Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 3/1 k. 32
  • “Lokhu Kungase Kukuzwise Ubuhlungu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Lokhu Kungase Kukuzwise Ubuhlungu”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 3/1 k. 32

“Lokhu Kungase Kukuzwise Ubuhlungu”

WAKE wawezwa yini lawo mazwi? Kungenzeka ashiwo udokotela noma umhlengikazi ngaphambi kokuba akwelaphe ngendlela ethile eye yatuswa.

Ngokunokwenzeka awuzange uyenqabe leyo ndlela yokwelashwa ngoba nje wesaba ubuhlungu owawubulindele. Kunalokho, wabukhuthazelela ubuhlungu ukuze ube nempilo engcono esikhathini esizayo. Ezimweni ezimbi impela, ukwamukela noma ukwenqaba ukwelashwa okungemnandi kungasho ukufa nokuphila.

Nakuba singamdingi njalo udokotela, sonke njengabantu abangaphelele sidinga isiyalo, noma ukulungiswa, ngisho nokubuhlungu ngezinye izikhathi. (Jeremiya 10:23) Lapho ligcizelela leli phuzu ngabantwana, iBhayibheli lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.”—IzAga 22:15.

Induku, kulokhu, iyigunya labazali. Kuyiqiniso ukuthi bambalwa abantwana abathanda isiyalo. Uma sihilela isijeziso sohlobo oluthile, bangase basicasukele. Nokho, abazali abahlakaniphile nabanothando babheka ngalé kokuthi umntwana uzwa ubuhlungu, bagxile enzuzweni ayoyithola ekugcineni. Abazali abangamaKristu bayazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu liqinisile lapho lithi: “Asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.”—Heberu 12:11; IzAga 13:24.

Yebo, akuzona izingane kuphela ezidinga isijeziso. Nabantu abadala bayasidinga. IBhayibheli lisuke likhuluma nabantu abadala lapho lithi: “Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.” (IzAga 4:13) Yebo, abantu abahlakaniphile—abancane nabadala—bayokwamukela ukulaywa okusekelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngoba ukwenza kanjalo, ekugcineni kuyolondoloza ukuphila kwabo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela