Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 10/1 k. 32
  • Unako Yini Ukuqonda?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unako Yini Ukuqonda?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 10/1 k. 32

Unako Yini Ukuqonda?

LAPHO emisa abahluleli kwa-Israyeli, uMose wazama ukuthola “amadoda ahlakaniphileyo, aqondileyo [“anokuqonda,” NW].” (Duteronomi 1:13) Kwakungafuneki nje kuphela okuhlangenwe nakho, okuyinto etholakala ngokukhula ngeminyaka. Ukuhlakanipha nokuqonda nako kwakubalulekile.

Umuntu onokuqonda ubonisa ukwahlulela okuhle ekukhulumeni nasekuziphatheni. Ngokwe-Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary, umuntu onokuqonda futhi “uyakwazi ukuthula ngendlela ebonisa ukuhlakanipha.” Yebo, kukhona ‘isikhathi sokukhuluma,’ ‘nesikhathi sokuthula,’ futhi umuntu onokuqonda uyakwazi ukubona umahluko. (UmShumayeli 3:7) Ngokuvamile, kuba nesizathu esihle sokuthula, ngoba iBhayibheli lithi: “Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.”—IzAga 10:19.

AmaKristu ayaqaphela ukuba asebenzise ukuqonda lapho esebenzelana nabanye. Umuntu okhuluma njalo noma ngamandla kunabo bonke akuyena ngaso sonke isikhathi obaluleke kakhulu noma owusizo kakhulu. Khumbula, uMose ‘wayenamandla emazwini akhe,’ kodwa wayengenakusihola ngokuphumelelayo isizwe sakwa-Israyeli kwaze kwaba yilapho esehlakulele ukubekezela, ukuthobeka nokuzithiba. (IzEnzo 7:22) Ngakho-ke, labo abanikwa igunya phezu kwabanye kumelwe bazame ngokukhethekile ukuba abathobekile futhi bayamukele imibono yabanye.—IzAga 11:2.

EZwini likaNkulunkulu, labo uJesu Kristu abaphathise ‘konke okungokwakhe’ bachazwa ngokuthi “isigqila esikholekile nesiqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Abamhambeli phambili uJehova ngokugabadela, benze okufika engqondweni ngaleso sikhathi bengacabanganga; futhi abasaleli ngemuva lapho isiqondiso sikaNkulunkulu sicacile endabeni ethile. Bayazi ukuthi kunini lapho kuyisikhathi sokukhuluma nokuthi kunini lapho kuyisikhathi sokuthula balinde ukucaciselwa okwengeziwe. Wonke amaKristu enza kahle ngokungagcini ngokulingisa ukholo lwabo kodwa futhi nokuzibonakalisa enokuqonda, njengoba kwenza isigaba sesigqila.—Heberu 13:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela