Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Ukukhanya Kwenu Makukhanye Phambi Kwabantu”
ENTSHUMAYELWENI yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Nina niwukukhanya kwezwe.” Waqhubeka wabanxusa: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.”—Mathewu 5:14-16.
Imisebenzi emihle yoFakazi BakaJehova iye yaqashelwa e-Italy. Ngokwesibonelo, ukuziphatha kwabo okuhle lapho besemihlanganweni yabo yaminyaka yonke kuletha udumo kuNkulunkulu, njengoba umbiko olandelayo ukufakazela:
▪ Kwase kuyiminyaka owesifazane othile eTerni, e-Italy, esiza indodakazi yakhe ngokuphatha ithilomu elaliseduze nenkundla yezemidlalo kulelo dolobha. Uyalandisa: “Ngaphawula umehluko omkhulu phakathi kwabantu ababeze emidlalweni yebhola nezihambeli zemihlangano yoFakazi BakaJehova kuleya ndawo. OFakazi babegqoka ngendlela enesizotha, bethembekile futhi benenhlonipho. Ngangivame ukuzibuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi abantu bezinhlanga ezihlukahlukene bazwane kangaka.
“Ngolunye usuku ngamiswa uFakazi emgwaqweni futhi wangibuza ukuthi ngiyalazi yini igama likaNkulunkulu. Ngangingalazi, futhi njengoba ngangazi ukuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abakahle, ngavuma ukuba angivakashele. Nganginemibuzo ngesimo sabantu abafile, ayiphendula ngeBhayibheli. Ngaphandle kokuzindela, ngamukela isifundo seBhayibheli, futhi ngemva kwamasonto amabili ngaqala ukuya emihlanganweni.
“Indodakazi yami yaqale yangiphikisa, kodwa ukuziphatha nokuzimisela kwami kwasishintsha isimo sayo sengqondo. Sekuphele izinyanga ezingu-9 ngaqala ukufundelwa. Namuhla indodakazi yami nomyeni wayo basho amazwi okwazisa koFakazi abathenga ethilomu labo. Mina ngabhapathizwa emhlanganweni owawukuleyo nkundla.”
▪ Ngemva komhlangano eRoseto degli Abruzzi, umphathi wendawo yokukhempa waphawula: “Ngiye ngaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova abeve bethembekile kukho konke abakwenzayo. Ngesonto elidlule, kwakunabangu-40 endaweni yami yokukhempa, futhi abadalanga zinkinga. Kunalokho, yibona kuphela abezayo bazokutshela uma enqoleni noma etendeni labo benomuntu ongaphezu kwesibalo. Ngokwami, bangamakhasimende amahle kakhulu ongaba nawo.”
▪ Ngemva kwawo lowo mhlangano, umphathi wehhotela wathi: “OFakazi BakaJehova bonke banokuthula. Abaxokozeli, futhi bayashesha ukuyolala. Banomusa ngempela, bathembekile futhi baziphatha kahle. Bekungaba kuhle ukube wonke umuntu ubenjengabo. Abanye abantu bantshontsha yonke into—amavazi, izitsha zomlotha kagwayi, ngisho nephepha langasese noshukela! Nina anikaze niyenze into enjalo. Uma izingane zenu zithatha u-ice cream esiqandisini ebusuku, angizihluphi ngokuyohlola ukuthi zithatheni. Ziyazibonela ukuthi zingikweleta malini bese ziza zizokhokha ngaleso sikhathi. Ngibathemba kakhulu. Yeka indlela obekungaba kuhle ngayo ukube nabanye abantu bebenjalo! Ngifisa sengathi ngabe zonke izivakashi zami zingoFakazi BakaJehova.”
OFakazi BakaJehova baziwa kakhulu e-Italy, njengakwezinye izingxenye eziningi zomhlaba. ‘Balondoloza ukuziphatha kwabo kukuhle phakathi kwezizwe’ futhi kanjalo balethe udumo kuNkulunkulu weqiniso abaphethe igama lakhe.—1 Petru 2:12.