Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 9/1 kk. 4-7
  • Inkolo Eyodwa Yeqiniso EngeyobuKristu—Ikhona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkolo Eyodwa Yeqiniso EngeyobuKristu—Ikhona
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ibandla Elinobunye
  • “Ukolweni” “Nokhula”
  • Ibandla LobuKristu Liyonakaliswa
  • ‘Kwambulwa Umuntu Ongenamthetho’
  • Insimu Eveza Amabele Nokhula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Umfanekiso Kakolweni Nokhula
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • “Abalungileyo Bayokhanya Ngokukhazimulayo Njengelanga”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ikusasa Libuphatheleni UbuKristu?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 9/1 kk. 4-7

Inkolo Eyodwa Yeqiniso EngeyobuKristu—Ikhona

UJESU KRISTU wamisa inkolo eyodwa, noma ibandla elilodwa, kuphela. Lelo bandla laliyindikimba engokomoya, umkhaya ongokomoya. Ngalokhu sisho ukuthi laliwukuhlangana ndawonye kwabantu abakhethwe ngomoya kaNkulunkulu—bonke beqashelwa uNkulunkulu ‘njengabantwana’ bakhe.—Roma 8:16, 17; Galathiya 3:26.

UJesu wafundisa ukuthi yinye kuphela indlela uNkulunkulu ayeyisebenzisa yokuyisa abantu eqinisweni nasekuphileni. Ukuze afanekise lelo qiniso elibalulekile, uJesu wafanisa indlela eya ekuphileni okuphakade nomgwaqo. Wathi: “Ngenani ngesango elincane; ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.”—Mathewu 7:13, 14; Johane 14:6; IzEnzo 4:11, 12.

Ibandla Elinobunye

Akufanele sicabange ukuthi lelo bandla langekhulu lokuqala “laliyinhlangano esabalele emhlabeni wonke, ehlanganisa zonke izinhlobo zabantu futhi ehleliwe efana nalokho esisuke sikusho uma sikhuluma ngesonto lobukatolika,” kusho i-New Dictionary of Theology. Ngani? Ithi: “Ngesizathu nje sokuthi yayingekho inhlangano enjalo esabalele emhlabeni wonke, ehlanganisa zonke izinhlobo zabantu futhi ehleliwe.”

Akekho ongaliphika iqiniso lokuthi ibandla lokuqala lobuKristu lalingafani nakancane nezimiso zamasonto esizibona namuhla ezinezigaba zabantu nemithetho. Nokho lalihlelekile. Ibandla ngalinye lalingazenzeli ngokubona kwalo. Wonke ayeqaphela igunya lendikimba ebusayo eyayiseJerusalema. Leyo ndikimba—eyayakhiwa abaphostoli namanye amadoda amadala ebandla laseJerusalema—yayisiza ekulondolozeni ubunye bebandla ‘njengomzimba owodwa’ kaKristu.—Efesu 4:4, 11-16; IzEnzo 15:22-31; 16:4, 5.

Kwenzekani kulelo bandla elilodwa leqiniso? Ingabe laba iSonto LobuKatolika elikhulu elikhona manje? Ingabe laphenduka laba isimiso samasonto obuProthestani esihlukene ngamahlelo esisibona namuhla? Noma ingabe kwenzeka enye into?

“Ukolweni” “Nokhula”

Ukuze sithole izimpendulo, masihlole ngokucophelela lokho uJesu Kristu ngokwakhe athi kwakuyokwenzeka. Kungase kukumangalise ukwazi ukuthi uJesu wayekulindele ukuthi ibandla lakhe lalizonyamalala nokuthi wayezosivumela isimo esinjalo esidabukisayo siqhubeke amakhulu eminyaka.

Ehlobanisa ibandla lakhe ‘nombuso wamazulu,’ wathi: “Umbuso wamazulu uye waba njengomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe. Ngesikhathi abantu besalele, isitha sakhe safika sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni, sahamba. Lapho ikhaba lihluma futhi lithela isithelo, khona-ke kwabonakala nokhula. Ngakho izinceku zomninindlu zeza zathi kuye, ‘Nkosi, awuhlwanyelanga yini imbewu enhle ensimini yakho na? Khona-ke kwenzeka kanjani ukuba ibe nokhula?’ Wathi kuzo, ‘Lokhu kwenziwe yisitha, umuntu othile.’ Zathi kuye, ‘Khona-ke, uyafuna yini ukuba siphume siyolubutha?’ Wathi, ‘Cha; ukuze kungenzeki nangengozi ukuba, ngesikhathi nibutha ukhula, nisiphule nokolweni kanye nalo. Kuyekeni kukhule ndawonye kokubili kuze kube sekuvuneni; ngenkathi yokuvuna ngizotshela abavuni ngithi, Buthani ukhula kuqala nilubophe izinyanda ukuze lushiswe, bese nibuthela ukolweni enqolobaneni yami.’”—Mathewu 13:24-30.

UJesu wachaza ukuthi nguye ‘ongumhlwanyeli.’ “Imbewu enhle” yayifanekisela abafundi bakhe beqiniso. “Isitha” sakhe kwakunguSathane uDeveli. “Ukhula” lwalungamaKristu amanga angena kancane kancane ebandleni lokuqala lobuKristu. Wathi wayezowuyeka “ukolweni” kanye “nokhula” kukhule ndawonye kuze kube “sekuvuneni,” okwakuzokwenzeka ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 13:37-43) Kwakusho ukuthini konke lokhu?

Ibandla LobuKristu Liyonakaliswa

Ngokushesha ngemva kokufa kwabaphostoli, abafundisi abayizihlubuki ababevela khona ebandleni baqala ukulilawula. Bakhuluma ‘izinto ezisontekile ukuze bamonyule abafundi ukuba babalandele.’ (IzEnzo 20:29, 30) Ngenxa yalokho, amaKristu amaningi ‘awa okholweni.’ ‘Aphambukiselwa ezindabeni ezingamanga.’—1 Thimothewu 4:1-3; 2 Thimothewu 4:3, 4.

Ngokwe-New Dictionary of Theology, ngekhulu lesine C.E. “ubuKristu BobuKatolika base buyinkolo . . . esemthethweni yoMbuso WaseRoma.” ‘Kwaxutshaniswa ezenkolo nezomphakathi’—okwakuwukuhlanganiswa kweSonto noMbuso okwakuphikisana ngokuphelele nezinkolelo zamaKristu okuqala. (Johane 17:16; Jakobe 4:4) Yona le ncwadi ithi, ngokuhamba kwesikhathi konke ukuhlelwa kwebandla nesimo salo, kuhlanganise neziningi zezimfundiso zalo eziyisisekelo, kwashintsha ngokuphelele “kuthonywa ukuxutshaniswa okuyinqaba nokulimazayo [kweThestamente Elidala] namafilosofi kaPlato nawamanye amaGreki.” Njengoba uJesu Kristu ayebikezele, abafundi bakhe beqiniso babengasabonakali njengoba kwakuchuma amaKristu amanga.

Izilaleli zikaJesu zazazi ukuthi kunzima kanjani ukubona umehluko phakathi kukakolweni nokhula, njengotshani obude obunobuthi okuthiwa yi-darnel, obufana kakhulu nokolweni lapho busakhula. Ngakho uJesu wayefanekisa ukuthi okwesikhathi esithile, kwakuyoba nzima ukubona umehluko phakathi kwamaKristu eqiniso nawamanga. Lokhu akusho ukuthi ibandla lobuKristu beqiniso lashabalala, ngoba uJesu wayethembise ukuthi wayezoqhubeka eqondisa abafowabo abangokomoya “izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:20) UJesu wathi ukhula lwaluzoqhubeka lukhula. Noma kunjalo, akungabazeki ukuthi phakathi nayo yonke leyo minyaka amaKristu eqiniso—engawodwa noma engamaqembu—ayenza konke okusemandleni awo ukunamathela ezimfundisweni zikaKristu. Kodwa ayengaseyona inhlangano noma indikimba ebonakala ngokucacile. Ayengafani neze naleyo nkolo eyisihlubuki eyayibonakala, engenzanga lutho olunye ngaphandle kokungcolisa nokuhlazisa igama likaJesu Kristu sonke lesi sikhathi.—2 Petru 2:1, 2.

‘Kwambulwa Umuntu Ongenamthetho’

Umphostoli uPawulu wabikezela enye into eyayizoba uphawu lwalesi simiso senkolo yamanga. Wabhala wathi: “Maningayengwa muntu nganoma iyiphi indlela, ngoba [usuku lukaJehova] ngeke lufike kungakafiki kuqala ukuhlubuka futhi kwambulwe umuntu ongenamthetho.” (2 Thesalonika 2:2-4) Eqinisweni lo “muntu ongenamthetho” uyisigaba sabefundisi esiye saziphakamisa sabusa phezu kwebandla “lobuKristu.”a

Ukuhlubuka kwaqala osukwini lomphostoli uPawulu. Kwakhula ngamandla ngemva nje kokufa kwabaphostoli selingasekho ithonya labo elivimbelayo. UPawulu wathi kwakuzobonakala ‘ngokusebenza kukaSathane ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nezimangaliso nangayo yonke inkohliso engalungile.’ (2 Thesalonika 2:6-12) Aweve ezichaza ngokunembile lawo mazwi izenzo zabaholi abaningi benkolo kuso sonke isikhathi esidlule!

Uma abaholi bamaKatolika besekela ukusho kwabo ukuthi ubuRoma Katolika yibo obuyinkolo yeqiniso, bathi ababhishobhi babo bathola “isikhundla sobuphostoli ngokuba sohlwini lwabaphostoli olusuka ekuqaleni kobuKristu.” Eqinisweni, ukuthi basohlwini lwabaphostoli akusekelwa yimiBhalo nawumlando. Abukho ubufakazi obuzwakalayo bokuthi isimiso sesonto esavela ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu sasiqondiswa umoya ongcwele kaNkulunkulu.—Roma 8:9; Galathiya 5:19-21.

Kuthiwani ngamasonto avela ngemva kwalokho okubizwa ngokuthi INkathi Yezinguquko? Ingabe abuyela endleleni yebandla lokuqala lobuKristu? Ingabe abubuyisela ubumsulwa bebandla lokuqala lobuKristu? Kuyiqiniso ukuthi ngemva kweNkathi Yezinguquko, abantu abaningi abavamile bakwazi ukuba neBhayibheli ngezilimi zabo. Kodwa umlando ubonisa ukuthi la masonto aqhubeka efundisa izimfundiso ezingamanga.b—Mathewu 15:7-9.

Nokho, phawula lokhu. UJesu Kristu wabikezela ngokuqinisekile ukuthi ibandla lakhe okuyilona lodwa eleqiniso laliyophinde libe khona enkathini ayibiza ngokuthi isiphelo sesimiso sezinto. (Mathewu 13:30, 39) Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi manje siphila kuleyo nkathi. (Mathewu 24:3-35) Ngakho-ke, ngamunye wethu kudingeka azibuze, ‘Iphi leyo nkolo okuyiyona yodwa eyeqiniso?’ Kumelwe iye ngokuya ibonakala ngokucacile.

Mhlawumbe unomuzwa wokuthi usuyitholile kakade leyo nkolo, noma lelo bandla. Kubalulekile ukuba uqiniseke. Ngani? Ngoba, njengasekhulwini lokuqala, ingaba yinye kuphela inkolo yeqiniso. Ingabe uke wazinika isikhathi sokuqinisekisa ukuthi inkolo yakho isilandela eduze isibonelo esabekwa ibandla lobuKristu lekhulu lokuqala nokuthi inamathela ngokwethembeka ezimfundisweni zikaJesu Kristu? Kunganjani ukuhlole manje lokhu? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza wenze kanjalo.—IzEnzo 17:11.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokuthi ungubani “umuntu ongenamthetho” kungatholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 1990, amakhasi 10-14.

b Bheka isahluko esithi “INkathi Yezinguquko—Ukufuna Kwathatha Isimo Esisha” encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, amakhasi 306-28, eyakhishwa oFakazi BakaJehova.

[Izithombe ekhasini 5]

Umfanekiso kaJesu kakolweni nokhula usifundisani ngebandla leqiniso?

[Izithombe ekhasini 7]

Ingabe inkolo yakho ihamba esibonelweni esamiswa amaKristu ekhulu lokuqala ekushumayezeni abanye nasekutadisheni?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela