Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 6/15 kk. 26-29
  • Ukuhambela Insimu Yakithi Yezithunywa Zevangeli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhambela Insimu Yakithi Yezithunywa Zevangeli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Ukunqoba Isithiyo Solimi
  • Inkonzo Yethu Ehlukahlukayo
  • Amasiko Ahlukahlukene
  • Amathuba Amahle
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 6/15 kk. 26-29

Ukuhambela Insimu Yakithi Yezithunywa Zevangeli

AMABANDLA obuKristu engiwahambelayo angisusa ePortugal angiyise eChina—noma kubonakala kanjalo. Nokho, mina nomkami, u-Olive, asikaze siphume eBrithani.

Sihambela inani elandayo lamabandla oFakazi BakaJehova akhuluma izilimi zakwamanye amazwe asakazeke ezweni lonke. Sihlanganyela ensimini echumayo ngokomoya nenezilimi eziningi ukusuka esiqhingini saseJersey, esiqhele ngamakhilomitha angaba ngu-20 nasogwini lwaseNormandy eFrance, lapho sineqembu lesiPutukezi khona, kuze kuyoshaya edolobheni laseSunderland enyakatho yeNgilandi, lapho sihambela khona abantu abanesithakazelo abakhuluma isiShayina. Sasithola kanjani lesi sabelo esingavamile? Futhi kwenzekani ensimini yakithi yezithunywa zevangeli? Ake ngichaze.

Mina no-Olive siye sakhonza iminyaka engaba ngu-20 emsebenzini wokujikeleza, sihambela ibandla elihlukile isonto ngalinye. Siye salihamba lonke elaseBrithani, sisuka enyakatho siya eningizimu, ukusuka empumalanga siya entshonalanga, futhi muva nje saze safinyelela nakubafowethu abangamaKristu esiqhingini saseMalta esiseMediterranean, lapho sabona khona umoya omuhle wobuKristu wokungenisa izihambi. (Qhathanisa nezEnzo 28:1, 2.) Ngemva kweminyaka emithathu siseMalta, saqala ukuzibuza ukuthi isabelo sethu esilandelayo sasizoba kuphi. Sacabanga ukuthi kungenzeka sihambele indawo esemaphandleni yabakhuluma isiNgisi, futhi saqala ukuvumelanisa izingqondo zethu nalokho esasikucabanga. Yeka indlela esamangala ngayo lapho sithola isabelo sethu sokuyokhonza lesi sifunda esisha esihlanganisa amaqembu namabandla akhuluma izilimi ezingu-23 ezihlukene!

Sazibuza ukuthi sasiyobhekana kanjani naleso simo. Ngaphandle kokuhlangenwe nakho kwethu kwaseMalta, sasingakaze sisondelane kakhulu nabantu bezizinda namasiko ahlukile. Ingabe sasiyokwazi ngempela ukukhuthaza labo bantu ababengasazi kahle isiNgisi? Sasiyokhuluma kanjani njengoba singazazi ezinye izilimi? Kuthiwani ngokudla namasiko ahlukahlukene abanye? Ingabe sasiyokwazi ukuzivumelanisa ngokwanele nezimo? Sasifikelwa imibuzo enjalo ezingqondweni zethu njengoba sasikucabangela ngomthandazo ukuphendula lolu bizo lwaseMakedoniya.—IzEnzo 16:9, 10; 1 Korinte 9:19-22.

Ukunqoba Isithiyo Solimi

“Ekuqaleni ngazizwa ngingafaneleki ngoba ngangingazazi ezinye izilimi,” kuchaza u-Olive. “Ngangingaboni ukuthi ngingabasiza kanjani odadewethu. Ngabe sengikhumbula indlela umbhangqwana owawusifundela iBhayibheli ekuqaleni owasikhuthaza ngayo ukuba singalokothi sisenqabe isabelo. Wasifundisa ukuthi uJehova akalokothi asicele ukuba senze into esingenakukwazi ukuyenza.” Ngakho sobabili sasamukela ngokuzithandela lesi sabelo.

Lapho sicabanga, siyabona ukuthi ukungazi kwethu olunye ulimi kuye kwasisiza ukuba siphathe wonke umuntu ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, ukuba semihlanganweni eqhutshwa ngolimi oluhlukile isonto ngalinye kuye kwasenza saqaphela indlela abafowethu abazizwa ngayo lapho kudingeka bahlale kuyo yonke imihlangano eqhutshwa ngesiNgisi kuyilapho bezwa okuncane kwalokho okushiwoyo. Kudingeka siyilungiselele kahle imihlangano ukuze sikwazi ukuthola umqondo walokho okukhulunywa ngakho. Njalo u-Olive uphendula owodwa wemibuzo emhlanganweni. Ulungiselela izimpendulo ngesiNgisi abese ecela omunye wodade ukuba amhumushele zona, ebhala lokho okuhunyushiwe ngendlela okuphimiselwa ngayo. Uyavuma ukuthi usiphakamisa ngokungabaza isandla ukuze aphendule. Ngezinye izikhathi imizamo yakhe ibangela insini. Kodwa lokhu akumdumazi. “Ngiyazi ukuthi abafowethu bayawazisa umzamo wami,” esho. “Empeleni, izimpendulo zami zikhuthaza labo abalwazi kangcono ulimi ukuba bahlanganyele emhlanganweni.”

Kimi, ukubeka inkulumo nakho kuhlukile, ngoba kudingeka nginikeze umhumushi isikhathi ngemva komusho ngamunye. Kulula kakhulu ukuba ngilahlekelwe indlela ebengiyilandelanisa ngayo imiqondo. Ngikuthola kudingeka ngiyigxilise kakhudlwana ingqondo futhi ngiyinciphise kakhulu inkulumo yami. Kodwa ngiyakujabulela.

Inkonzo Yethu Ehlukahlukayo

Ezindaweni eziningi ezingamadolobha eBrithani, abantu abakhuluma izilimi zangaphandle basakazekile, mhlawumbe kuba nababili emgwaqweni owodwa bese kudingeka uhambe ibanga elithile ukuze uthole abanye. Nokho, lapho ubabingelela ngolimi lwabo bese ubheka ukusabela kwabo, uba nomuzwa wokuthi kuwufanele umzamo. Uma umfowethu engihamba naye ebeka isigijimi soMbuso ngolimi lomninikhaya, ngokuvamile umninikhaya usabela ngokujabula okukhulu.

Ngempela, inkonzo ensimini enabantu abakhuluma izilimi zakwamanye amazwe ingenye yezijabulisa kakhulu kwesike sazenza phakathi neminyaka engu-40 yenkonzo yoMbuso. Kunamathuba amakhulu okwanda. Akungabazeki ukuthi abantu abaningi bafunda ngokushesha kakhulu nangokwazisa okujule kakhudlwana lapho befundiswa ngolimi lwabo lokuzalwa. (IzEnzo 2:8, 14, 41) Kuthinta umzwelo kakhulu ukubona abafowethu nodadewethu benezinyembezi zenjabulo ekupheleni komhlangano, kwezinye izimo beqala ngqá ukukwazi ukulalela nokusiqonda sonke isimiso.

Lapho sishumayela endlini ngendlu, senza umzamo wokunikeza okungenani isingeniso ngolimi lomninikhaya, nakuba ngezinye izikhathi sizifaka enkingeni kancane. Ngokwesibonelo, indlela evamile yokubingelela emkhayeni wabakhuluma isiGujarati iwukuthi Kemcho, okusho nje ukuthi “Sawubona.” Kusobala ukuthi engakusho ngephutha ngesinye isikhathi kwazwakala sengathi ngikhangisa ngohlobo olwaziwayo lwekhofi. Nokho, komunye umuzi indoda nomkayo bamoyizela lapho ngibabingelela ngesiGujarati. Basingenisa ngaphandle kokulibala endlini futhi basithelela ikhofi ngomusa—hhayi ngoba ngiphimisele kabi. Kwatholakala ukuthi babehlobene nomunye woFakazi BakaJehova owayeseqenjini esasilihambele, futhi babonisa isithakazelo esiqotho eqinisweni.

Omunye udade okhuluma isiNgisi wayeseneminyaka ethile evame ukuhambisela owesifazane okhuluma isiShayina omagazini. Wayesesikisele isifundo seBhayibheli samahhala izikhathi ezithile kulowo wesifazane, kodwa esenqaba. Ngolunye usuku omunye udade owayefunda isiShayina wahamba naye futhi wamhambisela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngalolo limi, futhi umninikhaya owayenesithakazelo wayamukela ngaphandle kokungabaza.a Manje njengoba ayesenencwadi ngolimi lwakhe, wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Lawo mazwi ambalwa akhulunywa ngolimi lwalowo wesifazane enza umehluko omkhulu.

Amasiko Ahlukahlukene

Sasingaqapheli ukuthi kwamanye amasiko amadoda awathandi ukuba omkawo bahambe bodwa ebusuku. Lokhu kwenza kube nzima kakhulu ngodade abaningi ukuba babe khona emihlanganweni eqhutshwa ebusuku. Eminye imiphakathi yase-Asia ikholelwa ukuthi intombi ekhetha ukungashadi bese iqhubeka ihlala ekhaya ihlambalaza umkhaya. Uyise womunye udadewethu osemusha wayefuna ukuzibulala ngoshevu lapho lodadewethu enqaba ukushada nowesilisa ayemkhethelwe umkhaya. Yebo, odade kudingeka babekezelele lukhulu ngempela! Noma kunjalo, kuyamangalisa ukubona ithonya iqiniso elinalo ekuphileni komkhaya nendlela ukuthembeka kodade kuJehova okubahlaba ngayo umxhwele abazali.

Kuye kwadingeka senze izinguquko ezithile ukuze sihlanganyele kulesi sabelo. Ngaphambi kokuba siqale emsebenzini wokujikeleza, ukudla kwami kwakumelwe kuphekwe ngendlela yamaNgisi evamile, kodwa manje lapho kufakwe izinongo kakhudlwana, ngikuzwa kumnanjana. Siyayikhalela iminyaka eminingi esiyivumele yadlula ngaphambi kokuba siqale ukujabulela lezi zindlela ezihlukahlukene zokupheka—kusukela elayisini elihlotshiswe lafana nenhlanzi kuya ku-curry.

Amathuba Amahle

Kubonakala kusobala ukuthi lesi isikhathi sokuba amasimu ezilimi zakwamanye amazwe aqhakaze ezindaweni eziningi. Manje ziyanda izincwadi ezitholakala ngezilimi ezihlukahlukene. Ungasibona isibusiso sikaJehova njengoba kuhlelwa amabandla amasha. Abafowethu abanolwazi lwezinye izilimi basuka emasimini akude bezosiza.

Isibonelo esiphawulekayo kuye kwaba ukusabela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso ngesiFulentshi. Ababaleki abaningi abakhuluma isiFulentshi abavela eZaire nakwamanye amazwe ase-Afrika baye beza eBrithani eminyakeni yamuva nje. Lapho kumiswa ibandla lokuqala lesiFulentshi eLondon, abamemezeli boMbuso abangaba ngu-65 bahlangayela nalo. Ngemva konyaka lelo nani lase linyuke lafinyelela ku-117, futhi kulaba, abangu-48 babekhonza isikhathi esigcwele njengamaphayona avamile. Kungakabiphi kwamiswa ibandla lesibili ukuze kunakekelwe isithakazelo esandayo. Manje sebenganakekelwa ngokwengeziwe abantu abanesithakazelo, abangu-345 babo ababa khona emkhosini weSikhumbuzo ka-1995. Ababethweswe iziqu eGileyadi abake bakhonza eBenin, eCôte d’Ivoire, eMorocco naseZaire manje basebenzisa okuhlangenwe nakho kwabo ukuze banakekele lensimu eyandayo, futhi kunokusabela okumangalisayo.

Kokunye ukuhambela ebandleni lesiFulentshi, sahamba sayoqhubela owesifazane osemusha wase-Afrika isifundo seBhayibheli. Lapho sekudingeka sihambe, lona wesifazane wasincenga: “Ngicela ningahambi. Ake nihlale isikhashana.” Wayemane efuna ukuzwa okwengeziwe. Wangikhumbuza uLidiya wangekhulu lokuqala leminyaka.—IzEnzo 16:14, 15.

Umsebenzi wethu wokuqala kwakuwukusiza amaqembu amancane ezilimi zakwamanye amazwe ukuba abe amabandla. Lapho abafowethu babeqhuba iSifundo Sencwadi Sebandla khona, sasibaqalela iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esifushanisiwe kanye ngenyanga. Lokhu kubasiza ukuba bakwazi ukukhuluma kahle enkonzweni yasensimini. Kancane kancane babe sebesebenzela ekuyiqhubeni yomihlanu imihlangano yebandla yamasonto onke. Kakade sesinamabandla amasha akhuluma isiFulentshi, isiGujarati, isiJapane, isiPunjabi, isiPutukezi, isi-Shayina (saseCanton), isiTamil nesiWelsh.

Siye sajabulela nelungelo lokuba semihlanganweni yabafowethu abayizithulu. Kuthinta inhliziyo ukubuka abafowethu behlabelela ngezandla. Ngiyayazisa imizamo yabo emihle yokuhlanganyela ekushumayeleni ngoMbuso, ngiqaphela ukuthi enkonzweni yabo bakhuluma ngokushukumisa umzimba. Kukhona ngisho nabakhuluma ngezandla ukuze kusizakale labo abayizithulu futhi beyizimpumputhe. Kubonakala sengathi uJehova uqikelela ukuba kungashiywa noyedwa.

Uma bekungadingeka senze isicelo esikhethekile, besiyofana nesikaJesu: “Ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:38) Abaningi babafowethu bamukela inselele yokufunda ulimi lwezinhlanga ezisensimini yebandla labo. Nakuba singaliphiwe ngokuyisimangaliso ikhono lokukhuluma izilimi ezihlukahlukene, ngokuqinisekile uJehova uvula umsebenzi kulensimu yakithi yezithunywa zevangeli—insimu esilungele ukuvunwa. (Johane 4:35, 36)—Njengoba ilandiswa uColin Seymour.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela