Izigidi Ziyaya—Ingabe Nawe Uyaya?
Ziya kuphi? Emkhosini waminyaka yonke wesikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu. Ngo-1996 kwaba khona ingqikithi yabantu abangu-12 921 933 emhlabeni wonke.
Kungani abantu beya? Ngenxa yalokho ukufa kukaJesu okukushoyo esintwini. Kusho ukukhululeka ekuguleni, ekuhluphekeni nasekufeni. Ngisho nabathandekayo abafile bayovuselwa ekuphileni emhlabeni oyiPharadesi elibuyiselwe.
Ukufa kukaJesu Kristu kungaziletha kanjani izibusiso ezinjalo? Uyamenywa ukuba uzitholele. OFakazi BakaJehova bathanda ukuba uhlanganyele nabo kulesi senzakalo esibalulekile.
Iya eHholo LoMbuso eliseduze nawe. Kulonyaka sizobe singeSonto, ngo-March 23, ngemva kokushona kwelanga. Thintana noFakazi BakaJehova bendawo yakini ukuze uthole isikhathi esiqondile.