Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 11/1 kk. 4-7
  • Indlela Yokuxazulula Izinkinga Ngokuthula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuxazulula Izinkinga Ngokuthula
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusuka Ebudloveni Ukuya Ekubekezeleni
  • Ukubhekana Nokuthambekela Ebudloveni
  • Ingabe Kungenzeka?
  • Unkulunkulu Uzizwa Kanjani Ngobudlova?
    I-Phaphama!—2002
  • Izikhathi Zethu Ezinzima—Kungani Zinobudlova Obungaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ungaba Khona Yini Umhlaba Ongenabo Ubudlova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Thuthuka Ngokomoya Ngokulingisa Isibonelo SikaPawulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 11/1 kk. 4-7

Indlela Yokuxazulula Izinkinga Ngokuthula

UBUDLOVA babantu cishe buyinto eyaba khona kusukela abantu badalwa. IBhayibheli libonisa ukuthi ubudlova baqala emuva lé kuKayini, umfowabo ka-Abela nezibulo lombhangqwana wokuqala ongabantu. Lapho uNkulunkulu ethanda umnikelo womfowabo kunowakhe, uKayini ‘wathukuthela kakhulu.’ Wasisingatha kanjani leso simo? “Wasukela umfowabo uAbela, wambulala.” Ngemva kwalokho, waba senkingeni enkulu yokusolwa uNkulunkulu. (Genesise 4:5, 8-12) Ubudlova abuzange buyixazulule inkinga kaKayini yokuba nobuhlobo obungebuhle noMdali wakhe.

Singayigwema kanjani inkambo kaKayini yokukhetha ukusebenzisa amandla ekuxazululeni izinkinga?

Ukusuka Ebudloveni Ukuya Ekubekezeleni

Cabangela indoda eyayibukele ngokukwamukela ukubulawa kukaStefanu, umfel’ukholo wokuqala ongumKristu. (IzEnzo 7:58; 8:1) Le ndoda, uSawulu waseTarsu, yayingavumelani nenkolo kaStefanu futhi yasekela ukubulawa kwakhe ngobudlova njengendlela efanele yokumyekisa imisebenzi ayeyenza. Kuyavunywa, kungenzeka ukuthi uSawulu wayengenabo ubudlova kuzo zonke izici zokuphila kwakhe. Nokho, wayezimisele ukwamukela ubudlova njengendlela yokuxazulula izinkinga. Ngemva nje kokufa kukaStefanu, uSawulu “waqala ukuphatha ibandla [lamaKristu] ngendlovula. Ehlasela indlu ngemva kwenye, futhi ehudulela ngaphandle kokubili amadoda nabesifazane, wayebanikela etilongweni.”—IzEnzo 8:3.

Ngokwesazi seBhayibheli u-Albert Barnes, igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi ‘ukuphatha ngendlovula’ lisho izincithakalo ezingenziwa izilwane zasendle, ezinjengamabhubesi nezimpisi. “USawulu,” kuchaza uBarnes “walithukuthelela njengesilwane sasendle ibandla—okungamazwi anamandla, abonisa indlela ayeshushisa ngayo ngentshiseko nangentukuthelo.” Lapho uSawulu eya eDamaseku ukuze aqoqe abalandeli abengeziwe bakaKristu, ‘wayesaphefumula usongo nokubulala ngokungemthetho ngokumelene nabafundi beNkosi [uKristu].’ Endleleni, uJesu ovusiwe wakhuluma naye, futhi lokhu kwaphumela ekubeni uSawulu aguqukele ebuKristwini.—IzEnzo 9:1-19.

Ngemva kwalokho kuguquka, indlela kaSawulu yokusebenzelana nabanye yashintsha. Isenzakalo esenzeka eminyakeni engaba ngu-16 ngemva kwalokho salubonisa lolu shintsho. Iqembu labantu leza ebandleni langakubo e-Antiyokiya futhi lanxusa amaKristu alapho ukuba enze ngokuvumelana noMthetho kaMose. Kwaphumela ekubeni kube ‘nokungezwani okungekuncane.’ USawulu, ngaleso sikhathi owayesaziwa kangcono ngokuthi uPawulu, waba nengxenye kuleyo mpikiswano. Ngokusobala, kwaba nempikiswano eshubile. Kodwa uPawulu akazange asebenzise ubudlova. Kunalokho, wavumelana nesinqumo sebandla sokudlulisela indaba kubaphostoli nabadala bebandla laseJerusalema.—IzEnzo 15:1, 2.

EJerusalema, kwaphinde kwaba ‘nokuphikisana okukhulu’ emhlanganweni wabadala. UPawulu walinda kwaze kwaba yilapho ‘lonke uquqaba seluthulile,’ wabe esebika imisebenzi emihle kakhulu yomoya kaNkulunkulu phakathi kwamakholwa angasokile. Ngemva kwengxoxo engokomBhalo, abaphostoli nabadala baseJerusalema ‘bavumelana ngazwilinye’ ukuba bangathwesi amakholwa angasokile umthwalo ongadingekile kodwa ukuwayala ukuba ‘aqhubeke ededa ezintweni ezihlatshelwe izithombe nasegazini nasezintweni eziklinyiwe nasebufebeni.’ (IzEnzo 15:3-29) Ngokuqinisekile, uPawulu wayeseshintshile. Wayesefunde ukuxazulula izimpikiswano ngaphandle kobudlova.

Ukubhekana Nokuthambekela Ebudloveni

UPawulu kamuva wayala: “Isigqila seNkosi akudingeki silwe, kodwa kudingeka sibe mnene kubo bonke, sifanelekela ukufundisa, sizigcina sizibambile ngaphansi kobubi, sibayala ngobumnene labo abangenaso isimo sengqondo esihle.” (2 Thimothewu 2:24, 25) UPawulu wanxusa uThimothewu, umbonisi osemusha, ukuba asingathe izimo ezinzima ngokuzola. UPawulu wayebheka izinto ngendlela engokoqobo. Wayazi ukuthi intukuthelo ingaba khona ngisho naphakathi kwamaKristu. (IzEnzo 15:37-41) Ngesizathu esihle, weluleka: “Thukuthelani, kodwa nokho ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” (Efesu 4:26) Ukulawula intukuthelo, ungaqhumi ngolaka kuyindlela efanele yokuyisingatha. Kodwa lokhu kungafezwa kanjani?

Namuhla, akulula ukulawula intukuthelo. “Kuvamile ukuba nobugovu,” kusho uDkt. Deborah Prothrow-Stith, isekela lomphathi womnyango othile e-Harvard School of Public Health. “Eqinisweni, amakhono okusebenzelana kahle nabanye—ukuxoxisana, ukudela okuthile, ububele, ukuthethelela—ngokuvamile kuthiwa awabantu abayizinothongwana.” Nokho, lezo yizimfanelo zobudoda, futhi ziyisihluthulelo sokulawula ukuthambekela ebudloveni okungase kwakheke kithi.

Lapho eba umKristu, uPawulu wafunda indlela engcono yokusingatha ukungavumelani ngemibono. Yayisekelwe ezimfundisweni zeBhayibheli. Njengesazi sobuJuda esifundile, uPawulu wayejwayelene nemiBhalo YesiHeberu. Kumelwe ukuba wayeyiqaphela imibhalo enjengalena ethi: “Ungabi-namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu, ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe.” “Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.” “Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.” (IzAga 3:31; 16:32; 25:28) Nokho, lolo lwazi aluzange lumvimbele uPawulu, ngaphambi kokuguquka kwakhe, ukuba aphathe amaKristu ngobudlova. (Galathiya 1:13, 14) Kodwa yini eyasiza uPawulu, njengomKristu, ukuba axazulule izindaba ezithukuthelisayo ngokusebenzisa ingqondo nokukholisa kunobudlova?

UPawulu wathi ukusikhanyisela lapho ethi: “Yibani ngabalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.” (1 Korinte 11:1) Wayekwazisa kakhulu lokho uJesu Kristu ayemenzele kona. (1 Thimothewu 1:13, 14) UKristu waba isibonelo sokuba asilandele. Wayeyazi indlela uJesu asihluphekela ngayo isintu esinesono. (Heberu 2:18; 5:8-10) UPawulu wayengakufakazela ukuthi isiprofetho sika-Isaya esiphathelene noMesiya sasigcwalisekile kuJesu: ‘Wacindezelwa, kepha noma athotshiswa, akavulanga umlomo wakhe; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, akawuvulanga umlomo wakhe.’ (Isaya 53:7) Umphostoli uPetru wabhala: “Lapho [uJesu] ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.”—1 Petru 2:23, 24.

Ukuqonda kukaPawulu indlela uJesu Kristu asingatha ngayo izimo ezinzima kwamshukumisela ukuba ashintshe. Wayengayala akholwa nabo: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kolose 3:13) Ukuqaphela isidingo sokungabi nobudlova akwanele. Ukwazisa lokho uJehova noJesu Kristu abaye basenzela kona kuyasiza ekunikezeni amandla ashukumisayo adingekayo ekunqobeni ukuthambekela ebudloveni.

Ingabe Kungenzeka?

Enye indoda eJapane yayiwadinga lawo mandla amakhulu ashukumisayo. Uyise, owayeyisosha owayethukuthela ngokushesha, wayephatha umkhaya wakhe ngobudlova. Njengoba yayiyisisulu sobudlova futhi ibona nonina esesimweni esifanayo, le ndoda yaba nobudlova. Yayihamba iphethe izinkemba ezimbili zamaqhawe aseJapane ezinobude obuhlukene eyayizisebenzisela ukuxazulula izinkinga kanye nokwesabisa abantu.

Lapho umkayo eqala ukutadisha iBhayibheli, yayiba khona phakathi nesifundo kodwa ingasigqizi qakala ngempela. Nokho, lapho ifunda incwajana ethi Lezi Zindaba Ezilungileyo ZoMbuso,a yashintsha. Ngani? “Lapho ngifunda ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esithi, ‘UJesu Kristu’ nesithi ‘Isihlengo,’ ngazizwa nginamahloni,” ichaza. “Nakuba ngangiphila ukuphila okuphume endleleni, ngangisakuthanda ukuba nomusa kulabo engangizwana nabo. Ngangikujabulela ukujabulisa abangane bami kodwa kuphela ngezinga okwakungeke kuthinte ngalo ukuphila kwami. Nokho, iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, yayizimisele ukunikela ngokuphila kwayo ngenxa yesintu, kuhlanganise nabantu abafana nami. Ngashaqeka, kwaba sengathi ngangishaywe ngesando sokhuni.”

Yahlukana nabangane bayo bakuqala futhi ngokushesha yabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ebandleni loFakazi BakaJehova. Lesi sikole sisiza labo ababhalise kuso ukuba babe nekhono lokufundisa abanye iBhayibheli. Leso sifundo sayizuzisa ngokwengeziwe le ndoda. Iyakhumbula: “Lapho ngisemusha, ngangisebenzisa izinsongo nobudlova ngenxa yokuhluleka ukutshela abanye indlela engizizwa ngayo. Lapho ngifunda ukutshela abanye lokho engikucabangayo, ngaqala ukukhulumisana ngokunengqondo nabo kunokuba nobudlova.”

Ingabe iye yenza indlela yokuphila kaKristu yaba eyayo njengoba kwenza uPawulu? Ukholo lwayo lwavivinywa lapho umngane wayo wangaphambili, eyayenze naye isifungo sokuba munye, ezama ukuyivimba ukuba ibe umKristu. Lo “mngane” wayo wayishaya, wahlambalaza noNkulunkulu wayo, uJehova. Le ndoda eyayinobudlova ngaphambili yazithiba futhi yaxolisa ngokuhluleka ukugcina isifungo. Edumazekile, lo “mfowabo” wayiyeka.

Ngokunqoba ukuthambekela kwayo ebudloveni, le ndoda eyayinolaka iye yathola abafowabo nodadewabo abaningi, abahlanganiswe uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane. (Kolose 3:14) Eqinisweni, manje ngemva kweminyaka engu-20 ibe umKristu ozinikezele, isikhonza njengombonisi ojikelezayo woFakazi BakaJehova. Yeka ukuthi ikujabulela kanjani ukukwazi ukubonisa ngokweBhayibheli ukuthi abantu abanjengezilwane bangafunda ukuxazulula ukungezwani ngaphandle kobudlova njengoba nje nayo yakufunda! Futhi yeka ukuthi kuyilungelo kanjani ngayo ukukwazi ukukhomba ekugcwalisekeni okukhulu kwamazwi angokwesiprofetho athi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle”!—Isaya 11:9.

Njengomphostoli uPawulu nale ndoda eyayinobudlova ngaphambili, nawe ungafunda ukusingatha izimo ezicasulayo, uzixazulule ngokuthula. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bangakujabulela ukukusiza.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

UPawulu wayebheka izinto ngendlela engokoqobo. Wayazi ukuthi intukuthelo ingaba khona ngisho naphakathi kwamaKristu

[Isithombe ekhasini 7]

Ukwazisa lokho uNkulunkulu aye wasenzela kona kwenza sibe nobuhlobo obunokuthula

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela