Induduzo Induduzo Kwabahluphekayo
SEKUNGAMAKHULU eminyaka umbuzo othi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka ushikilisa izazi zefilosofi nezenkolo. Abanye baye bathi njengoba uNkulunkulu enamandla onke, kumelwe ukuthi nguye ngokuyinhloko oyimbangela yokuhlupheka. Umlobi we-Clementine Homilies, incwadi yangekhulu lesibili engatshazwayo, wathi uNkulunkulu ubusa izwe ngezandla zombili. Ngesandla sakhe “sobunxele,” esinguDeveli, ubangela ukuhlupheka nosizi, ngesandla “sokudla,” esinguJesu, uyasindisa futhi abusise.
Abanye, bengakwazi ukwamukela ukuthi uNkulunkulu angakuvumela ukuhlupheka, ngisho noma engakubangeli, baye bakhetha ukuphika ukuthi ukuhlupheka kukhona. “Ububi buyinto esengqondweni kuphela, abunaso isisekelo sangempela,” kubhala uMary Baker Eddy. “Ukube isono, ukugula nokufa bekungaqondwa njengokuyize, bekuyonyamalala.”—Science and Health With Key to the Scriptures.
Ngenxa yezehlakalo eziwusizi zomlando, kusukela ngempi yezwe yokuqala kuze kube sosukwini lwethu, abaningi baye baphetha ngokuthi uNkulunkulu umane nje akakwazi ukuvimbela ukuhlupheka. “Ngicabanga ukuthi ukuQothulwa Kwesizwe kuye kwakuqeda ukuchazwa kukaNkulunkulu ngokufanele ngokuthi ungonamandla onke,” kubhala isazi esingumJuda uDavid Wolf Silverman. Sanezela: “Ukuze uNkulunkulu aqondakale ngandlela-thize, khona-ke ubuhle baKhe kumelwe buvumelane nokuba khona kobubi, futhi lokhu kunjalo uma engeyena umninimandla onke.”
Nokho, ukuthi uNkulunkulu unesandla ngandlela-thize ekubeni khona kokuhlupheka, ukuthi akakwazi ukukuvimbela, noma ukuthi ukuhlupheka kumane nje kusezingqondweni zethu, akubanikezi induduzo yangempela abahluphekayo. Futhi okubaluleke nakakhulu, izinkolelo ezinjalo azivumelani nhlobo noNkulunkulu onobulungisa, onamandla, nokhathalelayo ombulwe emakhasini eBhayibheli. (Jobe 34:10, 12; Jeremiya 32:17; 1 Johane 4:8) IBhayibheli lithi siyini-ke isizathu sokuvunyelwa kokuhlupheka?
Kwaqala Kanjani Ukuhlupheka?
UNkulunkulu akabadalelanga ukuba bahlupheke abantu. Kunalokho, wanika umbhangqwana wokuqala ongabantu, u-Adamu no-Eva, izingqondo nemizimba ephelele, walungiselela ingadi enhle ukuba ibe ikhaya labo, wabanika nomsebenzi onenjongo nowanelisayo. (Genesise 1:27, 28, 31; 2:8) Nokho, ukuze baqhubeke bejabula kwakudingeka baqaphele ukubusa kukaNkulunkulu nelungelo lakhe lokunquma ukuthi yini elungile nengalungile. Lelo lungelo likaNkulunkulu lalimelelwe umuthi owabizwa ngokuthi “umuthi wolwazi lokuhle nokubi.” (Genesise 2:17) U-Adamu no-Eva babezobe bebonisa ukuzithoba kwabo kuNkulunkulu uma belalela umyalo wakhe wokuba bangadli kulowo muthi.a
Ngokudabukisayo, u-Adamu no-Eva bahluleka ukulalela uNkulunkulu. Isidalwa somoya esihlubukayo, kamuva esabizwa ngokuthi uSathane uDeveli, senza u-Eva wakholelwa ukuthi kwakungeke kumzuzise ukulalela uNkulunkulu. Eqinisweni sathi uNkulunkulu wayemncisha okuthile okufiseleka kakhulu: ukuzibusa, ilungelo lokuzinqumela ukuthi yini enhle nembi. USathane wathi uma engadla kulowo muthi, ‘amehlo akhe ayovuleka futhi nakanjani uyoba njengoNkulunkulu, azi okuhle nokubi.’ (Genesise 3:1-6; IsAmbulo 12:9) Ehehwa ithuba lokuzibusa, u-Eva wasidla isithelo esinqatshelwe, no-Adamu ngokushesha wenza okufanayo.
Ngalo lolo suku, u-Adamu no-Eva baqala ukuzwa imiphumela yokuhlubuka kwabo. Ngokwenqaba ukubusa kukaNkulunkulu, balahlekelwa isivikelo nezibusiso ababezithola ngokuzithoba kuNkulunkulu. UNkulunkulu wabaxosha ePharadesi wathi ku-Adamu: “Uqalekisiwe umhlabathi ngenxa yakho. Uzodla umkhiqizo wawo ngobuhlungu zonke izinsuku zokuphila kwakho. Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini.” (Genesise 3:17, 19) U-Adamu no-Eva baba izisulu zokugula, ubuhlungu, ukuguga nokufa. Ukuhlupheka kwase kuyingxenye yokuphila komuntu.—Genesise 5:29.
Ukulungisa Indaba
Omunye angase abuze, ‘UNkulunkulu wayengeke yini amane asishalazele isono sika-Adamu no-Eva?’ Cha, ngoba lokho kwakuyolilulaza ngokwengeziwe igunya lakhe, mhlawumbe kubangele nokunye ukuhlubuka umphumela ube ukuhlupheka okukhulu nakakhulu. (UmShumayeli 8:11) Ngaphezu kwalokho, ukubekezelela ukungalaleli okunjalo kwakuyokwenza uNkulunkulu abe ingxenye yokwenziwa kobubi. UMose, umlobi weBhayibheli, uyasikhumbuza: “Uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) Ukuze enze ngokuvumelana nobuntu bakhe, uNkulunkulu kwadingeka abavumele o-Adamu no-Eva bezwe imiphumela yokungalaleli kwabo.
Kungani uNkulunkulu engawubhubhisanga ngokushesha umbhangqwana wokuqala ongabantu kanye noSathane, ubhongoza ongabonakali wokuhlubuka kwabo? Wayenawo amandla okwenza kanjalo. U-Adamu no-Eva babengeke bazale abantwana abalindelwe ukuhlupheka nokufa. Nokho, ukubonisa amandla akhe kanjalo kwakungeke kukufakazele ukufaneleka kwegunya likaNkulunkulu phezu kwezidalwa zakhe ezihlakaniphile. Ngaphezu kwalokho, ukube u-Adamu no-Eva bafa bengenabantwana, lokho kwakuyosho ukuthi ibhuntshile injongo kaNkulunkulu yokugcwalisa umhlaba ngenzalo yabo ephelele. (Genesise 1:28) “UNkulunkulu akafani nabantu . . . Noma yini ayithembisayo, uyayenza; uyakhuluma, kwenziwe.”—Numeri 23:19, Today’s English Version.
Ngokuhlakanipha kwakhe okuphelele, uJehova uNkulunkulu wanquma ukuvumela ukuba ukuhlubuka kuqhubeke isikhashana esithile. Lezo zihlubuki zaziyoba nethuba elanele lokuzwa imiphumela yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu. Umlando wawuzobonisa ngokucacile ukuthi isintu siyakudinga ukuqondiswa uNkulunkulu nokuthi ukubusa kukaNkulunkulu kungcono kunokomuntu noma kukaSathane. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu wathatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi injongo yakhe yasekuqaleni ngomhlaba iyogcwaliseka. Wathembisa ukuthi kwakuyofika “inzalo” ‘eyayizolimaza uSathane ekhanda,’ ikuqede ngokuphelele ukuhlubuka kwakhe nemiphumela yako elimazayo.—Genesise 3:15.
UJesu Kristu wayeyileyo Nzalo ethenjisiwe. Kweyoku-1 Johane 3:8 sifunda ukuthi ‘iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa . . . ukuze izobhidliza imisebenzi kaDeveli.’ Lokhu yakwenza ngokunikela ngokuphila kwayo okuphelele njengomuntu nangokukhokha inani lesihlengo lokukhulula abantwana baka-Adamu esonweni nasekufeni abakuthole njengefa. (Johane 1:29; 1 Thimothewu 2:5, 6) Labo ababa nokholo ngempela emhlatshelweni kaJesu bathenjiswa ukuhlukana unomphela nokuhlupheka. (Johane 3:16; IsAmbulo 7:17) Kuyokwenzeka nini lokhu?
Ukuphela Kokuhlupheka
Ukwenqatshwa kwegunya likaNkulunkulu kubangele ukuhlupheka okungenakulinganiswa. Kuyafaneleka-ke ukuba uNkulunkulu asebenzise indlela ekhethekile yokubonisa igunya lakhe ukuze aqede ukuhlupheka kwabantu futhi afeze injongo yakhe yasekuqaleni ngomhlaba. UJesu wakhuluma ngaleli lungiselelo likaNkulunkulu lapho efundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze bathi: “Baba wethu osemazulwini, . . . umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
Sesizophela isikhathi uNkulunkulu asivumele sokuba abantu bazame izindlela zokuzibusa. Njengokusho kwesiprofetho seBhayibheli, uMbuso wakhe wamiswa emazulwini ngo-1914, uJesu Kristu waba iNkosi yawo.b Maduzane nje, uzochoboza uqede bonke ohulumeni babantu.—Daniyeli 2:44.
Phakathi nenkonzo yakhe emfushane yasemhlabeni, uJesu wanikeza umbono wezibusiso ukubuyiselwa kokubusa kukaNkulunkulu okuyozilethela isintu. AmaVangeli anikeza ubufakazi bokuthi uJesu wababonisa isihawu abantu ababempofu futhi bebandlululwa. Waphulukisa abagulayo, wapha abalambile ukudla, wavusa nabafile. Ngisho namandla emvelo alilalela izwi lakhe. (Mathewu 11:5; Marku 4:37-39; Luka 9:11-16) Cabanga nje ukuthi yini uJesu ayoyifeza lapho esesebenzisa umhlatshelo wakhe wesihlengo ohlanzayo ukuze azuzise bonke abantu abalalelayo! IBhayibheli lithembisa ukuthi ngokubusa kukaKristu, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.
Induduzo Kwabahluphekayo
Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukwazi ukuthi uNkulunkulu wethu onothando namandla onke, uJehova, uyasikhathalela nokuthi ngokushesha uzosikhulula isintu! Ngokuvamile, umuntu ogula kabi uyakwamukela ukwelashwa okuzomsiza ngisho noma kubuhlungu kakhulu. Ngendlela efanayo, uma sazi ukuthi indlela kaNkulunkulu yokusingatha izinto iyoletha izibusiso zaphakade, lolo lwazi lungasiqinisa kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nabuphi ubunzima besikhashana.
URicardo, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, ungomunye ofunde ukuthola induduzo ezithembisweni zeBhayibheli. Uyakhumbula: “Ngemva kokushona komkami, ngangiba nesifiso esinamandla sokuhlala ngedwa, kodwa ngokushesha ngaqaphela ukuthi lokho kwakungeke kumbuyise umkami futhi kwakuyongenza ngibe lusizi nakakhulu.” Kunalokho, uRicardo wanamathela esimisweni sakhe sokuya emihlanganweni yobuKristu nokuxoxa nabanye ngomyalezo weBhayibheli. “Njengoba ngangizwa ukusekela kukaJehova kothando ngiqaphela nendlela ayeyiphendula ngayo imithandazo yami ngisho nasezintweni ezazibonakala zizincane, ngasondela kuye,” kusho uRicardo. “Ukuqaphela uthando lukaNkulunkulu yikho okwangisiza ngakwazi ukukhuthazelela uvivinyo ngokuqinisekile olwalunzima kunalo lonke engake ngabhekana nalo.” Uyavuma: “Ngisamkhumbula kakhulu umkami, kodwa manje ngikholelwa ngokuqinile ukuthi akukho lutho uJehova aluvumelayo olungasilimaza phakade.”
Ingabe nawe, njengoRicardo kanye nezigidi zabanye ulangazelela isikhathi lapho ukuhlupheka kwamanje kwesintu ‘kungeke kukhunjulwe, futhi kungeke kufike enhliziyweni’? (Isaya 65:17) Qiniseka ukuthi ungazithola izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu uma ulandela iseluleko seBhayibheli esithi: ‘Funa uJehova esatholakala. Mbize eseseduze.’—Isaya 55:6.
Ukuze ukwazi ukukwenza lokhu, yenza ukufunda nokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela kuze kuqala ekuphileni kwakho. Yazi uNkulunkulu nalowo amthuma, uJesu Kristu. Lwela ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu ngaleyo ndlela ubonise ukuthi uzimisele ukuzithoba ebukhosini bakhe. Ukwenza kanjalo kuyokulethela injabulo enkulu manje naphezu kovivinyo ongase ubhekane nalo. Esikhathini esizayo, uyojabulela ukuphila ezweni elingenakho ukuhlupheka.—Johane 17:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Embhalweni wayo waphansi kaGenesise 2:17, i-Jerusalem Bible ichaza ithi “ukwazi okuhle nokubi kuyigunya lokunquma . . . ukuthi yini enhle nembi nokwenza ngokuvumelana nako, ukufuna ukuzibusa ngokuphelele endabeni yokuziphatha umuntu anqaba ngakho ukuqaphela isimo sakhe sokuba umuntu odaliwe.” Iyanezela: “Isono sokuqala sasiwukuhlasela ubukhosi bukaNkulunkulu.”
b Ukuze uthole ingxoxo eningilizayo ngesiprofetho seBhayibheli esiphathelene no-1914, bheka isahluko 10 no-11 sencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, ekhishwa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 6, 7]
SINGABHEKANA KANJANI NOKUHLUPHEKA?
‘Niphonse zonke izinkathazo zenu phezu kukaNkulunkulu.’ (1 Petru 5:7) Kungokwemvelo ukuzizwa udidekile, uthukuthele, futhi ulahliwe uma ubhekene nokuhlupheka noma ubona omthandayo ehlupheka. Noma kunjalo, qiniseka ukuthi uJehova uyayiqonda imizwa yethu. (Eksodusi 3:7; Isaya 63:9) Njengamadoda akudala athembekile, singathulula izifuba zethu kuye sizwakalise ukungabaza nokukhathazeka esinakho. (Eksodusi 5:22; Jobe 10:1-3; Jeremiya 14:19; Habakuki 1:13) Angase angazisusi ngokuyisimangaliso izilingo zethu, kodwa ephendula imithandazo yethu esuka enhliziyweni, angasinika ukuhlakanipha namandla okubhekana nazo.—Jakobe 1:5, 6.
“Ningamangali ngezilingo ezibuhlungu enibhekene nazo, njengokungathi nehlelwa into engaziwa.” (1 Petru 4:12, New International Version) Lapha uPetru ukhuluma ngokushushiswa, kodwa amazwi akhe asebenza kahle ngokufanayo nakunoma ikuphi ukuhlupheka umuntu okholwayo angase akukhuthazelele. Abantu bayeswela, bagule, bafelwe. IBhayibheli lithi wonke umuntu wehlelwa “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile.” (UmShumayeli 9:11) Okwamanje izinto ezinjalo ziyingxenye yokuphila kwabantu. Ukuqaphela lokhu kuyosisiza sikwazi ukubhekana nokuhlupheka namashwa uma kusehlela. (1 Petru 5:9) Ngaphezu kwakho konke, kuyoba induduzo nakakhulu ukukhumbula isiqinisekiso sokuthi “amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.”—IHubo 34:15; IzAga 15:3; 1 Petru 3:12.
“Jabulani ethembeni.” (Roma 12:12) Esikhundleni sokucabanga kakhulu ngenjabulo esilahlekele, singazindla ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuqeda konke ukuhlupheka. (UmShumayeli 7:10) Leli themba elinesisekelo esiqinile liyosivikela ngendlela isigqoko sensimbi esivikela ngayo ikhanda. Ithemba lidambisa amagalelo okuphila lenze ukuba angasilimazi unomphela engqondweni, emzwelweni, noma empilweni engokomoya.—1 Thesalonika 5:8.
[Isithombe ekhasini 5]
U-Adamu no-Eva bakwenqaba ukubusa kukaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 7]
UNkulunkulu uthembisa izwe elingenako ukuhlupheka