Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 8/1 kk. 22-25
  • Ithonya Lontanga—Ingabe Lingakusiza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ithonya Lontanga—Ingabe Lingakusiza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ithonya Kubantu Babo Bonke Ubudala
  • Ukulisebenzisa Kahle Ithonya Lontanga Elakhayo
  • Gwema Amathonya Amabi
  • Abanye Abazuza
  • Basha—Melanani Nokucindezela Kontanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ukucindezela Kontanga—Ingabe Kunamandla Ngempela?
    I-Phaphama!—2002
  • Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga
    I-Phaphama!—2014
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezela Kontanga?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 8/1 kk. 22-25

Ithonya Lontanga—Ingabe Lingakusiza?

Sonke sizalwa sinesifiso esinamandla sokwamukelwa ontanga. Akekho umuntu ofuna ukuba ngunyamanambana, akhishwe inyumbazane. Ngakho-ke, ontanga yethu bayasithonya ngezindlela ezihlukahlukene.

UNTANGA uchazwa ngokuthi “umuntu olingana nomunye; . . . ongoweqembu lomphakathi elifanayo, ikakhulukazi ngeminyaka yobudala, isizinda sokuphila noma isikhundla.” Kanti-ke, ithonya lontanga yindlela ontanga abasithonya ngayo ukuze sivumelane nendlela yabo yokucabanga neyokwenza izinto, siqaphile noma singaqaphile. Ithonya lontanga livame ukubhekwa kabi. Nokho, singalenza lisizuzise, njengoba sizobona.

Ithonya Kubantu Babo Bonke Ubudala

Ithonya lontanga aligcini entsheni kuphela; lithinta abantu babo bonke ubudala. Leli thonya libonakala lapho sizithola sibuza imibuzo enjengokuthi: “Abanye bayakwenza, kungani mina ngingenakukwenza?” “Kungani kufanele ngihluke njalo nje?” “Bazothini noma bazocabangani abanye?” “Bonke abangane bami bayaphola futhi bayashada, kodwa mina lutho. Ingabe kukhona okungalungile ngami?”

Nakuba ithonya lokuzivumelanisa nabanye lithinta abantu bobudala obuhlukahlukene, kubonakala sengathi linamandla kakhulu entsheni. I-World Book Encyclopedia ithi “intsha eningi izibandakanya ngokugcwele neqembu lontanga—okungukuthi, iqembu labangane bayo nalabo ebajwayele. Le ntsha ifuna ukwamukelwa yiqembu lontanga kunokuba yamukelwe abazali, futhi ingase ishintshe nendlela eziphatha ngayo ukuze nje yamukeleke.” Lapho inezela ithi intsha “icabanga ukuthi ikhula kahle uma yamukelwa futhi ithandwa ontanga.” Ngenxa yalokho “igxila ezintweni ecabanga ukuthi ziyenza ithandwe, njengendlela yokugqoka, ikhono lokuba umholi nempumelelo kwezokuthandana.”

Imibhangqwana eshadile ingase ithole ukuthi izinqumo zayo mayelana nokuthi kufanele ithenge noma iqashe indlu enjani, kufanele ibe nemoto enjani, kufanele ibe nezingane yini noma cha nezinye izinto eziningi, zithonywa ontanga—lokho okwamukelekayo emphakathini, kubantu ebajwayele noma esizweni sakubo. Eminye imikhaya ize ingene shí ezikweletini ukuze nje ihambisane nomakhelwane kanye nontanga ngezinto ezibonakalayo. Yebo, imigomo yethu, ukucabanga kwethu nezinqumo zethu zivame ukuveza amandla acashile ethonya lontanga. Ngenxa yokuqaphela la mandla, singakwazi yini ukwenza ithonya lontanga lisizuzise, lisisize sihambe endleleni esifuna ukuhamba ngayo? Yebo, singakwazi!

Ukulisebenzisa Kahle Ithonya Lontanga Elakhayo

Odokotela nezinye izazi zezempilo ziyazi ukuthi kubalulekile ukuba iziguli zibe nobudlelwane nabantu abazozikhuthaza namanye amathonya anempilo. Ukuba sendaweni enjalo kungenza umuntu alulame. Ngokwesibonelo, abantu abayizingini bavame ukusizwa yisibonelo esihle nesikhuthazo sabanye abaye babhekana nosizi olufanayo ngenqubo ende yokwelashwa ngokomzimba nangokomzwelo. Ngokusobala, ukuzihlanganisa nabantu abayizibonelo abanesimo sengqondo esakhayo kuyindlela yokulisebenzisa kahle ithonya lontanga.

Kunjalo nasebandleni lobuKristu, ngoba ithonya lontanga elakhayo lingesinye sezizathu ezenza ukuba uJehova ayale abantu bakhe ukuba bahlangane ndawonye njalo. UNkulunkulu usinxusa ukuba ‘sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle futhi sikhuthazane.’ (Heberu 10:24, 25) Isikhuthazo esinjalo sibalulekile ngenxa yamathonya amabi nalimazayo agcwele ezweni lanamuhla. Ngenxa yala mathonya, amaKristu kudingeka ‘azikhandle ngamandla’ ukuze ahlale eqinile ngokomoya. (Luka 13:24) Ngakho siyakudinga futhi siyakwazisa ukusekela kothando kwalabo esikholwa nabo. Ngaphezu kwalokho, kungenzeka abanye bakhuthazelela ‘ameva enyameni,’ mhlawumbe ukugula noma ukukhubazeka. (2 Korinte 12:7) Abanye kungenzeka balwa kanzima ukuze banqobe imikhuba emibi noma ukucindezeleka, noma bangase bakuthole kunzima ukubhekana nezingcindezi zokuphila. Ngakho-ke, siyobe sihlakaniphile uma sizihlanganisa nabantu abahlala beseduze noJehova uNkulunkulu nabakujabulelayo ukumkhonza. Ontanga abanjalo bayosivuselela futhi basisize ukuba ‘sikhuthazele ngokwethembeka kuze kube sekupheleni.’—Mathewu 24:13.

Khona-ke, uma sikhetha ontanga abafanele singakwazi ukuyilawula indlela abasithonya ngayo. Ngaphezu kwalokho, ukudla okwakhayo okungokomoya nesiqondiso esisebenzayo esisithola emihlanganweni yobuKristu kuqinisa isikhuthazo esisithola kontanga.

Yiqiniso, ukuya emihlanganweni yobuKristu akulula ngaso sonke isikhathi. Abanye kungenzeka ukuthi abakutholi ukusekela kwabangane babo bomshado, abanye banezingane okudingeka bazilungise kanti abanye bangase babe nenkinga yezinto zokuhamba. Kodwa cabanga: Uma ungakuvumeli ukunqotshwa yilezi zithiyo, isibonelo sakho singakhuthaza abanye okungenzeka babhekene nezimo ezifanayo. Ngamanye amazwi, wena nabanye abanjengawe anibeki nje isibonelo esihle kuphela kodwa ninethonya lontanga elakhayo—futhi elingacindezeli nakancane.

Eqinisweni, umphostoli uPawulu, naye okwakudingeka abhekane nobunzima nezithiyo eziningi, wakhuthaza amaKristu ukuba alingise isibonelo sakhe esihle nesamanye amaKristu avuthiwe. Wathi: “Ngobunye yibani abalingisi bami, bafowethu, futhi niqaphele labo abahamba ngendlela evumelana nesibonelo eninaso esiyithi.” (Filipi 3:17; 4:9) AmaKristu okuqala aseThesalonika abheka isibonelo esihle sikaPawulu. Ekhuluma ngawo, uPawulu wabhala: “Naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, njengoba namukela izwi ngaphansi kosizi oluningi ngenjabulo yomoya ongcwele, kangangokuthi naba isibonelo kuwo wonke amakholwa eMakedoniya nase-Akhaya.” (1 Thesalonika 1:6, 7) Isimo sengqondo esiqondile nesibonelo sethu kungaba nethonya elifanayo kulabo esizihlanganisa nabo.

Gwema Amathonya Amabi

Uma sifuna ukugwema ithonya lontanga elingakhi, kumelwe simelane nethonya ‘lalabo abahamba ngokuvumelana nenyama.’ (Roma 8:4, 5; 1 Johane 2:15-17) Kungenjalo, ithonya lontanga elilimazayo liyosichezukisa kuJehova nasesiyalweni sakhe esihlakaniphile. IzAga 13:20 (NW) zithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Ingabe ukhona omaziyo okwamhambela kabi ngenxa yethonya lontanga elingakhi? Ngokwesibonelo, amanye amaKristu aye aholelwa ekuthandeni izinto ezibonakalayo, ekuziphatheni okubi noma ekusebenziseni kabi izidakamizwa noma uphuzo oludakayo ngenxa yethonya lontanga.

Ngisho nasebandleni lobuKristu, singabuswa yithonya lontanga elingakhi uma sikhetha abangane ababuthakathaka ngokomoya. (1 Korinte 15:33; 2 Thesalonika 3:14) Abanjalo abavamile ukuxoxa ngezinto ezingokomoya; bangase babahleke usulu ngisho nalabo abajabulela izingxoxo ezinjalo. Uma laba sibenza abangane bethu abaseduze, ithonya lontanga lingase lisilolonge sifane nabo, futhi ngokushesha singase sizithole sesicabanga futhi sesinesimo sengqondo esifana nesabo. Singase siqale ngisho nokubabukela phansi labo abanokholo oluqinile futhi abazama ukuthuthuka ngokomoya.—1 Thimothewu 4:15.

Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukuhlakulela ubungane nalabo abazama ukujabulisa uJehova, abajatshuliswa izinto ezingokomoya! Abangane abanjalo bayosisiza ukuba sibonise “ukuhlakanipha okuvela phezulu.” Loko kuhlakanipha “okokuqala kumsulwa, bese kuba okunokuthula, okunengqondo, okusheshayo ukulalela, okugcwele isihe nezithelo ezinhle, . . . okungazenzisi.” (Jakobe 3:17) Loku akusho ukuthi abantu abanomqondo ongokomoya abakwazi ukuxoxa nganoma yini enye ngaphandle kwezinto ezingokomoya. Akunjalo! Cabanga ngezihloko ezihlukahlukene ezithakazelisayo ezikhishwa ezincwadini ze-Watch Tower ezinjengomagazini i-Phaphama! Kunenqwaba yezihloko zezingxoxo ezakhayo, futhi ngokuba nesithakazelo ezihlokweni eziningi ezihlukahlukene, sibonisa ukuthi siyakuthanda ukuphila nomsebenzi wezandla zikaJehova.

Njengoba umdlali webhola lomphebezo onekhono ethuthukisa ikhono lakhe ngokudlala nabanye abadlali abanekhono, abangane abahle bayasiqinisa ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokomoya. Ngakolunye uhlangothi, abangane ababi bangasiholela enkambweni yobuzenzisi ngokusikhuthaza ukuba siphile ukuphila okumbaxa-mbili. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukujabulela unembeza ohlanzekile kanye nokuzihlonipha!

Abanye Abazuza

Abantu abaningi bathola ukuthi ukufunda izimfundiso zeBhayibheli nalokho elikufunayo ngokuziphatha nangokomoya akunzima. Nokho, ukuzisebenzisa lezi zinto yikona okungaba nzima. Ithonya lontanga elakhayo lingasisiza ukuba sikhonze uJehova ngomphefumulo wonke, njengoba izibonelo ezilandelayo zibonisa.

Omunye uFakazi osenkonzweni yesikhathi esigcwele kanye nomkakhe wathi izibonelo zontanga yakhe zathonya imigomo yakhe ekuphileni. Lapho esakhula, kwadingeka akhuthazelele amathonya angakhi. Kodwa wakhetha abangane ababemkhuthaza ukuba ashiseke enkonzweni futhi abe khona njalo emihlanganweni yobuKristu. Ukunamathela kulaba bangane kwamsiza wakhula ngokomoya.

Omunye uFakazi uyabhala: “Ngemva kokushada, mina nomkami sathuthela ebandleni elalinombhangqwana ongangathi owawungamaphayona avamile. Isibonelo sabo sasenza sangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Nathi sabe sesisebenzela ukwakha umoya wobuphayona ebandleni. Ngenxa yalokho, abaningi bahlanganyela kanye nathi ekubeni amaphayona.”

Ukuzihlanganisa nalabo abanemigomo engokwasezulwini kungakwenza kube lula ukulalela uJehova. Lesi esinye isici esenza ithonya lontanga elakhayo libe yinzuzo. UFakazi owaqala inkonzo yesikhathi esigcwele eseyinsizwa futhi kamuva waba umbonisi ojikelezayo, manje usekhonza kwelinye lamahhovisi amagatsha e-Watch Tower Society. Uyabhala: “Engikukhumbulayo nengikuthandayo ukuthi lapho ngiseyingane sasivakashelwa izinceku ezisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Kwakuhlale kunethuba lokuhlanganyela ukudla nothile. Omunye umbonisi wesifunda wangipha isikhwama sasensimini lapho ngineminyaka eyishumi ubudala. Namanje ngisasithanda leso sikhwama.”

Ekhumbula iminyaka yakhe esakhula, lo Fakazi uyanezela: “Izinsizwa eziningi ebandleni lethu zazifuna ukwenza imisebenzi yebandla, futhi isibonelo sazo savusa isifiso esifanayo nakithi.” Ontanga abakhayo basiza le nsizwa ukuba ikhule njengesithombo ibe yindoda engumKristu enjengomuthi omuhle. Bazali, ingabe niyabamemela ekhaya lenu labo abangaba nethonya elihle nelakhayo ezinganeni zenu?—Malaki 3:16.

Yiqiniso, akuthina sonke esingahlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele njengalaba bantu okusanda kukhulunywa ngabo. Kodwa sonke singafunda ukuthanda uJehova ‘ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo nengqondo.’ (Mathewu 22:37) Abangane esibakhethayo bafeza indima ebalulekile ekuhlakuleleni kwethu lolo thando futhi ngaleyo ndlela sihlakulele namathemba okuphila phakade esinawo.

Umhubi wanikeza indlela elula kodwa esebenzayo yokuphumelela ngempela ekuphileni: “Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo, kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho.”—IHubo 1:1-3.

Yeka isiqinisekiso esimangalisayo! Nakuba singaphelele futhi senza amaphutha, siyophumelela ekuphileni uma sivumela uJehova asiqondise futhi siwusebenzisa ngokugcwele lowo mthombo esiwunikezwe uNkulunkulu oyithonya lontanga elakhayo—okungukuthi, ‘yonke inhlangano yabafowethu ezweni.’—1 Petru 5:9.

[Isithombe ekhasini 24]

Ebandleni sithola ithonya elihle lontanga

[Isithombe ekhasini 25]

Bazali, khuthazani izingane zenu ukuba zizihlanganise nontanga abakhayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela