Iminyaka Engaphezu Kwengu-40 Singaphansi Kokuvinjelwa AmaKhomanisi
NJENGOBA ILANDISWA UMIKHAIL VASILEVICH SAVITSKII
INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-April 1, 1956, yabika ukuthi kwenziwa “ukukhucululwa okukhulu” koFakazi BakaJehova ngo-April 1, 7 no-8, 1951. “Lezi izinsuku oFakazi BakaJehova baseRussia abangeke bazikhohlwe,” kuchaza le Nqabayokulinda. “Ngalezi zinsuku ezintathu bonke ofakazi bakaJehova ababetholakala eNtshonalanga Ukraine, eWhite Russia [eBelarus], eBessarabia, eMoldavia, eLatvia, eLithuania nase-Estonia—abesilisa nabesifazane abangaphezu kwezinkulungwane eziyisikhombisa . . . babelayishwa emakalishini, bayiswe eziteshini zezitimela futhi uma befika lapho, bafakwe ezinqoleni zezinkomo bethunyelwa kude.”
NGO-APRIL 8, 1951, umkami, indodana yami enezinyanga ezingu-8 ubudala, abazali bami, umfowethu omncane nabanye oFakazi abaningi bathathwa emakhaya abo aseTernopol’, e-Ukraine nasezindaweni ezizungezile. Ngemva kokulayishwa ezinqoleni zezinkomo, bahamba cishe amasonto amabili. Ekugcineni, behliswa ehlathini laseSiberia (elinjengelangaphandle kwezindawo ezibanda kakhulu) entshonalanga yeLake Baikal.
Kungani ngangingekho kulokhu kukhuculula? Ngaphambi kokuba ngichaze ukuthi ngangikuphi ngaleso sikhathi nokuthi kwenzekani ngathi sonke ngemva kwalokho, ake nginitshele ukuthi ngaba kanjani omunye woFakazi BakaJehova.
Iqiniso LeBhayibheli Lifinyelela Kithi
Ngo-September 1947, lapho ngineminyaka engu-15 kuphela ubudala, oFakazi BakaJehova ababili bafika ekhaya edolobhaneni laseSlaviatin, cishe elisebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-50 ukusuka eTernopol’. Njengoba mina nomama sasihleli silalele laba bantu abasha—omunye wabo okwakunguMaria—ngezwa ukuthi le nkolo yayihlukile. Bachaza inkolo yabo futhi baphendula imibuzo yethu yeBhayibheli ngendlela ecacile.
Ngangikholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, kodwa ngangidunyazwe isonto. Umkhulu wayevame ukuthi: “Abapristi besabisa abantu ngenkulumo yokuhlushwa esihogweni somlilo, kodwa bona abapristi abesabi lutho. Bamane baphange futhi bakhohlise abampofu.” Ngiyazikhumbula izenzo zobudlova nezokucekela phansi ezazenziwa ezakhamuzini ezazikhuluma isiPolishi ezazihlala edolobhaneni esasihlala kulo ekuqaleni kweMpi Yezwe II. Okushaqisayo ukuthi lokhu kuhlasela kwakuhlelwe umpristi wamaKatolika ongumGreki. Ngemva kwalokho ngabona izisulu eziningi zibulawa, futhi ngangifisa kakhulu ukwazi isizathu sonya olunjalo.
Lapho ngifunda iBhayibheli noFakazi, ngaqala ukuqonda. Ngafunda amaqiniso ayisisekelo eBhayibheli, kuhlanganise neqiniso lokuthi asikho isihogo esivuthayo nokuthi uSathane uDeveli usebenzisa inkolo yamanga ukuze athuthukise impi nokuchithwa kwegazi. Njalo ngemva kwesikhathi esithile, ngangima kancane phakathi nesifundo sami siqu ngibonge uJehova ngomthandazo osuka enhliziyweni ngalokho engangikufunda. Ngaqala ukuhlanganyela lawa maqiniso eBhayibheli nomfowethu omncane uStakh, futhi ngajabula kakhulu lapho ewamukela.
Ukusebenzisa Engangikufunda
Ngaqaphela isidingo sokuba ngenze ushintsho futhi ngayeka ngokushesha ukubhema. Ngaqonda nesidingo sokuhlangana njalo nabanye ukuze sitadishe iBhayibheli ngendlela ehlelekile. Ukuze ngenze lokhu, ngangihamba ehlathini amakhilomitha angaba yishumi ukuze ngifike endaweni eyimfihlo lapho imihlangano yayiqhutshelwa khona. Ngezinye izikhathi kwakufika abesifazane abambalwa nje emhlanganweni, futhi nakuba ngangingakabhapathizwa, ngangicelwa ukuba ngiwuqhube.
Kwakuyingozi ukuba nezincwadi zeBhayibheli, futhi ukubanjwa nazo kwakungaphumela ekugwetshweni iminyaka efinyelela kwengu-25 ejele. Noma kunjalo, ngangifisa ukuba nowami umtapo wezincwadi. Omunye womakhelwane bethu wayefunde noFakazi BakaJehova, kodwa ngenxa yokwesaba wayeka futhi wagqiba izincwadi zakhe engadini yakhe. Yeka indlela engambonga ngayo uJehova lapho le ndoda imba lapho yayigqibe khona lezi zincwadi nomagazini futhi ivuma ukuba ngizithathe! Ngazifihla endlini kababa yezinyosi, lapho abanye babengeke bathambekele ekucingeni khona.
Ngo-July 1949, nganikezela ukuphila kwami kuJehova futhi ngabhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwami. Kwakuwusuku olujabulisa kunazo zonke ekuphileni kwami. UFakazi owayeqhuba lolu bhapathizo oluyimfihlo wagcizelela ukuthi akulula ukuba umKristu weqiniso nokuthi kwakunezilingo eziningi ezaziseza. Ngokushesha ngayibona indlela amazwi akhe ayeyiqiniso ngayo! Nokho, ukuphila kwami njengoFakazi obhapathiziwe kwaqale kwajabulisa. Ngemva kwezinyanga ezimbili ngibhapathiziwe, ngashada noMaria, omunye wababili abafundisa mina nomama iqiniso.
Ukulingwa Kwami Kokuqala Kwafika Ngingazelele
Ngo-April 16, 1950, ngangibuyela ekhaya ngivela edolobhaneni lasePodgaitsi lapho amasosha eza kimi ngokungazelelwe futhi ethola izincwadi zeBhayibheli engangiya nazo esifundweni sethu seqembu. Ngaboshwa. Ezinsukwini zokuqala ezimbalwa ngisejele, ngashaywa ngenduku futhi ngenqatshelwa ukuba ngidle noma ngilale. Ngayalwa nokuba ngilokhu ngiqoshama ngisukuma izikhathi eziyikhulu ngibeke izandla ekhanda, okwakunzima kakhulu ukukwenza ngikuqede. Ngemva kwalokho ngagqunywa amahora angu-24 egunjini elingaphansi kwendlu elibandayo neliswakeme.
Injongo yokuphathwa kabi kwami yayiwukungenza ngithambe bese kuba lula ukuthola ukwaziswa kimi. Babuza: “Uzitholephi lezi zincwadi, futhi ubuziyisa kubani?” Ngenqaba ukuveza nokuncane nje. Ngabe sengifundelwa ingxenye yomthetho engangizoquliswa icala ngokusekelwe kuyo. Yayithi ukusakaza nokugcina izincwadi ezingavumelekile eSoviet kwakunesijeziso sokufa noma iminyaka engu-25 ejele.
“Ungakhetha siphi isijeziso?” bebuza.
“Asikho engingasikhetha,” ngiphendula, “kodwa ithemba lami likuJehova, futhi ngosizo lwakhe, ngizokwamukela noma yini ayivumelayo.”
Ngamangala lapho ngemva kwezinsuku ezingu-7 bengidedela ukuba ngihambe. Lokho engabhekana nakho kwangisiza ngaqonda ukuba yiqiniso kwesithembiso sikaJehova esithi: “Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.”—Heberu 13:5.
Lapho ngibuyela ekhaya, ngangigula kakhulu, kodwa ubaba wangiyisa kudokotela, ngalulama ngokushesha. Nakuba ubaba ayengenazo izinkolelo ezingokwenkolo ezinjengezawo wonke umkhaya, wayesisekela ekukhulekeleni kwethu.
Ukuboshwa Nokudingiswa
Ngemva kwezinyanga ezithile, ngabuthelwa enkonzweni yezempi yaseSoviet. Ngachaza ukungavumelani kwami nalokho ngenxa kanembeza. (Isaya 2:4) Noma kunjalo, ngo-February 1951, ngagwetshwa iminyaka emine futhi ngathunyelwa ejele laseTernopol’. Kamuva ngathuthelwa ejele laseL’viv, edolobheni elikhudlwana eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-120. Lapho ngisejele, ngezwa ukuthi oFakazi abaningi babedingiselwe eSiberia.
Ehlobo lika-1951, iqembu lethu lathunyelwa ngalé kweSiberia, eMpumalanga Ekude. Sahamba inyanga yonke—amakhilomitha angaba ngu-11 000—seqa imingcele engu-11 yezindawo ezinesikhathi esihlukile! Kukanye nje kuphela, ngemva kwesikhathi esingaphezu kwamasonto amabili sisesitimeleni, lapho sema khona endaweni esavunyelwa kuyo ukuba sigeze. Kwakuyindawo yokugeza enkulu yomphakathi eNovosibirsk, eSiberia.
Lapho, ngiphakathi kwesixuku esikhulu seziboshwa, ngezwa indoda isho imemeza ithi: “Ubani lapha ongowomkhaya kaJonadaba?” Ngaleso sikhathi igama elithi “Jonadaba” lalisetshenziswa kulabo abanethemba lokuphila okumi phakade emhlabeni. (2 AmaKhosi 10:15-17; IHubo 37:11, 29) Ngokushesha iziboshwa eziningana zaziveza njengoFakazi. Yeka injabulo esabingelelana ngayo!
Umsebenzi Ongokomoya Ejele
Lapho siseseNovosibirsk savumelana ngegama esasizobizana ngalo lapho sesifike lapho siya khona. Sonke saba sekamu lejele elifanayo oLwandle LwaseJapane, kude buduze neVladivostok. Lapho, sahlela imihlangano yasikhathi sonke yokutadisha iBhayibheli. Ukuba nalaba bazalwane abadala abavuthiwe ababegwetshwe isikhathi eside ejele kwangiqinisa ngempela ngokomoya. Babeshintshana ekuqhubeni imihlangano yethu, besebenzisa amavesi eBhayibheli futhi bexoxa ngamaphuzu ababewakhumbula komagazini INqabayokulinda.
Kwakubuzwa imibuzo, futhi abazalwane bephendula. Abaningi bethu babedabula amaphepha emasakeni kasimende sibhale amaphuzu alokho ababekusho. Sasiwalondoloza lawo maphuzu futhi siwahlanganise ndawonye ukuze siwasebenzise njengomtapo womuntu siqu. Ngemva kwezinyanga ezithile, labo ababegwetshwe isikhathi eside bathunyelwa emakamu asenyakatho ekude yeSiberia. Sobathathu thina esasingabazalwane abasebancane, sayiswa eNakhodka, edolobheni eliseduze elisebangeni elingamakhilomitha angu-650 ukusuka eJapane. Ngachitha iminyaka emibili ejele lalapho.
Ngezinye izikhathi sasithola ikhophi ye-Nqabayokulinda. Yayiba ukudla kwethu okungokomoya izinyanga eziningana. Ngokuhamba kwesikhathi, sathola nezincwadi esasizibhalelwe. Eyokuqala engayithola eyayivela emkhayeni wami (manje owawusekudingisweni) yangenza ngafikelwa izinyembezi. Yayilandisa ukuthi amakhaya oFakazi ayehlaselwe futhi imikhaya yanikwa amahora amabili kuphela ukuba imuke, njengoba kuchazwe kuyi-Nqabayokulinda ecashunwe esingenisweni.
Ukuba Nomkhaya Wami Futhi
Ngadedelwa ngo-December 1952, ngemva kokudonsa iminyaka emibili eminyakeni emine engangigwetshwe yona. Ngaya lapho umkhaya wami wawudingiselwe khona edolobhaneni laseGadaley eduze naseTulun, eSiberia. Yiqiniso, kwakumnandi ukuphinde ngibe nawo—indodana yami u-Ivan yayithi ayibe neminyaka emithathu, futhi indodakazi yami u-Anna yayicishe ibe neminyaka emibili. Nokho, inkululeko yami yayilinganiselwe. Incwadi yami yokungena kwelinye izwe yathathwa iziphathimandla zendawo, futhi ngaqashwa ngeso elibukhali. Ngangingavunyelwe ukuhamba ibanga elingaphezu kwamakhilomitha amathathu ukusuka ekhaya. Kamuva, ngavunyelwa ukuba ngihambe ngehhashi ngiye emakethe eTulun. Ngiqaphile, ngangihlangana noFakazi esikanye nabo lapho.
Ngaleso sikhathi, sase sinamadodakazi amabili, u-Anna noNadia nabafana ababili, u-Ivan noKolya. Ngo-1958, sathola enye indodana, uVolodya. Futhi kamuva, ngo-1961, saba nenye indodakazi, uGalia.
I-KGB (inhlangano yezokuphepha kahulumeni wangaphambili) yayivame ukungivalela ingiphenye. Injongo yayo yayingekhona ukuthola ukwaziswa okuphathelene nebandla kuphela kodwa nokwenza kube nezinsolo zokuthi ngibambisana nayo. Ngakho yayingiyisa endaweni yokudlela ekahle kakhulu bese izama ukungithatha izithombe ngihleka, ngizijabulisa nayo. Kodwa ngasiqaphela isisusa sayo, futhi ngomzamo oqotho, ngangihlala nginyukubele. Njalo lapho kade ngivalelwe, ngangibatshela abazalwane okwenzekile. Ngakho, abazange neze bakungabaze ukuthembeka kwami.
Ukuxhumana Namakamu
Eminyakeni edlule, amakhulu oFakazi afakwa emajele angamakamu. Phakathi naleso sikhathi, sasixhumana njalo nabazalwane bethu ababevalelwe, sibahambisela izincwadi. Kwakwenziwa kanjani lokho? Lapho abazalwane noma odade bekhululwa ekamu, sasifunda kubo izindlela izincwadi ezazingangeniswa ngayo ngasese naphezu kokuba khona kwemigoqo eqinile. Iminyaka engaba yishumi, sakwazi ukunikeza abafowethu abakulawo makamu omagazini nezincwadi okwakutholakala ePoland nakwamanye amazwe.
Abaningi bodadewethu abangamaKristu babesebenza amahora amaningi benza umsebenzi okhathazayo wokukopisha izincwadi ngezinhlamvu ezincane kangangokuthi wonke umagazini wawukwazi ukufihlwa kokuthile okuncane njengebhokisi likamentshisi! Ngo-1991, lapho singasekho ngaphansi kokuvinjelwa futhi sesithola omagazini abahle abanyatheliswe ngemibala emine, omunye wodadewethu wathi: “Manje sesizolitshalwa.” Wayenephutha. Ngisho noma abantu bengase bakhohlwe, uJehova ngeke awukhohlwe umsebenzi wabantu abanjalo abathembekile!—Heberu 6:10.
Ukushintsha Indawo Nezenzakalo Zosizi
Ekupheleni kuka-1967 indlu yomfowethu e-Irkutsk yapheqululwa. Kwatholakala amafilimu nezincwadi zeBhayibheli. Walahlwa icala futhi wagwetshwa iminyaka emithathu ejele. Nokho, akuzange kutholakale lutho ekupheqululweni komuzi wethu. Yize kunjalo, iziphathimandla zaziqiniseka ukuthi sasihilelekile, ngakho umkhaya wami kwadingeka uhambe kuleyo ndawo. Sathuthela ebangeni elingaba amakhilomitha angu-5 000 entshonalanga yedolobha laseNevinnomyssk eCaucasus. Lapha, sazigcina simatasa ngokushumayela ngokwethukela.
Ngosuku lokuqala lwesikhathi samaholide esikole ngo-June 1969 kwenzeka isenzakalo esibuhlungu. Lapho izama ukukhipha ibhola eduze nesiteshi sikagesi esinamandla kakhulu, indodana yethu eneminyaka engu-12 ubudala, uKolya, yabanjwa ugesi kanzima. Kwasha ingxenye engamaphesenti angu-70 yomzimba wayo. Esibhedlela, yaphendukela kimi yangibuza: “Ingabe sisazokwazi ukuya sonke esiqhingini?” (Yayikhuluma ngesiqhingi esasithanda ukuvakashela kuso.) Ngaphendula: “Yebo, Kolya, sizophinde siye kuleso siqhingi. Lapho uJesu Kristu ekuvusela ekuphileni, ngokuqinisekile sizokuya kuleso siqhingi.” Ingaphapheme ngokuphelele, yayilokhu ihlabelela enye yezingoma zoMbuso ezithandayo, eyayithanda ukuyidlala ecilongweni layo eqenjini le-orchestra lebandla. Ngemva kwezinsuku ezintathu yashona, iqiniseka ngethemba lovuko.
Ngonyaka olandelayo indodana yethu eneminyaka engu-20 ubudala, u-Ivan, yabuthelwa enkonzweni yezempi. Lapho yenqaba ukuyokhonza, yaboshwa futhi yachitha iminyaka emithathu ejele. Ngo-1971, ngabuthwa ngaphinde ngasongelwa ngokugqunywa ejele uma ngingakhonzi. Icala lami laqhubeka izinyanga eziningana. Phakathi naleso sikhathi umkami waphathwa umdlavuza futhi kwadingeka anakekelwe kakhulu. Ngenxa yaleso sizathu balisula icala lami. UMaria washona ngo-1972. Waba umngane othembekile, oqotho kuJehova kwaze kwaba sekufeni kwakhe.
Umkhaya Wami Usakazekela Kwamanye Amazwe
Ngo-1973, ngashada noNina. Uyise wayemxoshe kubo ngo-1960 ngenxa yokuthi wayesenguFakazi. Wayeyisikhonzi esishisekayo esasiphakathi kwalabo bodade ababesebenza kanzima ekukopisheleni labo ababesemakamu omagazini. Izingane zami nazo zamthanda.
Iziphathimandla azizange ziwujabulele umsebenzi wethu eNevinnomyssk ngakho zasicindezela ukuba sihambe. Ngakho ngo-1975, mina nomkami namadodakazi ethu sathuthela esifundeni esiseningizimu yeCaucasus, eGeorgia. Ngesikhathi esifanayo, amadodana ami, u-Ivan noVolodya athuthela eDzhambul esemngceleni oseningizimu yeKazakstan.
EGeorgia umsebenzi woFakazi BakaJehova wawusanda kuqala. Safakaza ngokwethukela lapho nasezindaweni ezizungeze iGagra neSukhumi esoGwini Lwe-Black Sea, futhi ngemva konyaka, kwabhapathizwa oFakazi abasha abayishumi emfuleni osentabeni. Ngokushesha, iziphathimandla zagcizelela ukuba sihambe kuleyo ndawo, futhi sathuthela empumalanga yeGeorgia. Lapho, saqinisa imizamo yethu yokufuna abantu abanjengezimvu, futhi uJehova wasibusisa.
Sasihlangana ndawonye ngamaqembu amancane. Ulimi lwaluyinkinga, ngoba sasingalwazi ulimi lwaseGeorgia kanti abanye abantu baseGeorgia babengakwazi ukusikhuluma kahle isiRashiya. Ekuqaleni, sasifunda nabantu abakhuluma isiRashiya kuphela. Nokho, akuthathanga sikhathi, ukushumayela nokufundisa ngolimi lwaseGeorgia kwathuthuka, futhi manje kunezinkulungwane zabamemezeli boMbuso eGeorgia.
Ngo-1979, ecindezelwa i-KGB, umqashi wami wathi ngangingasamukeleki ezweni lakubo. Kwakungaleso sikhathi lapho indodakazi yami uNadia ihileleka engozini yemoto futhi yona nendodakazi yayo encane beshona. Umama washona ethembekile kuJehova ngonyaka ongaphambi kwalowo eNevinnomyssk, eshiya ubaba nomfowethu. Ngakho sanquma ukubuyela lapho.
Izibusiso Zokukhuthazela
ENevinnomyssk saqhubeka sinyathelisa izincwadi zeBhayibheli ngomshoshaphansi. Ngesinye isikhathi phakathi nawo-1980 lapho ngangibizwe iziphathimandla, ngazitshela ukuthi ngangiphuphe ngifihle omagazini bethu. Zahleka. Lapho sengihamba, esinye sazo sathi: “Kwangathi ungephinde uphuphe ngendlela ozifihla ngayo izincwadi zakho.” Saphetha: “Maduzane izincwadi zizobe sezihlobise emashalufwini akho, futhi uzoya emihlanganweni ubambe umkakho ngesandla uphethe neBhayibheli lakho ngesandla.”
Ngo-1989 sadabuka lapho indodakazi yami u-Anna ibulawa i-aneurysm esebuchosheni. Yayineminyaka engu-38 kuphela ubudala. Ngawo lowo nyaka, ngo-August, oFakazi eNevinnomyssk baqasha isitimela baya eWarsaw, ePoland, emhlanganweni wezizwe. Ababekhona babengu-60 366, kuhlanganise nezinkulungwane ezazivela eSoviet Union. Ngempela sasicabanga ukuthi siyaphupha! Esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili kamuva, ngo-March 27, 1991, ngaba nelungelo lokuba ngomunye wabadala abahlanu abangomakadebona eSoviet Union abasayina incwadi eyingqophamlando eMoscow eyayigunyaza ukuqashelwa ngokomthetho kwenhlangano yenkolo yoFakazi BakaJehova!
Ngiyajabula ngokuthi izingane zami ezisaphila zikhonza uJehova ngokwethembeka. Futhi ngibheke phambili ezweni elisha likaNkulunkulu lapho ngizophinde ngibone khona u-Anna, uNadia nendodakazi yakhe kanye noKolya. Lapho evuswa, ngiyogcina isithembiso sami sokumyisa kuleso siqhingi esasisijabulela kakhulu ndawonye eminyakeni eminingi edlule.
Okwamanje, yeka injabulo okuye kwaba yiyo ukubona ukwanda okusheshayo kweqiniso leBhayibheli kulesi sithabathaba sezwe! Ngiyakujabulela kakhulu ukuphila kwami, futhi ngiyambonga uJehova ngokungivumela ukuba ngibe omunye woFakazi bakhe. Ngiyaqiniseka ngokuba yiqiniso kweHubo 34:8: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.”
[Isithombe ekhasini 25]
Unyaka engaya ngawo emkhayeni wami owawuseTulun
[Izithombe ekhasini 26]
Ngenhla: Ubaba nezingane zami ngaphandle komuzi wethu eTulun, eSiberia
Phezulu ngakwesokudla: Indodakazi yami uNadia nendodakazi yayo, bobabili abashona engozini yemoto
Ngakwesokudla: Isithombe somkhaya ngo-1968