Ukusindiswa Esikhathini Sezinhlekelele
ISITOLO esikhulu esinezitezi ezinhlanu eSeoul, eKorea, sadilika kungazelelwe, savalela amakhulu abantu ngapha-kathi! Abatakuli bashikashikeka ubusuku nemini ukuze basindise abantu abaningi ngangokunokwenzeka. Njengoba kudlula izinsuku, amathuba okuthola abengeziwe abasindile ababegqibeke ngaphansi kwenqwaba kakhonkolo nezinsimbi aqala ukuncipha.
Lapho sekulahlwe ithemba, kwenzeka okuthile okumangalisayo. Kwezwakala kancane ukukhala okulusizi ngaphansi kwalenqwaba. Abatakuli bamba bephamazela ngezandla ukuze batakule owesifazane oneminyaka engu-19 owayegqibeke ephila izinsuku ezingu-16 zonke. Umgodi wekheshi elalidilikile wakha umhume phezu kwakhe futhi wawumvikele enqwabeni kakhonkolo eyayiwa. Nakuba ayephelelwe kakhulu amanzi emzimbeni futhi esikekile, wayesindile ekufeni!
Muva nje, akudluli ngisho nenyanga eyodwa kungabikwanga ngenhlekelele ethile, kungaba ukuzamazama komhlaba, isiphepho esinamandla, ukuqhuma kwentaba-mlilo, ingozi noma indlala. Futhi izindaba ezimangalisayo zokutakulwa nokusinda kwabanye zithakazelisa noma zikhange izigidi zabalalela izindaba. Nokho, isixwayiso senhlekelele ezayo—enkulu kunanoma iyiphi enye emlandweni wesintu—ngokuvamile siye sashaywa indiva. (Mathewu 24:21) IBhayibheli lichaza lesi senzakalo esizayo ngalamazwi: “Bheka, okubi kuyaphuma kwesinye isizwe kuye kwesinye, nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba. Ngalolosuku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba-ngumquba ebusweni bomhlaba.”—Jeremiya 25:32, 33.
Yeka amazwi asabekayo! Kodwa ngokungafani nezinhlekelele nezingozi ezingokwemvelo, lenhlekelele ngeke ibulale ngokungakhethi. Empeleni, akhona amathuba okusinda—okuba wena usinde!
Isikhathi Sokuphuthuma
Ukuze umuntu akuqonde kahle lokhu, kumelwe aqonde ukuthi kungani kuzoba nalenhlekelele emhlabeni wonke. Eqinisweni, iwukuphela kwekhambi langempela lezinkinga zesintu. Bambalwa abantu abazizwa bephephile futhi belondekile namuhla. Naphezu kwemizamo engcono kakhulu yesayensi, izifo ezithathelwanayo ziyaqhubeka zishabalalisa abantu bomhlaba. Izimpi ezibangelwa ukungezwani okungokwenkolo, kwezizwe nokungokwezombangazwe kubulala izinkulungwane zabantu. Indlala yenezela osizini nasekuhluphekeni kwabesilisa, abesifazane nezingane ezingenacala. Ukonakala kokuziphatha konakalisa sona kanye isisekelo somphakathi; kuye konakaliswa ngisho nezingane.
Ngokunemba okuphawulekayo, isiprofetho seBhayibheli esabhalwa eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule sichaza lesi simo sethu. Sithi: “Kumelwe uqaphele ukuthi ezinsukwini zokugcina izikhathi ziyogcwala ingozi.”—2 Thimothewu 3:1, The New Testament in Modern English, kaJ. B. Phillips; qhathanisa noMathewu 24:3-22.
Ingabe kubonakala kunengqondo kuwe ukuthi uNkulunkulu onothando angasishaya indiva isimo? IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu, wawubumba umhlaba, wawenza, . . . engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.” (Isaya 45:18) Yebo, kunokuba avumele leplanethi enhle yonakaliswe futhi kuqedwe zonke izinto ezikuyo, uNkulunkulu uyongenela. Umbuzo uwukuthi, Uzokwenza kanjani lokho?
Khetha Ukuphila!
IBhayibheli liyaphendula kumaHubo 92:7: “Noma ababi behluma njengotshani, nezigangi noma ziqhakaza zonke, kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube-phakade.” Ikhambi likaNkulunkulu lezinkinga zomhlaba ukususwa kobubi ngokwabo. Ngokujabulisayo, lokhu akusho ukuthi kudingeka kususwe bonke abantu. IHubo 37:34 liyasiqinisekisa: “Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.”
Lamazwi abonisa ukuthi likhona ithuba lokusindiswa enhlekeleleni enkulu kunazo zonke eyokwehlela isintu. UNkulunkulu uye wasivumela ukuba sizikhethele. Amazwi uMose anxusa ngawo ama-Israyeli lapho ezilungisela ukungena eZweni Lesithembiso asebenza ngendlela efanayo kithi namuhla: “Ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho.” (Duteronomi 30:19) Kodwa umuntu ‘ukukhetha kanjani ukuphila’ asindiswe? Kusho ukuthini ukusindiswa kwangempela?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
COVER: Explosion: Copyright © Gene Blevins/Los Angeles Daily News
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Yunhap News Agency/Sipa Press