Ukufinyelela Ngisho Nabengeziwe Ngezindaba Ezinhle
LAPHO ngicabanga ngabantu basezweni lakithi, ngaqaphela ukuthi abaningi bagcina ngokubezwa ngemithombo yezindaba oFakazi BakaJehova. Ngacabanga, laba bantu kudingeka kuthintwane nabo, ukuze bafunde ukuthi bangobani oFakazi BakaJehova nokuthi yini ngempela abayikholelwayo. Kodwa ngangingasiza kanjani? Umyeni wami ungumdala ongumKristu, wasikisela okuthile futhi wangiqondisa ngokuhlakanipha.
Sathola isu eliwusizo esihlokweni esithi “Omagazini Abanikeza Induduzo Yangempela,” esanyatheliswa kumagazini i-Phaphama! ka-January 8, 1995. Mayelana nomsebenzi womunye uFakazi, lesi sihloko sithi: “Uqikelela ukuba aqoqe amakhophi amadala omagazini abathile be-Phaphama! abanqwabelene emizini yabanye oFakazi. Khona-ke uvakashela izinhlangano anomuzwa wokuthi zingase zibonise isithakazelo esikhethekile kwamanye alawa makhophi.”
Ngosizo lomyeni wami, ngokushesha ngase ngiqoqe amakhulu amaningi amakhophi omagazini. Kulawa ngakwazi ukukhetha izihloko ezihlukahlukene ezifanelana nabantu engangizozama ukubathinta.
Ngisebenzisa incwadi yezinombolo zocingo namabhuku anemininingwane yomphakathi, ngabhala uhlu lwezibhedlela, amahostela entsha, namakhaya okunakekela asebegugile. Ngabhala nohlu lwabangcwabi, abaphathi bezikole nabeluleki, abahloli bezidumbu, kanye nabaphathi bamajele nezinkantolo. Uhlu lwami lwaluhlanganisa abaphathi bezinhlangano ezisiza imilutha yezidakamizwa neyophuzo oludakayo, izinhlangano zezinkinga zezemvelo, zabakhubazekile nezezinkubela zempi, nezabacwaninga ngokondleka komzimba. Angibakhohlwanga nabaphathi beminyango yezenhlalakahle, yezinkonzo zomphakathi nabakwandabazabantu.
Yini Engangizoyisho?
Into yokuqala engangiyenza lapho ngibahambela kwakuwukuzichaza ngokucacile. Bese ngisho ukuthi ngizothatha imizuzu emibalwa nje.
Lapho sengixoxa ubuso nobuso nomuntu ophethe, ngangithi: “Ngingomunye woFakazi BakaJehova. Nokho, angizele ukuzoxoxa ngenkolo, okungase kungafaneleki ngesikhathi somsebenzi.” Ngokuvamile isimo sasiye sibe ngconywana. Khona-ke, ngivumelanisa ingxoxo yami nesimo, ngangiqhubeka: “Isizathu sokuvakasha kwami sikabili. Okokuqala, ngifisa ukusho ukuthi ngiwazisa kanjani umsebenzi ohlelwa ihhovisi lakho. Akumelwe kuthathwe kalula ukuthi umuntu uchitha isikhathi sakhe namandla esebenzela umphakathi. Ngokuqinisekile lokhu kufanele kunconywe.” Ezimweni eziningi abantu engangixoxa nabo ngale ndlela babemangala.
Cishe manje umuntu wayesuke esezibuza ukuthi kazi siyini isizathu sesibili sokuvakasha kwami. Ngangiye ngiqhubeke: “Isizathu sesibili sokuvakasha kwami yilesi: Kumagazini wethu i-Phaphama!, enyatheliswa umhlaba wonke, ngiye ngakhetha ezinye izihloko ezikhuluma ikakhulu ngohlobo lomsebenzi eniwenzayo nezinkinga eziphathelene nawo. Ngiyaqiniseka ukuthi uzothanda ukwazi ukuthi umagazini osakazwa umhlaba wonke uzibheka kanjani lezi zinkinga. Ngingajabula ukukushiyela lawa makhophi.” Ngokuvamile ngangitshelwa ukuthi imizamo yami yayaziswa.
Imiphumela Emangalisayo Nenemivuzo
Lapho ngisebenzisa le ndlela, abantu abaningi babengamukela ngobungane; munye kuphela kwabayishumi nesikhombisa ongangamukelanga. Ngiye ngaba nokuhlangenwe nakho okuningi okwakumangalisa futhi kunemivuzo.
Ngokwesibonelo, ngemva kokuzama izikhathi ezine nokulinda ngesineke, ngaphumelela ukubonana nomhloli wezikole zesifunda. Wayeyindoda ematasa kakhulu. Nokho, wayenobungane kakhulu futhi saxoxa isikhashana. Lapho sengihamba wathi: “Ngiwazisa ngempela umzamo wakho, futhi nakanjani ngizoyifundisisa le ncwadi yakho.”
Ngesinye isikhathi, ngaya enkantolo yesifunda, ngathola umahluleli omkhulu, indoda esiqinile. Lapho ngingena ehhovisi lakhe, wamane waphakamisa ikhanda ecasukile.
“Izikhathi zomsebenzi uLwesibili ekuseni kuphela, lapho-ke ngiyokwamukela noma yini ofuna ukuyisho,” esho ngezwi elinokhahlo.
“Ngiyaxolisa ngokufika ngesikhathi esingafanelekile,” ngaphendula ngokushesha futhi nganezela, “Ngempela, ngiyojabula ukuphinde ngibuye ngesinye isikhathi. Kodwa ukuvakasha kwami akuphathelene nomsebenzi.”
Manje umahluleli wayesenelukuluku lokwazi. Wangibuza ngezwi elikahle ukuthi ngifunani. Ngaphinda ngathi ngizobuya ngoLwesibili.
Okwangimangaza ukuthi washo ephindelela ethi: “Ngicela uhlale phansi. Ufunani?”
Kwalandela ingxoxo enhle, futhi waxolisa ngokungabonisi umusa ekuqaleni ngoba wayematasa ngempela.
“Uyazi ukuthi yini engiyithandayo ngoFakazi BakaJehova?” kubuza umahluleli kamuva. “Banezimiso ezinengqondo abanamathela kuzo. UHitler wazama ngazo zonke izindlela, kodwa oFakazi abazange baye empini.”
Lapho singena kwelinye ihhovisi nodade engangihamba naye, omabhalane basiphawula. Umabhalane omkhulu washo ngesizotha, “Umongameli akabemukeli nhlobo abantu.”
“Kodwa uzosemukela thina,” ngiphendula ngesizotha, “ngoba singoFakazi BakaJehova. Asizile ukuzofaka sikhalo, futhi ukuhambela kwethu ngeke kuthathe imizuzu engaphezu kwemithathu.” Enhliziyweni yami ngathandaza ngobuqotho, “O Jehova, ngicela kuhambe kahle lokhu!”
Umabhalane waphendula ngendlela engenabungane, “Kulungile-ke, ngizozama.” Wahamba. Ngemva kwemizuzu emibili, kimina eyayibonakala iyisikhathi eside kakhulu, wabuya eselandelwa umongameli uqobo. Edlula amanye amahhovisi amabili, umongameli wasiqondisa ehhovisi lakhe, ezithulele.
Njengoba sasiqala ukuxoxa, waya ngokuya eba nobungane. Wabamukela ngenjabulo omagazini abakhethekile be-Phaphama! esamnika bona. Sambonga uJehova ngaleli thuba lokunikeza ubufakazi obuhle ngenjongo yomsebenzi wethu.
Uma ngibheka emuva kokuhlangenwe nakho okuningi okumangalisayo, ngikuqonda ngokugcwele lokho umphostoli uPetru akusho: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Intando kaNkulunkulu iwukuba abantu bazo zonke izizinda, izilimi, noma abanezikhundla emphakathini banikezwe ithuba lokwazi injongo yakhe ngesintu nangomhlaba.—Inikelwe.