Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 3/15 kk. 10-11
  • Izigqila Zabantu Noma Izinceku ZikaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izigqila Zabantu Noma Izinceku ZikaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingozi Zokulandela Abantu
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • OFakazi BakaJehova
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • AmaKristu Nomphakathi Wesintu Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe Niyihlelo LaseMelika?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 3/15 kk. 10-11

Izigqila Zabantu Noma Izinceku ZikaNkulunkulu?

“OFAKAZI BAKAJEHOVA kufanele batuswe ngandlela-thile.” Isho njalo incwadi yesiJalimane ethi Seher, Grübler, Enthusiasten (Abantu Bemibono, Abazindlayo, Abashisekayo). Nakuba ibagxeka ngandlela-thile oFakazi iyavuma: “Ngokuvamile, baphila ukuphila okungasoleki nokwabesigaba esiphakathi. Bakhuthele futhi baqotho emsebenzini wabo, bayizakhamuzi ezinokuthula nabakhokhi bentela abathembekile. Bayakugwema ukuphishekela ingcebo ngokweqile. . . . Ukuzithiba kwabo emihlanganweni kuyancomeka. Umoya wabo wokuzidela ufana nowanoma iliphi elinye iqembu lenkolo; ngokuphathelene nenkonzo bawadlula kude wonke amanye. Kodwa okubenza bawadlule wonke amasonto namaqembu obuKristu osuku lwethu indlela iningi labo elizimisela ngayo ngokuphelele nangokuqinile ukushumayela izimfundiso zabo ngaphansi kwazo zonke izimo nalapho bebhekene nazo zonke izingozi.”a

Naphezu kokunconywa okuhle kangaka, kunemibono yabathile ezama ukuveza oFakazi BakaJehova ngendlela ehluke ngokuphelele. Emazweni amaningi emhlabeni wonke, oFakazi baye benza izinkonzo zabo ezingokwenkolo obala amakhulu amaningi eminyaka ngaphandle kokuphazanyiswa. Izigidi zabantu ziyabazi, ziyabahlonipha futhi ziyavuma ukuthi banelungelo lokuqhuba inkolo yabo. Khona-ke, kungani kunokungaqiniseki ngokuphathelene nokuthi bangobani oFakazi BakaJehova?

Mhlawumbe esinye isizathu sokungaqiniseki siwukuthi muva nje amanye amaqembu enkolo amaningana aye ahileleka ekunukubezeni izingane, ekuzibulaleni kwabantu ngobuningi nasekuhlaseleni kobuphekula. Yiqiniso, ukuphambuka okunjengalokhu kukuyo yonke indawo, hhayi kulabo abakholwayo kuphela. Nokho, abantu abaningi baye bayingabaza inkolo, futhi abanye baze balwisane nayo.

Izingozi Zokulandela Abantu

“Ihlelo” liye lachazwa ngokuthi “iqembu elibambelela emfundisweni ehlukile noma umholi.” Labo abayingxenye “yehlelo” “bazinikele kakhulu kumuntu, embonweni, noma entweni.” Empeleni, amalungu anoma iliphi iqembu lenkolo abambelela ngokuqinile kubaholi abangabantu nasemibonweni yabo, asengozini yokuba izigqila zabantu. Ubuhlobo obugxile kakhulu kumholi bungaphumela ekubeni nomzwelo ongemuhle nokuncika kuye ngokuqondene nezinto ezingokomoya. Ingozi ingase ibe nkulu nakakhulu lapho umuntu ekhuliselwe esimweni sokuba ingxenye yehlelo kusukela ebuntwaneni.

Labo abakhathazeka kangako ngenkolo badinga ukwaziswa okunokwethenjelwa. Kungenzeka ukuthi abanye batshelwa ukuthi oFakazi BakaJehova bayinhlangano yenkolo egqilaza amalungu ayo, ewalawula ngobushiqela, ethiya inkululeko yawo ngokungafanele futhi ewenza ahluke ngokuphelele emphakathini uwonke.

OFakazi BakaJehova bayazi ukuthi asikho isiqinisekiso salokho kukhathazeka. Ngakho bakumema ukuba uzihlolele ngokwakho. Ngemva kokukucabangela ngokucophelela lokho, zinqumele ngokwakho. Ingabe oFakazi bayizinceku zikaNkulunkulu, njengoba besho, noma empeleni bayizigqila zabantu? Uyini umthombo wamandla abo? Izihloko ezimbili ezisemakhasini 12-23 zizonikeza izimpendulo ezigculisayo zale mibuzo.

[Umbhalo waphansi]

a Inguqulo yokuqala yango-1950 yayingenawo la mazwi angenhla. Ngakho ukuvela kwawo enguqulweni ebukeziwe yango-1982 kwembula isimo esithuthukayo sokubaqonda kangcono oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela