Ukuhlupheka Okungaka!
“KUNGANI kunalokhu kuhlupheka okungaka kwabantu ngabanye nanjengamaqembu . . . ? UNkulunkulu kufanele ngabe umelela ukuba nenjongo kodwa kunezinto eziningi kakhulu ezingenanjongo kulelizwe, ukuhlupheka okuningi okungadingekile nezono ezingenangqondo. Ingabe loNkulunkulu mhlawumbe uyilokho uNietzsche ammangalela ngokuthi uyikho: umashiqela, umkhohlisi, umkhwabanisi, umbulali?”—On Being a Christian, kaHans Küng.
Ungabona ukuthi isazi senkolo esingumKatolika uHans Küng simane nje siveza inkinga exaka abaningi—kungani uNkulunkulu onamandla onke nonothando evumela ukuhlupheka okungaka? Awukaze yini ubezwe abantu bebuza lowo mbuzo? Noma ubani onesihawu kuyamdabukisa lokho uKüng akuchaza ngokuthi “umfula ogelezayo wegazi, umjuluko nezinyembezi, ubuhlungu, usizi nokwesaba, isizungu nokufa.” Empeleni, kuthi akube isikhukhula, isikhukhula sokwesaba nobuhlungu esiye sonakalisa ukuphila kwezigidi kuwo wonke umlando.—Jobe 14:1.
Zigcwele ‘Ukuhlupheka Nezinto Ezibuhlungu’
Cabanga ngokuhlupheka okubangelwa impi, ubuhlungu obungagcini ngokuzwiwa izisulu kodwa obuzwiwa nayilabo abasalela ukudabuka, njengabazali nezihlobo zezisulu eziyizingane nabanye abaye bahlukunyezwa. Muva nje i-Red Cross ithe: “Phakathi neminyaka eyishumi edlule, kwafa izingane eziyizigidi ezingu-1,5 ezimpini.” ERwanda ngo-1994, i-Red Cross ibika ukuthi, “amakhulu ezinkulungwane zabesilisa, abesifazane nezingane ayecekwe ngesihluku nangendlela ehleliwe.”
Akufanele sibushalazele nobuhlungu obubangelwa yizonakali ezinukubeza izingane ngokobulili. Omunye umama odabukile, owathi indodana yakhe yazibulala ngemva kokunukubezwa isisebenzi sasenkulisa, wathi: “Lendoda eyanukubeza indodana yami . . . yabulala indodana yami nabanye abafana abathile ngendlela ehleliwe nengcole kunazo zonke ongazicabanga.” Kuthiwani futhi ngobuhlungu obesabekayo obuzwiwa izisulu zababulali abangasenanembeza noma ababulali abaphindelelayo, njengalabo ababanjwa eBrithani “ababethumba, badlwengule, bahlukumeze futhi babulale bengajezi iminyaka engu-25”? Kuwo wonke umlando izinto ezibangela ubuhlungu nokuhlupheka abesilisa nabesifazane abaye bazenza komunye nomunye zibonakala zingenamkhawulo.—UmShumayeli 4:1-3.
Ngaphezu kwalokhu kukhona nokuhlupheka okubangelwa ukugula okungokomzwelo nokungokomzimba nobuhlungu obukhulu bokudabuka obuhlasela imikhaya lapho ifelwa abathandekayo kungakalindeleki. Kukhona nobuhlungu obuzwiwa izisulu zendlala noma zalokho okuthiwa izinhlekelele ezingokwemvelo. Bambalwa abangawaphikisa amazwi kaMose okuthi iminyaka yethu engu-70 noma engu-80 igcwele “ukuhlupheka [nezinto ezibuhlungu, NW].”—IHubo 90:10.
Ingabe Kuyingxenye Yohlelo LukaNkulunkulu?
Kungenzeka yini ukuthi kunjengoba abanye beye basho ukuthi lokhu kuhlupheka okunganqamuki kuyingxenye yohlelo oluthile lukaNkulunkulu olungaqondakali? Ingabe kumelwe sihlupheke manje ukuze sikwazise ukuphila ‘kwelizayo’? Ingabe kuyiqiniso ukuthi, njengoba isazi sefilosofi esingumFulentshi uTeilhard de Chardin sasikholelwa kanjalo, “ukuhlupheka okubulalayo futhi kubolise, kudingekile kumuntu ukuze aphile futhi abe umoya”? (The Religion of Teilhard de Chardin; omalukeke sizenzele.) Ngokuqinisekile akulona!
Ingabe umklami ocabangelayo ubengayidala ngamabomu indawo ebulalayo abese ethi unesihawu lapho ehlenga abantu emiphumeleni yayo? Lutho neze! UNkulunkulu onothando ubengayenzelani into enjalo? Pho kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Ingabe ukuhlupheka kuyoke kuphele? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalemibuzo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
WHO photo by P. Almasy