Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 10/15 kk. 23-27
  • Ungakhonza Yini Ensimini Yakwelinye Izwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakhonza Yini Ensimini Yakwelinye Izwe?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kudingeka Izisusa Ezinhle
  • Bala Izindleko
  • Inselele Enkulu Kunazo Zonke
  • Kuthiwani Ngokukhumbula Ekhaya?
  • Kuthiwani Ngabantwana?
  • Izibusiso Zokuthutha
  • Kuthiwani Ngawe?
  • ‘Ungawelela Yini Emakedoniya’?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Bazinikela Ngokuzithandela—E-Ecuador
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ungawelela Yini EMakedoniya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 10/15 kk. 23-27

Ungakhonza Yini Ensimini Yakwelinye Izwe?

“NGANGILOKHU nginesifiso sokwenza umsebenzi wezithunywa zevangeli. Njengomuntu ongashadile, ngakhonza eTexas, e-United States, lapho kwakunesidingo esikhulu sabashumayeli. Umkami wahlanganyela nami ngemva nje kokuba sishadile. Lapho indodakazi yethu izalwa, ngacabanga, ‘Langiphunyuka ithuba.’ Kodwa uJehova uyazifeza izifiso, ikakhulukazi uma ziphathelene nentando yakhe.”—UJesse, manje okhonza e-Ecuador nomkakhe kanye nezingane zabo ezintathu.

“Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingakwenza lokho ngaphandle kokuqeqeshwa esikoleni saseGileyadi sezithunywa zevangeli. Ngangijabula lapho ngibona omunye walabo engangibafundela iBhayibheli enikeza inkulumo noma eshumayela, futhi ngimbonga uJehova ngokunginika leli thuba.”—UKaren, owesifazane ongashadile owaphayona iminyaka eyisishiyagalombili eNingizimu Melika.

“Ngemva kokushumayela isikhathi esigcwele iminyaka engu-13 e-United States, mina nomkami saba nomuzwa wokuthi sidinga isabelo esisha. Sijabula ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili, ngempela kuyindlela enhle kakhulu yokuphila.”—UTom, ophayona nomkakhe, uLinda, endaweni yase-Amazon.

Lezi zinkulumo ezinokwazisa zivela kubantu izimo zabo ezingazange zibavumele ukuba bathole ukuqeqeshwa kwezithunywa zevangeli e-Watchtower Bible School of Gilead. Noma kunjalo, baye baba nokuhlanganwe nakho okujabulisayo kanye nezinselele zokukhonza kwelinye izwe. Lokhu kwenzeka kanjani? Ingabe inkonzo enjalo ikufanele?

Kudingeka Izisusa Ezinhle

Kudingeka okungaphezu komoya wokuzidela ukuze uphumelele ensimini yakwelinye izwe. Labo abaye baphikelela baye benza kanjalo ngezisusa ezinhle. Njengomphostoli uPawulu, abazibheki njengabanecala kuNkulunkulu kuphela, kodwa nakubantu. (Roma 1:14) Babeyobe bawugcwalisile umyalo waphezulu ngokuhlanganyela enkonzweni endaweni yakubo. (Mathewu 24:14) Kodwa bazizwa benecala futhi bashukumiseleka ukuba bafinyelele futhi basize labo abalithola kancane ithuba lokuzwa izindaba ezinhle.

Kuvamile ukuba abanye bashukunyiswe yisifiso sokusebenza insimu ekhiqiza kakhudlwana—futhi kufanele. Ubani kithi ongathi ebona omunye umdobi ephumelela kakhulu angasondeli kuleyo ngxenye yesiziba akuyo? Ngokufanayo, imibiko ejabulisayo ebonisa ukwanda kwezinye izindawo iye yakhuthaza abaningi ukuba baye lapho ‘kunezinhlanzi eziningi kakhulu khona.’—Luka 5:4-10.

Bala Izindleko

Amazwe amaningi awazivumeli izisebenzi zokuzithandela ezingokwenkolo zakwamanye amazwe ukuba zenze umsebenzi wokuziphilisa. Ngakho labo abafisa ukukhonza kwamanye amazwe ngokuvamile kumelwe bazimele ngokwezimali. Kuye kwabhekanwa kanjani nale nselele engokomnotho? Abaningi baye bathengisa noma baqashisa ngezindlu zabo ukuze bathole imali edingekile. Abanye baye bathengisa amabhizinisi abo. Abanye baye baqongelela imali ukuze bafinyelele umgomo wabo. Kanti abanye bakhonza kwelinye izwe unyaka owodwa noma emibili, bese bebuyela ezweni lakubo ukuze basebenze futhi baqongelele imali ethile, bese bebuyela emuva ukuyokhonza futhi.

Ngokusobala inzuzo yokuba semazweni asathuthuka ukuthi ngokuvamile izindleko zokuphila ziphansi kakhulu kunasezindaweni esezithuthukile. Lokhu kuye kwavumela abanye ukuba bakwazi ukuphila ngemali elingene yomhlalaphansi. Yebo, izindleko ziyoncika kakhulu endleleni yokuphila umuntu ayikhethayo. Ngisho nasemazweni asathuthuka, izindawo zokulala ezintofontofo zingatholakala kodwa ngezindleko ezinkulu kakhulu.

Ngokusobala, umuntu kumelwe abale izindleko ngaphambi kokuba athuthe. Nokho, kuhileleke okungaphezu kokubala izindleko ezingokomnotho nje. Mhlawumbe okushiwo abathile abake bakhonza eNingizimu Melika kungase kusikhanyisele.

Inselele Enkulu Kunazo Zonke

“Ukufunda iSipanishi kwakungumshikashika wangempela kimi,” kukhumbula uMarkku, waseFinland. “Ngangicabanga ukuthi njengoba ngangingalwazi lolu limi, kwakusazoba isikhashana impela ngaphambi kokuba ngikhonze njengenceku ekhonzayo. Yeka ukuthi ngamangala kanjani lapho ngicelwa ukuba ngiqhube isifundo sencwadi ngemva kwezinyanga ezimbili nje kuphela! Yebo, zaziningi izikhathi ezazingifikisela amahloni. Nganginenkinga kakhulu ngamagama. Ngelinye ilanga ngabiza uMfoweth’ uSancho ngokuthi ‘Mfoweth’ uChancho (ingulube),’ futhi ngeke ngikhohlwe ngibiza uDade Salamea ngokuthi ‘Malasea (omubi).’ Ngenhlanhla, abafowethu nodade babengibekezelela kakhulu.” Ekugcineni uMarkku wakhonza njengombonisi wesifunda iminyaka eyisishiyagalombili kulelo zwe nomkakhe, uCeline.

UChris, umkaJesse ocashunwe ekuqaleni, uyalandisa: “Ngikhumbula sihanjelwe umbonisi wesifunda okokuqala, ngemva kwezinyanga ezintathu nje silapha. Ngabona ukuthi lo mzalwane wayesebenzisa imifanekiso futhi esho okuthile okuhle ukuze azame ukuthinta izinhliziyo zethu kodwa ngangingamuzwa. Khona lapho ehholo, ngakhala. Lokhu kwakungekhona nje ukukhala okufihlekile, kodwa ngangisikhihla. Ngemva komhlangano, ngazama ukuchazela umbonisi wesifunda ngokukhala kwami. Wayenomusa kakhulu futhi wangitshela lokho wonke umuntu ayehlale engitshela kona, wathi, ‘Ten paciencia, hermana’ (‘Bekezela, dade’). Ngemva kweminyaka emibili noma emithathu, sabuye sahlangana futhi saxoxa imizuzu engu-45, sijabulela ukuthi sase sizwana ngenkulumo.”

“Ukutadisha kubalulekile,” kuphawula omunye umzalwane. “Lapho senza umzamo owengeziwe wokufunda ulimi, yilapho ikhono lethu lokukhulumisana lithuthuka khona.”

Bonke bayavuma ukuthi imizamo enjalo iletha izinzuzo eziningi. Lapho umuntu elwela ukufunda ulimi olusha uhlakulela ukuthobeka, ukubekezela, nokuzimisela. Kunethuba elikhulu lokuyoshumayela izindaba ezinhle kwabanye. Ngokwesibonelo, ukufunda iSipanishi kwenza umuntu akwazi ukuxhumana nabanye ngolimi olukhulunywa abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-400 emhlabeni wonke. Abanye kamuva okwadingeka babuyele emazweni akubo basakwazi ukusebenzisa ikhono labo lokukhuluma ulimi ukuze basize abantu abakhuluma iSipanishi.

Kuthiwani Ngokukhumbula Ekhaya?

“Lapho sifika okokuqala e-Ecuador ngo-1989,” kukhumbula uDeborah, owakhonza nomyeni wakhe, uGary, e-Amazon, “ngangivame ukukhumbula ekhaya. Sengiye ngafunda ukuncika kakhulu kubafowethu nodade ebandleni. Baba njengomkhaya wakithi.”

UKaren, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyaphawula: “Ngalwisana nokukhumbula ekhaya ngokuhlanganyela enkonzweni yasensimini nsuku zonke. Ngale ndlela ngangingaphuphi ngekhaya. Okunye engangizikhumbuza kona ukuthi abazali bami emuva ekhaya bayazigqaja ngomsebenzi engiwenza ensimini yakwelinye izwe. Umama wayehlale engikhuthaza ngala mazwi: ‘UJehova angakunakekela kangcono kakhulu kunami.’”

UMakiko, waseJapane, uyanezela ngokuhlekisayo: “Ngemva kokuchitha usuku lonke enkonzweni yasensimini, ngisuke ngikhathele ngifile. Ngakho uma ngifika lapho ngihlala khona bese ngiqala ukukhumbula ekhaya, ngokuvamile ngiyazumeka. Ngenxa yalokho, lo muzwa awuhlali isikhathi eside.”

Kuthiwani Ngabantwana?

Lapho kuhileleke abantwana, izidingo zabo ezinjengemfundo, kumelwe zicatshangelwe. Becabangela lokhu, abanye baye bakhetha ukubafundisela ekhaya, kanti abanye baye bafaka abantwana babo ezikoleni zomphakathi.

U-Al wathuthela eNingizimu Melika nomkakhe, nezingane ezimbili, nonina. Uyaphawula: “Sathola ukuthi ukufaka izingane esikoleni kwazisiza ukuba zifunde ulimi ngokushesha. Phakathi nezinyanga ezintathu zase ziqephuza.” Ngakolunye uhlangothi, abafana ababili bakaMike noCarrie babefunda ngeposi. Abazali bayaphawula: “Sathola ukuthi ukufunda ngale ndlela kwakungenakushiyelwa ezinganeni zethu kuphela. Nathi kwakumelwe sibe nengxenye ezifundweni futhi siqiniseke ukuthi abafana bahlala behambisana nezinhlelo zezifundo ezabelwe.”

UDavid noJanita, base-Australia, baveza imizwa yabo ngabafana babo ababili. “Sasifuna ukuba abafana bethu bazibonele mathupha indlela abanye abaphila ngayo. Kulula ukucabanga ukuthi indlela yokuphila esiye sakhuliswa ngayo iyindlela evamile yokuphila, kodwa eqinisweni ingeyabambalwa kuphela. Baye babona nendlela izimiso ezingokwasezulwini ezisebenza ngayo emhlabeni wonke, kungakhathaliseki ukuthi kukuliphi izwe noma isiko.”

“Ngangineminyaka emine kuphela lapho umkhaya wakithi uthutha eNgilandi ngo-1969,” kukhumbula uKen. “Nakuba ngangidumazekile ngokuthi sasingasahlali endlini yodaka efulelwe ngotshani, njengoba ngangicabanga, ngaba nomuzwa wokuthi ngangikhuliswe ngendlela enhle kunazo zonke umuntu omusha ayengase akhuliswe ngayo. Ngaso sonke isikhathi ngangizwa ngizihawukela ezinye izingane ezazingazange zibe nethuba elifanayo! Ngenxa yokuba nobudlelwano obuhle nezithunywa zevangeli kanye namaphayona akhethekile, ngaqala ubuphayona obusizayo ngineminyaka eyisishiyagalolunye.” UKen manje ungumbonisi ojikelezayo.

“I-Ecuador isiyikhaya lethu ngempela manje,” kuvuma uGabriella, indodakazi kaJesse. “Ngijabula kakhulu ngokuthi abazali bami benza isinqumo sokuza lapha.”

Ngakolunye uhlangothi, kunezingane ezingakwazanga ukuzivumelanisa nezimo ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, futhi imikhaya yazo kwadingeka ukuba ibuyele emazweni akubo. Yingakho ukuvakashela kwelinye izwe ngaphambi kokuthuthela khona kutuseka. Ngale ndlela izinqumo zingenziwa ngesisekelo sokwaziswa enizitholele khona mathupha.

Izibusiso Zokuthutha

Ngempela, ukuthuthela ensimini yakwelinye izwe kuhilela izinselele eziningi kanye nokuzidela. Ingabe kuye kwabonakala kunenzuzo kulabo abaye bathutha? Make basitshele.

UJesse: “Kule minyaka eyishumi sisedolobheni lase-Ambato, siye sabona inani lamabandla likhula lisuka kwamabili kuya kwangu-11. Siye saba nelungelo lokusiza ekumisweni kwamahlanu alawo mabandla, futhi siye sasebenza ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso amabili. Siye saba nanenjabulo yokusiza abafundi beBhayibheli abangaba yisilinganiso sababili ngonyaka ukuba bafanelekele ubhapathizo. Ngizisola ngokukodwa nje—ukuthi angizanga ngani lapha eminyakeni eyishumi ngaphambili.

ULinda: “Ukwazisa kwabantu ngezindaba ezinhle nangemizamo yethu kusikhuthaza kakhulu. Ngokwesibonelo, edolobheni elincane elisehlathini, ofundelwa iBhayibheli ogama lakhe lingu-Alfonso waqaphela indlela okungaba nenzuzo ngayo ukunikezwa kwezinkulumo zeningi endaweni yakubo. Wayesanda kuthuthela endlini yakhe yamapulangwe eyayisanda kwakhiwa, okungenye yezimbalwa nje kuleli dolobhana. Enquma ukuthi le ndlu kwakuwukuphela kwesakhiwo kulelo dolobha esasifanele uJehova, wabuyela emuva eqhugwaneni lakhe futhi wapha abafowethu indlu yakhe ukuze bayisebenzise njengeHholo LoMbuso.”

UJim: “Isikhathi esisisebenzisa enkonzweni yasensimini sixoxa nabantu singaphezulu ngokuphindwe ngeshumi kunesasisisebenzisa e-United States. Ngaphezu kwalokho, indlela yokuphila yalapha ayisheshi. Akungabazeki ukuthi kunesikhathi esengeziwe sokutadisha nesenkonzo yasensimini.”

USandra: “Ukubona indlela iqiniso leBhayibheli elingaguqula ngayo abantu babe ngcono kungilethela ukwaneliseka okukhulu. Ngake ngafunda iBhayibheli no-Amada, umnikazi wesitolo sokudla oneminyaka engu-69. Wayevame ukuxuba ubisi namanzi ukuze lwande. Wayephamba abathengi ngokubadayisela lolu bisi olunamanzi ngentengo ephansi kancane. Kodwa ngemva kokufunda ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esithi ‘Ukwethembeka Kuletha Injabulo’ esahlukweni 13 sencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, u-Amada wayeka ukwenza le mikhuba engalungile. Yeka injabulo okwaba yiyo ukumbona ebhapathizwa esikhathini esithile ngemva kwalokho!”

UKaren: “Akukaze kudingeke ngincike kuJehova ngale ndlela noma ngisetshenziswe nguye ngendlela angisebenzise ngayo lapha. Ubuhlobo bami noJehova buye bajula futhi baqina.”

Kuthiwani Ngawe?

Minyaka yonke izinkulungwane zoFakazi ziye zathutha ukuze ziyokhonza phesheya. Abanye bahlala unyaka noma emibili, abanye isikhathi esinganqunyiwe. Benomgomo wokuqhubekisela phambili izithakazelo zoMbuso kwelinye izwe, beza nokuhlangenwe nakho kwabo, ukuvuthwa okungokomoya, kanye nengcebo engokwezimali. Baye bakwazi ukukhonza ezindaweni lapho abamemezeli boMbuso bakuleyo ndawo bengenakukwazi ukukhonza khona ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi. Abaningi baye bathenga izimoto ezidonsa ngamasondo amane ukuze bahlanganise insimu engenakufinyelelwa ngenye indlela. Abanye, bekhetha impilo yasemadolobheni, baye baba izinsika emabandleni amakhulu lapho kunabadala abambalwa khona. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi bakhonza kuphi, bonke bagcizelela ukuthi baye bathola izibusiso ezingokomoya ezingaphezu kwalokho abaye bakunikela.

Wena ungahlanganyela yini kuleli lungelo lokukhonza ensimini yakwelinye izwe? Uma izimo zakho zikuvumela, kungani ungazami ukuthola ukuthi kungenzeka yini wenze kanjalo? Isinyathelo sokuqala nesibalulekile siwukuba ubhalele ihhovisi legatsha leNhlangano ezweni ocabanga ukuyokhonza kulo. Ukwaziswa okuqondile okutholayo kuyokusiza ukuba ubone ukuthi kungenzeka yini uphumelele. Ngaphezu kwalokho, ukusikisela okuningi okuwusizo kungatholakala esihlokweni esithi “Phuma Ezweni Lakini Nasezihlotsheni Zakho” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 1988. Ngokuhlela okuhle nesibusiso sikaJehova, mhlawumbe nawe futhi ungaba nenjabulo yokukhonza ensimini yakwelinye izwe.

[Isithombe ekhasini 24]

UTOM NOLINDA BESEMAJUKUJUKWINI, BELIBANGISE EMPHAKATHINI WAMANDIYA ANGAMASHUAR

[Isithombe ekhasini 25]

ABANINGI BAKHONZA ENHLOKO-DOLOBHA YASE-ECUADOR, IQUITO

[Isithombe ekhasini 25]

UMAKIKO ESHUMAYELA EZINTABENI ZASE-ANDES

[Isithombe ekhasini 26]

UMKHAYA WAKWAHILBIG USUNEMINYAKA EMIHLANU UKHONZA E-ECUADOR

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela