Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/15 k. 32
  • “Uma Usawoti Uphelelwa Amandla Awo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uma Usawoti Uphelelwa Amandla Awo”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/15 k. 32

“Uma Usawoti Uphelelwa Amandla Awo”

KUYE kwalwiwa izimpi ngenxa yawo. Uye wasetshenziselwa ukuhwebelana. EChina yasendulo wawungowesibili ngenani ngemva kwegolide. Yebo sekuyisikhathi eside usawoti ubhekwa yisintu njengempahla enenani elikhulu. Kuze kube namuhla, kuthiwa unezakhi ezelaphayo nezibulala amagciwane, futhi usetshenziswa emhlabeni wonke njengesinongo esimnandi nanjengento evimbela ukubola.

Ngenxa yezimfanelo zawo eziningi ezifiselekayo nemisebenzi yawo akumangalisi ukuthi usetshenziswa ngokomfanekiso eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, uMthetho KaMose wawufuna ukuba konke okunikelwa kuJehova e-altare kube nosawoti. (Levitikusi 2:13) Lokhu kwakungenzelwa ukuba kuthuthukiswe ukunambitheka kwemihlatshelo, kodwa cishe kwakungenxa yokuthi usawoti umelela ukukhululeka ekungcoleni nasekonakaleni.

ENtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu Kristu wathi kubalandeli bakhe: “Nina ningusawoti womhlaba.” (Mathewu 5:13) Ngala mazwi, uJesu wayesikisela ukuthi ukushumayela kwabo kwabanye ngoMbuso kaNkulunkulu kwakungaba nethonya elilondoloza, noma lisindise ukuphila, kulabo ababezwayo. Ngempela, labo abasebenzisa amazwi kaJesu babeyovikeleka ekonakaleni kokuziphatha nokungokomoya emiphakathini ababephila kuyo futhi beyikhonza.—1 Petru 4:1-3.

Nokho, uJesu waqhubeka waxwayisa: “Kodwa uma usawoti uphelelwa amandla, . . . awusasebenziseki kunoma yini ngaphandle kokuthi ulahlelwe ngaphandle ukuba unyathelwe abantu.” Siphawula ngalokhu, isazi seBhayibheli u-Albert Barnes sathi usawoti owawaziwa uJesu nabaphostoli bakhe “wawungcolile, uxubene nemifino kanye nenhlabathi.” Ngakho-ke uma usawoti ulahlekelwa ubusawoti bawo, kungasala “inhlabathi eningi.” “Lona,” kusho uBarnes “awunamsebenzi . . . ngaphandle kokuba ubekwe endleleni, njengoba kunjalo ngenhlabathi.”

Elalela lesi sixwayiso, amaKristu kumelwe aqikelele ukuthi awakuyeki ukufakaza obala noma ahlehlele emuva endleleni yokuziphatha kokungamhloniphi uNkulunkulu. Ngaphandle kwalokho angawohloka ngokomoya futhi abe angenamsebenzi, ‘njengosawoti oye walahlekelwa amandla awo.’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela