Imibuzo Evela Kubafundi
Kweyoku-1 Petru 4:3, sifunda ukuthi amaKristu athile ayekade ehlanganyela ‘ekukhonzeni izithombe okuphambene nomthetho.’ Akulona yini iqiniso ukuthi konke ukukhonza izithombe kuphambene nomthetho, kwenqatshelwe futhi kuyalahlwa nguNkulunkulu?
Yebo, ngokukaNkulunkulu, konke ukukhonza izithombe kuphambene nomthetho. Labo abafuna ukwamukelwa nguye abanakukhonza izithombe.—1 Korinte 5:11; IsAmbulo 21:8.
Nokho, kubonakala sengathi umphostoli uPetru wayekhuluma ngokukhonza izithombe ngombono ohlukile. Okokuqala, ezizweni eziningi zasendulo, ukukhonza izithombe kwakuvamile futhi kungenqatshelwe umthetho weziphathimandla. Umthetho wezwe wawungakwenqabeli lokho kukhonza izithombe. Okunye ukukhonza izithombe kwakuyingxenye yenqubo yesizwe noma kahulumeni imbala. Ngalowo mqondo, abathile babeye bahlanganyela ‘ekukhonzeni izithombe bengenqatshelwe umthetho’ ngaphambi kokuba babe ngamaKristu. (I-New World Translation, uhlelo lwango-1950) Ngokwesibonelo, singaphawula ukuthi inkosi yaseBabiloni uNebukadinesari yamisa isithombe segolide sokukhulekelwa, kodwa izinceku zikaJehova ezingoShadiraki, uMeshaki, no-Abedi Nego zenqaba ukusikhulekela.—Daniyeli 3:1-12.
Ngokomunye umbono, imikhosi eminingi yokukhonza izithombe yayihlanganisa nezenzo ezingqubuzana kakhulu nanoma yimuphi umthetho wemvelo noma isimilo esivela kunembeza ozuzwe njengefa. (Roma 2:14, 15) Umphostoli uPawulu wabhala ngemikhuba exekethile ‘ephambene nemvelo’ ‘neyichilo,’ futhi le mikhuba yayivame ukwenziwa emikhosini engokwenkolo. (Roma 1:26, 27) Abesilisa nabesifazane ababehlanganyela ekukhonzeni izithombe okuphambene nomthetho babengawunaki umthetho owumuzwa womuntu ongokwemvelo. Kwakufaneleka ngempela ukuba labo ababeba ngamaKristu bayishiye leyo mikhuba eyonakele.
Ngaphezu kwalokhu osekushiwo, ukukhonza izithombe okunjalo okwakuvamile kwabangewona amaJuda kwakulahlwa nguJehova uNkulunkulu. Ngakho, kwakungekho emthethweni.a—Kolose 3:5-7.
[Umbhalo waphansi]
a Kweyoku-1 Petru 4:3, umbhalo wesiGreki ngokwezwi nezwi usho ukuthi “ukukhonza izithombe okungekho emthethweni.” Kwamanye amaBhayibheli, la mazwi aye ahunyushwa ngezindlela ezihlukahlukene ezinjengokuthi “ukukhonza izithombe okungemthetho,” “ukukhulekelwa kwezithixo okwenqatshelwe,” nokuthi “ukukhonza izithombe okungenamthetho.”