Qikelela Ukuthi Uzibeka Kuqala Izinto Eziza Kuqala!
Ubusuku bomhlangano, kodwa unomsebenzi okudingeka uwenze. Yikuphi ozokubeka kuqala?
UNGUMYENI nobaba. Njengoba usuku oludonsile nobelunzima emsebenzini seluya ekupheleni, uqala ukucabanga ngomhlangano webandla wakusihlwa. Uma uphuma ngokushesha emsebenzini, uzoba nesikhathi esanele nje ukuba ugeze, ushintshe izingubo, udle ngokushesha ngaphambi kokuba uye emhlanganweni. Ungazelele, umqashi wakho uza kuwe akucele ukuba usebenze isikhathi esengeziwe. Uthembisa ukukukhokhela imali enhle. Uyayidinga le mali.
Noma, uyinkosikazi nomama. Njengoba ulungisa ukudla kwakusihlwa, uphawula inqwaba yezingubo ezinga-ayiniwe, ezinye zazo ezizodingeka kusasa. Uyazibuza, ‘Uma ngiya emhlanganweni namuhla kusihlwa, ngizosithola nini isikhathi soku-ayina?’ Njengoba usanda kuqala ukusebenza isikhathi esigcwele, uyabona ukuthi kunzima kanjani ukunakekela imisebenzi yasekhaya ube wenza umsebenzi wokuziphilisa.
Noma, ungumfundi. Ekamelweni lakho, itafula linesitaki esikhulu somsebenzi wesikole wasekhaya. Omningi wawo sekuyisikhathi impela wawabelwa, kodwa ubulokhu uwuhlehlisa, futhi manje izabelo eziningana sezifuneka ngesikhathi esisodwa. Ulingekela ukuba ucele kubazali bakho imvume yokuhlala ekhaya ungayi emhlanganweni ukuze uqede umsebenzi wakho wesikole.
Yikuphi wena obungakubeka kuqala: umsebenzi wokuziphilisa owengeziwe, uku-ayina, umsebenzi wesikole wasekhaya, noma umhlangano webandla? Kusho ukuthini, ngomqondo ongokomoya, ukuzibeka kuqala izinto eziza kuqala? Uyini umbono kaJehova?
Yini Okufanele Ize Kuqala?
Ngemva nje kokuba ama-Israyeli ethole iMiyalo Eyishumi, kwatholakala indoda ethile itheza ngeSabatha. Lokhu kwakwenqatshelwe ngokuphelele eMthethweni. (Numeri 15:32-34; Duteronomi 5:12-15) Wawuyokwahlulela kanjani kule ndaba? Ingabe wawuyoyixolela le ndoda, uthi kakade yayingasebenzi ngenjongo yokuzigcina iphila ngokunethezeka kodwa yayenzela ukulungiselela izidingo zomkhaya wayo? Ingabe wawuyoveza ukuthi kwakuzoba namathuba amaningi okugcina iSabatha phakathi nawo wonke unyaka nokuthi ukugejwa yithuba elilodwa, mhlawumbe ngenxa yokungahleli kwale ndoda kusengaphambili, kwakungase kuthethelelwe kalula?
UJehova wayibheka njengenohlonze kakhudlwana le ndaba. IBhayibheli lithi: “UJehova wathi kuMose: Lowomuntu wobulawa nokubulawa.” (Numeri 15:35) Kungani uJehova ayenomuzwa onamandla kangaka ngalokho okwakwenziwe yile ndoda?
Abantu babenezinsuku eziyisithupha ababengatheza ngazo futhi basingathe izidingo zabo eziphathelene nokudla, okokwembatha nendawo yokufihla ikhanda. Usuku lwesikhombisa kwakufanele lunikelwe ezidingweni zabo ezingokomoya. Nakuba kwakungekhona okungalungile ukutheza, kwakungalungile ukusebenzisa isikhathi okwakufanele sigcinelwe ukukhulekela uJehova ukuze kwenziwe lokho. Nakuba amaKristu engekho ngaphansi koMthetho KaMose, ingabe lesi senzakalo asisifundisi isifundo sokuhlela kahle izinto eziza kuqala kithi namuhla?—Filipi 1:10.
Ngemva kokuchitha iminyaka engu-40 ehlane, ama-Israyeli alungela ukungena eZweni Lesithembiso. Amanye ayesekhathele ukudla imana elalilungiselelwe ngokwaphezulu ehlane futhi ngokungangabazeki ayesebheke phambili ekutholeni ukudla okuhlukile. Ukuze awasize agcine umbono ofanele njengoba engena ezweni “elichichima ubisi nezinyosi,” uJehova wawakhumbuza: “Umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.”—Eksodusi 3:8; Duteronomi 8:3.
Ama-Israyeli kwakuyodingeka alusebenzele kanzima “ubisi” lwawo “nezinyosi.” Kwakunamabutho okwakudingeka anqotshwe, izindlu okwakudingeka zakhiwe namasimu okwakudingeka atshalwe. Noma kunjalo, uJehova wayala abantu ukuba usuku ngalunye babekele eceleni isikhathi sokuzindla ngezinto ezingokomoya. Kwakufanele futhi bazinike isikhathi sokufundisa izingane zabo izindlela zikaNkulunkulu. UJehova wathi: ‘Niyakufundisa abantwana benu [imiyalo yami], nikhulume ngayo, lapho nihlezi endlini yenu, nalapho nihamba endleleni, nalapho nilala, nalapho nivuka.’—Duteronomi 11:19.
Kathathu ngonyaka bonke abesilisa abangama-Israyeli nabangamaproselithe ezweni bayalwa ukuba babonakale phambi kukaJehova. Ziqaphela ukuthi umkhaya wonke wawuyozuza ngokomoya ezenzakalweni ezinjalo, izinhloko zemikhaya eziningi zazihlela ukuba zihambe namakhosikazi nezingane zazo. Kodwa ubani owayeyovikela amakhaya abo namasimu abo ekuhlaselweni yizitha ngenkathi umkhaya usahambile? UJehova wathembisa: “Akuyikubakho-muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.” (Eksodusi 34:24) Kwakudinga ukholo kuma-Israyeli ukukholelwa ukuthi uma ayebeka izithakazelo ezingokomoya kuqala, ayengeke alahlekelwe ngokwezinto ezibonakalayo. Ingabe uJehova wakufeza ayekuthembisile? Ngokuqinisekile wakufeza!
Qhubeka Ufuna Kuqala UMbuso
UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukubeka izinto ezibalulekile ezingokomoya ngaphambi kwakho konke okunye. ENtshumayelweni Yasentabeni, weluleka ababemlalele: “Ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ . . . Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto [ezibonakalayo eziyisidingo] ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:31, 33) Ngokushesha ngemva kokufa kukaJesu, amaKristu ayesanda kubhapathizwa alandela leso seluleko. Amaningi ayengamaJuda noma amaproselithe angamaJuda ayeze eJerusalema ezogubha umkhosi wePhentekoste ngo-33 C.E. Ngenkathi elapho, kwenzeka okuthile okwakungalindelekile. Ezwa futhi amukela izindaba ezinhle ezimayelana noJesu Kristu. Emagange ukufunda okwengeziwe ngenkolo ayesanda kuyithola, ahlala eJerusalema. Aphelelwa yimiphako, kodwa izinto ezibonakalayo zokunethezeka zazingeyona into eza kuqala. Ayethole uMesiya! Abafowabo abangamaKristu babelana nabo noma yiziphi izinto ezibonakalayo ababenazo ukuze bonke bakwazi ukuqhubeka ‘bezinikela ekufundiseni kwabaphostoli nasemithandazweni.’—IzEnzo 2:42.
Ngokuhamba kwesikhathi, amaKristu athile adebeselela isidingo sokuhlangana njalo emihlanganweni. (Heberu 10:23-25) Mhlawumbe aqala ukuthanda izinto ezibonakalayo, awangabe esazishaya mkhuba izinto ezingokomoya kuyilapho ezama ukuqiniseka ukuthi wona nemikhaya yawo alondekile ngokwezimali. Ngemva kokunxusa abafowabo ukuba bangayiyeki imihlangano, umphostoli uPawulu wabhala: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, kuyilapho naneliswa izinto ezikhona. Ngoba uthe: ‘Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.’”—Heberu 13:5.
Kwahlaluka ukuthi iseluleko sikaPawulu sasifike ngesikhathi ngempela. Eminyakeni engaba mihlanu ngemva kokuba uPawulu ebhale incwadi yakhe eyayiya kumaHeberu, ibutho lamaRoma likaCestius Gallus lahaqa iJerusalema. AmaKristu athembekile akhumbula isixwayiso sikaJesu: “Lapho nibona [lokhu] . . . , umuntu ophezu kwendlu makangehli, noma angene ngaphakathi ukuyothatha noma yini ayikhiphe endlini yakhe; futhi umuntu osensimini makangabuyeli ezintweni ezisemuva ayothatha ingubo yakhe yangaphandle.” (Marku 13:14-16) Ayazi ukuthi ukusinda kwawo kwakungaxhomekile ekuzinzeni komsebenzi wawo wokuziphilisa noma enanini lezimpahla zawo ezibonakalayo, kodwa kwakuxhomeke ekulaleleni kwawo iziyalezo zikaJesu. Lawo ayesilalelile iseluleko sikaPawulu futhi abeka izithakazelo ezingokomoya kuqala ngokungangabazeki akuthola kulula ukushiya ikhaya, umsebenzi, izingubo, nezinto zawo eziyigugu futhi abalekele ezintabeni ukudlula noma yimaphi ayengazange ayeke ukuthanda imali.
Indlela Abanye Abazibeka Ngayo Kuqala Izinto Eziza Kuqala Namuhla
AmaKristu athembekile namuhla ayakwazisa ukuhlangana njalo nabafowabo, futhi amaningi ayazidela ukuze abe semihlanganweni. Ezindaweni ezithile, okuwukuphela komsebenzi wokuziphilisa otholakalayo yilowo ohilela ukusebenza amashifu. Omunye umzalwane ucela ukusebenza esikhundleni salabo asebenza nabo ngeMigqibelo ebusuku, okuyisikhathi iningi labantu bendawo yakubo elithanda ukusisebenzisela ukuzilibazisa, uma nabo bezomsebenzela ishifu yakhe ngobusuku bemihlangano. Abanye abazalwane abasebenza amashifu baya emihlanganweni yebandla eliseduze uma umsebenzi ubenza bangakwazi ukuya kweyelabo. Ngale ndlela, cishe abaphuthelwa nanini umhlangano. Umuntu owayesanda kuthakazela eCanada wakuqaphela ngokushesha ukubaluleka kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noMhlangano Wenkonzo, kodwa isimiso sakhe sasemsebenzini sasingqubuzana nokuza kwakhe emihlanganweni. Ngakho, wayekhokhela asebenza naye ukuze amsebenzele ishifu yakhe ukuze yena akwazi ukuza kule mihlangano ebalulekile.
Abaningi abanezifo ezingamahlalakhona bayaqabukela bephuthelwa umhlangano. Balalela isimiso besekhaya ngokusixhuma ocingweni noma balalele ikhasethi eqoshiwe lapho bengenakuba khona eHholo LoMbuso. Babonisa ukwazisa okutusekayo ngamalungiselelo kaJehova angokomoya awenza ‘ngesigqila’ sakhe ‘esikholekile nesiqondayo’! (Mathewu 24:45) AmaKristu anakekela abazali bawo asebegugile akwazisa ngempela lapho umzalwane noma udade ezinikela ukuba ahlale nomzali ukuze omnakekelayo akwazi ukuya emhlanganweni webandla.
Hlela Kusengaphambili!
Abazali abaziqaphelayo izidingo zabo ezingokomoya basiza izingane zabo ukuba ziyazise imihlangano yamaKristu. Ngokuvamile, balindela ukuba izingane zabo zenze umsebenzi wazo wesikole ngesikhathi ziwabelwa kunokuba zivumele izabelo zinqwabelane. Ngobusuku bemihlangano, izingane zenza umsebenzi wazo wesikole lapho nje zifika ekhaya zivela esikoleni. Imisebenzi yokuzilibazisa nezinye izinto akuvunyelwa ukuba kuphazamise imihlangano yebandla.
Njengomyeni nobaba, ingabe wenza ukuba khona emihlanganweni kuze kuqala? Njengenkosikazi nomama, uyazama yini ukuhlela imithwalo yakho yemfanelo ngendlela yokuba ukwazi ukuya emihlanganweni? Njengosemusha, ingabe uhlela ukuba umsebenzi wakho wesikole ungaphazamisi imihlangano, noma uhlela ukuba imihlangano ingaphazamisi umsebenzi wakho wesikole?
Umhlangano webandla uyilungiselelo likaJehova lothando. Kufanele senze wonke umzamo wokuba sihlanganyele kulelo lungiselelo. UJehova uyokubusisa ngokucebile uma uzibeka kuqala izinto eziza kuqala!