Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 5/1 kk. 2-4
  • Yini Obungathanda Ukuyibuza UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Obungathanda Ukuyibuza UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungubani ngempela, Nkulunkulu?
  • Kungani kunokuhlupheka okungaka?
  • Kungani ngilapha? Iyini injongo yokuphila?
  • Indlela Abanye Abazithole Ngayo Izimpendulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ungubani UNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 5/1 kk. 2-4

Yini Obungathanda Ukuyibuza UNkulunkulu?

ABANTU emhlabeni wonke bazibuza imibuzo enzulu ngokuphila. Ingabe kunjalo nangawe? Abaningi baye bayibuza abafundisi babo benkolo le mibuzo kodwa abazitholanga izimpendulo ezanelisayo. Abanye baye bazibuza le mibuzo bebodwa. Abanye baye bathandaza befuna isiqondiso. Kungenzeka ngempela yini ukuba uthole izimpendulo ezivela kuNkulunkulu zemibuzo ekukhungathekisayo? Phakathi kwemibuzo abaningi abaye bathi bebengathanda ukuyibuza uNkulunkulu yile elandelayo.

Ungubani ngempela, Nkulunkulu?

Indlela abantu ababheka ngayo uNkulunkulu ithonywa isiko labo, inkolo yabazali babo, cishe nayindlela bona abakhetha ukumbheka ngayo. Abanye banegama abambiza ngalo uNkulunkulu; abanye bambiza nje ngokuthi uNkulunkulu. Ingabe kunendaba ngempela? Ingabe munye kuphela uNkulunkulu weqiniso ozembula kithi futhi embule negama lakhe?

Kungani kunokuhlupheka okungaka?

Uma impilo yomuntu iwohloka noma eba mpofu ngenxa yokuphila ngokunganaki noma ngokuziphatha okubi, angase akhononde. Kodwa kungenzeka uyazi ukuthi kungani ehlupheka.

Nokho, abanye abaningi babhekene nobunzima obukhulu kungephutha labo. Abanye banezifo ezingamahlalakhona. Kwabanye, ukuthola nje indawo yokuhlala nokudla okwanele kwemikhaya yabo kuyizinkinga ezibonakala zingenakusonjululwa. Izigidi ziyizisulu zobugebengu, impi, ubudlova obungakhethi, izinhlekelele zemvelo, noma ukungabi nabulungisa kweziphathimandla.

Kuyaqondakala-ke ukuthi kungani abaningi bebuza bethi: ‘Kungani zande kangaka lezi zimo? Kungani uNkulunkulu ekuvumela konke lokhu kuhlupheka?’

Kungani ngilapha? Iyini injongo yokuphila?

Ngokuvamile le mibuzo ibangelwa ukukhungatheka umuntu aba nakho lapho umsebenzi wakhe wansuku zonke unganelisi ngempela—futhi kunjalo kubantu abaningi. Ezinye izigidi zikholelwa ukuthi okwenzeka ekuphileni komuntu ngamunye ngandlela-thile kunqunywa uNkulunkulu. Kunjalo? Uma ngempela uNkulunkulu enenjongo ekhethekile ngawe, ngokuqinisekile uzofuna ukwazi ukuthi iyini.

Kuzo zonke izincwadi ezikhona emhlabeni, yinye esho ngokucacile ukuthi iphefumulelwe uNkulunkulu. Njengoba ungase ulindele ngomyalezo waso sonke isintu ovela kuNkulunkulu ngempela, itholakala ngezilimi eziningi ukwedlula noma iyiphi incwadi eyake yabhalwa. Leyo ncwadi yiBhayibheli Elingcwele. Kulo, uMdali wezulu nomhlaba, uNkulunkulu ngokwakhe, uyazembula ukuthi ungubani nokuthi ubani igama lakhe. Uyalazi lelo gama? Ingabe uyakwazi okushiwo yiBhayibheli ngohlobo loMuntu uNkulunkulu ayilo? Ingabe uyakwazi elikushoyo ngalokho uNkulunkulu akufunayo kuwe?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

COVER: Chad Ehlers/Index Stock Photography

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Mountain: Chad Ehlers/Index Stock Photography

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela