Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 1/15 k. 6
  • Umuntu Osegugile Onokwazisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umuntu Osegugile Onokwazisa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhaya WamaKristu Usiza Asebekhulile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • ‘Bonga Ngakho Konke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Ukunakekela Asebekhulile—Umthwalo Wemfanelo WamaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukubheka Izithakazelo Zasebegugile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 1/15 k. 6

Umuntu Osegugile Onokwazisa

Owesifazane waseJapane oneminyaka engama-79 washukunyiselwa ukuba abhale incwadi elandelayo ngemva kokufunda INqabayokulinda kaJune 1, 1987, eyayinesihloko esithi “Ubani Oyonakekela Abagugile?”

Kubazalwane Engibazisayo,

Lapho ngitadisha umagazini kaJune 1, 1987, ophathelene nabagugile, ngithola indaba iqondakala kakhulu futhi ingeyomusa. Lapho ngifika esigabeni se-11, kwadingeka ukuba ngithathe iduku lami ngoba ngamane ngakhala isikhathi eside futhi ngangakwazi ukuthula. Lezo kwakuyizinyembezi zokubonga okujulile. Yeka uthando nomusa! Ngangingenza kuphela lokho iHubo 150 elikushoyo—ngidumise uJehova! Ngokuzithoba nginibonga kakhulu bazalwane ngokukhipha lezihloko ezicabangelayo ezikhuluma ngokubonisa umusa kubantu abagugile, kuze kube semininingwaneni emincane kakhulu. Yebo, ngiyabonga ngezihloko ezinhle enizikhipha inyanga ngayinye, futhi anginawo amazwi okusho ngokwanele ukwazisa kwami. Ngiyaphinda futhi, ngiyanibonga.

Ngokujabulisayo, wonke umuntu ebandleni lethu unothando olukhulu nomusa. Bangiyisa futhi bangibuyise ensimini ngezimoto zabo, futhi ngenxa yenkonzo yabo yomusa, ngiyiphayona elisizayo. Ngibonga ngokujulile ngosuku ngalunye engiluphilayo enhlanganweni enhle kakhulu nevikelayo.

Namuhla ezweni, lapho abantu abagugile banda ngokwengeziwe kodwa bengamukelwa, akukho okuyigugu ngokwengeziwe kunezibusiso esizamukela kuNkulunkulu onothando kangaka. Ngithandazela ukuba ngisize abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bafunde iqiniso ukuze bajabule kanye nathi.

Udumo maluye kuJehova futhi ukubonga kuze kini, bafowethu abathandekayo. Sizani ningixolele ngesandla sami esibi, enginamahloni ngaso. Kwangathi uJehova anganibusisa futhi aninike impilo enhle.

Isalukazi esimpofu esizigugele,

[kusayiniwe] uNogami

Amazwi nemizwa enjengalena kuqinisekisa iqiniso lokuthi uthando lobuKristu beqiniso alunamingcele noma alulinganiselwe eminyakeni ethile. OFakazi BakaJehova, abasha nabagugile, babonakalisa ukuba kwabo abafundi ngokuphila ngokuvumelana namazwi kaJesu: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:35.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela