Ukuqala Umsebenzi Owengeziwe
“BEKUNGEKHO moya wokuncintisana. Wonke umuntu ubefuna bonke abanye baphumelele,” kusho uRichard noLusia, bechaza abafundi abebekanye nabo ekilasini le-105 le-Watchtower Bible School of Gilead. “Sonke sihlukene kakhulu, kodwa kithi, umfundi ngamunye uyigugu.” Umfundi abebekanye naye, uLowell, uyavuma, enezela: “Ukungafani kwethu kuye kwasenza sasondelana.”
Leli kilasi, elithweswe iziqu ngo-September 12, 1998, belinabafundi abahlukene ngempela. Abanye babafundi babephayone ezindaweni lapho isidingo sabamemezeli boMbuso sasisikhulu khona; abanye babekhonze ngokwethembeka ezindaweni eziseduze nasemakhaya. Abambalwa, njengoMats noRose-Marie, kwakudingeke basebenze kanzima isikhathi eside ukuze bathuthukise isiNgisi sabo ngaphambi kokuba beze esikoleni. Abaningi babafundi babelokhu becabanga ngenkonzo yezithunywa zevangeli kusukela ebuntwaneni. Omunye umbhangqwana wawufake isicelo izikhathi ezingu-12; yeka ukuthi wajabula kanjani lapho umenyelwa ekilasini le-105!
Amasonto angu-20 okuqeqeshwa okunzulu aphela ngokushesha okukhulu. Bengazelele, abafundi base befake amaphepha okuhlolwa kwabo kokugcina, sebenikeze nombiko wabo wokugcina wenkulumo futhi kwase kufike usuku lokuthweswa iziqu.
Usihlalo wesimiso, u-Albert Schroeder, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wakhumbuza ikilasi ukuthi lase “liqala umsebenzi owengeziwe emkhakheni wemfundo yeBhayibheli,” lilandela abanye abangaphezu kuka-7 000 ababebandulele ngokuza eGileyadi. Waphawula ukuthi phakathi nehlobo, abafundi babejabulele ilungelo eliyingqayizivele lokuhlangana nezithunywa zevangeli esezinesikhathi eside, lapho zivakashele indlunkulu yomhlaba ngesikhathi semihlangano yezizwe.
UMfoweth’uSchroeder wabe esethula uMax Larson weKomiti Yokuhlela YaseBethel. Wanikeza inkulumo ethi: “Imfundo Eholela Ekuphileni Okumi Phakade.” UMfoweth’uLarson wacaphuna izAga 1:5, ezithi: “Ohlakaniphileyo [uyokuzwa], aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle [“ukuqondisa okunekhono,” NW].” Kudingeka ikhono ukuze ube isithunywa sevangeli esiphumelelayo. Amadoda anekhono ama phambi kwamakhosi. (IzAga 22:29) Ngemva kokufundiswa izinyanga ezinhlanu, abafundi base bekuhlomele kahle ukumelela amaKhosi amakhulu kunawo wonke, uJehova uNkulunkulu noKristu Jesu.
UDavid Olson woMnyango Wenkonzo walandela ngesihloko esithi: “Siza Ekuthokoziseni Inhliziyo KaJehova.” Wabuza: “Yini abantu abangaphelele abangayenza ukuze bathokozise inhliziyo kaNkulunkulu?” Impendulo? Bangamkhonza ngokwethembeka, ngobuqotho nangenjabulo. UJehova ufuna abantu bakhe bayijabulele inkonzo abamenzela yona. Lapho senza intando kaNkulunkulu ngenjabulo, sithokozisa inhliziyo yakhe. (IzAga 27:11) UMfoweth’u-Olson wafunda incwadi evela embhangqwaneni oyizithunywa zevangeli owathweswa iziqu eGileyadi ekilasini le-104. Ingabe uyasijabulela isabelo sawo esisha? Ubhala ngokuphathelene nebandla okulo wathi: “Sinabamemezeli abangaba ngu-140 futhi kuba nesilinganiso sabangu-250 kuya ku-300 emihlanganweni. Inkonzo yasensimini iyingxenye ethakazelisa ukuzedlula zonke. Ngamunye wethu unezifundo ezine, futhi ezinye zazo seziyeza kakade emihlanganweni.”
ULyman Swingle, weNdikimba Ebusayo, wakhuluma ngesihloko esithi: “Isikhathi Sokuma Ubale Izibusiso Zakho.” Ukuqeqesha kwaseGileyadi kwakulethe izibusiso eziningi. Kwakusize abafundi ukuba bandise ulwazi lwabo, bayiqonde ngokwengeziwe inhlangano kaJehova, futhi bahlakulele izimfanelo ezibalulekile, ezinjengokuthobeka. “Kuyisenzakalo esithobisayo ukuza lapha uzochitha isikhathi ufundiswa,” kusho uMfoweth’uSwingle, enezela: “Nisuka lapha senikuhlomele kangcono ukudumisa uJehova.”
Isihloko esithi: “Yeka Injabulo Eninayo—Ngakho Kungani Nikhathazeka?” sasingesenkulumo kaDaniel Sydlik, naye ongoweNdikimba Ebusayo. Wanxusa: “Lapho kuphakama izinkinga, funa isiqondiso emiBhalweni.” Esebenzisa amavesi ayewakhethe esahlukweni sesithupha sikaMathewu, uMfoweth’uSydlik wabonisa indlela lokhu okungenziwa ngayo. Ukuntula ukholo kungabangela ukuba sikhathazeke ngezinto zokuphila kwansuku zonke, njengokudla nokokwembatha. Nokho, uJehova uyakwazi esikudingayo. (Mathewu 6:25, 30) Ukukhathazeka kuyomane kwenezele ezinkathazweni ezilethwa usuku ngalunye. (Mathewu 6:34) Ngakolunye uhlangothi, ukuhlela okuthile kuyadingeka. (Qhathanisa noLuka 14:28.) “Lokho uJesu akwenqabelayo akukhona ukucabanga ngokuhlakanipha ngekusasa, kodwa ukukhathazeka ngalo ngokungahlakaniphile,” kuchaza uMfoweth’uSydlik. “Ukwenza okuthile kuyikhambi elingcono kakhulu lokukhathazeka. Lapho siqala ukukhathazeka, kuhle ukuqala ukukhuluma nabanye ngeqiniso.”
Iseluleko Sokuvalelisa Sabafundisayo
Kwalandela izinkulumo ezintathu zamalungu alabo abafundisa eGileyadi. Kwaqale kwakhuluma uKarl Adams, ngesihloko esithi: “Uyomkhokhela Ngani UJehova?” Inkulumo yakhe yayisekelwe kumaHubo 116, okungenzeka uJesu walihlabelela ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe. (Mathewu 26:30, umbhalo waphansi we-NW) Wayecabangani uJesu lapho ehlabelela amazwi athi: “Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na”? (IHubo 116:12) Kungenzeka ukuthi wayecabanga ngomzimba ophelele uJehova amlungiselela wona. (Heberu 10:5) Ngakusasa, wayezonikela lowo mzimba njengomhlatshelo, efakazela ukujula kothando lwakhe. Abafundi bekilasi le-105 babenambithe ubuhle bukaJehova ezinyangeni ezinhlanu ezidlule. Manje base bezobonisa uthando lwabo ngoNkulunkulu ngokusebenza kanzima ezabelweni zabo zezithunywa zevangeli.
UMark Noumair, owesibili ofundisa eGileyadi owakhuluma, weluleka abafundi ukuba ‘Baqhubeke Benza Okulungile.’ UJosefa, ngemva kokuba ethengiselwe ukuba isigqila eGibithe, wakhuthazelela iminyaka engu-13 yokuphathwa ngokungenabulungisa. Ingabe wavumela ukuba amaphutha abanye amphazamise? Cha, waqhubeka enza okulungile. Khona-ke, ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, uJosefa wakhululwa ekulingweni kwakhe. Kungazelelwe, waphuma ejele wayohlala esigodlweni. (Genesise, izahluko 37-50) Lona ofundisayo wabuza abafundi: “Uma amathemba enu engafezeki ezabelweni zenu zezithunywa zevangeli, ingabe nizoyeka? Ingabe nizozivumela ukuba nidangale? Noma ingabe nizokhuthazela, njengoba kwenza uJosefa?”
Ekugcineni, obhalisa abafundi esikoleni saseGileyadi, uWallace Liverance, wengamela ingxoxo enomdlandla namalungu ekilasi ngesihloko esithi: “Memezela INkosi NoMbuso.” Abanye babafundi balandisa lokho ababehlangabezane nakho lapho beshumayela endlini ngendlu, ezitolo nasemigwaqweni. Abanye baxoxa ngendlela ababeshumayele ngayo kubantu abakhuluma olunye ulimi. Kanti abanye babonisa indlela yokushumayela kubantu abanezizinda ezingokwenkolo ezihlukene. Bonke ababethweswa iziqu babemagange ukuba nengxenye egcwele enkonzweni yasensimini yezithunywa zevangeli.
Izithunywa Zevangeli Ezijabulile Esezinesikhathi Eside
Inkulumo eyalandela, enesihloko esithi: “Imiphumela Ejabulisayo Yenkonzo Yezithunywa Zevangeli,” yanikezwa nguRobert Wallen futhi kuyo kwaxoxwa nabazalwane abane abasebenza endlunkulu, muva nje ababe nobudlelwane obakhayo nezithunywa zevangeli ezinokuhlangenwe nakho. Lezo zithunywa zevangeli zavuma ngokushesha ukuthi kwakungelula ngazo ukufunda ulimi olusha, ukuzivumelanisa nelinye isiko, noma ukujwayela isimo sezulu esihlukile. Kwakuba nobuhlungu bokukhumbula ekhaya okwakudingeka kubhekwane nabo. Ngezinye izikhathi, kwakuba nezinkinga zempilo. Kodwa zibhekene nakho konke lokho, izithunywa zevangeli zalondoloza isimo sengqondo esihle, futhi ukukhuthazela kwazo kwabusiswa. Ezinye zasiza abantu abaningi ukuba bamazi uJehova. Ezinye zanikela ngezindlela ezihlukahlukene ekwandeni komsebenzi woMbuso emazweni ezikuwo.
Owakhuluma ekugcineni kwakunguCarey Barber, ilungu leNdikimba Ebusayo. Wabukeza amaphuzu avelele esimiso somhlangano wesigodi ‘Wendlela KaNkulunkulu Yokuphila.’ Wabuza izilaleli zakhe: “Isimiso somhlangano sibe naliphi ithonya ebuhlotsheni bakho noJehova?” Isikhulumi sabonisa umehluko phakathi kwemiphumela enezibusiso yokulandela indlela kaNkulunkulu nomphumela oyinhlekelele kulabo abalandela indlela yezwe. Ebhekisela esonweni sikaMose eMeriba, waxwayisa: “Ngisho nangemva kokuba umuntu ekhonze ngokwethembeka iminyaka eminingi, uJehova akakuthathi kalula ngisho nokwephulwa okuncane kwemithetho yaKhe enobulungisa.” (Numeri 20:2-13) Kwangathi zonke izinceku zikaNkulunkulu yonke indawo zingabambelela ngokuqinile emalungelweni azo enkonzo!
Kwase kufike isikhathi sokuba abafundi bathole ama-diploma abo. Ummeleli wekilasi wabe esefunda incwadi yokwazisa ngokuqeqeshwa abafundi ababekutholile. Ngemva kwengoma yokuphetha nomthandazo oqotho, saphela isimiso sokuthweswa iziqu. Kodwa, ngekilasi le-105, lokhu kwakumane kuyisiqalo, ngoba izithunywa zevangeli ezintsha zase ‘ziqala umsebenzi owengeziwe.’
[Ibhokisi ekhasini 23]
Imininingwane Yekilasi
Inani lamazwe amelelwe: 9
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 17
Inani labafundi: 48
Inani lemibhangqwana eshadile: 24
Isilinganiso seminyaka yobudala: 33
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 16
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 12
[Ibhokisi ekhasini 24]
Zakhetha Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
“Lapho ngisemncane, ngangingakaze ngihlele ukuphayona,” kusho uBen, othweswe iziqu ekilasini le-105. “Ngangicabanga ukuthi kwakuyilabo abanamakhono akhethekile nezimo ezinhle kuphela abangaphayona,” enezela. “Kodwa ngafunda ukuthanda inkonzo yasensimini. Khona-ke ngolunye usuku ngabona ukuthi ukuba iphayona kumane kusho ukuba nengxenye eyengeziwe enkonzweni. Kwaba yima ngiqaphela ukuthi ngangingaphayona.”
“Izinceku zesikhathi esigcwele zazihlale zaziswa kakhulu ekhaya,” kulandisa uLusia. Ukhumbula injabulo eyayiba khona ebandleni ayekulo isikhathi ngasinye lapho izithunywa zevangeli zivakasha. “Lapho ngisakhula,” esho, “kwakuyinto eyaziwayo ukuthi inkonzo yesikhathi esigcwele yayizoba phakathi kwezinto engihlela ukuzenza.”
Umama kaTheodis washona lapho yena eneminyaka engu-15 ubudala. “Ngaleso sikhathi, ibandla langisekela ngempela,” esho, “ngakho ngazibuza, ‘Yini engingayenza ukuze ngibonise ukwazisa kwami?’” Lokhu kwamholela ekubeni angenele inkonzo yesikhathi esigcwele futhi manje umsebenzi wezithunywa zevangeli.
[Isithombe ekhasini 25]
Ikilasi Le-105 Labathweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye
(1) Sampson, M.; Brown, I.; Heggli, G.; Abuyen, E.; Desbois, M.; Pourthié, P. (2) Kassam, G.; Lindberg, R.; Dapuzzo, A.; Taylor, C.; LeFevre, K.; Walker, S. (3) Baker, L.; Pellas, M.; Woggon, E.; Böhne, C.; Asplund, J.; Haile, J. (4) Pourthié, T.; Whittaker, J.; Palmer, L.; Norton, S.; Gering, M.; Haile, W. (5) Walker, J.; Böhne, A.; Groenveld, C.; Washington, M.; Whittaker, D.; Abuyen, J. (6) Gering, W.; Washington, K.; Pellas, M.; Desbois, R.; Heggli, T.; Asplund, Å. (7) Woggon, B.; LeFevre, R.; Taylor, L.; Brown, T.; Groenveld, R.; Palmer, R. (8) Norton, P.; Sampson, T.; Baker, C.; Lindberg, M.; Kassam, M.; Dapuzzo, M.