Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 2/15 kk. 3-4
  • Izimiso Ozikhethayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimiso Ozikhethayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlobo Luni Lwezimiso?
  • Izimiso ZikaNkulunkulu Zingakuzuzisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Qondisa Izinyathelo Zakho Ngezimiso ZikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Zisizuzisa Kanjani Izimiso ZeBhayibheli?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Kungani Zibalulekile Izimiso ZeBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 2/15 kk. 3-4

Izimiso Ozikhethayo

INGABE ungumuntu wezimiso? Noma mhlawumbe ucabanga ukuthi izimiso zokuhle ziyisidala? Iqiniso liwukuthi wonke umuntu ubuswa uhlobo oluthile lwezimiso, azibheka njengezibalulekile. Ngokwe-New Shorter Oxford English Dictionary, isimiso singachazwa ngokuthi “indinganiso yomuntu siqu yesenzo esifanele.” Izimiso zithonya izinqumo zethu futhi zilawule indlela esizoyilandela ekuphileni. Izimiso zingasebenza njengekhampasi.

Ngokwesibonelo, uJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bagcine uMthetho Wegolide, otholakala kuMathewu 7:12: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” Abalandeli bakaConfucius bagcina izimiso ze-li ne-jen ezibhekisela ezimfanelweni ezinjengomusa, ukuthobeka, inhlonipho, nokwethembeka. Ngisho nabantu abangathambekele enkolweni banezinto eziza kuqala noma iziqondiso ezilawula ukuziphatha kwabo.

Hlobo Luni Lwezimiso?

Nokho, kuhle sikhumbule ukuthi izimiso zingaba zinhle noma zibe zimbi. Ngokwesibonelo, inani elandayo labantu libuswa yilokho okuye kwaziwa ngokuthi ubumina kuleli shumi elidlule leminyaka. Nakuba abaningi bengase bangalazi leli gama noma bengaba nomuzwa wokuthi alisebenzi kubo, ubumina buyisimiso sokuziphatha abaningi abaphendukela kuso njengoba belahla izindinganiso eziphakeme zokuziphatha. Noma ngabe bubizwa ngalelo gama noma cha, ubumina buwukubonakaliswa kobugovu, ngokuvamile obuhambisana nokuthanda izinto ezibonakalayo ngokungenangqondo. “Sinezimiso ezimbili kuphela,” kusho isikhulu se-TV eChina. “Esokuqala ukwanelisa imfuneko. Esinye siwukwenza imali.”

Ubumina bungafaniswa nozibuthe. Uzibuthe uyenzani ikhampasi? Lapho uzibuthe useduze kwekhampasi, inaliti yekhampasi iyahixihixiza. Ngendlela efanayo, ubumina bungadida ikhampasi ewukuziphatha komuntu, noma isimiso sokuziphatha okufanele, ngokwenza yonke into ilawulwe yizifiso zomuntu.

Kungakumangaza yini ukwazi ukuthi ubumina akuyona into yesimanje? Le ndlela yokuphila yaqala ensimini yase-Edene lapho abazali bethu bokuqala belahla isimiso sokuziphatha esasibekwe uMdali wethu. Lokho kwashintsha ikhampasi yabo ewukuziphatha. Njengoba beyinzalo ka-Adamu no-Eva, abantu bakhathazwa yindlela efanayo yokuphila, muva-nje ebizwa ngokuthi “ubumina.”—Genesise 3:6-8, 12.

Ukubhebhetheka kwalesi simo sengqondo kuphawuleka kakhulu phakathi naloko isiprofetho seBhayibheli esikubiza ngokuthi “izinsuku zokugcina,” okubonakala ‘ngezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Abantu abaningi ‘bangabazithandayo.’ Akumangalisi ukuthi sizithola sicindezeleka ukuba silingise le ndlela yobumina.—2 Thimothewu 3:1-5.

Kungenzeka uvumelana nosemusha obizwa ngokuthi u-Olaf, owabhalela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eYurophu: “Kunzima kakhulu ukuhlala uqotho ngokokuziphatha, ikakhulu kithina abasebasha. Ngicela niqhubeke nisikhumbuza ngesidingo sokunamathela ezimisweni zeBhayibheli.”

U-Olaf waveza umbono ohluzekile. Izimiso zikaNkulunkulu—zingasisiza—abadala nabancane—ukuba silondoloze izindinganiso eziphakeme zokuziphatha. Zingasenza sikwazi nokulwa nobumina, kungakhathaliseki ukuthi bubizwa kanjalo noma cha. Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngokuthi izimiso zeBhayibheli zingakusiza kanjani ngempela, siza ufunde isihloko esilandelayo.

[Izithombe ekhasini 4]

Abantu abaningi namuhla abazikhathaleli izidingo zabanye

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela