“UNkulunkulu Uyabagweba Ngempela Yini Abantu Ukuba Bayosha Esihogweni?”
“Nenza izifundo zezimfundiso zenkolo yini?”
Lo mbuzo wabamangaza oJoel noCarl. Lezi zinsizwa ezimbili—eziyizisebenzi zokuzithandela ezikhonza endlunkulu yoFakazi BakaJehova eseBrooklyn, eNew York—zazibuka izincwadi esitolo sezincwadi esiseduze. Njengoba uJoel ehlola amakhonkodensi eBhayibheli, uCarl wayemxoxela ngengxoxo ayebe nayo enkonzweni. Ngemva kokuba izwe izingxenye ezithile zale ngxoxo, indoda eyayimi eduze yasondela yazokhuluma nabo.
Nokho, le ndoda yayikhathazeke kakhulu ngokwayo kunokufuna ukwazi ukuthi lezi zinsizwa zenza izifundo zezimfundiso zenkolo yini. Yachaza: “NgingumJuda, futhi abanye abangane bami abangamaKristu bangitshele ukuthi ngiyokusha esihogweni ngoba amaJuda alahla uJesu. Iyangikhathaza kakhulu le nto. Akubonakali kulungile ukuba uNkulunkulu onothando akhiphe isijeziso esinjalo. UNkulunkulu uyabagweba ngempela yini abantu ukuba bayosha esihogweni?”
UJoel noCarl batshela le ndoda eqotho ukuthi bangabafundi beBhayibheli abakhuthele. Bayibonisa emiBhalweni ukuthi abafileyo abezwa lutho futhi bamane balele ekufeni, balinde uvuko. Ngakho, abahlushwa futhi abezwa buhlungu besihogo somlilo. (IHubo 146:3, 4; UmShumayeli 9:5, 10; Daniyeli 12:13; Johane 11:11-14, 23-26) Lapho iphela ingxoxo yabo eyathatha imizuzu engu-45, le ndoda yanika uJoel noCarl ikheli layo, yacela ukwaziswa okwengeziwe mayelana nale ndaba.
Uma isihogo besiyindawo yokushiswa ngomlilo, ukhona yini umuntu obengacela ukuyiswa khona? Nokho, lapho inzalamizi enguJobe ifisa ukophulwa osizini lwayo, yanxusa: “Ubani ozonginika lokhu, ukuba ungivikele esihogweni, ungifihle luze ludlule ulaka lwakho?” (Jobe 14:13, Douay Version) Kusobala ukuthi uJobe wayengakholelwa ukuthi isihogo siyindawo yokuhlushwa. Kunalokho, wayefuna ukuyolondwa kuso. Ukufa kuyisimo sokungabi bikho, futhi isihogo saseBhayibhelini siyithuna elivamile lesintu.
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe mayelana nalokho okwenzeka kithi lapho sifa nokuthi kungaba naliphi ithemba ngemva kokufa, unxuswa ngomusa ukuba wenze okungezansi.