Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukufinyelela Zonke Izinhlobo Ngeqiniso
UMPHOSTOLI UPAWULU wayengumshumayeli oshisekayo woMbuso kaNkulunkulu. Wayengakuvumeli ukuphikiswa ukuba kuphazamise ukuthunywa kwakhe kokushumayela “izindaba ezinhle.” (1 Korinte 9:16; IzEnzo 13:50-52) UPawulu wanxusa abanye ukuba balandele isibonelo sakhe.—1 Korinte 11:1.
OFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngemizamo yabo yokuzimisela yokushumayela. Ngempela, bakhuluma nabanye ‘ngenkathi evumayo nangenkathi enzima’ ukuze bafeze umsebenzi wabo abawunikwe uNkulunkulu ‘wokwenza abafundi.’ (2 Thimothewu 4:2; Mathewu 28:19, 20) Ngisho nasemazweni ababhekana kuwo nokuphikiswa, bayabafinyelela abantu abanhliziyo ziqotho ngesigijimi esibaluleke kakhulu soMbuso kaNkulunkulu, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
◻ Esiqhingini esisentshonalanga yePacific lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona, umfana oneminyaka engu-12 wazithola ezungezwe abangane ababi esikoleni. Abaningi afunda nabo babebhema njalo, bafunde izincwadi ezingcolile zobulili, bakhathaze othisha futhi bahileleke ekulweni. Isimo saba sibi kangangokuba lomfana wacela uyise ukuba amshintshele kwesinye isikole. Nokho, uyise wabonisana nendodana yakhe ngokuhlukile, ngoba wayenomuzwa wokuthi ukuziphatha kwabafundi kwezinye izikole eziseduze nako kwakuyofana. Nokho, kwakufanele ayisize kanjani indodana yakhe?
Lobaba wakhumbula ukuthi kwakunencwadi yentsha endlini. Yayiyisipho esasivela esihlotsheni esingomunye woFakazi BakaJehova. Ngakho wayifuna lencwadi, futhi lapho eyithola, wayidlulisela endodaneni yakhe. Yayinesihloko esithi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.a Lomfana wasithola siwusizo ngokukhethekile isahluko esithi “Ngingabhekana Kanjani Nokucindezela Kontanga?” Asizange nje simfundise ukubaluleka kokulondoloza ukuzihlonipha kodwa samfundisa nendlela yokwenqaba ngobuhlakani lapho abanye bezama ukumcindezela ukuba alandele inkambo engahlakaniphile. Ngokusebenzisa izimiso ezingokomBhalo ezitholakala kulencwadi, lomfana wafunda indlela yokubhekana ngokuphumelelayo nokucindezela kontanga.
Ephawula lezi zinguquko nezinye ezinhle endodaneni yakhe, lobaba wanquma ukufunda lencwadi. Ehlatshwe umxhwele yiseluleko esiwusizo esitholakala kulencwadi, lobaba wacela isifundo seBhayibheli sasekhaya koFakazi BakaJehova. Kamuva, amanye amalungu omkhaya wakhe ahlanganyela naye kulesi sifundo. Waba yini umphumela? Lomfana, umfowabo omncane, uyise nogogo nomkhulu walomfana njengamanje bangoFakazi BakaJehova.
◻ Kulo lelozwe, oFakazi BakaJehova ababili baboshwa ngenxa yokulalela kwabo izimiso zeBhayibheli ngokuqinile. Nokho, abazange bavumele isimo sabo sibavimbele ukuba bakhulume ngesibindi ngoMbuso kaNkulunkulu. Baya esikhulwini esithile sasejele futhi bathola imvume yokugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa lapho. Yeka indlela abajabula ngayo lapho iziboshwa ezingu-14 zibonisa isithakazelo eBhayibhelini futhi zihlanganyela nalaboFakazi kulesi senzakalo esibalulekile! Ngemva kokukhululwa kwazo, ezinye zazo zaqhubeka zitadisha iBhayibheli futhi zihlanganyela noFakazi BakaJehova.
Emazweni angaphezu kuka-25, oFakazi BakaJehova bayahlupheka ngenxa yokuvinjelwa noma ukuphikiswa noma ukushushiswa ngezindlela ezihlukahlukene. Nokho, njengabaphostoli, baqhubeka “ngaphandle kokuyekethisa befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.”—IzEnzo 5:42.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.