamahloni ngokumemezela obala amagama abaphi.—1 Petru 3:8.

Yebo, ngokwenza ngokuvumelana nezimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, ukupha umuntu isipho kuyohlala kuwumthombo wenjabulo.—IzEnzo 20:35.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela