Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 6/1 kk. 3-4
  • Kwenzekani Ekunikeleleni Abahluphekile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwenzekani Ekunikeleleni Abahluphekile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuwukusiza Noma Kuwukulahla Imali?
  • Unikele Noma Unganikeli?
  • Iminikelo Eyenzelwa Abasweleyo—Ingabe Iyisibopho SamaKristu?
    I-Phaphama!—1993
  • Ukupha Okujabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • “Thanda Umakhelwane Wakho”—Iyiphi Indlela Ewusizo Kakhulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 6/1 kk. 3-4

Kwenzekani Ekunikeleleni Abahluphekile?

NGEMVA kokuhlasela kwango-September 11, 2001, eNew York City naseWashington, D.C., yayibabazeka indlela abantu ababasekela ngayo abahlukunyezwa yileyo nhlekelele. Izinhlangano eziqoqa iminikelo yabahluphekile zathola iminikelo engamaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-23,7 ivela nxazonke yokusiza ekunakekeleni imindeni yabashona. Beshaqiswe ubukhulu bale nhlekelele, abantu kuyo yonke indawo bafuna ukusiza.

Nokho, ngokushesha abanye abantu bathukuthela lapho bezwa kuthiwa izinhlangano ezivelele eziqoqa iminikelo yabahluphekile zazizisebenzisa kabi izimali. Kwaba nentukuthelo enkulu lapho kuzwakala umbiko wokuthi enye inhlangano eqoqa iminikelo yabahluphekile yayihlela ukugodla cishe ingxenye yezigidi eziyizinkulungwane ezingu-4,4 zamaRandi eyayizitholile bese izisebenzisela ezinye izinjongo. Nakuba le nhlangano kamuva yasihoxisa isinqumo sayo futhi yaxolisa, enye intatheli yathi: “Abagxeki bathi lesi sinyathelo ngeke siyibuyise indlela ebithenjwa” ngayo ngaphambi kwenhlekelele. Wena uzizwa kanjani? Ingabe nawe muva nje awusazethembi izinhlangano eziqoqa iminikelo yabahluphekile?

Kuwukusiza Noma Kuwukulahla Imali?

Ngokuvamile ukunikela ezinhlanganweni eziqoqa iminikelo yabahluphekile kubhekwa njengesenzo esihle. Kodwa akubona bonke abantu ababona kanjalo. Eminyakeni engaphezu kwengu-200 edlule, umlobi oyiNgisi, uSamuel Johnson wabhala wathi: “Uyaqiniseka ngisho nakakhulu ngokuthi wenza okuhle uma ukhokhela labo abasebenzayo, njengeholo lomsebenzi wabo, kunokumane nje uphane ngayo.” Abanye namuhla banokungabaza okufanayo, futhi imibiko yokusebenzisa kabi iminikelo kwezinhlangano eziqoqa iminikelo yabahluphekile ayibakhuthazi abantu ukuba bazethembe. Cabanga ngezibonelo ezimbili zamuva nje.

Umqondisi wenhlangano yenkolo eqoqa iminikelo yabahluphekile eSan Francisco waxoshwa ngemva kokumangalelwa ngokusebenzisa imali yenhlangano ekukhokheleni izindleko zakhe zokuhlinzelwa ukulungisa ubuso nezokudla ezitolo zokudlela okwakubiza amaRandi angu-4 400 isonto ngalinye esikhathini esiyiminyaka emibili. EBrithani, abahleli bohlelo oluqavile lwethelevishini lokuqoqa iminikelo yabahluphekile baphoxeka lapho kutholakala ukuthi kopondo abayizigidi ezingu-6,5 (amaRandi angaba izigidi ezingu-92), ababekhishelwe ukusiza ekwakheni izindawo ezintsha zezintandane eRomania, kwakhiwa izindlu ezingu-12 kuphela ezisezingeni eliphansi, ezinye izigidi zamaRandi akwaziwa ukuthi zenziwani. Imibiko emibi njengalena ibabangela kufanele abantu ukuba baqaphe kakhudlwana ukuthi banikela ngemali engakanani nokuthi bayinikela kubani.

Unikele Noma Unganikeli?

Nokho, kungaba kubi ukuvumela izenzo zabantu noma izinhlangano ezimbalwa ukuba ziqede ukubakhathalela ngobuqotho abanye nokubahawukela. IBhayibheli lithi: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.” (Jakobe 1:27) Yebo, izenzo zokukhathalela abampofu nabaswele ziyingxenye ebalulekile yobuKristu.

Noma kunjalo, ungase uzibuze, ‘Ingabe kufanele ngiqhubeke nginikela ezinhlanganweni eziqoqa iminikelo yabahluphekile, noma kufanele ngimane ngizame ukusiza ngokupha umuntu uqobo lwakhe?’ Hlobo luni lokupha uNkulunkulu alulindele? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngale mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela