Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 10/1 kk. 30-31
  • ‘Imbuzi Ebukekayo Yasezintabeni’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Imbuzi Ebukekayo Yasezintabeni’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 10/1 kk. 30-31

‘Imbuzi Ebukekayo Yasezintabeni’

ININGI lethu belingeke lichaze imbuzi ngokuthi iyabukeka. Singase sicabange ngezimbuzi njengezilwane eziwusizo ezidla noma yini, futhi ezisinika inyama emnandi nobisi olunomsoco—kodwa cishe besingeke sithi ziyabukeka.

Nokho, iBhayibheli lichaza inkosikazi ngokuthi “indluzelekazi ethandekayo nembuzi ebukekayo yasezintabeni.” (IzAga 5:18, 19, NW) USolomoni, umlobi wencwadi yezAga, wayezibukisisa izilwane zasendle zakwa-Israyeli, ngakho akungabazeki ukuthi wayenesizathu esihle sokusebenzisa lesi singathekiso. (1 AmaKhosi 4:30-33) Mhlawumbe, njengoyise uDavide, wayeké azibuke izimbuzi zasezintabeni ezivame ukufika endaweni yangase-Eni-gedi, ngasogwini loLwandle Olufile.

Imihlanjana yezimbuzi zasezintabeni ezihlala oGwadule LwaseJudiya oluseduze ivame ukuya emthonjeni wase-Eni-gedi. Njengoba i-Eni-gedi iwukuphela komthombo wamanzi onokwethenjelwa kule ndawo ewugwadule, sekungamakhulu eminyaka izimbuzi zasezintabeni zithanda ukuyophuza khona. Eqinisweni igama elithi Eni-gedi cishe lisho “umthombo wezinyane lembuzi,” okufakazela ukuthi kuhlale kukhona amazinyane ezimbuzi kule ndawo. INkosi uDavide yaphephela lapha lapho ibalekela ushushiso lweNkosi uSawule, nakuba kwakudingeka iphile njengombaleki “emadwaleni ayinyabule ezimbuzi zasezintabeni.”—1 Samuweli 24:1, 2, NW.

E-Eni-gedi usengayibona i-ibex yensikazi, noma imbuzi yasezintabeni, inyathela ngobunono yehlisa umhosha onamadwala ilandela eyeduna kuyiwa emanzini. Ungabe usuqala-ke ukukuqonda ukufaniswa kwe-ibex yensikazi nenkosikazi eqotho. Isizotha sayo nobunono bayo nakho kubonisa izimfanelo zowesifazane. Kuthiwa igama elithi “okubukekayo [charming]” ligudlisela ekusulekeni nasebunonweni bembuzi yasezintabeni.a

I-ibex yensikazi kudingeka ibe namandla kodwa futhi ibe yinono. Njengoba uJehova asho kuJobe, imbuzi yasezintabeni izalela emaweni, emadwaleni angafinyeleleki, lapho ukudla kungase kube yindlala khona futhi amazinga okubanda nawokushisa edlulele. (Jobe 39:1) Naphezu kwalobu bunzima, inakekela amazinyane ayo futhi iwafundise ukunompela nokugxuma emadwaleni kalula njengayo. I-ibex futhi iwavikela ngesibindi amazinyane ayo ezilwaneni ezidla ezinye. Umuntu othile wake wabuka imbuzi yasemaweni ixosha ukhozi isikhathi esingaba yihora, kuyilapho izinyane liqosheme ngaphansi kwayo likhosele.

Amakhosikazi nomama abangamaKristu ngokuvamile kudingeka bakhulise izingane zabo ngaphansi kwezimo ezingezinhle neze. Njengembuzi yasemaweni, babonisa ukuzinikela nokungabi nabugovu ekunakekeleni lo mthwalo abawunikwe nguNkulunkulu. Futhi ngesibindi bazama ukuvikela izingane zabo ezingozini ezingokomoya. Ngakho, kunokuba abalulaze abesifazane ngalesi singathekiso, empeleni uSolomoni wayedonsela ukunaka ebunonweni nasebuhleni bowesifazane—izimfanelo ezingokomoya ezibonakala ngisho nasesimweni esinzima kakhulu.

[Umbhalo waphansi]

a Ngokwe-New Brown-Driver-Briggs-Gesenius Hebrew and English Lexicon, kulo mongo igama lesiHeberu elithi chen, elihunyushwe ngokuthi “bukekayo,” lisho ‘ukusuleka noma ubunono endleleni yokwenza nasekubukekeni.’

[Izithombe ekhasini 30, 31]

Amakhosikazi nomama abangamaKristu babonisa izimfanelo ezinhle ezingokomoya lapho befeza imithwalo yabo yemfanelo abayinikwe nguNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela