Indlela Ongalondoloza Ngayo Injabulo Enkonzweni Yesikhathi Esigcwele
UKUGCWALISEKA kwesiprofetho seBhayibheli kubonisa ngokucacile ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zalesi simiso esingamhloniphi uNkulunkulu. Ziqaphela lokhu, izinceku zikaJehova uNkulunkulu zisebenzisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka zisakaza izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. OFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-600 000 baye bahlela ukuphila kwabo ukuze bahlanganyele enkonzweni yesikhathi esigcwele. Abanye bangabamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele okuthiwa amaphayona. Abanye bayizisebenzi zokuzithandela zaseBethel endlunkulu ye-Watch Tower Society noma emahhovisi ayo amagatsha. Kanti abanye bayizithunywa zevangeli nababonisi abajikelezayo.
IBhayibheli libonisa ukuthi ezinsukwini zokugcina, kuyoba ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Umbhalo weBhayibheli lesiGreki usebenzisa amazwi angase ahunyushwe ngokuthi “ulaka lwezikhathi ezimisiwe.” Ngakho, akekho okufanele alindele ukuphila ukuphila okungenazo izinkathazo osukwini lwethu. Kwezinye izikhonzi ezingamaKristu, izinkinga zibonakala zinzima kangangokuthi zingase zizibuze, ‘Ingabe ngingaqhubeka enkonzweni yesikhathi esigcwele, noma kumelwe ngiyeke?’
Iziphi izimo ezingase zibangele othile ukuba ahlaziye kabusha isimo sakhe njengephayona, isisebenzi sokuzithandela saseBethel, umbonisi ojikelezayo noma isithunywa sevangeli? Kungenzeka ukuthi kunenkinga enkulu yempilo. Mhlawumbe isihlobo esikhulile noma esigulayo sidinga ukunakekelwa njalo. Kungaba ukuthi umbhangqwana oshadile uqala umkhaya. Noma ubani oyeka inkonzo yesikhathi esigcwele ngenxa yezizathu ezinjalo nangenxa yezibopho ezingokomBhalo akudingekile abe namahloni okwenza ushintsho olunjalo.
Nokho, kuthiwani uma othile ehlela ukuyeka inkonzo yesikhathi esigcwele ngenxa yokuntula injabulo? Mhlawumbe iphayona libona ukusabela okuncane enkonzweni yalo futhi liyabuza, ‘Kungani kumelwe ngiqhubeke nendlela yami yokuphila yokuzidela uma bembalwa kakhulu abasabelayo?’ Mhlawumbe isisebenzi sokuzithandela saseBethel asanelisekile kahle ngesabelo saso. Noma kungaba ukuthi ukugula okubeleselayo, nakuba kungayiphazamisi inkonzo yokuphayona, ekugcineni kunciphisa injabulo yomuntu. Abantu abanjalo bangayilondoloza kanjani injabulo yabo? Ake sicabangele lokho okushiwo ezinye izikhonzi ezingomakadebona.
Ukubhekana Nokudumazeka
U-Anny, waseSwitzerland, waya e-Watchtower Bible School of Gilead ngo-1950. Wayebheke phambili esabelweni sezithunywa zevangeli phesheya kwezilwandle. Lapho ephinde ethola isabelo sokusebenza eBethel eYurophu, u-Anny wadumala. Nokho, wasamukela isabelo sakhe eMnyango Wokuhumusha futhi usenza lowo msebenzi. Wakunqoba kanjani ukudumazeka kwakhe? “Kwakukhona umsebenzi omningi odinga ukwenziwa futhi usekhona. Imizwa yami nengikuthandayo akubalulekanga njengomsebenzi,” kuchaza u-Anny.
Uma sidumazekile ngenxa yesabelo sethu, mhlawumbe singahlakulela isimo sengqondo sika-Anny. Okuthandwa yithina akukhona okusemqoka. Okubaluleke kakhulu ukuba yonke imisebenzi ehlukahlukene ehlobene nokusakazwa kwesigijimi soMbuso inakekelwe kahle. IzAga 14:23 zisitshela ukuthi “wonke umshikashika unenzuzo.” Kungakhathaliseki ukuthi siye sanikwa siphi isabelo, ukusinakekela ngokukholeka kunengxenye ekufezweni komsebenzi woMbuso. Futhi kungaba nokwaneliseka okukhulu—yebo, injabulo—emsebenzini onjalo esiwunikwe uNkulunkulu.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:18, 27, 28.
Ukusebenzelana Kahle Nabanye
Inkonzo yesikhathi esigcwele ihilela ukusebenzelana eduze nabantu bazo zonke izinhlobo—enkonzweni yasensimini, eBethel, ekhaya lezithunywa zevangeli, noma lapho uhambela amabandla ahlukahlukene njengombonisi ojikelezayo. Ngakho, ngokwezinga elikhulu injabulo ixhomeke ekusebenzelaneni kahle nabanye. Nokho, ‘izikhathi zolaka’ ezabikezelwa ngokuphathelene nalezi zikhathi zokugcina zikhinyabeza ubuhlobo babantu. Isikhonzi singakugwema kanjani ukulahlekelwa injabulo yaso, ngisho noma siye sathukutheliswa othile? Mhlawumbe singafunda okuthile kuWilhelm.
UWilhelm waba ilungu lomkhaya waseBethel eYurophu ngo-1947. Ngemva kwalokho, wasebenza isikhathi esithile njengephayona futhi wakhonza njengombonisi ojikelezayo. “Uma mina nomkami sibona izinto esicabanga ukuthi azilungile noma ezisikhathazayo, sitshela uJehova indlela esizizwa ngayo bese sizishiyela kuye izinto ukuba azixazulule,” kuchaza uWilhelm.—IHubo 37:5.
Mhlawumbe nawe uye wakhathazwa isenzo somKristu okanye naye owakhuluma nawe ngokungahloniphi noma ngokungacabangi. Khumbula ukuthi sonke siyakhubeka izikhathi eziningi enkulumweni yethu. (Jakobe 3:2) Ngakho kungani ungasebenzisi lesi simo ukuba usondele eduze nalowo “ozwayo imikhuleko”? (IHubo 65:2) Khuluma noJehova ngaleyo ndaba bese uyishiya ezandleni zakhe. Uma uNkulunkulu ethanda ukwenza ushintsho, uzolwenza. Labo abahlala ekhaya lezithunywa zevangeli bangase badinge ukukukhumbula lokhu lapho kuvela ukucindezeleka okunjalo, ngoba lokhu kuyobasiza ukuba balondoloze injabulo yabo enkonzweni kaJehova.
Lapho Unempilo Ebuthakathaka
Bambalwa abantu abahlala benempilo enhle. Ngisho nalabo okuthiwa basesikhathini sokuphila sobungqabavu bangase bahlaselwe ukucindezeleka noma isifo. Impilo ebuthakathaka yenza abanye kudingeke bayiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele, kodwa ngemva kwalokho benza umsebenzi omuhle kakhulu njengabamemezeli boMbuso. Nokho, abanye bayakwazi ukuqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele naphezu kwempilo ebuthakathaka. Ngokwesibonelo, cabangela uHartmut noGislind.
UHartmut noGislind bawumbhangqwana oshadile oye wasebenza iminyaka engu-30 njengamaphayona, izithunywa zevangeli nasemsebenzini wokujikeleza. Bobabili baye bahlaselwa ukugula, ngezinye izikhathi okuye kwabashiya becindezelekile emzimbeni nangokomzwelo. Noma kunjalo, baye benza umsebenzi omuhle kakhulu futhi baye bakwazi ukukhuthaza abanye ababhekana nokulingwa okunjalo. Isiphi iseluleko abasinikezayo? “Bheka esikhathini esizayo hhayi esidlule. Zisebenzise ngokugcwele zonke izimo. Usuku ngalunye lungase lulethe ithuba elilodwa nje lokudumisa uJehova. Lisebenzise lelo thuba, futhi ulijabulele.”
Cabangela isimo sikaHannelore. Ubelokhu ehlushwa ukugula okubuya kuphindelela phakathi neminyaka engu-30 eyiphayona, eyisithunywa sevangeli, esemsebenzini wokujikeleza nomyeni wakhe nasenkonzweni yaseBethel. UHannelore uthi: “Ngigxila empikiswaneni eyaphakanyiswa uSathane—yokuthi abantu bakhonza uJehova lapho nje bekuthola kulula ukwenza kanjalo. Ngokukhuthazelela ukulingwa, ngingaba nengxenye ekubonakaliseni uSathane njengonephutha.” Lokhu kungaba isikhuthazo esinamandla. Khumbula ukuthi ukuthembeka kwakho kuJehova lapho ungaphansi kovivinyo kubalulekile kuye.—Jobe 1:8-12; IzAga 27:11.
Lapho uzama ukwenza isinqumo esilinganiselayo ngokuphathelene nempilo yakho, cabangela izici ezimbili zesiprofetho sikaJesu Kristu ngokuphathelene nesiphelo sesimiso sezinto. UJesu wabikezela ngezifo eziwumshayabhuqe ezindaweni ngezindawo. Futhi wathi: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo.” (Mathewu 24:3, 14; Luka 21:11) UJesu wayazi ukuthi ezinsukwini zokugcina, abalandeli bakhe babeyokhathazwa ukugula. Kodwa wayeqaphela ukuthi umsebenzi wokushumayela wawungeke wenziwe abantu abajabulela impilo enhle kuphela kodwa nangabantu abagula kakhulu. Uma sikwazi ukuqhubeka enkonzweni yesikhathi esigcwele naphezu kwempilo ebuthakathaka, uJehova ngeke alukhohlwe uthando esilubonisa egameni lakhe.—Heberu 6:10.
Londoloza Injabulo Naphezu Kokunganaki Komphakathi
Isimo sethu sengqondo singathonywa indlela abantu abasabela ngayo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. “Ngisho namaphayona akuthola kunzima ukuqala ingxoxo nomninikhaya,” kusho esinye isikhonzi esinokuhlangenwe nakho. “Sonke kudingeka sizabalaze ukuze silondoloze injabulo yethu.” Yebo, ukunganaki komphakathi kunganciphisa injabulo yethu enkonzweni yasensimini. Ngakho iphayona elihlale lihlangabezana nokunganakwa lingayilondoloza kanjani injabulo yalo? Izikhonzi ezinokuhlangenwe nakho zinikeza ukusikisela okulandelayo okuye kwaphumelela.
Ukunganakwa kuletha inselele, kodwa akufanele kusho ukuhluleka. Ukunganaki okusakazekile kona ngokwakho akusona isizathu sokuyeka inkonzo yesikhathi esigcwele. Singayilondoloza injabulo yethu lapho sibhekene nokunganakwa uma sibekela eceleni isikhathi esanele sokutadisha imiBhalo ngenkuthalo. ‘Isihlomisela yonke imisebenzi emihle,’ futhi lokho kuhlanganisa nokukhuluma nalabo abangazilaleli izindaba ezinhle. (2 Thimothewu 3:16, 17) Nakuba abantu babengafuni ukumlalela umprofethi uJeremiya, lokho akuzange kumyekise. (Jeremiya 7:27) Lapho sitadisha iBhayibheli ngosizo lwezincwadi zobuKristu, singazuza kakhulu uma siphawula imiqondo eqinisa ukholo lwethu nesisiza ukuba sibhekane nokunganakwa.
Nakuba sivuma ukuthi ukunganakwa kuyinselele, ake sihlole isimo sethu sengqondo kulabo esishumayela kubo. Kungani benganaki? Ngokwesibonelo, esinye isizathu sokunganaki okusakazekile ezingxenyeni ezithile zeYurophu umlando omubi wenkolo yamanga. Abantu abasenawo umuzwa wokuthi inkolo inendawo ekuphileni kwabo, futhi abafuni lutho oluphathelene nayo. Kudingeka sivumelane nezimo, sikhulume nabantu ngezindaba ezibathintayo, njengokuntuleka kwemisebenzi, impilo, ubugebengu, ukungabekezelelani, indawo ezungezile nokusongela kwempi.
Esethulweni sethu kumninikhaya, singase sikhulume ngento ethinta umphakathi wakuleyo ndawo. Yilokho uDietmar azama ukukwenza lapho eshumayela edolobhaneni ayengaphumeleli kahle kulo. Esinye isakhamuzi saphawula ukuthi lelo dolobhana laliye labhekana nenhlekelele ngayizolo. Ngemva kwalokho, endlini ngayinye uDietmar wayezwakalisa ukudabuka okuqotho ngaleyo nhlekelele. “Ngokungazelele, abantu baqala ukukhuluma,” esho. “Leyo nhlekelele yayisezingqondweni zawo wonke umuntu. Ngaba nezingxoxo eziningi ezinhle ngalolo suku ngenxa yokubonisa isithakazelo ekuphileni kwabo.”
Kudingeka sifakaze ngoMbuso kubantu nomaphi lapho sibathola khona. Ukufakaza ngokwethukela kungase kube nezithelo, futhi singaziqeqeshela lomsebenzi ngokusebenzisa ukusikisela okunikezwa ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini. Singathola injabulo ngamazwi ambalwa anobungane noma ngokuhambisela umninikhaya amakhophi e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Uma siye senza izimpindelo futhi siye saqala isifundo seBhayibheli nomuntu othakazelayo, singase sithole abanye ngokubuza: “Ingabe ukhona omunye omaziyo ongathanda ukufunda iBhayibheli?” Lokhu kungaholela ekuqaleni esinye isifundo seBhayibheli sasekhaya. Kunoma yikuphi, masibe nesimo esihle sengqondo, sincike kuJehova ngomthandazo, singavumeli ukuba ukunganakwa kusidumaze.
Isikhuthazo Sabanye
UJürgen noChristiane sebeneminyaka engaphezu kuka-30 bephayona futhi benza umsebenzi wokujikeleza. Bake bathola isabelo esasihilela ukushumayela endaweni lapho iningi labantu lalinganaki futhi linenkani khona. Yeka indlela uJürgen nomkakhe ababesilangazelela ngayo isikhuthazo esithile! Nokho, ngesizathu esithile abanye ebandleni abazange basabele esidingweni sabo.
Ngakho uJürgen wazi ngokwalokho abhekana nakho ukuthi “amanye amaphayona abhekene nesikhathi esinzima. Adinga isikhuthazo esengeziwe esivela kubadala nakwabanye abamemezeli.” UNkulunkulu watshela uMose ukuba akhuthaze futhi aqinise uJoshuwa. (Duteronomi 3:26-28) AmaKristu nawo kufanele abe imithombo yesikhuthazo komunye nomunye. (Roma 1:11, 12) Abamemezeli boMbuso bangakhuthaza labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele ngamazwi akhayo nangokuhamba nabo enkonzweni ngezikhathi ezithile.
Injabulo KaJehova—Inqaba Yethu
AmaKristu aye asebenzisa ingxenye enkulu yokuphila kwawo engamaphayona noma izithunywa zevangeli, ekhonza eBethel, noma ehambela amabandla emsebenzini wokujikeleza aye athola ukuthi izinkinga eziningi zingezesikhashana, kodwa ezinye zihlala isikhathi eside. Ngisho nalezo zinkinga ezimbalwa ezibonakala zingenakuxazululeka akufanele zisephuce injabulo yethu. URamon, oye wakhonza esabelweni sakwelinye izwe iminyaka engaphezu kuka-45, usikisela ukuthi noma nini lapho izinkinga zisenza sidabuke, “kufanele sicabange ngezibusiso eziningi esinazo nangezinkulungwane zabanye ababhekene nobunzima obukhulu nangaphezulu.” Yebo, labo esikholwa nabo emhlabeni wonke babhekene nokuhlupheka, futhi uJehova sonke usikhathalela ngempela.—1 Petru 5:6-9.
Khona-ke, uma izimo zethu zisivumela ukuba sihlanganyele enkonzweni yesikhathi esigcwele futhi sihlale kuyo, masilondoloze injabulo yethu ngokuncika kuBaba wethu osezulwini. Uyaziqinisa izinceku zakhe, futhi sonke kufanele sikhumbule ukuthi ‘injabulo kaJehova iyinqaba yethu.’—Nehemiya 8:10.
[Isithombe ekhasini 21]
“Imizwa yami nengikuthandayo akubalulekanga njengomsebenzi”
[Isithombe ekhasini 22]
“Sitshela uJehova indlela esizizwa ngayo bese sizishiyela kuye izinto”
[Izithombe ekhasini 23]
“Zisebenzise ngokugcwele zonke izimo. Usuku ngalunye lungase lulethe ithuba elilodwa nje lokudumisa uJehova”
[Isithombe ekhasini 23]
“Ngokukhuthazelela ukulingwa, ngingaba nengxenye ekubonakaliseni uSathane njengonephutha”
[Izithombe ekhasini 24]
“Amanye amaphayona abhekene nesikhathi esinzima. Adinga isikhuthazo esengeziwe esivela kubadala nakwabanye abamemezeli”
[Isithombe ekhasini 24]
“Kufanele sicabange ngezibusiso eziningi esinazo”