Umsebenzi ‘Okungenakwenzeka Ukuba Ungahlonishwa’
UMPHOSTOLI UPETRU wayala amaKristu ayekanye naye: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu . . . ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.” (1 Petru 2:12) Sekuyiminyaka eminingi oFakazi BakaJehova e-Italy bebonisa obala ukuziphatha okuhle okunjalo. Ngokuvumelana nesimiso somyalo kaJesu wokuba ‘kushunyayelwe phezu kwezindlu,’ benza wonke umsebenzi wabo wobuKristu obala, bebonwa kahle umphakathi. (Mathewu 10:27; Johane 18:20) Ngenxa yalokho, lapho ummeli ongumNtaliyane nompristi benyathelisa amazwi amangalela oFakazi BakaJehova ngokuthi “bayihlelo lenkolo-mbumbulu” futhi bebahlanganisa “nezinhlangano zomshoshaphansi eziyenga abantu,” oFakazi banquma ukuthatha isinyathelo esingokomthetho ngenxa yala mazwi anyundelayo.
Ekuqulweni kwecala lokuqala, inkantolo yaphetha ngokuthi awukho umthetho ophulwe yilo mmeli nompristi. Nokho, ngo-July 17, 1997, iNkantolo Yokudlulisela Amacala YaseVenice yasichitha isinqumo senkantolo sokuqala, yathola bobabili abamangalelwa benecala. INkantolo Yokudlulisela Amacala yathi: “Zombili lezi zihloko ezinyathelisiwe okukhulunywa ngazo zinamagama namazwi ngokuqinisekile angonakalisa idumela labalandeli benkolo ‘yoFakazi BakaJehova.’ Kubonakala kusobala ukuthi injongo yalezi zihloko iwukwenza abalandeli bayo benyanywe umphakathi.” Le nkantolo yathi lezi zihloko “ziwukusetshenziswa okungafanele kwelungelo lokubika nokugxeka.” Yabahlawulisa laba banyundeli ababili futhi yathi bakhokhele zonke izindleko zenkantolo, kuhlanganise nazo zonke izindleko zoFakazi zawo womabili lamacala.
Esahlulelweni sayo esilotshiwe, iNkantolo Yokudlulisela Amacala YaseVenice yaphawula: “Izinhlobo zokungabekezelelani nokushiseka ngokweqile okungokwenkolo zingavinjelwa kuphela ngokulinganisela nokuvikela wonke amalungelo aqinisekiswe uMthetho-sisekelo [wase-Italy].” Lesi sinqumo sakuvuma ukuthi umsebenzi woFakazi BakaJehova awuwona owomshoshaphansi futhi awuwona owenkolo-mbumbulu. “Ukuhlanganisa oFakazi nezinhlangano zomshoshaphansi,” kuphawula inkantolo, “akuhloniphi ngisho nesici seqiniso elingokomlando, njengoba le nkolo eqhutshwayo ikhona emadolobheni amaningi futhi umsebenzi wokushumayela osakazeke kabanzi owenziwa amalungu ayo, ikakhulukazi ngamaSonto nangamanye amaholide, waziwa kakhulu futhi akunakwenzeka ukuba ungahlonishwa ngenxa yomzamo owenziwayo, kungakhathaliseki ukuthi yini umuntu angase ayicabange ngemfundiso eshunyayelwayo.” Ngakho, umlando wokushumayela ngentshiseko nokuziphatha okuyisibonelo koFakazi BakaJehova e-Italy kuye kwasiza ekususeni imibono engenasisekelo ngabo.—Mathewu 5:14-16; 1 Petru 2:15.