Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 12/1 kk. 3-4
  • Abaningi Bathi Banokholo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abaningi Bathi Banokholo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Igama LikaJesu Namuhla
  • Igama Eliholela Okholweni Lweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • ‘Mabaqothulwe AbangenaNkulunkulu!’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Igama LikaJehova—Lokho Elikushoyo KuJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 12/1 kk. 3-4

Abaningi Bathi Banokholo

“AKEVE emuhle uJesu! Uyamangalisa!” kubabaza omunye wesifazane wenkolo ethile eBrazil. Ngempela, awanakungatshazwa amandla egama likaJesu. Kuwo wonke umlando, abantu baye bahlupheka futhi bafa ngokuzithandela ngenxa yakhe.

Umphostoli uPetru noJohane bashumayela ‘ngesisekelo segama likaJesu’ eJerusalema. Ngokwenza lokho, baboshwa futhi babhaxabulwa. Nokho, “basuka phambi kweSanhedrini, bejabula ngoba bebalwe njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama lakhe.”—IzEnzo 5:28, 41.

U-Antipase wayengomunye umKristu wekhulu lokuqala owayelazisa igama likaJesu. Encwadini yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, uJesu wambiza ngokuthi “ufakazi wami, okholekileyo, owabulawa eceleni kwenu, lapho uSathane ehlala khona.” (IsAmbulo 2:13) Ekanye namanye amaKristu asePhergamu, u-Antipase wenqaba ukuphika ukholo lwakhe kuKristu. U-Antipase wabambelela ngokuqinile egameni likaJesu, edela ngisho nokuphila kwakhe!

Cishe ngemva kwengxenye yekhulu leminyaka, ngo-155 C.E., uPolycarp, owayezibiza ngomKristu, wabhekana novivinyo olufanayo lapho eyalwa ukuba ethuke uKristu. Wasabela ngokuthi: “Sengimkhonze iminyaka engu-86, futhi akukho lutho olubi ake wangenza lona. Ngingayihlambalaza kanjani iNkosi yami eye yangisindisa?” Ngenxa yokwenqaba kwakhe ukuphika uKristu, uPolycarp washiswa esigxotsheni.

Abaphostoli, u-Antipase nabanye babezimisele ukukuqinisekisa ngokufa ukufakaza kwabo ngoKristu! Kuthiwani ngabantu namuhla?

Igama LikaJesu Namuhla

Igama likaJesu liyaqhubeka livusa imizwelo enamandla namuhla. ELatin America, emashumini amuva nje eminyaka izinga lokwanda kwamasonto athi akholelwa kuJesu liye lakhuphuka kakhulu kunanini ngaphambili. Ngisho namadolobhana amancane analo iSonto Likamoya. Ngesikhathi esifanayo, ithonya lezombangazwe lamasonto anjalo liyanda. Ngokwesibonelo kuSishaya-mthetho naseNdlini Yezigele yaseBrazil kunezihlalo ezingu-31 okungezamalungu alawa masonto.

Futhi uJesu uyisici okugxilwe kuso enhlanganweni yenkolo entsha yase-United States. Abalandeli bayo bazibiza ngokuthi abaGcini Besithembiso. Umagazini i-Time ngo-1997 wabika ukuthi ababa khona emihlanganweni yayo baye banda besuka ku-4 200 ngo-1991 baya ezigidini ezingu-1,1 ngo-1996. Elinye lamaculo ayo lithi: “O, ukunqoba kuJesu, uMsindisi wami phakade.”

Nokho, eminye imizwa eshukunyiswa igama likaJesu ayilungile. Kuye kwaba nezimpi ezilwiwa egameni likaJesu. Kuye kwabulawa amaJuda amaningi nabahedeni, futhi abantu abangavumelani nesonto baye bahlushwa, bacwiywa futhi bashiswa esigxotsheni—konke kwenziwa egameni likaJesu. Futhi muva nje, ukwenza ibhizinisi ngokushunyayelwa kwevangeli kuye kwaba okuvamile. Konke lokhu kuwukusetshenziswa okuphambene nokwenyanyekayo kwegama likaJesu nalokho elikumelelayo ngempela!

Ngaphezu kwalokho, kuphakamisa imibuzo efanelekayo: Kuhlanganisani ukubeka ukholo egameni likaJesu? Futhi uyini umbono woFakazi BakaJehova ngale ndaba? Isihloko esilandelayo sizophendula le mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela