Ubulungisa Bangempela—Nini Futhi Kanjani?
LAPHO kunobulungisa bangempela abangenacala kufanele bangesabi lutho. Ngempela, izakhamuzi cishe kuyo yonke indawo zinesizathu sokujabula lapho izwe lazo linesimiso somthetho esizama ukuqinisekisa ubulungisa. Isimiso esinjalo sihilela imithetho, amaphoyisa azoqinisekisa ukugcinwa kwayo nezinkantolo zokufeza ubulungisa. AmaKristu eqiniso ayasihlonipha isimiso sokwahlulela salapho ehlala khona, ngokuvumelana nomyalo weBhayibheli ‘wokuzithoba emagunyeni aphakeme.’—Roma 13:1-7.
Nokho, izimiso zokwahlulela emazweni ahlukahlukene ziye zenza amaphutha alimazayo nahlazisayo.a Kunokuba kujeziswe abanecala futhi kuvikelwe abangenacala, ngezinye izikhathi abantu abangenacala baye bajeziselwa amacala abangawenzanga. Abanye abantu baye bachitha iminyaka ejele, babe sebekhululwa ngaphambi kokuqeda isigwebo sabo ngenxa yokungabaza kakhulu ukuthi banecala nokuthi kwakufanele yini ukuba balahlwe icala. Ngenxa yalokho, abaningi bayabuza, Ingabe bonke abantu bayoke bajabulele ubulungisa bangempela? Uma kunjalo, kuyokwenzeka nini futhi kanjani? Ubani esingamethemba ekuvikeleni abangenacala? Futhi yiliphi ithemba elikhona ngezisulu zokungabi nabulungisa?
Ukonakala Kwezobulungisa
Ngawo-1980, iJalimane yabhekana “nenye yezinqubo ezethusa kakhulu zenkathi yangemva kwempi,” lapho umama egwetshwa ukudilikelwa ijele ngenxa yokubulala amadodakazi akhe amabili. Nokho, ngemva kweminyaka ethile, ubufakazi obabumlahla bahlolwa kabusha futhi wakhululwa, kusalindelwe ukuba icala lakhe liqulwe kabusha. Ngo-1995 i-Zeit yabika ukuthi isahlulelo sokuqala “sasingaba iphutha lokwahlulela.” Kuze kube isikhathi sokubhalwa kwalesi sihloko, lona wesifazane wayesechithe iminyaka engu-9 ejele kungaqinisekwa ukuthi unecala noma cha.
Ngobunye ubusuku ngo-November 1974, inkaba yedolobha laseBirmingham, eNgilandi, yazanyazanyiswa ukuqhuma kwamabhomu amabili abulala abantu abangu-21. Kwakuyisenzakalo “okungekho muntu waseBirmingham oyoke asikhohlwe,” kubhala uChris Mullen, ilungu lePhalamende. Kamuva, “amadoda ayisithupha angenacala alahlwa icala lokubulala elikhulu kunawo wonke emlandweni waseBrithani.” Kamuva, kwatholakala ukuthi ayemsulwa—kodwa ngemva kokuba la madoda esechithe iminyaka engu-16 ejele!
Umeluleki kwezomthetho uKen Crispin wabika ngecala “elaba ngundab’uzekwayo emphakathini ngendlela engavamile emibhalweni yezomthetho yase-Australia.” Umkhaya wawukanise eduze ne-Ayers Rock lapho ingane yawo inyamalala unomphela. Unina wamangalelwa ngokubulala, walahlwa icala, futhi wagwetshwa ukudilikelwa ijele. Ngo-1987, ngemva kokuboshwa iminyaka engaphezu kwemithathu, uphenyo olungokomthetho lwathola ukuthi ubufakazi obumlahlayo babungamenzi afanelwe ukulahlwa icala. Wakhululwa futhi waxolelwa.
Owesifazane oneminyaka engu-18 ubudala owayehlala eningizimu ye-United States wabulawa ngo-1986. Indoda esiqinile yamangalelwa, yalahlwa icala, futhi yagwetshwa intambo. Yachitha iminyaka eyisithupha endaweni yabalindele ukubulawa ngaphambi kokuba kutholakale ukuthi yayingathintene nalelo cala.
Ingabe lezi izibonelo eziyivelakancane zamaphutha okwahlulela? UDavid Rudovsky wase-University of Pennsylvania Law School uyaphawula: “Sengineminyaka engaba ngu-25 ngikulesi simiso [sokwahlulela] futhi ngibone amacala amaningi. Ngingathi labo abalahlwa icala bebe empeleni bengenacala . . . bangaba phakathi kuka-5% no-10%.” UCrispin ubuza umbuzo ophazamisayo: “Ingabe bakhona abanye abantu abangenacala abahleli njengabalahliwe ezitokisini zasejele?” Enzeka kanjani la maphutha adabukisa kangaka?
Izimiso Zokwahlulela Zabantu—Zinokushiyeka Kobuntu
Ngo-1991 iNkantolo Yokudlulisa Amacala YaseBrithani yagcizelela: “Asikho isimiso sabantu ongalindela ukuba sibe ngesiphelele.” Ukuthi isimiso sokwahlulela siyoba nobulungisa nokwethenjelwa kangakanani kuxhomeke kubantu abasiklamayo nabasiqondisayo. Abantu bathambekele ekwenzeni amaphutha, ekungathembekini nasekubandlululeni. Ngenxa yalokho, kufanele kungasimangazi ukuthi izimiso zokwahlulela zabantu zibonakalisa khona kanye lokho kushiyeka. Cabangela lokhu okulandelayo.
NgokukaMahluleli uRolf Bender waseJalimane, emaphesentini angu-95 awo wonke amacala obugebengu, amazwi ofakazi athathwa njengobufakazi obunqumayo. Kodwa ingabe ofakazi abanjalo banokwethenjelwa njalo ezinkantolo? IJaji uBender akacabangi kanjalo. Ucabangela ukuthi ingxenye yofakazi abavela phambi kwenkantolo bakhuluma amanga. UBernd Schünemann, uprofesa ogogodile womthetho wamacala obugebengu, wase-University of Munich, eJalimane, waphawula ngendlela efanayo. Lapho exoxa ne-Zeit, uSchünemann waqinisekisa ukuthi lawo mazwi ofakazi—nakuba engenakwethenjelwa—awubufakazi obuyinhloko. “Ngingathi isizathu esiyinhloko samaphutha obulungisa siwukuthi ijaji lincike emazwini ofakazi angenakwethenjelwa.”
Ofakazi bangawenza amaphutha; kanjalo namaphoyisa. Ikakhulukazi ngemva kobugebengu obubangela ukuthukuthela komphakathi, amaphoyisa acindezeleka ukuba abophe othile. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, amaphoyisa ngamanye aye azivumela ukuba alingekele ekwakheni ubufakazi noma aphoqelele umsolwa ukuba avume icala. Lapho amadoda ayisithupha ayelahlwe icala lokubhomba eBirmingham ekhululwa, iphephandaba laseBrithani i-Independent laba nesihloko esithi: “Kusolwa Amaphoyisa Onakele Ngokulahlwa Icala Kwabayisithupha.” Ngokwe-Times: “Amaphoyisa aqamba amanga, akha ugobe futhi akhohlisa.”
Kwezinye izimo, ubandlululo lungase lwenze amaphoyisa nomphakathi basole abathile bohlanga oluthile, inkolo noma ubuzwe. Njengoba kuphawula i-U.S.News & World Report, ukuxazulula ubugebengu kungaphenduka “indaba yobuhlanga kuneyokusebenzisa ukucabanga.”
Lapho icala lifinyelela enkantolo, izinqumo zingase zingathonywa yilokho ofakazi abakushoyo kuphela kodwa nawubufakazi obungokwesayensi. Emkhakheni wokuphenya ubugebengu ngobuchwepheshe oya uba yinkimbinkimbi ngokwengeziwe, ijaji noma amajaji kungase kudingeke anqume ukuthi umuntu unecala noma akanalo ngokusekelwe esimweni sokudubula kwesibhamu noma ukubhekwa kwemigqa yeminwe, indlela yokubhala, izinhlobo zegazi, umbala wezinwele, ukotini wendwangu noma amasampula e-DNA. Omunye ummeli waphawula ukuthi izinkantolo zibhekene “namaqembu ososayensi abachaza izinqubo eziyinkimbinkimbi ngokudidayo.”
Ngaphezu kwalokho, umagazini i-Nature uphawula ukuthi akubona bonke ososayensi abavumelana nencazelo yobufakazi bokuphenywa kobugebengu ngobuchwepheshe. “Kungaba nokungavumelani kwangempela phakathi kososayensi bokuphenywa kobugebengu ngobuchwepheshe.” Kuyadabukisa ukusho ukuthi “ubufakazi obuyiphutha bokuphenywa kobugebengu ngobuchwepheshe kakade sebuye babangela ukuba abaningi balahlwe amacala ngephutha.”
Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, zonke izimiso zokwahlulela ezisebenzayo manje zibonisa ukushiyeka komuntu. Ngakho ubani esingamethemba ekuvikeleni abangenacala? Ingabe singathemba ukuthi siyoke sibe nobulungisa bangempela? Futhi izisulu zephutha lokwahlulela zinaliphi ithemba?
“Mina-Jehova Ngithanda Ubulungisa”
Uma wena noma ilungu lomkhaya wakho liba isisulu sephutha lokwahlulela, uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu, bayakuqonda lokho obhekene nakho. Ukungabi nabulungisa okuhlasimulisa kunakho konke okwake kwenzeka kwenziwa lapho uKristu ebulawa esigxotsheni sokuhlushwa. Umphostoli uPetru usitshela ukuthi uJesu “akenzanga sono.” Nokho, wasolwa ofakazi bamanga, watholwa enecala, futhi wabulawa.—1 Petru 2:22; Mathewu 26:3, 4, 59-62.
Cabanga indlela okumelwe ukuba uJehova wazizwa ngayo ngokuphathwa kabi okunjalo kweNdodana yakhe! Ubulungisa bungenye yezimfanelo eziyinhloko zikaJehova. IBhayibheli liyasitshela: “Zonke izindlela zakhe zingukulunga.”—Duteronomi 32:4; IHubo 33:5.
UJehova wanika u-Israyeli isimiso sokwahlulela esiphawulekayo. Esimweni lapho kungatholakali ukuthi umuntu ubulewe ngubani, kwakufanele kwenziwe ukubuyisana ngomhlatshelo ngenxa yalowo muntu obulewe. Kwakungekho ukucindezeleka kokufuna ukuxazulula bonke ubugebengu kuze kungene umuntu ongenacala engozini yokulahlwa icala. Akukho muntu owayengalahlwa icala lokubulala ngenxa nje yobufakazi obugudliselayo noma obungokwesayensi; kwakudingeka okungenani ofakazi bokuzibonela ababili. (Duteronomi 17:6; 21:1-9) Lezi zibonelo zibonisa ukuthi uJehova unezindinganiso eziphakeme futhi uyakukhathalela ukuthi ubulungisa bufezwa kahle. Yebo, uthi: “Mina-Jehova ngithanda [ubulungisa].”—Isaya 61:8, qhathanisa ne-NW.
Yiqiniso, isimiso sokwahlulela sika-Israyeli sasiphethwe abantu abanokushiyeka okufanayo nokwethu. Kwakunezimo lapho umthetho wawusetshenziswa ngokungafanele. INkosi uSolomoni yabhala: “Uma ubona ukudlovulwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho.”—UmShumayeli 5:8.
UJehova wayekwazi ukulungisa ukungabi nabulungisa okwakwenziwa eNdodaneni yakhe. Ukuqiniseka ngalokhu kwamqinisa uJesu, owathi “ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa.” Ngokufanayo, ithemba elijabulisayo lokuphila emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kokubusa kukaMesiya, lapho kuyoba nobulungisa bangempela, lingasiqinisela ukuba sikukhuthazelele ukuzwa noma ngisho nokubhekana nokungabi nabulungisa kulesi simiso esidala. Akukho ukulimala uJehova angenakukulungisa ngesikhathi sakhe esifanele. Ngisho nalabo abalahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yephutha lokwahlulela bangase bavuswe.—Heberu 12:2; IzEnzo 24:15.
Uma sihlupheka ngenxa yokuba izisulu zokungabi nabulungisa, singabonga ngokuthi izimiso eziningi zokwahlulela zinemizila engokomthetho engase yenze sikwazi ukulungisa isimo. AmaKristu angase asebenzise imizila enjalo. Nokho, akhumbula leli qiniso: Izimiso zokwahlulela ezingaphelele zibonisa ukuthi umphakathi wabantu udinga ukulungiswa okukhulu. Lokho kuzokwenzeka maduze nje—kwenziwa uNkulunkulu.
UJehova ngokushesha uzosiqeda lesi simiso sezinto esingenabulungisa futhi esikhundleni saso amise isimiso esisha ‘okuyohlala kuso ukulunga.’ Singaqiniseka ngokuphelele ukuthi uMdali wethu ngaleso sikhathi uyofeza ubulungisa ngeNkosi yakhe yobuMesiya, uJesu Kristu. Kuseduze ukuba bonke abantu bajabulele ubulungisa! Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuba naleli themba.—2 Petru 3:13.
[Umbhalo waphansi]
a Emacaleni okukhulunywa ngawo lapha, INqabayokulinda ayisikiseli ukuthi abathile banecala noma abanacala, futhi lo magazini awubheki isimiso sokwahlulela sezwe elithile njengesingcono kuneselinye. Ngaphezu kwalokho, lo magazini awutusi uhlobo oluthile lwesigwebo kunolunye. Lesi sihloko simane sibeka amaqiniso ngendlela abekade aziwa ngayo ngesikhathi sokulotshwa kwaso.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
Izimiso zokwahlulela ezingaphelele —kanye nohulumeni owonakele, inkolo eyonakele nezamabhizinisi ezingenazimiso—zibonisa ukuthi umphakathi wabantu udinga ukulungiswa okukhulu
[Ibhokisi ekhasini 28]
Induduzo Evela EmiBhalweni Engcwele
Ngo-November 1952, uDerek Bentley noChristopher Craig bagqekeza indawo yokugcina impahla eCroydon, ngaseLondon, eNgilandi. UBentley wayeneminyaka engu-19 ubudala futhi uCraig enengu-16. Kwabizwa amaphoyisa, futhi uCraig wadubula wabulala elinye lamaphoyisa. UCraig wadonsa iminyaka engu-9 ejele, kuyilapho uBentley alengiswa ngecala lokubulala ngo-January 1953.
Udadewabo kaBentley, u-Iris, wakhankasa iminyaka engu-40 ukuze esule icala lokubulala egameni likaBentley ayengalenzanga. Ngo-1993, uMbusi waseBrithani wacela intethelelo ngokuphathelene nesigwebo, evuma ukuthi kwakungafanele ukuba uDerek Bentley alengiswe. U-Iris Bentley wabhala ngaleli cala encwadini ethi Let Him Have Justice:
“Esikhathini esingaba unyaka ngaphambi kwesenzakalo sokudubula uDerek wahlangana nomunye woFakazi BakaJehova emgwaqweni . . . UDade Lane wayehlala eduze nathi kuFairview Road futhi wamema uDerek ukuba azolalela izindaba zeBhayibheli. . . . Okwakukuhle kwakuwukuthi izindaba zeBhayibheli uDade Lane ayenazo zaziqoshiwe, wamboleka [njengoba uDerek ayengakwazi ukufunda ngokushelela]. . . . Wayevame ukubuya angitshele lokho uDade Lane ayemtshele khona, izinto ezinjengokuthi sonke sizophinde siphile ngemva kokufa.”
U-Iris Bentley wavakashela umfowabo endaweni yabalinde ukubulawa ngaphambi kokuba abulawe. Wayezizwa kanjani? “Lezo zinto uDade Lane ayemtshele zona zamsiza phakathi nalezo zinsuku zokugcina.”—Omalukeke sizenzele.
Uma kwenzeka ubhekana nobunzima ngenxa yephutha lobulungisa, kungakuhle ukuba ufunde futhi uzindle ngamaqiniso eBhayibheli. Lokhu kungakunika induduzo enkulu, ngoba uJehova uNkulunkulu “[unguYise] wesihe sesisa noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.”—2 Korinte 1:3, 4.
[Isithombe ekhasini 29]
Kwenziwa isenzo esingenabulungisa ngokuhlasimulisayo lapho kubulawa uKristu