Idlelo Labanjengezimvu Ezweni LamaNavajo
ELITHI hózhóni, ngolimi lwamaNdiya angamaNavajo, lisho ukuthi “kuhle,” futhi yileyo indlela amaNavajo alichaza ngayo izwe lawo. Kusukela ngo-1868 uhulumeni wase-United States uye wasikela amaNavajo amakhilomitha-skwele angaba ngu-62 000 endawo esenyakatho-mpumalanga ye-Arizona, ngasendaweni ebizwa ngokuthi amagumbi amane, lapho kuhlangana khona imibuso emine i-Arizona, iColorado, iNew Mexico ne-Utah. IMonument Valley, amafilimu aseNtshonalanga ayenze yaduma, manje ilondolozwe njengeNavajo Tribal Park futhi iheha ababuki bamazwe abavela emhlabeni wonke. Lesi sigodi sinamatshe amahle kakhulu e-sandstone abomvu angamamitha angu-300 ukuphakama athé qekelele ngendlela ekhangayo kulamathafa aphakeme. Ngokufanelekayo, igama lamaNavajo lalesi sigodi lisho “isikhala esiphakathi kwamadwala.”
AmaNavajo ewonke aziwa ngokuthobeka, umoya ofudumele wokungenisa izihambi nangemikhaya ebumbene ehlala nezihlobo. Izakhamuzi ezingu-170 000 zakulesi sabelo ziphila ngokuyinhloko ezindaweni zokuhlala ezingazodwa, zilandela amasiko. Ezinye zisafuye izimbuzi futhi zihlala ezindlini ezenziwe ngezingodo zafulelwa ngodaka okuthiwa ama-hogan. Ubuciko namakhono amaNavajo kuye kwaziwa kabanzi. Okwaziswa kakhulu omata nezingubo zawo ezihlotshiswe ngemigqa noma ngemidwebo engokwesiko emibalabala, ezilukwe ngoboya bemvu. Okunye okwaziwa kakhulu izinto eziyigugu zesiliva zamaNavajo ezine-turquoise nezinye izinto zemvelo.
Ukuletha Izindaba Ezinhle Ezweni LamaNavajo
Sekuyiminyaka engaphezu kuka-30, oFakazi BakaJehova bafika ezweni lamaNavajo, bengezelanga ukuzobuka kuphela kodwa nokuzoletha izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kubantu bakulendawo eqhelile. (Mathewu 24:14) Izikhonzi zoFakazi BakaJehova ezingamaphayona avamile nakhethekile ziye zahola emsebenzini wokushumayela. Eziningi zazo ziye zeza ngokusabela esicelweni sababonisi abajikelezayo noFakazi bendawo sokuzosiza lapho indingeko iye yaba nkulu khona. Ezinye ziye zasuka emabandleni aseduze, kuyilapho ezinye, kuhlanganise namalungu ezizwana ezihlukahlukene zamaMelika Omdabu, ziye zafika zivela ezingxenyeni ezihlukahlukene zase-United States.
Laba besilisa nabesifazane abazidelayo baye bafanisa inkonzo yabo lapha nesabelo sezithunywa zevangeli. Ngani? Okokuqala, kunzima kakhulu ukufunda izilimi zomdabu ngenxa yemisindo, ukwakheka kwazo namagama azo ayinkimbinkimbi. Bese kuba ukuthi abantu bomdabu, ngokuvamile, baye banamathela ezindleleni zabo ezingokwesiko ngokuqondene nenkolo, isimo somkhaya, futhi baphila ngokulima. Ngaphezu kwalokho, izindlu nomsebenzi kuyindlala kulabo abangewona amaNdiya, okwenza kube nzima ngalabo abaye bathuthela lapho ukuba baqhubeke behlala khona. Okokugcina, umlando omude wokuphathwa kabi kwalaba bantu ngabamhlophe ngokuqondakalayo kuye kwagxilisa kubo isilinganiso esithile sokungazethembi izihambi.a
Ekuqaleni, lapho oFakazi behamba bengena indlu ngendlu begqoke kahle futhi befake othayi, baphanjaniswa namaMormon futhi iningi lalingayivuli iminyango. Lapho beshintsha begqoka izingubo zokuphola, bamukelwa, ngokuvamile bechitha ihora noma ngaphezulu. Manje abantu sebeyabazi oFakazi BakaJehova, ngisho noma sebebuyele ekugqokeni ngendlela enesizotha lapho besenkonzweni.
Kuyinselele yangempela ukufinyelela kubantu abahlala esabelweni samaNavajo. Ngokuvamile kuhanjwa ngemoto amakhilomitha amaningi emigwaqweni engenazimpawu okungenzeka inamatshe, isihlabathi nodaka. Njengokulindelekile, lokhu kulimaza imoto futhi kubakhathaze ngokwengeziwe abagibeli. Izimoto zingase ziphuke endleleni, kodwa abadlulayo ngokuvamile bakulungele ukusiza. Ukuya kwabathakazelayo, esifundweni seBhayibheli sasekhaya noma ukuya nothile emhlanganweni wobuKristu ngokuvamile kudinga ukuba uhambe amahora amaningana. Kodwa oFakazi bazinikela ngokuzithandela, ngaleyo ndlela bebonisa uthando lwabo ngabantu bomdabu.—Qhathanisa neyoku-1 Thesalonika 2:8.
AmaNavajo ayakujabulela ukuba nezingxoxo zeBhayibheli. Ngokuvamile ahlanganisa wonke umkhaya ndawonye—izingane, abazali nogogo nomkhulu—ukuze uzwe ngethemba lekhaya lesintu eliyipharadesi lesikhathi esizayo. Lapho enye indoda engumNavajo ibuzwa ukuthi icabanga ukuthi liyoba njani iPharadesi, yaphendula ngokuthi, “Liyoba luhlaza, libe nezimvu eziningi,” okubonisa uthando lwawo ngezwe nangemihlambi yawo. Ayazazisa nezincwadi zeBhayibheli, ngezinye izikhathi lokhu akubonakalisa ngokunikela ngobuhlalu, isigaxa sensipho, ubisi olusethinini nezinto ezinjalo ukuze asekele inkonzo yoMbuso. Elinye iphayona elikhethekile lathola izikhokhelo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ezingaba ngu-200 ngonyaka, kuhlanganise nezimbili ezenziwa indoda eyayigibele ihhashi.
Ukumisa “Ikamu Lezimvu”
Lapho kufika ihlobo, kuba isikhathi sokuba umelusi ongumNavajo aqhubele umhlambi wakhe ekamu lezimvu. Leli khaya lezimvu lasehlobo, elikhethwe ngenxa yokuba kwalo seduze namadlelo aluhlaza nomthombo okahle wamanzi, lisiza umhlambi ukuba ukhule kahle. Ngomqondo ongokomfanekiso, iHholo LoMbuso lingafaniswa nekamu elinjalo—idlelo elingokomoya nomthombo wamanzi eqiniso. Abantu abeza lapho bangathola ukondleka okungokomoya okubenza babe nempilo futhi baqine ngokomoya.
Isikhathi esithile, imihlangano yayiqhutshelwa ekilasini lesikole eKayenta, e-Arizona. Khona-ke, ngo-August 1992, ngosizo lwamakhulu ezisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi ezivela emazweni ahlukahlukene, kwakhiwa iHholo LoMbuso elisha eKayenta. Leli Hholo LoMbuso namanye amaningana kulesi sifunda adlulisela ezingqondweni zabantu bendawo umuzwa wokuthi umsebenzi wokushumayela uyoqhubeka njalo. Amanye amaHholo OMbuso akhonza lensimu enkulu ahlanganisa lawo aseTuba City naseChinle, womabili akulesi sabelo, elinye liseKeams Canyon endaweni yesizwana samaHopi, futhi amanye amaningi asemadolobheni asemingceleni yalesi sabelo samaNavajo. Uye waba yini umphumela?
Ukusabela Okukhulu Esigijimini SoMbuso
EKayenta kuye kwabhapathizwa abantu bendawo abangaphezu kuka-12 kusukela iHholo LoMbuso lakhiwe, okubonisa isibusiso sikaJehova kulendawo yokukhulekela kweqiniso. Ihholo linikeza ubufakazi bokuthi oFakazi BakaJehova bazinzile lapha futhi lakha nokuthembela ezindabeni ezinhle zoMbuso abazishumayelayo. Muva nje kunikezwe inkulumo yeningi yokuqala yeBhayibheli ngolimi lwesiNavajo. Amalungu ebandla angu-40 akujabulela ukwamukela abangu-245 enkulumweni eyayiphathelene nemithwalo yemfanelo yokuba umzali. Ngezinhliziyo ezinokwazisa, omunye umkhaya wabangu-8 wahamba amahora amathathu uzolalela lenkulumo—uqala ngqá ukuvakashela eHholo LoMbuso.
Elinye ithuluzi eliwusizo uJehova aye walilungiselela incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! ngolimi lwesiNavajo. Ukuhumushela lencwajana olimini lwesiNavajo, okuwulimi oluyinkimbinkimbi kakhulu, kwaba inselele enkulu. Abahumushi sebebonke basebenzisa amahora angaphezu kwenkulungwane ukuze baqiniseke ukuthi lencwajana idlulisela isigijimi soMbuso ngendlela efanele. Kusukela ekukhululweni kwayo ngasekupheleni kuka-1995, oFakazi bendawo baye bahambisa izinkulungwane eziningana zamakhophi ayo, okwaphumela ezifundweni zeBhayibheli eziningi nabantu abafuna iqiniso.
Ulimi lwesiNavajo luya lusetshenziswa enkonzweni njengoba abamemezeli boMbuso belufunda. Amabandla akulendawo aye aqala ukusebenzisa isiNavajo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, futhi kuqhutshwa amakilasi okufunda isiNavajo ukuze kuqeqeshwe abamemezeli. Ngaphezu kwalokho, isimiso semihlangano emikhulu yendawo naso sihunyushelwa olimini lwesiNavajo. Yonke lemizamo ngokuqinisekile iyoholela ekusabeleni okukhulu nakakhulu kulesi sabelo.
Okungamelwe kunganakwa ezithelweni zoMbuso kulesi sabelo samaNdiya izimfanelo ezivelele ezingokomoya eziboniswa abafowethu abangamaNavajo. Iminyaka engu-7, uJimmy noSandra babehamba amakhilomitha angu-120 nezingane zabo ezinhlanu beya emihlanganweni yamasonto onke. Lomkhaya unezinkumbulo ezinhle zokuhlabelela izingoma zoMbuso nokutadisha iBhayibheli ndawonye njalo phakathi nohambo lwawo olude. Uthando nentshiseko yabazali ngeqiniso kuye kwashukumisela izingane ukuba zilandele isibonelo sabo ekubeni abadumisi bakaJehova abazinikezele. Ezine zazo manje zikhonza njengamaphayona avamile futhi uJimmy ungumdala. Okwenezela enjabulweni yalomkhaya, udadewabo kaJimmy u-Elsie muva nje ube umuntu wokuqala okhuluma isiNavajo kuphela ukuba abhapathizwe.
Abelusi bendawo nemihlambi yabo banezela isimo sokuzola kwamadlelo ematsheni amakhulu awuphawu oluhlukanisayo ahlobisa lesi sabelo samaNavajo. Umprofethi u-Isaya wabikezela kudala ngoJehova: ‘Uyakwalusa umhlambi wakhe njengomalusi, abuthe amawundlu ngemikhono yakhe, awagone esifubeni sakhe, ahole kahle izindlezane.’ (Isaya 40:11) NgoMalusi wakhe Omuhle, uJesu Kristu, uJehova ubuthela edlelweni lakhe elingokomoya bonke labo abasesabelweni samaNavajo abafisa ukuzwa izindaba ezinhle zoMbuso futhi babe sethubeni lokuthola isibusiso sakhe saphakade.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka i-Phaphama! ka-May 8, 1948 (ngesiNgisi); February 22, 1952 (ngesiNgisi); June 22, 1954 (ngesiNgisi); neka-September 8, 1996.
[Isithombe ekhasini 24]
Umalusi wesifazane ongumNavajo uzwa izindaba ezinhle