Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukusebenzisa Wonke Amathuba
OFAKAZI BAKAJEHOVA baziwa emhlabeni wonke ngomsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli. Kodwa baqhuba nezinhlelo eziletha ezinye izinzuzo emphakathini. Le nkonzo yomphakathi iye yajatshulelwa kakhulu, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela e-Ecuador kubonisa.
◻ Abaphathi befektri enkulu eyenza ingilazi babefuna ukuhlelela izisebenzi zabo izifundo ezimayelana nezindinganiso zomkhaya. Umqondisi wezisebenzi wamema abapristi bamaKatolika abambalwa ukuba bahlanganyele kulolu hlelo kodwa abazange basabele. Omunye umpristi wamtshela ukuthi bambalwa kakhulu abapristi abakufanelekelayo ukukhuluma ngale ndaba, ngakho kungenzeka ukuthi akekho ozotholakala. Lapho sizwa lokhu, isisebenzi esithile esinguFakazi senza amalungiselelo okuba umzalwane ovame ukusebenza insimu yamabhizinisi avakashele le fektri.
Ngalo kanye usuku olulandelayo, lo Fakazi waya kumqondisi wezisebenzi ephethe uhlelo lwezifundo ezazicatshangelwa. Kwenziwa uhlu lwezihloko olusekelwe ezincwadini ezihlukahlukene ze-Watch Tower Society. Umqondisi wahlabeka umxhwele. Wakhetha izihloko ezintathu okwakuzoxoxwa ngazo—ubudlelwane babantu, izimiso zokuziphatha emsebenzini kanye nasemkhayeni. Kwabe sekwenziwa amalungiselelo okuba lokhu kwaziswa kucatshangelwe nazo zonke izisebenzi.
Izisebenzi zahlukaniswa zaba amaqembu angu-7 anabantu abangu-30 eqenjini ngalinye, ngemva kwalokho abazalwane abathathu abafanelekayo bazethulela lokhu kwaziswa. Yaba yini imiphumela? Izisebenzi eziningi zacela ukuba zivakashelwe emakhaya azo, futhi kwahanjiswa izinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezingu-216. Abaphathi bahlatshwa umxhwele kakhulu kangangokuba babuza ukuthi oFakazi bangakwazi yini ukulungiselela olunye uchungechunge lwezinkulumo.
◻ Muva nje, elase-Ecuador lishaye umthetho ovumela ukuba ezenkolo zifundiswe esikoleni. Udade oyisithunywa sevangeli wahambela unsumpa wesifazane wesikole sebanga eliphansi futhi wabuza ukuthi wawuhamba kanjani umthetho omusha. Unsumpa wachaza ukuthi babezame ukuqala uhlelo lokufundisa ngokukhulekelwa kukaMariya kodwa akuzange kube namphumela. Lapho udade ephawula ukuthi ukukhulekela okunjalo kwakungase kuzilethele izinkinga izingane ezingewona amaKatolika, unsumpa wavumelana naye. Lo dade oyisithunywa sevangeli wathi: “Ngakolunye uhlangothi, sinohlelo lokufundisa izimiso zokuziphatha ezivela eBhayibhelini ezingamphoqi umuntu ukuba amukele inkolo ethile.” Unsumpa waphendula: “Ungeza nini? Ngomhlomunye?” Ngemva kokuba isithunywa sevangeli simbonise incwadi ethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu, kwanqunywa ukuthi kwakuzocatshangelwa isahluko esithi “Babusisiwe Abalamulayo.”
Lapho sibuya, isithunywa sevangeli sachitha amahora amathathu sivakashela amakilasi angu-7 ahlukahlukene sihambisana nonsumpa. Ngemva kokuxoxa nekilasi lebanga lesithathu, omunye umfundi wathi: “Nkosazana, ngicela uvakashele abebanga lesine. Njalo bazama ukusishaya futhi banochuku!” Omunye uthisha waphawula: “Ubudlova buyindaba ebaluleke ngempela. Sidinga isikhathi esengeziwe sokudingida le ndaba.”
Kwenziwa amalungiselelo okuphindela esikoleni ukuze kuxoxwe ngezihloko ezithinta ukulalela kanye nokuqamba amanga. Kuze kube manje, imiphumela mihle kakhulu. Manje uma lo dade oyisithunywa sevangeli ehamba emgwaqweni, izingane ziza zigijima zizombingelela futhi zimbuze imibuzo ngeBhayibheli. Ezinye zimazisa kubazali bazo ngokuziqhenya. Ngaphezu kwalokho, kuye kwaqalwa isifundo seBhayibheli sasekhaya nezingane ezimbili zesikole.