Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 8/15 kk. 21-24
  • Ukuphila Nokushumayela Eduze Nentaba-mlilo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Nokushumayela Eduze Nentaba-mlilo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Usongo Lwentaba-mlilo
  • OFakazi BakaJehova Bayaqhubeka Bematasa
  • Ungazilungiselela Kanjani?
  • Isixwayiso Ngezinga Elikhulu
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 8/15 kk. 21-24

Ukuphila Nokushumayela Eduze Nentaba-mlilo

“KUYETHUSA. Kungafana kakhulu nokuphela kwezwe iBhayibheli elikhuluma ngako. Kumelwe sihlale siphapheme futhi sinokuma okuhle phambi kukaJehova uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi.” Lawo amazwi kaVíctor, omunye woFakazi BakaJehova, lapho echaza ukuhlala kwakhe eduze nentaba-mlilo iPopocatépetl, evame ukubizwa ngokuthi iPopo, eMexico.

Le ntaba-mlilo edumayo iye yaba undab’uzekwayo emhlabeni wonke kusukela ngo-1994.a Iziphathimandla zaphetha ngokuthi yonke into esebangeni elingamakhilomitha angu-30 ukusuka emgodini wentaba-mlilo isendaweni eyingozi kakhulu. Ingxenye eseningizimu yentaba-mlilo iyingozi kakhulu ngoba umgodi wentaba-mlilo utshekele ngalapho futhi kunemihosha eminingana amatshe ancibilikile entaba-mlilo nodaka okungagobhozela kuyo lapho kuphuma emgodini wentaba-mlilo.

Njengoba ungase ulindele, abaningi bayazibuza ukuthi kuyokwenzekani ngeMexico City uma le ntaba-mlilo ingaqhuma kakhulu. Ingabe lelo dolobha lisengozini? Kube sekuba yibo bonke abantu basesifundazweni saseMorelos esiseningizimu yentaba-mlilo. Ingabe bonke abakuleyo ndawo nabo basengozini? Futhi kunjani ukuhlala eduze nentaba-mlilo, ungazi ukuthi yini ezokwenzeka usuku ngalunye?

Usongo Lwentaba-mlilo

Inkaba yeMexico City isebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-70 enyakatho-ntshonalanga yePopocatépetl, nakuba ezinye izindawo zokuhlala zisondele ngamakhilomitha angu-40. Ngokomthetho, yonke indawo esedolobheni, kanye nabantu bakhona abayizigidi ezingu-20, abekho endaweni eyingozi. Nokho, le ndawo ingathinteka uma intaba-mlilo ingakhipha umlotha omningi, kuye ngokuthi umoya uya ngakuphi.

Ngokuvamile imiphumela yomlotha wentaba-mlilo mibi kakhulu engxenyeni esempumalanga yentaba-mlilo. Le ndawo ihlanganisa idolobha lasePuebla namanye amadolobhana, okwenza kube nabantu abangaba ngu-200 000 abahlala endaweni eyingozi kakhulu. NgeSonto, ngo-May 11, 1997, intaba-mlilo yakhipha umlotha omningi usakazeka emoyeni nakuyo yonke le ndawo, efinyelela ngisho nasesifundazweni saseVeracruz, esisebangeni elingamakhilomitha angaphezu kuka-300 ukuya empumalanga. Endaweni eseningizimu yentaba-mlilo, esifundazweni saseMorelos, kunamadolobha amaningana anabantu abangaba ngu-40 000 nabo abangaba sengozini enkulu.

Phakathi kwakho konke lokhu, kunoFakazi BakaJehova abahlala futhi basebenze lapho. EMexico City, kunabangaphezu kuka-90 000 emabandleni angaba ngu-1 700. Igatsha le-Watch Tower Society lingaphandle kweMexico City ngasenyakatho-mpumalanga, ebangeni elingaba amakhilomitha ayikhulu ukusuka kuyintaba-mlilo. Kunezisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kuka-800 ezikhonza kulelo gatsha, ngaphandle kwezisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-500 ezenza umsebenzi omkhulu wokwakha. Bonke laba abekho endaweni eyingozi.

Esifundazweni saseMorelos, kunamabandla angaba ngu-50 oFakazi BakaJehova anabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-2 000. Amanye alawa mabandla, eliseTetela del Volcán naseHueyapan, asondele ngamakhilomitha angu-20 emgodini wentaba-mlilo. Ngaphezu kwalokho, empumalanga esifundazweni sasePuebla, kunamabandla anabamemezeli abangaba ngu-600 abahlala ebangeni elingamakhilomitha aphakathi kuka-20 no-30 ukusuka kuyintaba-mlilo. Yiqiniso, laba bangaba sengozini enkulu.

OFakazi BakaJehova Bayaqhubeka Bematasa

Naphezu kosongo oluqhubekayo, oFakazi BakaJehova abazange bayeke umsebenzi wabo wokushumayela kule ndawo. Futhi baye bahambisana nesimiso sabo semihlangano yobuKristu, esibanika umuzwa wobunye nethemba ngaphansi kwalezi zimo ezimbi. (Heberu 10:24, 25) Umbiko ovela kwelinye lala mabandla uthi: “Kuye kwaba noshintsho oluphawulekayo esimweni sengqondo sabantu ezindabeni ezinhle zoMbuso. Ngokwesibonelo, edolobhaneni elithile, kunabantu abangu-18 abasanda kwamukela izifundo zeBhayibheli zasekhaya.”

Elinye ibandla, elisebangeni elingamakhilomitha angu-20 ukusuka kuyintaba-mlilo, liyabika: “Ukwanda kuye kwaba okuphawulekayo. Leli bandla lamiswa ngo-November 1996. Ezinyangeni eziyisithupha ezalandela, abantu abayishumi bafanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Abanye abamemezeli bahlala ebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-20 kuphela ukusuka emgodini wentaba-mlilo. Lapho, kuqhutshwa imihlangano yobuKristu futhi abangaba ngu-40 baba khona [emihlanganweni].”

UMagdalena, ohlala eSan Agustín Ixtahuixtla, ePuebla, esebangeni elingamakhilomitha angu-25 kuphela ukusuka kuyintaba-mlilo, uye waqhubeka ematasa kakhulu ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli. Ulandisa lokho okwenzeka ngemva kokunye ukuqhuma okukhulu.

“Saziswa ukuthi kufanele sishiye amakhaya ethu, futhi senza kanjalo—emvuleni yomlotha. Naphezu kwesimo esiphuthumayo, ngacabanga ngomkhaya wakwaDorado engangifunda nawo iBhayibheli. Mina nabanye abazalwane saya emzini wabakwaDorado ukuze sibasize baye endaweni elondekile. Edolobheni eliseduze lasePuebla, ikomiti yosizo yoFakazi BakaJehova yase yenze amalungiselelo osizo. Umkhaya wakwaDorado wahlatshwa umxhwele kakhulu indlela sonke esaphathwa ngayo lapho. Kwase kunezindawo zokulala ezindaweni ezihlukahlukene esase sizilungiselelwe abafowethu abangamaKristu. Sasingasweli lutho, nakuba sasikude namakhaya. Lo mkhaya wawube khona kweminye yemihlangano eHholo LoMbuso, kodwa wamangazwa uthando owaluboniswa abazalwane owawungakaze ubabone. Ngemva kwamasonto athile sibuyele emakhaya, lo mkhaya waqala ukuba khona njalo kuyo yonke imihlangano. Ngokushesha wafanelekela ukuba abamemezeli bezindaba ezinhle. Ababili bawo manje baye babhapathizwa. Sebeye bakhonza njengezikhonzi ezingamaphayona asizayo izinyanga ezithile futhi benza amalungiselelo okungenela inkonzo yamaphayona avamile.”

UMartha, intombazane eneminyaka engu-20 ohlala ebangeni elingamakhilomitha angu-21 ukusuka emgodini wentaba-mlilo, akazange avumele ukukhubazeka kumvimbele ukuba asebenzise wonke amathuba okushumayela. Wafunda amaqiniso eminyakeni emithathu edlule lapho intaba-mlilo iphinde iqhuma. Kunokuba asebenzise isihlalo sabakhubazekile, okungaba nzima ukusisebenzisa endaweni eyehlelayo ahlala kuyo, ugibela imbongolo ukuze ahlanganyele emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle. Ugibela leyo mbongolo nalapho eya emihlanganweni. UMartha umbonga kakhulu uJehova ngokuba ingxenye yobuzalwane obunothando, ngoba uncike osizweni lodade ebandleni ukuze agibele noma ehle embongolweni. Inyanga ngayinye, usebenza amahora angaphezu kuka-15 enkonzweni.

Kulezi zindawo ezingazodwa, oFakazi BakaJehova bavame ukubhekana nokucindezela komakhelwane babo kokuba bahlanganyele nabo ekugubheni amaholide enkolo. ETulcingo, idolobhana elisebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-20 ukusuka kuyintaba-mlilo, indoda ethile yabelwa ukuba ihambele oFakazi ukuze iqoqe iminikelo yale mikhosi. Abazalwane bachaza ngesineke ukuthi kungani bengenakuhlanganyela kulawo maholide enkolo. Le ndoda yayiphikelela izama ukuthola imali kubazalwane kangangokuthi yaze yaqala ukujwayelana nabo, yazi ezinye zezinkolelo zabo. Yajabulela ukuthola izimpendulo zemibuzo yayo eBhayibhelini layo lamaKatolika. Yona nomkayo nendodakazi yabo baye baba khona njalo emihlanganweni unyaka wonke futhi le ndoda iye yazwakalisa isifiso sayo sokuba ummemezeli wezindaba ezinhle.

Ungazilungiselela Kanjani?

Izazi zezintaba-mlilo ziyahlola futhi zikhiphe imibiko engokomthetho ngokuphathelene nePopocatépetl esongelayo, kodwa akekho owaziyo ngempela ukuthi yini ezokwenzeka noma izokwenzeka nini. Ngokwabezindaba nabantu abahlala eduze nayo, intaba-mlilo ingase iqhume noma yinini. Iwusongo lwangempela. Yiqiniso, iziphathimandla zikhathazeke kakhulu futhi zifuna ukwenza konke ezingakwenza ukuze zilungele isimo esiphuthumayo. Kodwa kuyaqondakala ukuthi kumelwe ziqaphe ngokuphathelene nokukhipha isixwayiso, ngoba azifuni ukwenza abantu baphume ngobuningi uma kungenangozi esongelayo. Yini-ke okufanele umuntu ayenze?

Isaga seBhayibheli sithi: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” (IzAga 22:3) Ngakho-ke, inkambo ewukuhlakanipha iwukuba umuntu athathe izinyathelo ezidingekile ukuze aqiniseke ngokuthi uphephile ithuba lisekhona, angamane nje anganaki, kube sengathi akukho lutho oluzokwenzeka, ezitshela ukuthi uzobona khona, edlala ngamandla emvelo asabeka kangaka. Lena indlela oFakazi BakaJehova bakule ndawo abayibheka ngayo le ndaba.

Muva nje, abameleli behhovisi legatsha le-Watch Tower Society baye bahlangana nababonisi abajikelezayo besifundazwe sasePuebla, labo abaxhumana kakhulu namabandla asendaweni eyingozi. Kwenziwa amalungiselelo okuba ababonisi abajikelezayo namalungu ekomiti yosizo bahambele umkhaya ngamunye ohlala ebangeni elingamakhilomitha angu-25 ukusuka emgodini wentaba-mlilo. Le mikhaya yasizwa ukuba icabangele ukusuka kule ndawo eyingozi ngaphambi kokuba kugadle ingozi. Kwalungiselelwa izinto zokuthutha nezindawo zokuhlala ukuze kuhlaliswe kabusha abantu abangu-1 500 edolobheni lasePuebla. Eminye imikhaya yathutha yayohlala nezihlobo kwamanye amadolobha.

Isixwayiso Ngezinga Elikhulu

Intuthu, umlilo nokuduma okuvela kuyiPopocatépetl kuyizimpawu ezisobala zokuthi kuseduze ukuba iqhume. Bonke abafisa ukusinda kumelwe balalele izixwayiso ezikhishwa iziphathimandla futhi bathathe isinyathelo esifanele. OFakazi BakaJehova abasendaweni eseduze nentaba-mlilo bahlale beqaphile ukuze baqiniseke ukuthi baphephile futhi basiza nabanye ukuba bayibone ingozi futhi benze okuthile ngayo ngaphambi kokuba kwephuze kakhulu.

Ngezinga elikhulu, oFakazi BakaJehova baqaphela nezenzakalo zezwe becabangela iziprofetho zeBhayibheli. Izimpi, ukuzamazama komhlaba, indlala, izifo nobugebengu kubaluleke ngendlela efanayo nezimpawu ezibonisa ukuthi intaba-mlilo isizoqhuma. Kuyizici ezihlanganisa isibonakaliso uJesu Kristu abikezela ukuthi sasiyophawula ‘isiphelo sesimiso sezinto.’ Nakuba engekho owazi ngokuqondile ukuthi ukuphela kuyofika nini, akungabazeki ukuthi kuyeza futhi kuseduze kakhulu impela.—Mathewu 24:3, 7-14, 32-39.

Kunesidingo esiphuthumayo namuhla sokuba abantu kuyo yonke indawo basithathe ngokungathi sína isixwayiso sikaJesu esithi: “Zinakeni ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila, futhi ngokungazelelwe lolosuku lufike phezu kwenu ngaso lesosikhathi.” (Luka 21:34) Lena ngokusobala inkambo okuwukuhlakanipha ukuyithatha. Njengoba nje izimpawu eziyisixwayiso zentaba-mlilo zingenakuthathwa kancane, akumelwe sikushaye indiva ukusondela kweNdodana yomuntu, uJesu Kristu, eyanxusa: “Ngenxa yalokhu nani futhi zibonakaliseni nikulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningacabangi ukuthi iyoza ngalo.”—Mathewu 24:44.

[Umbhalo waphansi]

a I-Phaphama! ka-March 8, 1997, yabika ngale ntaba-mlilo esongelayo.

[Izithombe ekhasini 23]

UMartha (embongolweni) kanye nabanye bafakaza eduze nePopocatépetl

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela