“Isipho Esimangalisayo Esivela KuJehova”
UMAGAZINI INqabayokulinda ka-May 1, 1996 wawunesihloko esiningilizayo esiphathelene nokungathathi-hlangothi kobuKristu nendlela yokulinganisa imithwalo yemfanelo esinayo kuJehova ‘nakuKesari.’ (Mathewu 22:21) Kuye kwezwakala amazwi amaningi okwazisa ngenxa yokwaziswa okusha okwanikezwa. Phakathi kwawo kunalencwadi elandelayo, eyabhalwa uFakazi waseGreece eyibhekise eNdikimbeni Ebusayo yoFakazi BakaJehova:
“Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kwami okujulile kini nonke bafowethu abathandekayo ngokusinakekela kahle kangaka ngokomoya. Njengoba ngahlala iminyaka engaba ngu-9 ejele ngenxa yokholo lwami lobuKristu, ngiwazisa ngempela amaphuzu akuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1996. (Isaya 2:4) Lesi kwakuyisipho esimangalisayo esivela kuJehova.—Jakobe 1:17.
“Lapho ngijabulela lezi zihloko, ngakhumbula okwashiwo INqabayokulinda yangaphambili (ka-August 1, 1994, ikhasi 14): ‘Ngokusobala, ukucabangela kuyimfanelo eyigugu, esishukumisela ukuba simthande kakhulu uJehova.’ Yebo, bafowethu, ngiyambonga uJehova ngokuthi ngiyingxenye yenhlangano yakhe enomusa nothando, ekubonisa ngokucacile ukuhlakanipha kwakhe.—Jakobe 3:17.
“Ukukhanya okwandisiwe okukuyi-Nqabayokulinda ka-May 1 kwamukelwe kahle lapha eGreece, ikakhulukazi yilabo abahlala iminyaka eminingana ejele noma abasesejele ngenxa yokholo lwabo. Ngiyaphinda ngiyanibonga. Kwangathi uJehova anganiqinisa ngomoya wakhe ukuze niqhubeke nisinika ukudla okungokomoya okuyigugu kulezi zikhathi ezinezinkathazo.”