Ukusuka Emabhilidini Asedolobheni Ukuya Ehlane Eliyithafa Lezindawo Ezibandayo—Iya Kubantu
AKUKHO mvula, liqhwa, sichotho, mankentshane, mabhubesi asezintabeni noma ndawo enabantu abangenabungane okwakungadambisa umoya wabo wokuzimisela. Ngesivinini esimangalisayo, babegabavula benqamula indawo eyibanga elingamakhilomitha angu-3 000, benqamula izinkangala, imifula ekhukhulayo nezigodi ezijulile ukuze bahambise iposi eliphuthumayo oGwini LwaseNtshonalanga. Kwakungobani?
Kwakungabagibeli abasebasha bamahhashi ahambisa iposi abanesibindi.a Yayiyini imbangela yalokhu kuzimisela okunamandla kangaka kwalezi zinsizwa? Kungenzeka ukuthi kwakungenxa yenselele, isifiso sokuzama okuthile nokwaneliswa okubangelwa ukuyisa iposi lapho liya khona. Ngokuthakazelisayo, umgibeli ngamunye wayephatha iBhayibheli esikhwameni sakhe seposi eliphuthumayo esisesihlalweni sehhashi.
Ngaphezu kwekhulu leminyaka kamuva, umoya onamandla ngokwengeziwe wokuzimisela, intshiseko nokuzinikela uboniswa abamemezeli boMbuso abazinikele abangaphezu kuka-113 000 kulo lonke elaseCanada. Yini ebashukumisayo? Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane lubashukumisela ukuba bahambise iqiniso loMbuso ngezincwadi nangomlomo. Leli qiniso elinikeza ukuphila liphuthuma kakhulu kunanoma iliphi iposi elalihanjiswa ngehhashi. Yebo, liwumyalezo woMbuso oyigugu weBhayibheli Elingcwele, yona kanye incwadi eyayitholakala ezikhwameni ezazisezihlalweni zabagibeli bamahhashi eposi.—IzAga 2:21, 22; Isaya 2:2-4; 61:2; Mathewu 22:37-39; 24:14.
Bashukunyiswa Uthando NgoJehova Nangabantu
OFakazi BakaJehova bayathanda ukukhuluma nabantu ngoMbuso. Uzobathola benza kanjalo emabhilidini amade asemadolobheni, emiphakathini engayodwa emathafeni asezindaweni ezibandayo, ezikhumulweni zezindiza, emigwaqweni nakwezinye izindawo zomphakathi kanye nangocingo. Kungani betholakala ezindaweni ezihlukahlukene kangaka?
Ukushintsha kwezindlela zokuphila okubangelwa izimo zezomnotho namanani abantu kwenza kube inselele enkulu ukuthola abantu ekhaya. Ezimweni eziningi, bobabili indoda nomkayo bayasebenza ukuze banakekele izidingo eziyisisekelo zezinto ezibonakalayo zomkhaya, ngokuvamile okuphumela ekubeni izidingo ezingokomoya zishaywe indiva. Phakathi nalezi zingcindezi nokucindezeleka, bawudinga ngempela umyalezo ojabulisayo wethemba. OFakazi BakaJehova basabela ngenjabulo. Besebenzisa ukuqonda nomusa, bakha amathuba okuba balethe izindaba ezinhle kuzo zonke izinhlobo zabantu ngendlela ekhangayo neshukumisa ingqondo.—1 Thimothewu 2:3, 4.
Ngezinye Izilimi: Lapho uJesu eyala abalandeli bakhe ukuba ‘bahambe bayokwenza abafundi,’ wavula ithuba lokuthatha isinyathelo kuqala nokuzimisela ukuyisa umyalezo wethemba kubantu bazo zonke izilimi. (Mathewu 28:19) Njengoba kunjalo nangamazwe amaningi, iCanada isiye yaba indawo enamasiko nezilimi ezihlukahlukene, futhi abamemezeli boMbuso abaningi baye bazivumelanisa nesimo ngokufunda izilimi ezintsha.
Ngokwesibonelo, omunye umbhangqwana oyizikhonzi zesikhathi esigcwele e-Edmonton, e-Alberta, wabona isidingo edolobheni ohlala kulo sokufinyelela abantu abakhuluma isiShayina okuthiwa isiMandarin. Nokho, okokuqala lo mbhangqwana kwakudingeka ufunde lolo limi, ngakho waxhumana nomfundi waseyunivesithi owayekhuluma isiMandarin. Wavuma ukuwufundisa lolo limi ngesikhathi esifanayo ebe efunda amaqiniso eBhayibheli kuwo. Yeka ukuthi kwaba kuhle kanjani! Kungakapheli nezinyanga ezingu-24 laba bamemezeli boMbuso ababili abazinikele base bekufanelekela ukufundisa ngesiMandarin. Ngesikhathi esifanayo, umfundisi wabo, nabo ababemfundisa, wafanelekela ubhapathizo lobuKristu.
Nakwamanye amadolobha kujatshulelwa okuhlangenwe nakho okufanayo njengoba abamemezeli boMbuso, abashukunyiswa uthando, befunda izilimi ezinjengesiPolishi, isiRashiya nolimi lwaseVietnam.
Emgwaqweni: Njengabagibeli bamahhashi eposi bangekhulu elidlule leminyaka, ababehamba ngabodwa ngamahhashi, abanye abamemezeli boMbuso phakathi neBritish Columbia bangabagibeli abahamba ngabodwa. Isikhathi sabo esiningi basichitha emsebenzini wabo wokuziphilisa wokushayela amaloli anamandla ezingodo bedabula izwe elinamahlathi beya ezimbonini ezilolonga izingodo. Lokhu kwenza kudingeke bahlale bethintana nabanye abashayeli bamaloli ngomsakazo okuthiwa i-CB (citizens band), bakhulume ngokuhamba kwezimoto nezinto eziyingozi emgwaqweni.
Laba bamemezeli boMbuso basebenzisa ngobuhlakani imisakazo yabo ye-CB ngendlela eyingqayizivele. Baqala izingxoxo nge-CB ngokuthinta izenzakalo zamuva. Babe sebebhekisela eBhayibhelini ngobuhlakani. Kwesinye isenzakalo omunye umshayeli weloli wasabela kulokho iBhayibheli elikushoyo ngethemba labafileyo. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Ukushona komshayeli ayekanye naye engozini yomgwaqo omkhulu kwamphazamisa kakhulu. Wasamukela ngenjabulo isifundo seBhayibheli futhi manje usezwakala ememezela izindaba ezinhle kwasebenza nabo nakubangane. Ngaphezu kwalokho, wajabula lapho kuqalwa isifundo seBhayibheli nomfelokazi walo mngane wakhe owashona. Yeka umvuzo omuhle wokuthatha isinyathelo kuqala sokunikeza umyalezo weqiniso onikeza ukuphila ngale ndlela engavamile!
Ngezindiza: Lapho kuziwa ekuhambiseni umyalezo weqiniso oyigugu, abamemezeli boMbuso abashisekayo baya lapho abantu bekhona, ‘bangene emizaneni’ ngezindiza ezincane. (Mathewu 10:11, 12) Muva nje, amaqembu amabili ezindiza, eshukunyiswa intshiseko yokumemezela izindaba ezinhle aya ngezindiza ngezindleko zawo kubantu abasakazeke kudeda-ngendlale wehlane eliyithafa lasezindaweni ezibandayo. Iqembu ngalinye lendiza lahamba amakhilomitha angaba ngu-3 000 futhi lehlela emiphakathini engu-14 ehlukahlukene, lifinyelela ebangeni elingamakhilomitha angu-250 ukusuka e-Arctic Circle. Laba bamemezeli abakhuthele baqhubeka izinsuku ezingu-7 ezigcwele ukuze bafinyelele abantu abahlukaniswe amabanga amade.
Ingabe kwakuwufanele umzamo? Cabanga nje ngethonya elihle umyalezo weBhayibheli owaba nalo kule miphakathi. Lezi zikhonzi ezazihambele lezo zindawo zasiza ekwaneliseni isidingo esibalulekile esingokomoya lapho zichaza injongo kaJehova yokuletha umhlaba oyipharadesi esikhathini esizayo esiseduze. (Mathewu 5:3) Ngemva kwesikhathi eside abaphathi balo myalezo behambile, abantu abanezinhliziyo eziqotho kule miphakathi bayokwazi ukufunda emaBhayibhelini nakuzinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezingu-542 kanye nakomagazini abangu-3 000 abakushiyelwa.—Qhathanisa nezEnzo 12:24.
Ngocingo: Izinkulungwane zabantu basemadolobheni zihlala ezindlini ezisemabhilidini anezimiso zokuzivikela zobuchwepheshe obuthuthukile. Yize kunjalo, abamemezeli boMbuso abazinikezele baqhubeka ngentshiseko nangokuqonda. Bakwazi kanjani ukuya lapho laba bantu bekhona? Nakuba kukuhle ukukhuluma nabantu ubuso nobuso, ngokuvamile isetshenziswa ngokuphumelelayo i-intercom esendaweni yokwamukela izihambi yokukhuluma nabantu abasemagumbini ezakhiwo. Uma lokhu kungenakwenzeka, basebenzisa incwadi yezinombolo zocingo bese bebathinta ngocingo.
Ngolunye usuku ekuseni owesifazane othile osekhulile waphendula ucingo lwakhe. Ngemva kokubingelelwa kafushane nangenhlonipho, wabuzwa ukuthi ucabanga ukuthi siyoba khona yini isikhathi lapho abantu beyokwazi khona ukuhamba ngokulondeka emigwaqweni ebusuku. Kwafundwa imiBhalo yokumqinisekisa ukuthi ngesikhathi esizayo ukuthula kuyovama. (IHubo 37:10, 11; Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Wavuma ukuba athintwe ngocingo ngesonto elilandelayo ngesikhathi esifanayo ukuze kuxoxwe ngokuthi kungani singazikholelwa izithembiso zikaNkulunkulu. Ngemva kwenyanga eyodwa kufundwa iBhayibheli ngocingo, ummemezeli woMbuso efunda izigaba kuyinsiza-kufundisa yeBhayibheli abese ebuza imibuzo efanelekayo, wanconywa yilona wesifazane ngokuba nezingxoxo eziningi kangako ezihlukahlukene isonto ngalinye. Kwase kuyisikhathi sokuba ummemezeli achaze incwadi ayeyisebenzisa kuleso sifundo futhi amthembise ukumnika ikhophi ezokuba ngeyakhe. Kwabe sekwenziwa amalungiselelo okuba laba ababili bahlangane ubuso nobuso. Ngokuqinisekile, oFakazi BakaJehova baye babonisa uthando lwabo ngabantu, futhi abantu bayasabela, beqaphela ukuthi uJehova unalaba bashumayeli abangamaKristu.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 14:25.
Ngezincwadi: Abamemezeli boMbuso esifundeni saseQuebec esinabantu abaningi abakhuluma isiFulentshi nabo baya lapho abantu bekhona. Esinye isikhonzi esijikelezayo saphawula: “Kwase kuyiminyaka eminingi abafowethu benomuzwa wokuthi abaphumeleli ngenxa yokuphikisa okunonya kwesonto. Kodwa ngokuzikhandla kwabafowethu nokuhambela abantu ngokuphindaphindiwe, iBhayibheli, elaliyincwadi engaziwa nhlobo nefundwa abambalwa kuphela, manje litholakala emakhaya amaningi.”
Kunemiphumela ethakazelisayo ejatshulelwayo njengoba abashumayeli bevangeli abasha beza bevela kuwo wonke amazinga omphakathi waseQuebec, kuhlanganise nabasemkhakheni wezokwelapha. Kwaba njalo ngodokotela othile. Umkakhe, ongummemezeli woMbuso, wayevame ukuxoxa naye ngethemba leBhayibheli. Umdala ophapheme webandla wathatha isinyathelo sokumemela lo dokotela emhlanganweni webandla phakathi nesikhathi okwakufundwa ngaso incwajana engangomagazini ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? Waba khona futhi waze wahlanganyela. Ehlatshwe umxhwele isimo nokujula ngokomoya kwengxoxo, wasamukela isifundo seBhayibheli okwakuzoba ngesakhe. Manje naye ungummemezeli woMbuso.
Ukusetshenziswa kahle komagazini kuye kwaba nendima ebalulekile ekudonseleni abantu eBhayibhelini. Ngeke wazi ukuthi isiphi isihloko esiyoba nethonya elishukumisayo lokudonsela umuntu eqinisweni. Omunye ummemezeli woMbuso wahambisela umakhelwane wakhe i-Phaphama! owayengafuni ukulalela isigijimi kodwa enesithakazelo ezinambuzaneni. Isithombe esisesihlokweni se-Phaphama! ka-November 22, 1992 esithi “Isifo SikaChagas—Imbangela Yokufa” savusa isithakazelo sakhe. Ehlatshwe umxhwele yilokho akufunda, wacela omagazini abengeziwe. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi kungakapheli nezinyanga eziyisithupha wayesefakaza kwabanye.
Ezindaweni Zomphakathi: Umthetho waseCanada uvumela abantu ukuba bakhulume ngokukhululekile ezindaweni zomphakathi, njengasezikhumulweni zezindiza. E-Halifax International Airport, abamemezeli boMbuso baya ngokuhlakanipha kubagibeli abehlayo noma abayogibela ezindizeni, babahilele engxoxweni. Basebenzisa imibuzo eholayo ngesikhathi esifanele ukuze baqondise ingxoxo eBhayibhelini. Njengoba bephatha iBhayibheli elingena ephaketheni nezincwadi, bayakwazi ukusabela ezidingweni ezingokomoya. Odokotela abahlinzayo, ososayensi, abameli, abashayeli bezindiza, abefundisi, amaphoyisa, abashayeli bamatekisi, onjiniyela, othisha, izisebenzi zebutho lezempi nezazi zezombangazwe abavela kwamanye amazwe baphakathi kwalabo abaye bezwa umyalezo woMbuso ngale ndlela futhi bathwala imbewu yeqiniso ukuze iyomila ezindaweni ezikude.—Kolose 1:6.
Ngolunye usuku ekuseni kakhulu esikhumulweni sezindiza, indoda ethile yamukela omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Yabe isisho ngezwi eliphansi nelinensayo: “Hawu, ngeke, hhayi oFakazi BakaJehova!” Kungani yasabela kanjalo? Le ndoda eyayiyiSulumane elizinikele yayisanda kuthandaza esontweni elisesikhumulweni sezindiza. Yayinxusa uNkulunkulu ukuba ayiphe ukuhlakanipha, ukuqonda neqiniso. Kwamane kwayimangaza ukuthi oFakazi BakaJehova babeyimpendulo esheshayo yomthandazo wayo.
Yebo, abamemezeli boMbuso abanesibindi eCanada abavumeli lutho ukuba lubavimbele ekudluliseleni umyalezo woMbuso oyigugu. Abavumeli ngisho nolimi lwakwelinye izwe, imigwaqo ewubhuqu emagebhugebhu, imiphakathi esezindaweni eziqhelile nezindlu ezisemabhilidini asedolobheni anezimiso zokuvikela ezithuthukile ukuba kubavimbele. Bazimisele ukuhambisela abafuni beqiniso abaqotho umyalezo kaNkulunkulu wokuphila. Bekanye nezisebenzi ezingabafowabo emhlabeni wonke, bawulalela ngokungenabugovu umyalo kaJesu ‘wokuhamba bayokwenza abafundi.’—Mathewu 28:19.
[Umbhalo waphansi]
a Iposi elalihanjiswa ngehhashi laliyinkonzo yezeposi e-United States eyaba khona isikhashana esiyizinyanga ezingu-18 kusukela ngo-1860 kuya ku-1861.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Abamemezeli BoMbuso Abaphumelelayo Basebenzisa Ucingo
Abanye baye bathi: “Sawubona. Igama lami ngingu- [yisho igama lakho]. Bengilokhu ngixoxa kafushane nabantu bakuleli bhilidi lenu ngendlela ukuthula okungase kutholakale ngayo. Ucabanga ukuthi kuyoke kube nokuthula kuwo wonke umhlaba? [Lindela impendulo.] Ngicela ukhululeke, angenzi ukuhlola futhi angithengisi lutho. Kunalokho, bengilokhu ngixoxa nabantu ngalokho okushiwo imiBhalo Engcwele ukuthi empeleni uNkulunkulu uzoletha ukuthula.” Ungabe usuqhubeka nengxoxo emfushane engokomBhalo.
Abanye baye bathi: “Sawubona. Igama lami ngingu- [yisho igama lakho]. Ngiyisisebenzi sokuzithandela esisendaweni yakini. Bengilokhu ngithola imibono yabantu abahlala kuleli bhilidi lenu. Abaningi bakhathazwa ukulondeka kwabo ngenxa yodlame nobugebengu obandayo kule ndawo yethu. Ingabe kuyakukhathaza lokho? [Lindela impendulo.] Ucabanga ukuthi siyoke sibe khona isikhathi lapho wonke umhlaba uyozizwa ulondekile?” Lindela impendulo bese uqhubeka ngomyalezo ongokomBhalo.