Inkululeko Engokwenkolo Yasekelwa EJapane
SEKUYIMINYAKA eminingi eJapane intsha efundayo engoFakazi BakaJehova ibhekene nenkinga: Kufanele ilandele onembeza bayo abaqeqeshwe ngeBhayibheli, noma ilandele uhlelo lwesikole olulimaza onembeza bayo. Kungani kunalenkinga? Kungoba izifundo zobuciko bokulwa ziyingxenye yezifundo zokuvivinya umzimba ezikoleni efunda kuzo. Lentsha engoFakazi yaba nomuzwa wokuthi izifundo ezinjalo azihambisani nezimiso zeBhayibheli, njengesitholakala ku-Isaya isahluko 2, ivesi 4. Sifundeka kanje: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”
Ingafuni ukufunda amakhono ezempi, ahilela ukulimaza omunye umuntu, lentsha engoFakazi abangamaKristu yachazela othisha bayo ukuthi ngenxa kanembeza yayingeke ihlanganyele ekuzivivinyeleni ubuciko bokulwa. Ngemva kokuzama ukunxenxa laba bafundi ukuba bamukele uhlelo lwesikole, othisha abaningi abanokuqonda ekugcineni bavuma ukuhlonipha onembeza babafundi futhi babanikeza eminye imisebenzi.
Nokho, abanye othisha bathukuthela, futhi ezinye izikole azibanikanga oFakazi abasebasha amamaki ezifundo zokuvivinya umzimba. Ngo-1993, okungenani oFakazi abangu-9 benqatshelwa ukudlulela ebangeni elilandelayo futhi baphoqwa ukuba bayeke isikole noma baxoshwe ngenxa yokungahlanganyeli ekuzivivinyeleni ubuciko bokulwa.
Kusobala ukuthi kwase kuyisikhathi sokuvikela amalungelo entsha engamaKristu okuba ithole imfundo ngaphandle kokuba ilimaze onembeza bayo. Abafundi abahlanu ababenqatshelwe ukudlulela ebangeni lesibili eKobe Municipal Industrial Technical College (efushaniswa ngokuthi iKobe Tech) banquma ukuthatha isinyathelo esingokomthetho.
Yini Eyayihilelekile?
Entwasahlobo ka-1990, lapho labafundi abahlanu bengena eKobe Tech, babebachazele othisha ukuthi babengenakuhlanganyela ekuzivivinyeleni i-kendo (ubuciko baseJapane bokungcweka ngezinkemba) ngenxa yemibono yabo esekelwe eBhayibhelini. Umkhakha wezifundo zokuvivinya umzimba wamelana nabo ngokuqinile futhi wabenqabela noma yini enye eyayingabanikeza amamaki ezifundo zokuvivinya umzimba. Ekugcineni, abafundi bazifeyila izifundo zokuvivinya umzimba futhi ngenxa yalokho kwadingeka baliphinde ibanga lokuqala (unyaka wokuqala wezifundo zasekolishi). Ngo-April 1991 bafaka icala eKobe District Court, bethi isenzo sesikole sasingahambisani nesiqinisekiso somthetho-sisekelo senkululeko engokwenkolo.a
Lesi sikole sathi ukunikeza eminye imisebenzi kungafana nokubonisa ukuchema nenkolo ethile futhi ngaleyo ndlela kuphazanyiswe ukungakhethi kwemfundo yomphakathi. Ngaphandle kwalokho, sathi asinazo izindawo noma izisebenzi ezinganikeza olunye uhlelo lwezifundo zokuvivinya umzimba.
Isinqumo Senkantolo Yesifunda Sishukumisa Abanolwazi
Ngesikhathi icala liqhubeka, abafundi ababili kwabahlanu baphinde bazifeyila izifundo zokuvivinya umzimba, kwathi abanye abathathu abaphasa ngengcacamezela badudulelwa ebangeni elilandelayo. Imithetho yesikole yayithi abafundi abanamamaki aphansi futhi baphinde ibanga elifanayo iminyaka emibili ilandelana babengase baxoshwe. Ngenxa yalokhu, umfundi oyedwa kulaba ababili wasiyeka isikole ngaphambi kokuba axoshwe, kodwa omunye, uKunihito Kobayashi, wanqaba ukusiyeka. Ngakho waxoshwa. Kuyathakazelisa ukuthi isilinganiso samamaki ezifundo zikaKunihito kuhlanganise nezifundo zokuvivinya umzimba, azifeyila ngokuthola amaphuzu angu-48, sasingamaphuzu angu-90,2 kwangu-100. Wayephume phambili ekilasini lakhe elinabafundi abangu-42.
Ngo-February 22, 1993, iKobe District Court yayithetha iKobe Tech futhi yathi: “Izinyathelo ezathathwa isikole aziphambananga nomthetho-sisekelo,” nakuba yavuma ukuthi “akunakuphikwa ukuthi inkululeko yokukhulekela yabamangali ngandlela-thile yayibekelwe imingcele imfuneko yesikole yokuhlanganyela ekuzivivinyeleni i-kendo.”
Njengomphostoli uPawulu ekhulwini lokuqala, abamangali banquma ukudlulisela icala emagunyeni aphakeme omthetho. (IzEnzo 25:11, 12) Icala laya e-Osaka High Court.
Isimo Sengqondo Sabamangali Sokungabi Nabugovu
Isazi esidumile, uProfesa Tetsuo Shimomura waseTsukuba University, savuma ukunikeza ubufakazi njengofakazi onguchwepheshe e-Osaka High Court. Njengongoti wezemfundo nomthetho, sagcizelela indlela izenzo zesikole ezazingenakucabangela ngayo ekusebenzelaneni nabafundi. UKunihito Kobayashi waveza imizwa yakhe enkantolo, futhi isimo sakhe sengqondo esiqotho sashukumisa izinhliziyo zababesenkantolo. Ngaphezu kwalokho, ngo-February 22, 1994, iKobe Bar Association, yatusa ukuba isikole siphinde simthathe uKunihito, njengoba yathi izenzo zesikole zaphazamisa inkululeko yakhe yokukhulekela namalungelo akhe okuthola imfundo.
Njengoba kwakusondela isikhathi sokukhishwa kwesinqumo e-Osaka High Court, wonke amaKristu amasha ayehilelekile ayezimisele ukuba yingxenye yalempi kuze kube sekugcineni. Ayenomuzwa wokuthi ngalempi engokomthetho alwela izinkulungwane zoFakazi abasebasha ababhekana nenselele efanayo ezikoleni kulo lonke elaseJapane. Kodwa njengoba ayengaxoshwanga esikoleni, kwakungenzeka inkantolo ilichithe icala lawo. Futhi abona ukuthi uma engase ahoxise icala lawo, ukungabi nangqondo kwesikole ngokuxosha uKunihito kwakuzoba sobala. Ngakho, bonke abafundi ngaphandle kukaKunihito banquma ukulihoxisa icala.
Ngo-December 22, 1994, uMahluleli Omkhulu uReisuke Shimada wase-Osaka High Court wakhipha isinqumo esasishintsha okwakunqunywe iKobe District Court. Inkantolo yathola ukuthi isizathu sikaKunihito sokwenqaba ukuzivivinyela i-kendo sasiqotho nokuthi ukulahlekelwa kwakhe ngenxa yesenzo esisekelwe enkolelweni yakhe kwakukukhulu kakhulu. UMahluleli Omkhulu uShimada wathi isikole kwakufanele simnikeze eminye imisebenzi. Lesi sinqumo esihle samukelwa ngezandl’ ezimhlophe yilabo ababekhathalela amalungelo abantu. Nokho, isikole sadlulisela icala eNkantolo Ephakeme yaseJapane, sancisha uKunihito imfundo isikhathi esingaphezu konyaka.
ENkantolo Ephakeme
Ingosi yomhleli ephephandabeni i-Kobe Shimbun kamuva yathi: “IKobe City School Board nesikole kwakufanele iphinde yamukele uMnu. Kobayashi esikoleni ngaso leso sikhathi [ngemva kwesinqumo se-Osaka High Court]. . . . Isimo sazo sengqondo esingadingeki sokungaboni ngaso linye siye saphuca lensizwa isikhathi esibaluleke kakhulu sobusha bayo.” Nakuba kunjalo, iKobe Tech yama yaqina kuleli cala. Ngenxa yalokho, yaba undab’ uzekwayo emibikweni yezindaba yezwe lonke. Othisha nezikhulu zezikole ezweni lonke bakubona lokhu, futhi isinqumo esivela enkantolo ephakeme kunazo zonke ezweni sasiyoba isibonelo esingokomthetho esinamandla samacala afanayo esikhathini esizayo.
Ngo-January 17, 1995, cishe ngemva kwesonto isikole sidlulise icala eNkantolo Ephakeme, ukuzamazama komhlaba eKobe kwahlasela iDolobha lase-Ashiya lapho kwakuhlala khona uKunihito nomkhaya wakubo. Cishe seligamenxe elesihlanu ekuseni, kusasele imizuzu embalwa ngaphambi kokuba kuzamazame kulendawo, uKunihito waphuma kubo eya etohweni lakhe. Wayehamba ngebhayisikili emgwaqweni ongaphansi kweHanshin Expressway, futhi lapho kuzamazama, wayesezofika kulendawo eyabhidlika. Ngokushesha waphindela kubo futhi wathola isitezi sokuqala sendlu yakubo sivithike saphela. UKunihito wabona ukuthi ubengafa kalula ngesikhathi kuzamazama futhi wambonga uJehova ngokumsindisa. Ukuba wayefile, cishe icala elimayelana ne-kendo laliyophela ngaphandle kwesinqumo seNkantolo Ephakeme.
INkantolo Ephakeme eJapane ngokuvamile amacala adlulisiwe iwahlola emaphepheni kuphela bese inquma ukuthi izinqumo zenkantolo engaphansi zazilungile yini noma cha. Ngaphandle uma kunesizathu esiqinile sokushintsha isinqumo senkantolo engaphansi, icala alithethwa. Inkantolo ayibatsheli abantu abahilelekile ukuthi isinqumo sizokhishwa nini. Ngakho uKunihito wamangala ekuseni ngo-March 8, 1996, lapho etshelwa ukuthi isinqumo sasizokhishwa ngalolo suku ekuseni. Wajabula futhi wathokoza lapho ezwa ukuthi iNkantolo Ephakeme yayisekele isinqumo se-Osaka High Court.
Abahluleli abane, ababenoMahlulel’ uShinichi Kawai owayengamele, bavumelana ngazwi linye ukuthi “izenzo zesikole kufanele zibhekwe njengezingafanele impela ngokwezindinganiso ezamukelekayo emphakathini, zeqele ngalé kwezinto isikole ezizinqumela zona futhi ngaleyo ndlela azikho emthethweni.” Inkantolo yabuqaphela ubuqotho bokwenqaba kukaKunihito ukuzivivinyela i-kendo futhi yathi: “Isizathu sokuba odlulise icala enqabe ukuhlanganyela ekuzivivinyeleni i-kendo sasiqotho futhi sihlobene eduze nesisekelo sokholo lwakhe.” INkantolo Ephakeme yakhipha isahlulelo sokuthi isikole sasingase sikwazi ukwenza ngenye indlela ukuze inkolelo engokwenkolo yodlulise icala ihlonishwe, futhi kwakufanele senze njalo.
Umphumela Ofinyelela Kude
Ngokungangabazeki lesi sinqumo sizoba isibonelo esihle esivuna inkululeko yokukhulekela ezikoleni. I-Japan Times yathi: “Kuyaqala ukuba iNkantolo Ephakeme ikhiphe isinqumo endabeni yemfundo nenkululeko engokwenkolo.” Nokho, lesi sinqumo asiwususi umthwalo wemfanelo womfundi ngamunye wokuthatha ukuma kwakhe okuvumelana nonembeza wakhe lapho ebhekene nokuvivinywa kokholo.
UProfesa Masayuki Uchino waseTsukuba University wathi esinye sezici esenza abahluleli benze uKunihito anqobe sasiwukuthi “wayengumfundi oqotho owayedl’ ubhedu emsebenzini wesikole.” IBhayibheli linikeza amaKristu abhekene nokuvivinywa kokholo lwawo iseluleko: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.” (1 Petru 2:12) AmaKristu asemasha athembekile angabonisa ukuthi ukuma kwawo okusekelwe eBhayibhelini kufanelwe ukuhlonishwa abantu ngokuphila ukuphila kwawo konke ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli.
Ngemva kwesinqumo seNkantolo Ephakeme, uKunihito Kobayashi waphinde wathathwa eKobe Tech. Iningi labafundi ababeqale noKunihito esikoleni base beqedile kakade. Manje uKunihito ufunda nabafundi abancane kunaye ngeminyaka emihlanu. Kubantu abaningi bezwe, kubonakala sengathi kudlalwe ngeminyaka emihlanu eyigugu yobusha bakhe. Nokho, ubuqotho bukaKunihito buyigugu kuJehova uNkulunkulu, futhi ukuzidela kwakhe akulona neze ize.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole imininingwane, siza ubheke amakhasi 10 kuya ku-14 e-Phaphama! ka-October 8, 1995, eyanyatheliswa i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
[Izithombe ekhasini 20]
Kwesobunxele: Kubo kaKunihito ngemva kokuzamazama komhlaba
Ngezansi: UKunihito namuhla