“Ngimane Ngingomunye Wabaningi Owathinta Ukuphila Kwabo”
EMUVA ngo-January 1996, uCarol wayegula enesimila ebuchosheni. Wayeseminyakeni yawo-60 ubudala futhi kuze kube yileso sikhathi wayekade engowesifazane ohlala ejabule, ewumqemane futhi enamazwi akhuthazayo kuwo wonke umuntu. Kodwa manje odokotela babelwa nokunqoba lesi simila esibulalayo. Kulowo mzabalazo wakhe, uCarol wathola lencwadi elandelayo:
“Carol Othandekayo:
“Ngiyadabuka kakhulu ngempilo yakho engaseyinhle. Ngenhlanhla, sinethemba elingokoqobo iBhayibheli elisisiza ukuba silazi futhi silithande. Leli yithemba lokuthi uMbuso kaJehova uzobusa umhlaba ukuze sikwazi ukuphila esimweni esiyipharadesi, isikhathi sonke esibheke phambili kuso.
“Ngithanda wazi ukuthi umsebenzi wakho wokushumayela wasindisa abantu abaningi ekufeni okuphakade. Ngingomunye walabo bantu. Angiqiniseki ukuthi usakhumbula yini mhla siqala ukubonana. Ngangineminyaka engu-20 ubudala ngaleso sikhathi. Nganginezinwele ezinde, ngidayisa izidakamizwa futhi ngizula nedlanzana lezigilamkhuba. Sonke sasiphatha izibhamu futhi sasingathandi muntu ngempela ngaphandle kokuzithanda thina.
“Wangqongqoza emnyango wendlu yami unomunye uFakazi futhi wanginika INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngazama ukukunika i-dollar futhi ngathi angibafuni omagazini. Wangazisa ukuthi wawungahambeli nje ukuthola iminikelo. Wangitshela ukuthi wawenza umsebenzi wokusiza abantu bafunde iBhayibheli. Angiqiniseki ukuthi ngabathatha yini omagazini noma ngabafunda yini. Nokho, watshala imbewu yeqiniso ekuphileni kwami.
“Ngemva kweminyaka ethile kwafika omunye uFakazi, uGary, emzini kamama ngikhona. Ngamtshela ngokufika kwakho eminyakeni ethile ngaphambili. UGary wangifundela iBhayibheli isikhathi eside ngaze ngagcina ngibhapathiziwe ngo-1984. Manje ngifundisa izingane zami iqiniso loMbuso kaNkulunkulu.
“Ngiyaqiniseka ukuthi ngimane ngingomunye wabantu abaningi owathinta ukuphila kwabo eminyakeni yakho yenkonzo yokwethembeka. Nokho, ngalomusa wothando, uye wenza mina nomkhaya wami sakwazi ukwazi uNkulunkulu Omkhulu, uJehova, neNdodana yakhe, uKristu Jesu. Ngibheke phambili osukwini lapho ngiyokwazi ukukubona esimisweni esisha sezinto lapho uJehova eyosula zonke izinyembezi emehlweni ethu, futhi ukufa kuyobe kungasekho.—IsAmbulo 21:4.
“Mina nomkhaya wami siyajabula ngokuthi saba nethuba lokukwazi futhi saba yingxenye yomsebenzi wakho wokufakaza. Ngiyabonga.
“Ngothando lobuzalwane,
UPeter”
Ngemva kokugula izinyanga eziyisithupha, uCarol washona ngo-March 1996, esetshalé imbewu yeqiniso eningi phakathi neminyaka engu-35 engumshumayeli oshisekayo. Wafunda ukuthi umuntu akazi ukuthi kunini lapho imbewu iyothela khona, ingathela ngisho nangemva kweminyaka.—Mathewu 13:23.