Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 7/15 kk. 26-28
  • Kunamagugu Aphilayo ENamibia!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kunamagugu Aphilayo ENamibia!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Ukuqalwa Kokumba Okungokomoya
  • Ukufika Kwezisebenzi Zesikhathi Esigcwele
  • Ukupholisha Amatshe Ayigugu
  • Isidingo Sabavukuzi Abangokomoya Abengeziwe
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 7/15 kk. 26-28

Kunamagugu Aphilayo ENamibia!

INAMIBIA icishe ibe ngamakhilomitha angu-1 500 ukugudla ugu oluseningizimu-ntshonalanga ye-Afrika. Lonke ugu lwalelo zwe lunezindunduma zesihlabathi, amagquma anamadwala nodedangendlale bamathafa amahhadlahhadla. Phakathi kwamatshe asogwini lwaseNamibia olunamatshana amancane kunamatshe ayigugu anayo yonke imibala ongayicabanga. Ngezinye izikhathi kutholakala ngisho nedayimane lapho. Kodwa leli zwe linokuthile okuyigugu kakhulu kunala matshe. INamibia inamagugu aphilayo—abantu bakhona bezizwe eziningi.

Izakhamuzi zokuqala zaseNamibia zazikhuluma izilimi ezazibizwa ngokuthi isiKhoisan. Inkulumo yazo yayaziwa ngemisindo yongwaqabathwa. Phakathi kwabantu abakhuluma isiKhoisan namuhla kunamaDamara ansundu, abantu abampofu ngebala abancane ngomzimba ababizwa ngokuthi amaNama naBathwa abadume ngokuba abazingeli. Kunezizwe eziningi zabansundu eziye zangena eNamibia emakhulwini amuva nje eminyaka. Lezi zenza amaqembu amathathu ezizwe ayinhloko: ama-Ovambo (iqembu elikhulu kunawo wonke eNamibia), amaHerero namaKavango. AbeLungu baqala ukuzinza eNamibia phakathi nekhulu le-19. Kwafika abantu abengeziwe bakwamanye amazwe ngemva kokutholakala kwedayimane esihlabathini sasogwadule.

Izakhamuzi zaseNamibia ziyigugu ngoba ziyingxenye yesintu uNkulunkulu anikela ngeNdodana yakhe ngenxa yaso, ngaleyo ndlela evula indlela yokuzuza ukuphila okumi phakade. (Johane 3:16) Amakhulukhulu abantu baseNamibia abavela ezizweni eziningi aseye asabela kakade esigijimini sensindiso. Laba bangafaniswa namatshe ayigugu aphilayo ngoba baphakathi ‘kokunxanelekayo kwabo bonke abezizwe’ manje okuqoqelwa endlini kaJehova yokukhulekela.—Hagayi 2:7.

Ukuqalwa Kokumba Okungokomoya

Kwakungo-1928 lapho kwaqalwa khona ukumbiwa kwamatshe ayigugu angokomoya aseNamibia. Ngalowo nyaka igatsha le-Watch Tower Society laseNingizimu Afrika lathumela izincwadi zeBhayibheli ezingu-50 000 kubantu ababesakazeke kulo lonke lelo zwe. Ngonyaka olandelayo umKristu ogcotshiwe waseNingizimu Afrika okwakuthiwa nguLenie Theron walandelela isithakazelo esasibonisiwe. Lona wesifazane wasijikeleza sonke lesi sithabathaba sezwe eyedwa ngezinyanga ezine, wahambisa izinsiza-kufunda zeBhayibheli ezingaphezu kuka-6 000 ngesiBhunu, isiNgisi nesiJalimane. Ngokuqinisekile, wonke lo msebenzi awuzange ube yize.

Ngokwesibonelo, cabanga ngoBernhard Baade umJalimane owayesebenza emayini. Ngo-1929 njalo wayethola amaqanda kumlimi owayesonga iqanda ngalinye ngekhasi lencwadi ye-Watch Tower Society. UBernhard wayefunda ikhasi ngalinye ngokulangazelela, ezibuza ukuthi ngubani owayebhale le ncwadi. Ekugcineni wathola ikhasi lokugcina, elanikeza ikheli le-Watch Tower Society laseJalimane. UBernhard wabhalela khona ukuze athole izincwadi ezengeziwe futhi waba umuntu wokuqala waseNamibia owamelela iqiniso.

Ukufika Kwezisebenzi Zesikhathi Esigcwele

Ngo-1950, kwafika izithunywa zevangeli ezine eNamibia ezaziqeqeshwe eWatchtower Bible School of Gilead. Inani lezithunywa zevangeli landa lafika ku-8 ngo-1953. Zazihlanganisa uDick noCoralie Waldron, umbhangqwana oshadile wase-Australia osakhonza ngokwethembeka. Kunabaningi abanye abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele baseNingizimu Afrika naphesheya abaye bahlanganyela ekumbeni amatshe ayigugu angokomoya aseNamibia. Kuye kwathunyelwa nezinye izithunywa zevangeli eNamibia kanye nabaneziqu zeSikole Sokuqeqeshela Inkonzo.

Esinye isici esiye sasiza ukuba kube nokwanda okungokomoya eNamibia kuye kwaba ukuhunyushwa nokunyatheliswa kwezincwadi zeBhayibheli ngezilimi zendawo eziyinhloko, njengesiHerero, isiKwangali, isiKwanyama, isiNama/Damara nesiNdonga. Kusukela ngo-1990, kuye kwaba nehhovisi elihle lokuhumusha nekhaya lezisebenzi zokuzithandela zesikhathi esigcwele enhloko-dolobha, iWindhoek. UKaren Deppisch oye wahlanganyela nomyeni wakhe emsebenzini wokushumayela ivangeli isikhathi esigcwele ezingxenyeni ezihlukahlukene zeNamibia, uthi: “Abaningi bayamangala lapho sibahambisela izincwadi ngezilimi zabo, ikakhulukazi lapho kunezincwadi ezimbalwa kakhulu zanoma iluphi uhlobo ngalolo limi.”

Ukupholisha Amatshe Ayigugu

Amanye amagugu angokoqobo aseNamibia aye apholishwa ukugubha kwamagagasi nesihlabathi phakathi nezinkulungwane zeminyaka. Kodwa kuyiqiniso ukuthi inqubo enjalo yemvelo ayikwazi ukukhiqiza amatshe ayigugu aphilayo. Kudinga umzamo ukuba abantu abangaphelele ‘balahle ubuntu obudala’ futhi bagqoke ubuntu obusha obunjengobukaKristu. (Efesu 4:20-24) Ngokwesibonelo, ukuhlonishwa kokhokho asebafa kuyisiko elinamandla ezizweni eziningi zaseNamibia. Labo abangabakhulekeli okhokho bavame ukushushiswa amalungu emikhaya yabo nawomakhelwane. Lapho abantu befunda eBhayibhelini ukuthi abafileyo “abazi lutho,” babhekana novivinyo. (UmShumayeli 9:5) Ngayiphi indlela?

UFakazi ongumHerero uyachaza: “Kwakuyinselele enkulu ukulalela iqiniso. Ngavuma ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, kodwa kwangithatha isikhathi ukukusebenzisa lokho engangikufunda. Okokuqala, kwadingeka ngihlole ukuthi kwakuyoba okuphephile yini ukungazihloniphi izinkolelo ezingokwesiko. Ngokwesibonelo, ngangiye ngihambe ngemoto ngidlule izindawo ezithile eNamibia ngingazange ngime ngibeke itshe ethuneni noma ngiphakamise isigqoko ngibingelele abangasekho. Kancane, kancane, ngaqiniseka ukuthi akukho lutho olwalungangehlela uma ngingabakhulekeli okhokho asebafa. Yeka indlela engijabula ngayo ngokuthi uJehova uye wayibusisa imizamo yami yokusiza umkhaya wami nabanye abathakazelayo ukuba bafunde iqiniso!”

Isidingo Sabavukuzi Abangokomoya Abengeziwe

Ngaphambi kokufika kwezithunywa zevangeli ngo-1950, kwakunommemezeli wezindaba ezinhle oyedwa kuphela eNamibia. Lelo nani liye laqhubeka landa laze lafinyelela inani eliphakeme labangu-995. Nokho, kusenomsebenzi omkhulu okusadingeka wenziwe. Eqinisweni, kusenezindawo ezingakathintwa. Ingabe ungakwazi ukukhonza lapho indingeko yabamemezeli boMbuso abashisekayo inkulu khona? Khona-ke, siza uwelele eNamibia usisize sithole futhi sipholishe amatshe ayigugu engeziwe angokomoya.—Qhathanisa nezEnzo 16:9.

[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 26]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

I-AFRIKA

INAMIBIA

[Izithombe]

INamibia iyizwe elinamatshe ayigugu amahle

[Imithombo]

Maps: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.; Diamonds: Courtesy Namdek Diamond Corporation

[Izithombe ekhasini 26]

Ungakwazi yini ukukhonza lapho indingeko yabamemezeli boMbuso inkulu khona?

[Isithombe ekhasini 28]

Izindaba ezinhle zishunyayelwa kuzo zonke izinhlanga zaseNamibia

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela