Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 12/1 k. 5
  • Injabulo Elethwa Ukupha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Injabulo Elethwa Ukupha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukhisimusi Kungani Ugujwa Ngisho NaseMpumalanga?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ingabe Ukuphana Izipho ZikaKhisimusi Kunengqondo?
    I-Phaphama!—1992
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Okuthile Okungcono Kunokuphana Izipho ZikaKhisimusi
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 12/1 k. 5

Injabulo Elethwa Ukupha

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IZENZO 20:35.

Okwenza abanye bagubhe uKhisimusi.

Njengoba uJesu asho, ukupha kwenza ophayo nophiwayo bajabule. Ukuze bathole leyo njabulo, abaningi babheka ukupha abanye izipho njengento ebaluleke kakhulu ngoKhisimusi. Ngokwesibonelo, ngisho nangenkathi umnotho uwa ngonyaka odlule, enye inhlolo-vo yabonisa ukuthi e-Ireland, umuzi ngamunye kwakulindeleke ukuba uchithe imali engaphezu kwama-euro angu-500 (cishe u-R5 500) uthenga izipho zikaKhisimusi.

Kungani lokhu kuyinselele?

Abaningi banomuzwa wokuthi ukupha abanye izipho zikaKhisimusi kuletha ukucindezeleka okukhulu, hhayi injabulo. Kanjani? Abantu abaningi bazizwa bephoqelekile ukuthenga izipho abangenamandla okuzithenga. Njengoba wonke umuntu ethenga izipho ngesikhathi esisodwa, kuba nesiminyaminya nemigqa emide eyenza ukuthenga kucasule kwabaningi.

Lithini iBhayibheli?

UJesu wathi: “Kwenzeni umkhuba ukupha.”a (Luka 6:38) Akazange abeke isikhathi esithile sonyaka lapho abantu kwakuyolindeleka khona ukuba baphe. UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba bakwenze umkhuba ukuphana izipho, kube indlela yokuphila.

“Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Umongo weseluleko sikaPawulu uwukuthi “akukho lutho okufanele ‘lucindezele’ umuntu ukuba aphe, okwenza umuntu abe nomuzwa wokuthi uphoqelekile ukuba aphe,” kuchaza enye incwadi ehlaziya iBhayibheli. Ukuba “umuphi onamileyo” akusho ukuthi umuntu kufanele azizwe enesibopho sokupha othile isipho esikhethekile ngesikhathi esibekiwe—indlela okuvame ukwenziwa ngayo ngezipho zikaKhisimusi.

“Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” (2 Korinte 8:12) UNkulunkulu akafuni ukuba amaKristu aze angene ezikweletini ukuze akhokhele izipho ezibizayo. Kunalokho, lapho umuntu epha ‘ngokwalokho anakho,’ izipho zakhe zinhle futhi ‘zamukeleka ngokukhethekile.’ Yeka indlela lokhu okuhluke ngayo kokushiwo abathengisi abakhangisa ngokuthi “thenga manje, ukhokhe ngesinye isikhathi” okwenzeka ngezikhathi zamaholidi!

a Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zimane nje zithi: “Yipha.” Nokho, esiGrekini sokuqala lesi senzo sisho into eqhubekayo. Ukuze idlulisele umqondo ogcwele wegama elasetshenziswa uJesu, INguqulo Yezwe Elisha ilihumusha kanje leli vesi “kwenzeni umkhuba ukupha.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela