“Ngubani Owazala Amathonsi Amazolo Na?”
UMLOBELI wephephandaba wangekhulu le-19 leminyaka wachaza amathonsi amazolo ngokuthi “uketshezi lomhlaba oluyigugu, olwakhiwa umoya.” UMdali wethu wabuza inzalamizi yasendulo uJobe: “Ngubani owazala amathonsi amazolo na?” (Jobe 38:28) UNkulunkulu wayekhumbuza uJobe ukuthi nguye ongumsunguli wamazolo ayigugu.
Ngaphandle kobuhle bawo obubenyezelayo, obunjengamagugu, eBhayibhelini amazolo ahlotshaniswa nesibusiso, inzalo, ubuningi nokulondolozwa kokuphila. (Genesise 27:28; Duteronomi 33:13, 28; Zakariya 8:12) Phakathi nenkathi yakwa-Israyeli eshisayo, engenamvula, “amazolo aseHermoni” alondoloza uhlaza lwezwe, futhi ngaleyo ndlela alondoloza abantu bakhona. Isiqongo seNtaba yaseHermoni esinehlathi neqhwa sisayenza imihwamuko yasebusuku eshintsha ibe amathantala amazolo. Umhubi uDavide waqhathanisa ukuqabuleka okulethwa yilawa mazolo nomuzwa ojabulisayo wokuhlala ngobunye nabakhulekeli bakaJehova esikanye nabo.—IHubo 133:3.
Imiyalo yomprofethi uMose ku-Israyeli yayimnene futhi iqabula, njengamathonsi amazolo. Wathi: “Inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini.” (Duteronomi 32:2) Namuhla, oFakazi BakaJehova bamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezinika ukuphila kuze kube semkhawulweni womhlaba. (Mathewu 24:14) UNkulunkulu ukhipha isimemo: “‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAmbulo 22:17) Izigidi zabantu bazo zonke izizwe bayasamukela lesi simemo sokuqabuleka okungokomoya okuvela kuNkulunkulu, okungalondoloza ukuphila phakade.