Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 3/1 k. 31
  • Ungasinda Kanjani Ekupheleni Kwaleli Zwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungasinda Kanjani Ekupheleni Kwaleli Zwe?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 3/1 k. 31

Ungasinda Kanjani Ekupheleni Kwaleli Zwe?

IBHAYIBHELI lichaza ukuphela kwalesi simiso sezinto samanje ngokuthi “usuku lolaka, usuku lokuhlupheka nolosizi, usuku lwencithakalo nolokuyize, usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu.” (Zefaniya 1:15) Ngokuqinisekile, lolu akulona usuku ngokuvamile obungalulangazelela! Nokho, umphostoli uPetru wanxusa amaKristu ayekanye nawo ukuba ‘alindele futhi akugcine kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova, okuyothi ngalo amazulu njengoba eyobe esha ancibilike nezinto zawo njengoba ziyobe zishisa kakhulu zincibilike! Kodwa kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.’—2 Petru 3:12, 13.

UPetru lapha wayengakhulumi ngokubhujiswa kwamazulu nomhlaba okungokoqobo. ‘Amazulu nomhlaba’ uPetru ayekhuluma ngako kulo mongo kufanekisela ohulumeni banamuhla abakhohlakele babantu kanye nomphakathi wesintu ongamhloniphi uNkulunkulu. “Usuku lukaJehova” ngeke lubhubhise umhlaba uqobo lwawo kodwa ‘luyochitha izoni zawo kuwo.’ (Isaya 13:9) Ngakho-ke, kulabo “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso” ezenziwa emphakathini omubi wanamuhla, usuku lukaJehova luyoba usuku lwensindiso.—Hezekeli 9:4.

Umuntu angasinda kanjani-ke ‘kulolo suku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova’? “Izwi likaJehova” elembulelwa omunye wabaprofethi bakhe linikeza impendulo yalowo mbuzo: “Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe.” (Joweli 1:1; 2:31, 32) OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza uthole ukuthi kusho ukuthini ukubiza igama likaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela