Imibuzo Evela Kubafundi
Abanye oFakazi BakaJehova baye bathenjiswa ukunikwa imisebenzi ehilela izakhiwo noma indawo yenkolo. Uyini umbono ongokomBhalo ngomsebenzi onjalo?
AmaKristu, akufuna ngobuqotho ukusebenzisa eyoku-1 Thimothewu 5:8 egcizelela ukubaluleka kokuba umuntu ondle abendlu yakhe ngokwezinto ezibonakalayo, angase abhekane nalolo daba. Nakuba ngokuqinisekile amaKristu kufanele asisebenzise leso seluleko, lokho akuwanikezi isizathu sokwamukela noma imuphi umsebenzi wokuziphilisa, kungakhathaliseki ukuthi owaluphi uhlobo. AmaKristu ayasiqaphela isidingo sokucabangela nezinye izinto eziyintando kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, isifiso sendoda sokondla umkhaya wayo ngeke kube isizathu sokuba ingakulaleli lokho okushiwo iBhayibheli ngokuziphatha okubi noma ukubulala. (Qhathanisa noGenesise 39:4-9; Isaya 2:4; Johane 17:14, 16.) Kubalulekile nokuba amaKristu enze ngokuvumelana nomyalo wokuphuma eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga.—IsAmbulo 18:4, 5.
Emhlabeni wonke, izinceku zikaNkulunkulu zibhekana nezimo ezihlukahlukene eziphathelene nomsebenzi wokuziphilisa. Kuyoba okungenangqondo futhi okungalé kwegunya lethu ukuzama ukwenza uhlu lwazo zonke izinto ezingase zenzeke bese senza imithetho engaguquki. (2 Korinte 1:24) Nokho, ake siphawule ezinye izici amaKristu okufanele azicabangele lapho enza izinqumo zawo ngokuphathelene nomsebenzi wokuziphilisa. Lezi zici zaphawulwa kafushane kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 1983, esihlokweni esasikhuluma ngokuzuza kunembeza esiwunikwe uNkulunkulu. Ibhokisi laphakamisa imibuzo emibili eyisihluthulelo labe selibala nezinye izici eziwusizo.
Umbuzo wokuqala oyisihluthulelo yilona: Ingabe iBhayibheli liyawulahla lowo msebenzi wokuziphilisa ngokwawo? Iphawula kulokhu, INqabayokulinda yathi iBhayibheli liyakulahla ukweba, ukusetshenziswa kabi kwegazi nokukhonza izithombe. UmKristu kufanele agweme umsebenzi wokuziphilisa ozisekela ngokuqondile izinto uNkulunkulu azilahlayo, njengalezo ezisanda kubalwa.
Umbuzo wesibili uthi: Ingabe ukwenza lo msebenzi kungenza umuntu abe umlekeleli emkhubeni olahlwayo? Ngokusobala, umuntu oqashwe esikhungweni sokugembula, emthola-mpilo wokukhipha izisu noma endlini yezifebe uyoba umlekeleli emkhubeni ongavumelekile ngokomBhalo. Ngisho noma umsebenzi wakhe wansuku zonke lapho uwukushanela nje phansi noma ukuphendula ucingo, uyobe enikela emkhubeni olahlwa iZwi likaNkulunkulu.
AmaKristu amaningi aye abhekana nezinqumo eziphathelene nomsebenzi wokuziphilisa aye athola ukuthi ukuhlaziya leyo mibuzo nje kuwasiza ukuba afinyelele izinqumo zawo.
Ngokwesibonelo, kuleyo mibuzo emibili, umuntu angakwazi ukubona ukuthi kungani abakhulekeli beqiniso bengenakuqashwa ngokuqondile enhlanganweni yenkolo yamanga, basebenzele isonto futhi basebenzele kulo. IsAmbulo 18:4 sinomyalo othi: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo.” Umuntu uyobe uhlanganyela emisebenzini nasezonweni zeBabiloni Elikhulu uma eyisisebenzi sasikhathi sonke senkolo efundisa ukukhulekela kwamanga. Kungakhathaliseki ukuthi oqashiwe usebenza engadini, uyahlanza, ulungisa izinto noma ubala izimali, umsebenzi wakhe wenzelwa ukuthuthukisa ukukhulekela okungqubuzana nenkolo yeqiniso. Ngaphezu kwalokho, abantu abayobona lesi sisebenzi senza isonto libukeke kahle, silungisa izinto ezidinga ukulungiswa, noma senze imisebenzi yalo yenkolo bayosihlobanisa ngokufanelekile naleyo nkolo.
Nokho, kuthiwani ngomuntu ongesona isisebenzi sasikhathi sonke sesonto noma inhlangano yenkolo? Mhlawumbe ubizelwa umsebenzi ophuthumayo wokulungisa amapayipi amanzi onakele engxenyeni engaphansi yesonto. Ingabe lokho ngeke yini kube okuhlukile kunokufaka isicelo sokwenza umsebenzi, onjengokufulela noma ukuvala izimbobo ophahleni lwesonto?
Nalapho, ziningi izimo ezingase zicatshangelwe. Ngakho ake sibukeze izici ezinhlanu ezengeziwe INqabayokulinda eyaziphawula:
1. Ingabe lowo msebenzi umane nje uwukukhonza abantu okunganqatshelwe ngokomBhalo? Cabangela isibonelo somuntu weposi. Ukudiliva kwakhe iposi ngeke ngempela kusho ukuthi ubethuthukisa umkhuba olahlwayo uma esinye sezakhiwo adiliva kuzo endaweni ethile bekungesesonto noma umthola-mpilo wokukhipha izisu. UNkulunkulu unikeza ukukhanya kwelanga okungena emafasiteleni azo zonke izakhiwo, kuhlanganise nawesonto noma omthola-mpilo onjalo. (IzEnzo 14:6, 17) UmKristu odiliva iposi angase aphethe ngokuthi wenza umsebenzi wokukhonza bonke abantu, usuku ngalunye. Kungaba okufanayo nangomKristu osabela esimweni esiphuthumayo—umuntu osebenza ngamapayipi amanzi obizelwe ukuzovimba ukugeleza kwamanzi esontweni noma osebenza ngama-ambulensi obizelwa ukuzokwelapha othile oye wawa phakathi nezinkonzo zesonto. Angase abheke lokhu njengesenzakalo esithuke savela sokusiza abantu.
2. Lowo muntu unegunya elingakanani ezintweni ezenziwayo? Umnini-sitolo ongumKristu ngeke neze avume uku-oda futhi athengise izithombe, amakhubalo, ugwayi noma amasoseji enziwe ngegazi. Njengomnini-sitolo uyalawula. Abantu bangase bamnxuse ukuba athengise ugwayi noma izithombe ukuze athole inzuzo, kodwa uyokwenza ngokuvumelana nezinkolelo zakhe ezingokomBhalo. Ngakolunye uhlangothi, umKristu oqashwe esitolo esikhulu sokudla angase abelwe ukushaya umshini, ukupholisha phansi noma ukubala izimali. Akalawuli ukuthi iziphi izinto ezi-odwayo nezithengiswayo, ngisho noma ezimbalwa zalezi zinto zenqatshelwe, njengogwayi noma izinto zamaholide enkolo.a (Qhathanisa noLuka 7:8; 17:7, 8.) Lokhu kuhlobene nephuzu elilandelayo.
3. Umuntu uhileleke ngezinga elingakanani? Ake sibuyele esibonelweni sesitolo. Cishe isisebenzi esabelwe ukushaya umshini noma ukupakisha amashalofu sisebenza ngezikhathi ezithile nje ngogwayi noma ngezinto zenkolo; futhi lokho kuyingxenye encane yawo wonke umsebenzi waso. Nokho, yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani esisebenzini sasesitolo esifanayo esisebenza endaweni kagwayi! Umsebenzi waso wonke, usuku ngalunye, ugxile kokuthile okungqubuzana nezinkolelo zobuKristu. (2 Korinte 7:1) Lokhu kubonisa ukuthi kungani izinga umuntu ahileleke ngalo noma athintana ngalo nokuthile kumelwe lihlaziywe lapho kwenziwa isinqumo esihilela umsebenzi wokuziphilisa.
4. Livelaphi iholo noma wenzelwaphi umsebenzi? Cabangela izimo ezimbili. Ukuze umthola-mpilo okhipha izisu uthuthukise indlela obhekwa ngayo ngumphakathi, unquma ukukhokhela umuntu ukuba ahlanze imigwaqo yendawo. Iholo lakhe livela emthola-mpilo wokukhipha izisu, kodwa akasebenzeli lapho, futhi akekho ombona ekulo mthola-mpilo usuku lonke. Kunalokho, ubonakala enza umsebenzi womphakathi ongangqubuzani nemiBhalo ngokwawo, kungakhathaliseki ukuthi ukhokhelwa ngubani. Manje nakhu okuhlukile. Ezweni lapho ubufebe bugunyazwe ngokomthetho khona, abenkonzo yezempilo yomphakathi bakhokhela umhlengikazi ukuba ayosebenza endlini yezifebe, azixilonge ukuze kuncishiswe ukusakazeka kwezifo ezithathelwana ngobulili. Nakuba ekhokhelwa abenkonzo yezempilo yomphakathi, umsebenzi wakhe usezindlini zezifebe ngokuphelele, enza ukuziphatha okubi kube okuphephile nokwamukeleka ngokwengeziwe. Lezi zibonelo zibonisa ukuthi kungani kuyisici okufanele sicatshangelwe ukuthi livelaphi iholo lomuntu kanye nendawo umsebenzi owenzelwa kuyo.
5. Uyini umphumela wokwenza lowo msebenzi; ingabe uyolimaza unembeza wakho noma ukhubekise abanye? Kufanele ucatshangelwe unembeza, owethu nowabanye. Ngisho noma umsebenzi othile (kuhlanganise indawo owenzelwa kuyo nomthombo weholo) ubonakala wamukeleka emaKristwini amaningi, othile angase abe nomuzwa wokuthi lokho kuyowukhathaza unembeza wakhe. Umphostoli uPawulu, owabeka isibonelo esihle, wathi: “Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Heberu 13:18) Kufanele sigweme ukwenza umsebenzi oyosishiya siphazamisekile; kanti futhi kufanele singabagxeki abanye abanonembeza abahlukile. Ngokuphambene, umKristu angase angaboni lutho olungqubuzana neBhayibheli ekwenzeni kwakhe umsebenzi othile, kodwa aqaphele ukuthi kungase kubaphazamise kakhulu abaningi ebandleni nasemphakathini. UPawulu wabonisa isimo sengqondo esifanele emazwini akhe athi: “Nangayiphi indlela asinikezi sizathu sokukhubeka, ukuze inkonzo yethu ingatholakali inephutha; kodwa ngazo zonke izindlela sizitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu.”—2 Korinte 6:3, 4.
Manje ake sibuyele emuva embuzweni oyinhloko wokusebenza esakhiweni sesonto, njengokufaka amafasitela amasha, ukuhlanza ukhaphethi noma ukulungisa iziko. Zingase zihlanganiswe kanjani izici ezingenhla?
Khumbula isici segunya. Ingabe umKristu ungumnikazi noma umqondisi onganquma ukuthi angawuthatha yini umsebenzi onjalo wasesontweni? Ingabe umKristu onalelo gunya angathanda ukuhlanganyela neBabiloni Elikhulu ngokufaka isicelo sokusebenza noma ukwenza isivumelwano sokusiza inkolo ethile ekuthuthukiseni ukukhulekela kwamanga? Ingabe lokho ngeke yini kufane nokunquma komuntu ukuthengisa ugwayi noma izithombe esitolo sakhe?—2 Korinte 6:14-16.
Uma umKristu eyisisebenzi esingenazwi esinqumweni sokuthi yimiphi imisebenzi ethathwayo, kufanele acabangele ezinye izici, njengendawo nezinga lokuhileleka kwakhe. Ingabe isisebenzi sicelwe ngesikhathi esithile ukuba sihambise nje noma sifakele izihlalo ezintsha noma ukuba senze umsebenzi wokukhonza abantu, njengomcimi womlilo ozocisha umlilo esontweni ngaphambi kokuba ubhebhetheke? Abaningi lokhu bangakubheka njengokuhlukile esisebenzini sebhizinisi esichitha isikhathi eside sipenda isonto noma sivame ukwenza ingadi ukuze ikhange. Ukuthintana njalo noma isikhathi eside kangako kungandisa ithuba lokuba abaningi bahlobanise umKristu nenkolo athi akavumelani nayo futhi kungenzeka kubakhubekise.—Mathewu 13:41; 18:6, 7.
Sesiveze izici eziningana ezibalulekile ezingacatshangelwa ngokuphathelene nomsebenzi. Lezi zici zahlanganiswa emongweni wombuzo othile owawuhilela inkolo yamanga. Kanti zingacatshangelwa ngendlela efanayo ngokuphathelene nolunye uhlobo lomsebenzi. Esimweni ngasinye, kufanele kuhlaziywe ngomthandazo, kucatshangelwa izici ezikhethekile—mhlawumbe ezihlukile—zesimo okubhekenwe naso. Izici ezinikezwe ngenhla sezisize amaKristu amaningi aqotho ukuba enze izinqumo eziqondiswa unembeza ezibonisa isifiso sawo sokuhamba aqonde phambi kukaJehova.—IzAga 3:5, 6; Isaya 2:3; Heberu 12:12-14.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amaKristu asebenza ezibhedlela kuye kwadingeka alicabangele leli phuzu legunya. Udokotela angase abe negunya loku-oda imithi yesiguli noma ayale ukuba selashwe ngezinqubo ezithile zokwelapha. Ngisho noma isiguli singenandaba, udokotela ongumKristu osegunyeni angayala kanjani ukuba kumpontshelwe igazi noma akhiphe isisu, azi ukuthi lithini iBhayibheli ngalezo zinto? Ngokuphambene, umhlengikazi oqashwe esibhedlela angase angabi nalo igunya elinjalo. Njengoba enza izinkonzo ezivamile, udokotela angase amyale ukuba ahlole igazi ngenjongo ethile noma anakekele isiguli esizokhipha isisu. Ngokuvumelana nesibonelo esilotshwe kweyesi-2 AmaKhosi 5:17-19, angase aphethe ngokuthi njengoba kungeyena onegunya lokuyala ukuba kumpontshelwe igazi noma kukhishwe isisu, angase enzele isiguli izinkonzo ezenzelwa abantu. Yiqiniso, kusengadingeka acabangele unembeza wakhe, ukuze ‘aziphathe ngonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu.’—IzEnzo 23:1.