Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 9/15 kk. 21-23
  • Ingabe UNkulunkulu Ungokoqobo Kuwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Ungokoqobo Kuwe?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Tadisha ImiBhalo
  • Thandaza Njalo Nangentshiseko
  • Bhekisisa Indalo
  • Hamba NoJehova
  • Kungani Kufanele Sithandaze Singaphezi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indlela Ongasondela Ngayo KuNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Indlela Esingamazi Ngayo UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 9/15 kk. 21-23

Ingabe UNkulunkulu Ungokoqobo Kuwe?

LAPHO ubhekana nezinkinga ezicindezelayo, ingabe usondela kuNkulunkulu ngomthandazo ngokushesha? Uma kunjalo, uba nawo yini umuzwa wokuthi ukhuluma nomuntu ongokoqobo?

Lapho ekhuluma ngoYise wasezulwini, uJesu Kristu wathi: “Ongithumile ungokoqobo.” (Johane 7:28) Yebo, uJehova uNkulunkulu ungokoqobo, futhi ukuthandaza kuye kunjengokuphendukela kumngane osondelene kakhulu naye ukuze uthole usizo noma ukucetshiswa. Yiqiniso, ukuze uNkulunkulu ayizwe imithandazo yethu, kumelwe ihlangabezane nezimfuneko ezingokomBhalo zemithandazo eyamukelekayo. Ngokwesibonelo, kumelwe sisondele ngokuthobeka ‘kuMuzwi womthandazo’ ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu.—IHubo 65:2; 138:6; Johane 14:6.

Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ngenxa yokuthi uNkulunkulu akabonakali, akayena umuntu ongokoqobo. Kubo, uNkulunkulu angase abonakale eqhelile. Ngisho namaKristu athile aye afunda ngezimfanelo zikaNkulunkulu ezimangalisayo, ngezinye izikhathi angase akuthole kunzima ukuqonda indlela angokoqobo ngayo. Ingabe lokhu kuye kwenzeka kuwe? Uma kunjalo, yini engasiza ekwenzeni uJehova uNkulunkulu abe ngokoqobo kuwe?

Tadisha ImiBhalo

Ingabe uyitadisha njalo imiBhalo Engcwele? Lapho ulitadisha njalo nangokujule ngokwengeziwe iBhayibheli, uJehova uNkulunkulu uyoba ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe. Kanjalo ukholo lwakho luyoqina, ngomqondo othile lukwenze ukwazi ‘ukumbona Lowo ongabonakali.’ (Heberu 11:6, 27) Ngakolunye uhlangothi, ukutadisha iBhayibheli ngokwethukela noma ngokuqabukela cishe ngeke kube namphumela otheni okholweni lwakho.

Ngokwesibonelo: Ake sithi udokotela wakho ukutshele ukuthi ugcobe umuthi othile kabili ngosuku ukuze kuphele ukuqubuka okungapheli. Ingabe ukuqubuka kuyophela uma uwugcoba kanye noma kabili kuphela ngenyanga? Cishe ngeke. Ngokufanayo, umhubi usinika “ikhambi” lempilo engokomoya. Funda iZwi likaNkulunkulu “ngokunyenyeza imini nobusuku.” (IHubo 1:1, 2, NW) Ukuze sijabulele inzuzo yokukwenza njalo, kudingeka silisebenzise leli “khambi”—ukuhlola iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke ngosizo lwezincwadi zamaKristu.—Joshuwa 1:8.

Ingabe ungathanda ukwenza izikhathi zakho zokutadisha ziqinise ukholo ngokwengeziwe? Nakhu ukusikisela okukodwa: Ngemva kokufunda isahluko kuyi-New World Translation of the Holy Scriptures noma elinye iBhayibheli elinezikhombo zemibhalo, khetha ivesi elithakazelisayo bese ubheka imibhalo ekhonjiwe kulo. Lokhu kuyosicebisa isifundo sakho, futhi ngokungangabazeki uyohlatshwa umxhwele ukuvumelana okuseBhayibhelini. Lokhu nakho kuyokwenza uMlobi walo, uJehova uNkulunkulu, abe ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe.

Ukusebenzisa izikhombo zemibhalo kungakwenza futhi ujwayelane neziprofetho zeBhayibheli nokugcwaliseka kwazo. Mhlawumbe uzijwayele iziprofetho ezinkulu zeBhayibheli, njengalezo eziphathelene nokubhujiswa kweJerusalema abaseBabiloni. Nokho, iBhayibheli linoxhaxha lweziprofetho ezihlobene, kanye nokugcwaliseka kwazo. Ezinye zalezi ngokuvamile azaziwa kangako.

Ngokwesibonelo, funda isiprofetho esiphathelene nenhlawulo yokwakha iJeriko kabusha bese ucabangela ukugcwaliseka kwaso. UJoshuwa 6:26 uthi: “UJoshuwa wabafungisa ngalesosikhathi, wathi: Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lomuzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.” Ukugcwaliseka kwaso kwenzeka eminyakeni engaba ngu-500 kamuva, ngoba kweyoku-1 AmaKhosi 16:34 sifunda ukuthi: “Ezinsukwini [zeNkosi u-Ahabi] uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa nguAbiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.”a NguNkulunkulu ongokoqobo kuphela owayengaphefumulela iziprofetho ezinjalo futhi aqikelele ukuthi ziyagcwaliseka.

Lapho ufunda iBhayibheli, ungase ufise ukwazi ngephuzu elithile. Ngokwesibonelo, ungase uzibuze ukuthi kwathatha iminyaka emingaki ukuba isiprofetho esithile sigcwaliseke. Kunokuba umane ubuze othile, kungani ungenzi umzamo wokuzitholela ngokwakho? Ngokusebenzisa amashadi nezinsiza-kufunda zeBhayibheli, thungatha izimpendulo ngenkuthalo ngendlela obungazama ngayo ukuqonda ibalazwe lendawo enomcebo. (IzAga 2:4, 5) Ukuthola izimpendulo kuyoba nethonya elikhulu okholweni lwakho futhi kuyokwenza uJehova uNkulunkulu abe ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe.

Thandaza Njalo Nangentshiseko

Ungakweyi ukubaluleka komthandazo nokholo. Abafundi bakaJesu bacela ngokungagwegwesi bathi: “Siphe ukholo olwengeziwe.” (Luka 17:5) Uma uJehova eye wabonakala engeyena ongokoqobo kuwe, kungani ungathandazi kuye ngesidingo sakho sokholo olwengeziwe? Mcele ngokuqiniseka uYihlo osezulwini ukuba akusize umenze abe ngokoqobo kuwe.

Uma ukhathazwa yinkinga ethile engqondweni, zinike isikhathi sokukhuluma noMngane wakho osezulwini ngokusuka enhliziyweni. Lapho uJesu esondela ekufeni, wathandaza kakhulu. Nakuba awulahla umkhuba ongokwenkolo wokwenza imithandazo emide ehloselwe ukubukisa obala, wachitha ubusuku bonke ethandaza ngasese ngaphambi kokuba akhethe abaphostoli bakhe abangu-12. (Marku 12:38-40; Luka 6:12-16) Singase sifunde nakuHana, owaba unina womprofethi uSamuweli. Efisa ukuba nomntwana womfana, ‘waqhubeka ekhuleka phambi kukaJehova.’—1 Samuweli 1:12.

Yisiphi isifundo esiyisisekelo esisitholayo kukho konke lokhu? Uma unethemba lokuthola izimpendulo zemithandazo yakho, kumelwe uthandaze ngobuqotho, ngentshiseko, ungayeki—yiqiniso, uthandaze nangokuvumelana nentando kaNkulunkulu. (Luka 22:44; Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17; 1 Johane 5:13-15) Ukwenza lokhu kuyokusiza ukuba wenze uNkulunkulu abe ngokoqobo kuwe.

Bhekisisa Indalo

Ubuntu bengcweti yokudweba bungabonakala emidwebweni yayo. Ngokufanayo, ‘izimfanelo ezingabonakali’ zikaJehova, uMklami noMdali wendawo yonke, zibonakala ngokucacile endalweni. (Roma 1:20) Lapho sibhekisisa umsebenzi wezandla zikaJehova ngokucophelela, sibuqonda kangcono ubuntu bakhe, kanjalo uba ngokoqobo ngokwengeziwe kithi.

Uma wenza okungaphezu kokuzithi halamuzi ngeso izinto ezidalwe nguNkulunkulu, kungase kukuhlabe umxhwele ngokujulile ukuthi zingokoqobo kanjani izimfanelo zakhe. Ngokwesibonelo, ukwaziswa okuphathelene namakhono ezinyoni okuziqondisa ohambweni kungase kukukhulise kakhulu ukwazisa kwakho ukuhlakanipha kukaJehova. Lapho ufunda ngendawo yonke, ungase uthole ukuthi iMilky Way, engama-light-year angu-100 000 ububanzi, imane nje ingomunye wemithala eyizinkulungwane zezigidi ekhona kuyo yonke indawo. Ingabe lokho akuyigxilisi kuwe indlela ukuhlakanipha koMdali okungokoqobo ngayo?

Ngokungangabazeki, ukuhlakanipha kukaJehova kungokoqobo! Kodwa kusho ukuthini lokho kuwe? Ngokuqinisekile, akunakwenzeka ukuba adidwe yizinkinga noma ubani kithi aziyisa kuye ngomthandazo. Yebo, ngisho nolwazi oluncane lwendalo lungenza uJehova abe ngokoqobo ngokwengeziwe kuwe.

Hamba NoJehova

Ingabe wena ngokwakho ungakubona ukuthi uJehova ungokoqobo kanjani? Yebo, uma unjengenzalamizi ethembekile uNowa. Yayimlalela njalo uJehova, kangangokuthi kwathiwa: “UNowa wayehamba noNkulunkulu.” (Genesise 6:9) UNowa waphila njengokungathi uJehova wayeseceleni kwakhe ngokoqobo. UNkulunkulu angaba ngokoqobo kanjalo nakuwe.

Uma uhamba noNkulunkulu, uyazethemba izithembiso zakhe ezingokomBhalo futhi wenze ngokuvumelana nazo. Ngokwesibonelo, uyawakholelwa amazwi kaJesu athi: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu], futhi zonke lezi ezinye izinto [ezibonakalayo eziyisidingo] ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:25-33) Yiqiniso, uJehova angase angakunikezi ngaso sonke isikhathi lokho okudingayo ngendlela obulindele ngayo. Nokho, lapho uthandaza bese uthola usizo lukaNkulunkulu, uyoba ngokoqobo kuwe njenganoma ubani oseceleni kwakho.

Ubuhlobo obunjalo bokusondelana noJehova bakheka njengoba umuntu ephikelela ekuhambeni noNkulunkulu. Cabanga ngoManuela, uFakazi okhuluma iSpanishi, oye wakhuthazelela ukulingwa okuningi. Uthi: “Noma nini lapho ngikhathazekile noma ngiswele, ngiye ngasebenzisa isimiso esikuzAga 18:10. Ngigijimela kuJehova ukuze ngithole usizo. Ngaso sonke isikhathi uye waba ‘umbhoshongo onamandla’ kimi.” UManuela angakusho lokhu ngemva kweminyaka engu-36 yokwethembela kuJehova nokubona ukusekela kwakhe.

Ingabe usanda kuqala ukwenza uJehova abe yithemba lakho? Ungadumali uma ubuhlobo bakho naye bungakabi yilokho ofuna bube yikho. Phila usuku ngalunye njengomuntu ohamba noNkulunkulu. Njengoba wakha indlela yokuphila ngokwethembeka, uyojabulela ubuhlobo obuseduze ngokwengeziwe noJehova.—IHubo 25:14; IzAga 3:26, 32.

Enye indlela yokuhamba noNkulunkulu iwukugxila enkonzweni yakhe. Lapho uhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, uyisisebenzi esikanye noJehova. (1 Korinte 3:9) Ukuqaphela lokhu kwenza uNkulunkulu abe ngokoqobo ngempela kuwe.

Umhubi uyanxusa: “Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.” (IHubo 37:5) Ungalokothi uhluleke ukuphonsa kuNkulunkulu noma yimiphi imithwalo esindayo noma ukukhathazeka onako. Bheka kuye njalo ukuze uthole usizo nesiqondiso. Uma uncika kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo futhi umethembe ngokuphelele njalo, uyozizwa ulondekile ngoba wazi ukuthi ngeke ahluleke ukuthatha isinyathelo sokukusiza. Ingabe uyaqiniseka lapho usondela kuJehova ngezinto ezikukhathazayo? Uyoqiniseka—uma uNkulunkulu engokoqobo kuwe.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole esinye isibonelo, funda ngokungcoliswa kwe-altare likaJerobowamu okwakubikezelwe kweyoku-1 AmaKhosi 13:1-3. Yibe usuphawula ukugcwaliseka kwaso okukweyesi-2 AmaKhosi 23:16-18.

[Isithombe ekhasini 21]

Yenza isikhathi sakho sokutadisha siqinise ukholo

[Isithombe ekhasini 22]

Zinike isikhathi sokuthandaza njalo nangentshiseko

[Izithombe ekhasini 23]

Bhekisisa indlela izimfanelo zikaNkulunkulu ezibonakala ngayo endalweni

[Imithombo]

Hummingbird: U.S. Fish and Wildlife Service, Washington, D.C./Dean Biggins; stars: Photo: Copyright IAC/RGO 1991, Dr. D. Malin et al, Isaac Newton Telescope, Roque de los Muchachos Observatory, La Palma, Canary Islands

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela