Lapho Izinhliziyo Zetshe Zisabela
NGO-1989, OFAKAZI BAKAJEHOVA EPOLAND baqashelwa ngokomthetho njengenhlangano yenkolo. OFakazi ababegqunywe emajele ngenxa yokungathathi hlangothi kobuKristu badedelwa kancane kancane, beshiya emajele iziboshwa eziningi ezazilangazela ukufunda okwengeziwe ngeBhayibheli kubo. Nakhu ukulandisa kwendlela oFakazi BakaJehova abazama ngayo kwelinye ijele elinjalo ukusiza labo abake baba nezinhliziyo zetshe ukuba basabele emandleni eZwi likaNkulunkulu.
EWOŁÓW, idolobha labangu-12 000 eliseningizimu-ntshonalanga yePoland, kunejele eselineminyaka engu-200 likhona okugcinwa kulo ezinye zezigebengu ezimbi kakhulu zasePoland. Kusukela ngesikhathi umsebenzi wabo owaqashelwa ngaso ngokomthetho, oFakazi BakaJehova baye bazama ukulethela iziboshwa zalapho izindaba ezinhle zoMbuso, futhi benza kanjalo ngenkulu intshiseko.
Okwacaba indlela kwaba incwadi eyathunyelwa iHhovisi LikaNgqongqoshe Wezobulungisa ngo-February 1990 kubo bonke abaqondisi bamajele asePoland. Leyo ncwadi yayibeluleka ukuba “bangabangeli bunzima” noma iziphi iziboshwa ezifuna ukwamukela izincwadi ze-Watch Tower noma ukuhlangana noFakazi BakaJehova. Njengoba abanye boFakazi babechithe iminyaka eminingi ejele laseWołów, babezazi kahle iziboshwa eziningi ezilukhuni zalapho. Nokho, bancika kuJehova ukuba abusise imizamo yabo yokwenza iqiniso leBhayibheli lithambise izinhliziyo ezisatshe zezinye iziboshwa.
Ukuqala Umsebenzi
“Kwakunzima ukuqala lesi simiso,” kusho uMfoweth’uCzesław wasedolobheni laseWrocław, eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-40, ogunyazwe ukuba ahambele ijele laseWołów. “Kwadingeka izingxoxo eziningi ezinde namaphoyisa asejele ukuze akholiseke ukuthi ‘izinkonzo [zethu] zenkolo’ ziyinzuzo eziboshweni.”
Owayesebenza noCzesław, uPaweł, ukhumbula ukuthi, okwakwenza izinto zibe nzima ukuthi “iphoyisa elalisesikhundleni esiphakeme laliphikelela ngokuthi iziboshwa zazimane zisebenzisa izinkonzo zenkolo njengecebo lokuthola izinzuzo zezinto ezibonakalayo.” Kodwa lapho ngo-1991 kubhapathizwa abathathu abake baba izigebengu eziyingozi, iziphathimandla zejele zashintsha isimo sazo sengqondo, futhi zabambisana ngokwengeziwe nabazalwane.
“Saqala ngokushumayela eziboshweni, emikhayeni yazo eyayiza izozivakashela ejele, kanye nasezisebenzini zasejele,” kuchaza uCzesław. “Sabe sesivunyelwa ukushumayela izindaba ezinhle esitokisini ngasinye, okwakuyinto engavamile ngempela. Ekugcineni, lapho sithola abathakazelayo bokuqala, savunyelwa ukuba sisebenzise ihholo elincane ukuze siqhubele kulo izifundo zeBhayibheli nemihlangano yamaKristu.” Yebo, uJehova wavula indlela yokufinyelela izinhliziyo ezisatshe zeziboshwa.
Isimiso Sokufundisa Esiphumelelayo
Ngokushesha lelo hholo elincane laba lincane kakhulu. Njengoba iziboshwa ezibhapathiziwe nabazalwane abavela ngaphandle babehlanganyela emsebenzini wokushumayela, iziboshwa ezingaba ngu-50 zaqala ukuza emihlanganweni. “Sathatha iminyaka engaphezu kwemithathu siqhubela yonke imihlangano yethu lapho, futhi iziboshwa ziza njalo emihlanganweni yamasonto onke,” kuchaza omunye wabadala bendawo. Ngakho, ngo-May 1995 bavunyelwa ukuba basebenzise ihholo elikhudlwana.
Abazalwane abaphathiswe lesi sabelo banquma kanjani ukuthi obani abangeza emihlanganweni eqhutshelwa kuleli jele? “Sinohlu lweziboshwa ezibonisa isithakazelo esiqotho eqinisweni,” kuchaza uMfoweth’uCzesław noZdzisław. “Uma isiboshwa singathuthuki noma siphutha emihlanganweni ngaphandle kwesizathu esizwakalayo, ngaleyo ndlela sibonisa ukuntula ukwazisa ngelungiselelo elinjalo, siyalisula igama laso ohlwini bese sazisa umqondisi wejele.”
Lapho abazalwane beqhubela iziboshwa izifundo zeBhayibheli, bazifundisa nendlela yokuyilungiselela kahle imihlangano nendlela yokuzisebenzisa ngokuphumelelayo izincwadi zethu. Ngakho, lapho iziboshwa ziza emihlanganweni, zisuke zilungiselele kahle futhi zihlanganyela ngokukhululekile. Zinikeza izimpendulo ezakhayo, zisebenzise amaBhayibheli azo ngekhono, zibonise nendlela iseluleko esisebenza ngayo kuzo, ngokuvamile lapho ziphendula zikhulume amazwi anjengokuthi, ‘Ngiyabona ukuthi kumelwe ngenze lokhu noma lokhuya.’
“Sekukonke, kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-20 ejele laseWołów. Ezingu-8 zazo ziqhutshwa abamemezeli abathathu abayiziboshwa,” kusho unobhala webandla. Baye baba nemiphumela emihle lapho beshumayela esitokisini ngasinye nangesikhathi behambahamba emagcekeni asejele. Ngokwesibonelo, ngezinyanga eziyishumi, kusukela ngo-September 1993 kuya ku-June 1994, basakaza izincwadi ezingu-235, izincwajana ezicishe zibe ngu-300 nomagazini abangu-1 700. Muva nje, amaphoyisa amabili asejele acele izifundo zeBhayibheli.
Imihlangano Ekhethekile Iletha Injabulo
Ngokuhamba kwesikhathi, kwenezelwa esinye isici esimisweni sokufundisa kulelo jele, okungukuthi, imihlangano ekhethekile. Ababonisi abajikelezayo nabanye abazalwane abafanelekayo babenikeza izingxenye eziyinhloko zesimiso somhlangano wesifunda nesomhlangano okhethekile wosuku olulodwa endaweni yokuvivinya umzimba yasejele. Umhlangano wokuqala okhethekile waqhutshwa ngo-October 1993. Kwaba khona iziboshwa ezingu-50, futhi kwafika “imikhaya iphelele, kuhlanganise nabesifazane nezingane ezincane, bevela eWrocław,” kubika iphephandaba i-Słowo Polskie, futhi ingqikithi yababa khona yaba ngu-139. Isikhathi sekhefu sesimiso somhlangano sasinika ithuba lokudla ukudla okwakulungiselelwe odade, kanye nesikhathi sokuba nobudlelwane obuhle bamaKristu.
Kuye kwaba neminye imihlangano ekhethekile engu-7 kusukela ngaleso sikhathi, futhi izinzuzo azizange zigcine kulabo abasejele kuphela kodwa zafinyelela nakulabo abangaphandle. Lapho udade onguFakazi ehambela othile owayeyisiboshwa sasejele laseWołów osehlala edolobheni, ekuqaleni wayemathintanyawo. Kodwa lapho le ndoda itshelwa ukuthi isiboshwa esithile sase singuFakazi, yababaza ngokungakholwa: “Lowaya mbulali usenguFakazi?” Ngenxa yalokho, yasamukela isifundo seBhayibheli.
Kwaba Nokuguquka Okumangalisayo
Ingabe lesi simiso esibanzi sokufundisa siye sazithambisa ngempela izinhliziyo ezisatshe zeziboshwa? Ake zizilandisele.
“Angizange ngibazi abazali bami ngoba bangilahla ngisemncane, futhi ngangiwulangazela kabuhlungu umuzwa wokuthandwa,” kuvuma uZdzisław, indoda ecabangayo ngokwemvelo. “Ngisemncane, ngahileleka ebugebengwini, ekugcineni ngabulala umuntu. Umuzwa wecala wangenza ngacabanga ukuzibulala, futhi ngangilifuna kakhulu ithemba langempela. Khona-ke, ngo-1987, ngathola umagazini INqabayokulinda. Kuwo ngafunda ngethemba lovuko nelokuphila okuphakade. Ngiqaphela ukuthi lalisekhona ithemba, ngakhohlwa indaba yokuzibulala futhi ngaqala ukutadisha iBhayibheli. Manje ngiye ngafunda kuJehova nakubazalwane lokho okushiwo uthando.” Kusukela ngo-1993, lona owayengumbulali ubelokhu eyinceku ekhonzayo futhi eyiphayona elisizayo, futhi ngonyaka odlule waba iphayona elivamile.
Ngakolunye uhlangothi, uTomasz wasamukela ngokushesha isifundo seBhayibheli. “Nokho, leso kwakungesona isinyathelo esiqotho,” evuma. “Ngangitadisha ngenxa nje yokuthi ngangithanda ukubukisa lapho ngichazela abanye izinkolelo zoFakazi BakaJehova. Kodwa ngangingenzi lutho olungako ngeqiniso. Ngolunye usuku, ngashintsha ukucabanga kwami futhi ngaya emhlanganweni wamaKristu. Iziboshwa ezibhapathiziwe zangamukela ngokufudumele. Ngaqaphela ukuthi kunokuba ngizame ukubukisa ngolwazi enganginalo, kwakudingeka ngithambise inhliziyo yami eyitshe futhi ngiguqule ingqondo yami.” UTomasz waqala ukugqoka ubuntu obusha bobuKristu. (Efesu 4:22-24) Namuhla, unguFakazi ozinikezele nobhapathiziwe futhi uthola injabulo ekushumayeleni esitokisini ngasinye.
Ukucindezela Kwabangane Bangesikhathi Esidlule
Labo ababefunda iqiniso leBhayibheli ejele babecindezelwa ngokunamandla abangane babo bakuqala basesitokisini nangamaphoyisa asejele. Omunye wabo uyakhumbula: “Ngangihlale ngiklolodelwa futhi ngigconwa. Kodwa ngangihlala ngicabanga ngamazwi akhuthazayo abazalwane. Babethé: ‘Thandaza njalo kuJehova. Funda iBhayibheli futhi uyozizwa unokuthula kwangaphakathi.’ Lokho kwangisiza ngempela.”
“Iziboshwa engikanye nazo zazikhuluma amazwi ahlabayo zishiye ezingalazi zibhekise kimi,” kusho uRyszard, umzalwane oqinile obhapathiziwe. “Zazingixwayisa zithi: ‘Ungaya emihlanganweni yakho, kodwa ungazami ukuzenza ohlukile futhi wenze sengathi ungcono, Uyezwa?’ Lapho ngenza ushintsho ekuphileni kwami ngenxa yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, kwadingeka ngihlupheke ngalokho. Zazigumbuqela umbhede wami, zisaphaze izincwadi zami zeBhayibheli, futhi zingcolise ingxenye yami yesitokisi. Ngangithandaza kuJehova ngicela amandla okuzithiba bese ngihamba ngiyolungisa izinto zami ngokuthula. Ngemva kwesikhathi, zayeka ukungihlasela.”
“Lapho iziboshwa esikanye nazo zibona ukuthi senzé isinqumo esiqinile sokukhonza uJehova,” kulandisa ezinye iziboshwa ezibhapathiziwe, “ukucindezela kuza ngenye indlela. Zazingase zithi, ‘Khumbula ukuthi akusafanele uphuze, ubheme noma uqambe amanga.’ Lolo hlobo lokucindezela lusiza umuntu ukuba azithibe, asheshe ayeke noma yibuphi ububi noma ukulutheka. Futhi kusiza umuntu ukuba ahlakulele izithelo zomoya.”—Galathiya 5:22, 23.
Ukuba Izikhonzi ZikaNkulunkulu Ezizinikezele
Ngemvume yeziphathimandla zasejele, ubhapathizo lokuqala lwenzelwa endaweni yokuvivinya umzimba entwasahlobo ka-1991. Kwakuzobhapathizwa uZdzisław owayejabulile. Kwaba neziboshwa ezingu-12, futhi kwafika abazalwane nodade bangaphandle abangu-21 kulesi senzakalo. Lowo mhlangano wazikhuthaza iziboshwa. Eziningana zazo zathuthuka ngokuphawulekayo kangangokuthi kwabhapathizwa ezinye iziboshwa ezimbili kamuva ngalowo nyaka. Ngemva kweminyaka emibili, ngo-1993, ubhapathizo lwenziwa kabili, futhi kwaba nezinye iziboshwa ezingu-7 ezabonakalisa ukuzinikezela kwazo kuJehova!
Libika ngobhapathizo olwalungo-December, iphephandaba lendawo, i-Wieczór Wrocławia, lathi: “Abantu bayaqhubeka bengena ehholo lokuvivinya umzimba, babingelela bonke futhi bayabaxhawula. Akekho oyisihambi lapha. Bakha umkhaya omkhulu owodwa, obumbene ngokucabanga, ngendlela yawo yokuphila, nasekukhonzeni uNkulunkulu oyedwa, uJehova.” Lowo “mkhaya omkhulu owodwa” ngaleso sikhathi kwakungowabantu abangu-135, ohlanganisa neziboshwa ezingu-50. Ake sazane nezinye zazo.
UJerzy, owabhapathizwa ngo-June, uyalandisa: “Nakuba ngangike ngalizwa iqiniso leBhayibheli eminyakeni ethile edlule, nganginenhliziyo yetshe ngempela. Ukukhwabanisa, ukuhlukanisa nomkami wokuqala, ubuhlobo obungemthetho noKrystyna, ingane ngaphandle kwezibopho zomshado nokubuyela kaningi ejele—kwakunjalo ukuphila kwami.” Ebona indlela ezinye izigebengu ezilukhuni ezaziba ngayo oFakazi zisejele, waqala ukuzibuza, ‘Ingabe anginakuba indoda engcono nami?’ Wacela isifundo seBhayibheli futhi waqala ukuza emihlanganweni. Nokho, ushintsho olukhulu lwenzeka lapho ezwa ngomshushisi wamacala omphakathi ukuthi uKrystyna wayeseneminyaka emithathu engomunye woFakazi BakaJehova. “Ngamangala kakhulu!” kusho uJerzy. “Ngacabanga, ‘Kuthiwani ngami? Ngenzani?’ Ngaqaphela ukuthi ukuze ngamukelwe uJehova, kwakudingeka ngilungise ukuphila kwami.” Ngenxa yalokho, bahlangana ngenjabulo ejele—noKrystyna nendodakazi yabo eneminyaka engu-11 ubudala, uMarzena. Akuphelanga sikhathi, babhalisa umshado wabo ngokomthetho. Nakuba esesejele futhi ebhekana nezinkinga ngezinye izikhathi, uJerzy uye wazifundisa ulimi lwezandla futhi uyakwazi ukusiza iziboshwa eziyizithulu.
UMirosław wahileleka ebugebengwini esesesikoleni esiphansi. Wayekuthanda kakhulu lokho okwakwenziwa abangane bakhe, futhi ngokushesha waqala ukwenza okufanayo. Baningi abagebenga noma abashaya. Wagcina esejele. “Lapho ngiqaphela ukuthi ngase ngisejele, ngacela usizo kumpristi,” kuvuma uMirosław. “Kodwa ngadumazeka kakhulu. Ngakho nganquma ukuzibulala ngoshevu.” Ngalo kanye usuku ayehlele ukuzibulala ngalo, wathuthelwa kwesinye isitokisi. Lapho, wathola umagazini INqabayokulinda owawukhuluma ngenjongo yokuphila. “Ukwaziswa okulula nokucacile kwakuyilokho kanye engangikudinga,” uyenezela. “Manje ngase ngifuna ukuphila! Ngakho ngathandaza kuJehova futhi ngacela isifundo seBhayibheli koFakazi.” Wathuthuka ngokushesha esifundweni sakhe seBhayibheli futhi wabhapathizwa ngo-1991. Manje ukhonza njengephayona elisizayo ejele, njengoba enelungelo lokushumayela esitokisini ngasinye.
Kuze kube manje sekubhapathizwe iziboshwa ezingu-15. Isigwebo sazo sezizonke sicela eminyakeni engu-260. Ezinye zadedelwa ngaphambi kokuqeda izigwebo zazo. Isigwebo seminyaka engu-25 sesinye isiboshwa sancishiswa ngeminyaka engu-10. Futhi eziningana ezazibonisa isithakazelo lapho zisesejele zaba oFakazi ngemva kokudedelwa. Ngaphezu kwalokho, kunezinye iziboshwa ezine ejele ezizilungiselela ubhapathizo.
Ukuvuma Kweziphathimandla Zasejele
“Ukushintsha kwesimo sengqondo seziboshwa kuye kwaba okuphawuleka ngokukhethekile,” kusho umbiko wasejele. “Eziningi ziyeka ukubhema, futhi zigcina izitokisi zazo zihlanzekile. Kubonakala ushintsho olunjalo lokuziphatha eziboshweni eziningi.”
Iphephandaba i-Życie Warszawy libika ukuthi izikhulu zejele laseWołów zavuma ukuthi “iziboshwa ziziphethe kahle; azibabangeli zinkinga neze onogada basejele.” Lesi sihloko siyaqhubeka siphawula ukuthi lezo ezikhululwa ngaphambi kokuqeda izigwebo zazo zizibandakanya noFakazi BakaJehova ngokugcwele futhi azibuyeli ezindleleni zazo zobugebengu.
Futhi uyini umbono womqondisi wejele? Uthi: “Umsebenzi woFakazi BakaJehova kuleli jele ufiseleka kakhulu futhi uwusizo.” Umqondisi wejele uyavuma ukuthi “ekutadisheni kwazo iBhayibheli [noFakazi], izimilo nezindinganiso zeziboshwa ziyashintsha, zibe amandla amasha aziqondisayo ekuphileni kwazo. Zenza izinto ngobuhlakani obukhulu nangomoya ophansi. Ziyizisebenzi ezikhuthele, cishe ezingadali zinkinga.” Amazwi amahle kanjena eziphathimandla, eqinisweni, ayabajabulisa oFakazi abasebenza neziboshwa ejele laseWołów.
OFakazi abavakashile bawaqaphela ngokugcwele amazwi kaJesu athi: “Ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi. . . . Ziyolalela izwi lami, futhi ziyoba mhlambi munye, namalusi munye.” (Johane 10:14, 16) Ngisho nezindonga zasejele azinakumvimbela uMalusi Omuhle, uJesu Kristu, ukuba abuthe abanjengezimvu. OFakazi eWołów bayakujabulela ukuba nelungelo lokuhlanganyela kule nkonzo ejabulisayo. Futhi bathembela kuJehova ukuba aqhubeke ebabusisa ekusizeni izinhliziyo zetshe eziningi ngokwengeziwe ukuba zisabele ezindabeni ezinhle zoMbuso ngaphambi kokuba kufike ukuphela.—Mathewu 24:14.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Inkinga ‘Yomuntu Omdala Oyingane’
“Ngemva kokuba sejele isikhathi esithile, iziboshwa ngokuvamile azibe zisaqonda ukuthi kusho ukuthini ukuphila ngokukhululekile, noma ngokuzimela,” kuphawula uFakazi osebenza ejele laseWołów. “Inkinga esinayo ngokuyinhloko inkinga ‘yomuntu omdala oyingane,’ umuntu ongazi ukuthi kufanele azinakekele kanjani lapho ephuma ejele. Yingakho indima yebandla idlulela ngalé kokumfundisa nje iqiniso leBhayibheli. Kudingeka simlungisele ukuba ingxenye yomphakathi, simxwayise ngezingozi ezintsha nezilingo angase abhekane nazo. Nakuba siqaphela ukuba singamvikeli ngokweqile, kumelwe simsize ukuba aqale kabusha ekuphileni.”