Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 8/1 k. 7
  • Wathola “Iparele Lenani Eliphakeme”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wathola “Iparele Lenani Eliphakeme”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kufanele Uhlafune I-betel Nut?
    I-Phaphama!—2012
  • Bathola “Ipharele Elilodwa Elibiza Kakhulu”
    IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
  • ‘Ukuthola Iparele Elilodwa Lenani Eliphakeme’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • UMbuso Usho Okungakanani Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 8/1 k. 7

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Wathola “Iparele Lenani Eliphakeme”

“UMBUSO wamazulu unjengomthengisi ohambahambayo ofuna amaparele amahle. Lapho ethola iparele elilodwa lenani eliphakeme, wahamba futhi wathengisa masinyane zonke izinto ayenazo wayeselithenga.” Ngalamazwi, uJesu wabonisa ukubaluleka okukhulu kakhulu koMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 13:45, 46) Labo abakuqaphelayo ukubaluleka koMbuso ngokuvamile benza ukuzidela okukhulu ukuze bawuthole. Lokhu kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo kwasePingtung County, eTaiwan.

Ngo-1991, uMnu. noNkk. Lin baqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lapho umfundisi wendawo ezwa ngalokho, wazama ukubenza bazinikele esontweni lakhe. Njengoba abakwaLin babenebhizinisi lokuthengisa igazi lezingulube nelamadada emakethe yendawo, banquma ukucela umbono womfundisi ngalendaba. “Konke okwenziwe uNkulunkulu kungaba ukudla komuntu,” ephendula. Ngakolunye uhlangothi, oFakazi babakhuthaza ukuba bacabangele lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo. Bathola ukuthi uJehova uNkulunkulu ubheka igazi njengelingcwele, ngoba “ukuphila kwesidalwa igazi.” (Levitikusi 17:10, 11, The New English Bible) Ngakho-ke, amaKristu eqiniso kumelwe ‘adede egazini.’ (IzEnzo 15:20) Ngenxa yokuhlola imiBhalo ngalendaba, abakwaLin banquma ukuyeka ukuthengisa igazi, ngisho noma laliwumthombo oyinhloko wenzuzo yabo. Nokho, kungakabiphi, babhekana nolunye uvivinyo olukhulu nakakhulu.

Ngaphambi kokuba bafunde iqiniso, abakwaLin babetshale amasundu e-betel nut angu-1 300 endaweni yabo. Nakuba kwakuyothatha iminyaka emihlanu ukuba lemithi ibe nenzuzo, lapho isikhiqiza ngokuphelele, abakwaLin babengalindela ukuthola amaRandi angu-360 000 ngonyaka. Njengoba isikhathi sokuvuna kokuqala sasisondela, abakwaLin kwadingeka benze isinqumo esibalulekile. Base befundile esifundweni sabo seBhayibheli ukuthi amaKristu kumelwe azihlanze “kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya” ngokugwema ukusebenzisa, noma ukukhuthaza imikhuba engahlanzekile njengokubhema ugwayi, ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokuhlafuna i-betel nut. (2 Korinte 7:1) Babezokwenzenjani?

Ecindezelwa unembeza okhathazekile, uMnu. Lin wanquma ukusiyeka isifundo sakhe. Phakathi naleso sikhathi, uNkk. Lin wathengisa ama-betel nut awavuna ezihlahleni zabo zakudala zamasundu futhi wazuza imali engaphezu kuka-R14 000. Lokhu kwakumane kuwukunambitha kusengaphambili lokho okwakuzokuza ngokushesha uma beyigcina imithi yabo. Nokho, unembeza kaMnu. Lin waqhubeka umudla.

Walwa nalendaba kwaze kwaba ngolunye usuku lapho acela khona ukuba oFakazi bendawo bamgawulele amasundu akhe e-betel. OFakazi bachaza ukuthi leso isinqumo sakhe; ngakho-ke, kwakuyodingeka ‘athwale umthwalo wakhe siqu’ futhi azigawulele ngokwakhe imithi. (Galathiya 6:4, 5) Bamkhuthaza ukuba akhumbule isithembiso esikweyoku-1 Korinte 10:13, esithi: “Asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. Kodwa uNkulunkulu ukholekile, futhi ngeke anivumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa ngokuhambisana nalesosilingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.” OFakazi babuye babonisana naye, bethi: “Uma sikugawulela imithi yakho, ungase uzisole bese usibeka icala ngalokho kulahlekelwa.” Kungakabiphi, uNkk. Lin wavuswa umsindo womshini wokusaha. Umyeni wakhe nezingane babegawula amasundu e-betel!

UMnu. Lin wathola ukuthi uJehova uyasigcina isithembiso saKhe. Wathola umsebenzi owamshiya nonembeza ohlanzekile, owamenza wakwazi ukuba umdumisi kaJehova. Wabhapathizwa emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova ngo-April 1996.

Yebo, uMnu. Lin empeleni “wathengisa zonke izinto ayenazo” futhi wathenga “iparele lenani eliphakeme.” Manje unelungelo elingenakulinganiswa lokuba nobuhlobo bomuntu siqu noJehova uNkulunkulu nokukhonza izithakazelo zoMbuso waKhe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela