Kungani Lezi Zikhathi Zizimbi Kangaka?
LAPHO uhlala phansi ufunda iphephandaba noma ubuka izindaba ku-TV noma uzilalela emsakazweni, ulindela ukuzwa izindaba ezimbi ezithile, akunjalo? Cishe akukumangazi ukuzwa ukuthi impi ebilwiwa isaqhubeka, ukuthi ubugebengu obunobudlova busadlangile, noma ukuthi indlala isavithiza izwe elisathuthuka.
Uma uhlala kude nalapho kwenzeka khona lokhu, cishe imibiko enjalo ayikwenzi uhlale ukhathazeke ngokweqile. Kakade ubani ongamela ukudabukela lonke lolo quqaba oluhluphekayo? Noma kunjalo, kunzima kakhulu ukuba singathinteki lapho sibona indlela ukuhlupheka okuthinta ngayo abantu ngabanye. Ngamanye amazwi, nakuba umuntu engase afunde ngempi futhi acabange ngezibalo zabantu abafayo, kuyinto ehluke kakhulu ukufunda ngo-Adnan osemncane, umfana waseBosnia oneminyaka engu-9 ubudala onina wafa lapho ibhomu libhubhisa umuzi wakubo. Uyise ka-Adnan wadutshulwa wafa yisitha esasicashile ezinyangeni ezimbalwa nje kamuva lapho behamba naye behla ngomgwaqo. Udadewabo wopha waze wafa embhekile emasontweni ambalwa kamuva, eyisisulu sembumbulu kambayimbayi egcekeni lesikole. Odokotela ababelapha u-Adnan ngenxa yokuphazamiseka kwengqondo yakhe bathola ukuthi lomfana wayesendikindiki, engasenayo nhlobo imizwa—ngisho nelukuluku lokwazi. Lapho ephapheme wayekhathazwa ukwesaba nezinkumbulo; lapho elele amaphupho esabisayo ayemphuca ithuba lokuphumula. U-Adnan akasona nje isibalo esithile. Uyingane ehluphekayo; asikwazi ukungamdabukeli.
Kunjalo nangezinye izinhlupheko zezwe. Umuntu angafunda ngendlala; kuyinto ehluke kakhulu ukubona isithombe sentombazanyana eneminyaka emihlanu ubudala inesisu esikhukhumele nezingadlwana nemilenzana ezacile, eyisisulu sendlala esesisokhukhweni lokufa. Umuntu angafunda ngezibalo zobugebengu; kuyinto ehluke kakhulu ukuzwa ngomfelokazi osekhulile eshaywa ngesihluku, ephangwa futhi edlwengulwa. Umuntu angafunda ngokuwohloka kwemikhaya; kuyinto ehlukile ngempela ukuzwa ukuthi umama ulambise ingane yakhe uqobo ngamabomu futhi wayihlukumeza ngokhahlo.
Kubuhlungu ukufunda ngezinto ezinjalo. Kodwa yeka ukuthi kubi kakhulu kangakanani lapho enye yalezi zinkathazo ezisemhlabeni wonke ihlupha thina ngokuqondile! Lapho wena ngokwakho uhlushwa ububi, isimo esandile esivezwa ezindabeni zezwe singakukhungathekisa. Kuyesabisa ukubhekana neqiniso lokuthi ukuhlushwa ubugebengu, impi, indlala nezifo kwanda ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili emlandweni wesintu. Imiphumela yokubhekana nezinto ezenzeka ngempela kuleli khulu lama-20 ingaba ejule ngempela—ukudideka, ukwesaba nokucindezeleka kuvamile.
Abantu bezinkolo eziningi bafuna izimpendulo zemibuzo ekhathazayo enjengokuthi, Kungani izinto zizimbi kangaka? Isintu siphokophelephi?
Kuyadabukisa ukuthi kuyaqabukela namuhla ukuba izinkolo zinikeze izimpendulo ezanelisayo. Lapho uqala ukubona umbuzo osesembozweni salomagazini, kungenzeka usabelé ngokungabaza—ukusabela okuqondakalayo. Izinkolo zobufandamentali zivame ukuzama ngamandla ukwenza iBhayibheli lisho into engekho kulo—usuku oluqondile nehora lokubhujiswa kwalelizwe. (Bheka uMathewu 24:36.) Abanyathelisi balomagazini bakhetha ukuvumela iBhayibheli lizichaze. Kungase kukumangaze ukuthola ukuthi lokho iBhayibheli elikushoyo ngezinsuku zokugcina kuvumelana namaqiniso futhi kunengqondo. Futhi iBhayibheli lenza okungaphezu kokuchaza ukuthi kungani izinto zizimbi kangaka. Linikeza nethemba ngekusasa, ithemba eliduduza ngempela. Sikumema ukuba uhlole izihloko ezilandelayo ukuze ukubone ukuthi kuyiqiniso kanjani lokhu.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Jobard/Sipa Press